UBUMQOKA BEZINKOMO ESIZWENI SAMAZULU VUSUMUZI JOSEPH MTHEMBU 2009 UBUMQOKA BEZINKOMO ESIZWENI SAMAZULU NGU- VUSUMUZI JOSEPH MTHEMBU LO MSEBENZI WETHULWA UKUFEZA IZIDINGO ZEQHUZU: UBUDOKOTELA BENZULULWAZI EMNYANGWENI WESIZULU NAMAGUGU - - ENYUNIVESITHI YAKWAZULU UMALULEKI : USOLWAZI Z.L.M. KHUMALO ? USUKU INDAWO : 30 KUMFUMFU 2009 : KWADLANGEZWA -, ISIFUNGO NGIFUNGA NGIYAGOMELA UKUTIll: UBUMQOKA BEZINKOMO ESIZWENI SAMAZULU . . WUMSEBENZI WAMI, IMITHOMBO YONKE YOLWAZI EFUNDIWE IVEZWE NGOKUFANELE NOKUTHI LO MSEBENZI AWUKAZE UCWANINGWE UNIKEZWE ESINYE ISIKHUNGO SEMFUNDO EPHAKEME N ENHLOSO Y KUZUZA IZIQU. .?..........?..... (i) , UMNIKELO La mqulu ngiwethula emndenini kaMabizwayingede kaLuhushu luza nomoya kaMabhunu. Ngithi ngaphandle kwenu bolvlvelase bengingeke ngibe nogqozi lokupequlula amabhuku ngiphuze emthonjeni ogobhoza amtoti. Lana ngumsebenzi wenu enawenza ningikhulisa, ningifundisa, ningeqhatha ningiqwaqwada ikhanda. Ngithi ukwanda kwaliwa umthakathi. (ii) UKUBONGA Ngifisa ukubonga laba abalandelayo: USolwazi u-Z.L.M. Khumalo ngesineke sakhe angicathulise ngaso kuze kube kuleli zinga. Inhliziyo yakhe emnene yokubuyisana emseleni uma sekukhona ukunhlanhlatha. Ngithi: Mzilik .,azl. Mashobane! Mntungwa! Mbulazi! Ukhule uze udle izinyoni zabantwana babantwana bakho ngobuqhawe bakho kule ndima yokucijana. Unwele olude. Ngedlulisa ukuthokoza kwami kuDokotela G.N. Donda umngane.wami ngokuvula kwakhe izandla ngaso sonke isikhathi uma ngingqongqoza emnyango. Ngithi: Ngonyama! Ngibonga kakhulu kubangane bami bonke ngokungiqinisa idolo bengifisela okumhlophe kodwa ngalo msebenzi. Ngithi: Ningabangane isibili! (iii) , Ngibonga kumkami uNomvula ngokungesekela ngaso sonke isikhathi, abantwana bami uKwazi, Nhlakanipho, Sinenhlanhla, uNomfundo kanye nensizwa endala uYamkela Okuhle. Ngithi: Ngiyabonga kakhulu! (iv) , IQOQA Lolu cwaningo luveza ubumqoka bezinkomo esizweni samaZulu. Ukukbonzwa kwazo kuvezwa kungaba yisisusa sempi. Inkomo ivezwa ingumgogodla wempilo yoMzulu. Amabanga okukbula kwayo, ukunakekelwa, ukudla okuvela kuyo okungamasi kanye nenyama bese kuba yimvunulo eyakhiwa ngesikbumba sayo. Inkomo ivezwa ingurnxhumanisi wabaphansi nabaphezulu. Ukumisa, izitho imibala nobuciko bomlomo kuvela kunonophalisa ulimi IwesiZulu. Esahlukweni sokuqala kuvezwa inhloso yalolu cwaningo. Inkomo ibekwa endaweni yayo eyifanele ngenxa yokuthinteka kwayo ezinhlakeni eziningi emindenini nasezintweni ezithinta amaZulu. Kuvela ukuthi lolu cwaningo luzoba umthombo wolwazi ojulile lapho abafundi bolimi IwesiZulu abazophuza kbona. Luzovuselela uthando lwenkomo kanye nokunakekelwa kwayo kuwo wonke amazinga. Kuso lesi sahluko kuvezwa izizathu ezenza kucwaningwe lubuye luhlabe luhlakaze ukuphathwa kabi kwezinkomo ngoba kuholela ebubheni. Ucwaningo lubuye luveze inkinga yokuthi alukbo ucwaningo oluqondene nenkomo yodwa kodwa osekwacwaningwa kufaka nenye imfuyo. Lesi sahluko sibuye sinikeze nencazelo yamagama asetshenziswe ocwaningweni kanye nendlela ucwaningo oluzoqhutshwa ngayo. Esahlukweni sesibili kuvezwa amabanga okukhula, ukunakekelwa, ukudla kanye nemvunulo. Emabangeni okukbula kwenkomo kuthintwa umvemve, inkonyane, ithole, iguqa, inkomo esikhulile, inkomazi nenkunzi. Ukunakekelwa kwazo kuzo zonke lezi zigaba kuyavezwa. Kubuye kuvezwe nokuhlonishwa kwezinkomo kanye nesibaya ezihlala kuso ngoba siyithempeli lomndeni. Kuvezwe ukudla okuthandwa ngamaZulu kakbulu okuyinyama, ubisi kanye namasi. Ukuhlonishwa nokudliwa kwakbo kuveziwe. Kuso lesi sahluko kuvezwe imvunulo evela kuso isikbumba senkomo okungeyezingane, eyomame engumnenezo, ingcayi, isidwaba nayabesilisa okungumutsha. Kuvezwe imvunulo yezingwazi, eyodwendwe, eyaMakbosi, eyezangoma namathwasa. Kulesi sahluko kuvezwe ukuthi urnzimba uvikelwa ngaso isikbumba senkomo emakbazeni nasekulimaleni. Uvikelwa ngesiphuku, ihawu nangezingxabulela. "Kubuye kwathintwa imvunulo yesimanje kanye nezinhlobo ezithile zezinkomo. (v) , Esahlukweni sesithathu kuvezwe izinkomo kanye nokuthinta amasiko amazulu. Kuvezwe izinkomo eziqondene nokulobola nokubonwa kwezamabheka. Kuvezwe ukuhlanzwa komuzi ngemuva kokwedlulela komunye kwelamathongo. Ukukhumula komame inzilo kuveziwe. Kuvezwe okwenziwayo uma kukhotheme iNkosi, ukubuyiswa kanye nehlambo layo. Kubuye kwavezwa imisebenzi yokushweleza nokubonga izinyandezulu, ukubikela abangasekho kanye nokuhlaba inkomo. Kuvezwe okwenziwayo uma kuhlatshwa inkomo. Kuvezwe imikhosi ermmngr eyenziwa isizwe samaZulu lapho kuhlatshwa khona inkomo. Le Mikhosi ukunyathela uselwa, ukubekwa kweNkosi, uMkhosi Womhlanga, ukutshalwa kweNkosi noMkhosi weLembe. Kuvezwe nombiko oye uvezwe inkunzi uma ibuya zingakabuyi ezinye izothi bunyalala esibayeni okuye kubike into embi ezovelela uSokhaya. Kuvezwe nokuthi izinkomo zabiwa kanjani uma uSokhaya esedlulele kwelabaphansi. Kubuye kwavezwa inkomo iyinhlawulo ekhishwayo uma kushwelezwa, kuthelelwana amanzi noma kugezwana ngemuva komonakalo noma idliwa uma kukhona olahlwe icala noma kuthengwa ingane. Inkomo ivezwe njengengezamagceke uma kukhona owone ingane yomuntu. Inkomo ivezwe kuyiyona ehlatshwayo uma kukhuliswa umfana. Kuso lesi sahluko inkomo ivezwe kuyinyama esihuqwe ngezinsizi yabhilwa yinyanga yempi bese imfimfithwa ngamabutho uma ezophuma aye empini. Le nyama kusuke kungeyenkunzi emnyama ebulawa ngezandla. Izinkomo zibuye zavezwa njengesipho iNkosi exoshisa ngaso amabutho ahlabene empini kanye nesilwane okwenziwa ngaso imihlabelo. Inyama yenkomo yabaphansi, eyenhioko, eyokuncamisa, umbeka,udondolo, umqholiso, imbeleko, umthothongo, umphako, isihiangu, imvala kanye nomemulo kukhanyisiwe. Esahlukweni sesine kuvezwe ukumisa, izitho nemibala yezinkomo. Konke Iokhu ? kuvezwe kucebisa ulimi IwesiZulu ngoba ngokubakhona kwakho kuvele amagama amaningi. Lokhu kwenza kubekhona ukucikoza ngolimi kugcine kubenzima kumuntu ongalwazi ulimi ukuqonda okukhulunywa ngakho. Esahlukweni sesihlanu kuvezwe ukuthinteka kwenkomo olimini IwesiZulu. Kuvezwe izisho ezithinta inkomo, izaga ezithinta inkomo, izaga ezikhuzwayo noma ezihaywayo (vi) , ezithinta inkomo, izinkondlo ezithinta inkomo, imilolozelo ethinta inkomo, izilandelo ezithinta inkomo kanye nezithakazelo ezithinta inkomo. Kuvezwe ukuthi izinkondlo ezibhalwe ngababhali abehlukene. zinamanembe enkomo. Kubuye kwavezwa namahubo athinta izinkomo. Ukuthinteka kwezinkomo ezibongweni zaMakhosi, zamaqhawe kanye nezomasikande kuthintiwe. Izinkomo zitholakale zit!Jintekafuthi ezinganekwaneni kanye nakuziphicaphicwana. Esahlukweni sesithupha okuyisahluko sokugcina kuhlaziywe ucwaningo, kwethulwa izincomo kwasekuphethwa. (vii) , OKUQUKETHWE ISAHLUKO SOKUQAIA 1.0 ISETHULO SOCWANINGO 1 1.1 Isingeniso - 1 1.2 Inhloso yocwaningo 3 1.3 Isizathu esenza kucwaningwe 6 1.4 Ukuveza inkinga 8 1.5 Incazelo yamagama 8 1.5.1 Izinkomo 8 1.5.2 Isizwe 9 1.5.3 Ama'Zulu 10 1.6 Indlela yokuqhuba ucwaningo 10 ISAHLUKO SESffiILI 2.0 AMABANGA OKUKHULA, UKUNAKEKELA, UKUDIA 12 KANYE NEMVUNULO 2.1 lsingeniso 12 2.2 Amabanga okukhula kwenkomo 13 2.2.1 Umvemve 13 2.2.2 lnkonyane 13 ? 2.2.3 Ithole 14 2.2.4 Iguqa 14 2.3 Ukunakekelwa kwenkomo 15 .:.. (viii) , 2.3.1 Ukunakekelwa komvemve 16 2.3.2 Ukunakekelwa kwenkonyane 17 2.3.3 Ukunakekelwa kwamathole 20 2.3.4 Ukunakekelwa kweguqa .21 2.35 Ukunakekelwa kwenkomazi 21 2.3.6 Ukunakekelwa kwenkunzi 24 2.3.7 Ukublonishwa kwezinkomo 34 2.4 Ukudla 39 2.4.1 Inyama 39 2.4.2 Ubisi 43 2.4.3 Amasi 47 25 Imvunulo 61 2.5.1 Imvunulo yezingane 62 2.5.2 Imvunulo yomame 62 2.5.2.1 Umnenezo 62 2.5.2.2 Ingcayi 63 2.5 .2.3 Isidwaba 63 2.5.3 Imvunulo yabesilisa 65 2.5.3.1 Umutsha 65 2.5.3.2 Imvunulo yezingwazi 67 ? 2.5.3.3 Imvunulo yodwendwe 70 2.5.3.4 Imvunulo yaMakhosi 71 2.5.35 Imvunulo yezangoma namathwasa 73 2.6 Ukuzivikela emakhazeni nasekulimaleni 73 (ix) , 2.6.1 Isiphuku 73 2.6.2 Ihawu 75 2.63 Izingxabulela 78 2.6.4 Imvunulo yesimanje .81 2.6.5 Izinhlobo ezithile zezinkomo 81 ISAHLUKO SESITHATHU 3.0 IZINKOMO KANYE NOKUTHINTA AMAZULU 85 3.1 Isingeniso 85 3.2 Eziqondene nokulobola 87 3.2.1 Ukulobola 90 3.2.2 Ukubonwa kwezamabheka 92 3.3 Ukuhlanzwa komuzi 94 3.3.1 Ukukhumula komame 97 3.3.2 Ukukhothama kweNkosi 98 33.2.1 Ukubuyiswa kweNkosi 99 33.2.2 IhIambo leNkosi 100 3.4 Imisebenzi yokushweleza nokubonga izinyandezulu 101 3.4.1 Ukubikela abangasekho 102 3.4.2 Ukuhlaba inkomo 104 3.4.3 Ukunyathelisa uselwa 107 3.4.4 Ukubekwa kweNkosi 111 3.45 UMkhosi Womhlanga 113 3.4.6 Ukutshalwa kweNkosi 117 (x) 3.4.7 UMkhosi weLembe 3.4.8 Umbiko ngenkunzi 3.4.9 Ukwabiwa kwezinkomo 3.4.10 Inkomo njengenhlawulo 3.4.10.1 Ukuthenga ingane 3.4.10.2 Ukugeza umuzi 3.4.11 Ukukhuliswa komfana 3.4.12 Ukulungiselelwa nokugoma amabutho aya empini 3.4.13 lnkunzi ebulawa ngezandla 3.4.14 Ukuxoshisa amabutho ahlabene empini 3.5 lmihlatshelo 3.5.1 Inyama yenkomo yabaphansi 3.5.2 Inkomo yenhloko 3.5.3 Inkomo yokuncamisa 3.5.4 Umbeka 3.5.5 Inkomo yodondolo 3.5.6 Umqholiso 3.5.7 Imbeleko 3.5.8 Umthothongo 3.5.9 Umphako 3.5.10 Isihlangu 3.5.11 Imvala 3.5.12 Umemulo (xi) , 120 124 125 128 129 131 133 136 141 143 145 151 153 155 156 157 158 162 163 164 ? 164 164 165 , ISAHLUKO SESINE 4.0 UKUMISA. IZITHO NEMIBAIA YEZINKOMO 167 4.1 Isingeniso 167 4.2 Ukumisa 167 4.3 Imibala yezinkomo 176 4.4 Izitho zenyama yenkomo 184 4.4.1 Izitho zangaphandle 188 4.4.2 Izitho zangaphakathi 193 ISAHLUKO SESIHLANU 5.0 UKUTHINTEKA KWEZINKOMO OLIMINI LWESIZULU 200 5.1 Isingeniso 5.2 Izisho 5.2.1 Izisho ezithinta inkomo 5.3 Izaga ezithinta inkomo 5.3.1 Izaga ezikhuzwayo noma ezihaywayo 5.4 Izinkondlo ezithinta izinkomo 5.4.1 Izinkondlo zomdabu 5.4.1.1 Umlolozelo othinta inkomo 5.4.1.2 Isilandelo esithinta inkomo 5.4.1.3 Izithakazelo 5.4.2 Izinkondlo ezibhalwe ngababhali abehlukene 5.5 Amahubo athinta izinkomo 5.6 Izibongo zaMakhosi ezithinta izinkomo (xii) 200 200 202 206 223 226 226 228 228 229 231 258 268 ? , 5.6.1 EzeNkosi uDingiswayo 269 5.6.2 EzeNkosi uShaka 270 5.6.3 EzeNkosi uDingane 272 5.6.4 EzeNkosiu~pande 274 5.6.5 EzeNkosi uCetshwayo 277 5.6.6 EzeNkosi uDinuzulu 280 5.6.7 EzeNkosi uZwelithini (iSilo esibusayo) 282 5.6.8 UNozishada ~aqhoboza 290 5.6.9 UNdlela kaSompisi 291 5.6.10 Ukuthinteka kwenkomo ezibongweni zamakhosi akwaBiyela 291 5.6.11 Ezikamaskandi 294 5.7 Izinganekwane ezinamanembe ezinkomo 295 5.7.1 Inganekwane yebhubesi nenkawu 296 5.7.2 Umfana uQogo namazimuzimu 297 5.7.3 ~peza negwababa" 299 5.8 Iziphicaphicwana ezinamanembe enkorno 299 ISAHLUKO SESITHUPHA 6.0 ISlHLAZIYO, IZINCOMO NESIPHETHO 6.1 Ukuhlaziywa kocwaningo 6.2 Izincomo 6.3 Isiphetho lMITHOJ\ffiO YOLWAZI (xiii) 303 303 326 331 368 , ISAHLUK() SOKUQALA 1.0 lSETHULO SOCWANINGO 1.1 Isingeniso Zintathu izinto indoda engumZulu engazifela. Yizwe, abafazi kanye nezinkomo. Impi yaseSandlwana yaqhathwa wukuthi amaNgisi ayefuna ukuba iNkosi uCetshwayo ahlawule ngezinkomo ezingamakhulu ayisithupha ngoba ephule umyalelo wawo. Usuke usumthinte kwamancane futhi umphathe elunda umZulu uma uke wathinta igama elithi izinkomo. Lokhu kwenziwa ukuthi kulesi sizwe, zithathwa njengomgogodla wempilo. Ngaso sonke isikhathi lapho kukhulunywa ngabantu bakwaZulu akuze kungayekwa ukuba kukhulunywe ngezinkomo. Lokhu kufakazelwa uNyembezi, (1978:12) uma ethi: Okokuqala inkomo yayiveza ukudla ngezindlela ezimbili. Kwakusengwa ubisi kwethiwe amagula kwenziwe amasi. Amasi ayengukudla okukhulu kwabantu bakwaZulu. Ngaphandle kwamasi inkomo ibihlatshwa ngezikhathi ezithile abantu badle inyama. UMnurnzane onobhisi elakhe aliweli phansi. Uyahlonishwa. UNyembezi, (1978:12), uhluba udlubu ekhasini uma egcizelela lokhu ethi: Umnurnzane ngempela ubebonakala ngesibaya. Naye irnpela ubevuka ngesokusa ake ayovela esibayeni sakhe ayibuke imfuyo yakhe ibhekise izimpondo phezulu esibhakabhakeni ilokhu ihlwabula yetshisa. Enhliziyweni kwakuye kuthi cosololo lapho ekubona lokho. Yiyo irnfuyo yakhe eyabe imnika isithunzi endaweni yakubo. 1.0 mnurnzane uyazi ukuthi iso lornfuyi lenza ukuba imfuyo yakhe inonophale. Ukuyohlola isibaya sakhe kusempondozankorno noma kusempondozamnenke kwenza inkunzi yakhe isukume. Isuke imbingelela. Iyabhonga, ayibonge bese ichama. 1 ? , Ngale kokuthi ingukudla futhi ibuye ikhiqize ukudla, ibuye isetshenziswe ihlatshwe uma kukhona okuthize okufanele kwaziswe abaphansi. VMsimang, (1975:19) uthi: Vma kunemisebenzi emikhulu eyenziwayo njengokukhuliswa kwabantwana, imikhosi yokuganana, ukusuka enxiweni kuyokwakhiwa kwelinye nokunye okunjalo kufuneka babikelwe. Emisebenzini enohlonze babikelwa ngokuhlaba inkomo. VDonda, (1997:49) ukubeka kucace ukuthi amaphuphu ezikhova angeke aze avale iqhaza elibanjwa yinkomo: Nanamhlanje imfuyo isabalulekile. Nonezindodla ezingakanani zemali kudingeka ashintshisane ngazo ngokuthenga inkomo uma ezogcina imisebenzi enjengokulobola, ukuthetha amadlozi nokunye. Ukukhonzwa kwenkomo kumuntu ongumZulu akukhathalekile noma kungarnusa kwagoqanyawo noma qha, inqobo nje uma ezitholile. Yingakho nje uZondi, (1970:13) eveza ukuthi iLembe eIeqa amanye ngokukhalipha lalize liyiphake uma lifuna izinkomo: Ngifuna ibutho lamakhehla engizolithumela esigodini sikaMjojeni wakwaNgcobo engizwa kuthiwa ufuye izinco nezincokazi zekhetheleo engithanda ukuzisika amahawu ebutho lami elisha elizobuthwa eKwindla. 1.0 mfo ivaka elikhulu, ngakhoke leli butho lilungile. Ngifuna izinsizwa ezine ezizohamba nalo. Wena Dingane uyokuma ophonseni lesokuphonsa, uMhlangana arne kwelokukhohlwa, bese uJeqe noMbopha berne esifubeni sayo. lzinkomo lezo ngizifuna lapha. Impi niyoyikhipha kusasa. Ntambama iyochelwa isanusi sami esikhulu. Yize uZondi, (1970:13) esebenzisa igama eIithi "uphonsa", kuyaziwa ukuthi impi yakwazulu yayinezirnpondo kanye nesifuba. Kuyabonakala-ke ukuthi lezo zimpondo :~, okukhulunywa ngazo ezenkomo. Vkuhlabana kwempi kungathekiswa nokugwaza 2 ? , kovava lwenkunzi, kuthi umnikazi waleyo egwaziwe athole isixhanti. Kukhona ingoma ehaywa uZulu ekhuluma ngezinkomo lapho efunga egomela khona ukuthi akukho ongazidla uma ethi: Mlando wezinkomo Inkonyane kaNdaba, Ngeke azidl'ezamandl'ethu Kush' aboSuthu. Leli hubo lisivezela iviyo eseliphakiwe eliveva njengemivi. Lifunga liyagomela ukuthi izinkomo zeNkosi yabo ngeke zidliwe ngabafokazana. Bamisa iNkosi isibindi ayihlale ichitheke inyongo ngoba umlando wokuba nezinkomo kweNkosi awuzukunqamuka. lbutho lizosebenzisa amandla alo empini eyoshiya umlando ongenakucishwa oyophila ingolokodela yeminyaka ngoba uyoxoxwa imihla, ngemihla umnyama nonyezi kuze kugcagce indulo nephakade. 1.2 Inhloso yocwaningo Lolu cwaningo luhlose ukuveza ukuxhumanisa kwenkomo abakwelimagade ahlabayo, amathongo kanye noMlenzemunye kumbe uMavelakuqala. Lapha sizwa uKrige, (1977:293) ehlaWaindlela inkomo ekhethelwa umsebenzi enikelwa ngayo emathongweni ukuze kube yiwo ayobikela uSakhayedwa uma ethi: When the officiator has called upon all his ancestors and sung the praises of each one that he remembers, he jumps and fights the imaginary foe, while the people who are present and watching the proceedings from outside the cattle kraal, praise him aloud. Next he reports to the ancestors what beast he is giving to them. Ukuba 10 MWonishwa asho izibongo zeziqonga zomndeni esezalala bese edlala akuyona into yokuthathwa kancane. Kumele kuqashelisiswe kwalokho nje ukuthi Iowa mnikelo 3 , wenzelwe esibayeni esiyithempeIi lesintu. Ukugiya kuhambisana nenjabulo, ukugabadela nokunqoba. Kuyabonakala-ke ukuthi ngale nkomo izitha, izifo namashwa kunqotshiwe. Kuhloswe ukuba inkomo ibekwe endaweni yayo eyifanele uma -. iqhathaniswa nenye imfuyo ngenxa yokuthinteka kwayo ezinhlakeni eziningi emindenini nasezintweni ezithinta amazulu. UNtuli, (1986:105) ukuhlonza kahle lokhu uma ethi: Akekho umnumzana oke avuke ekuseni ayokuma esangweni lesibaya sezimbongolo zakhe azibuke ukuthi ziyaphila zonke na. Cha, lokho kuyilungelo lezinkomo... Kuhloswe ukuthi abafundi nabacwaningi bolimi lwesiZulu babe nomunye wemithombo ojulile okuzothi uma bephuza kuwo bathole ulwazi olumaqondana nezinkomo. Lokhu kuzocacisa kwabaningi abangayazi inkomo ethi mo! Kwazise phela nokuthi ngisho amaphuphu ezikhova aye abizwe ngezinkomo uma kulotsholwa. Abanye bazi ukuthi inkomo umuntu ongalikhabi ibhola likanobhutshuzwayo ngokufanele. Lowo mqondo uvezwa ukufana kwamagama kodwa kusuke kungabhekisiwe enkomeni enezimpondo loIn cwaningo olubhekiswe kuyo. "Lolu cwaningo luhlose ukuvuselela uthando Iwenkomo esizweni kanye nokuthi kumelwe inakekelwe. Luzokwenza ivuso lokuthi inkomo ithi ayibe yikho konke esizweni samaZulu. Lolu thando baluveza kahle oMaphumulo noThwala, (1989:31) uma behaya izibongo zenkunzi kanjena: USigubudu sinengwenya Ubafazi baseNtindi, Nibabi ngokufak'izinethi. Ngoba ukuba niyakhehla, Ngabe ngiyalithola iqatha. Lezi zibongo zembula imfihlakaIo yobumbongi bale ndoda efuye Ie nkunzi. Iyingathekisa nesiziba esinzonzo nesinzonzobele saseSigubudu. Sinjalonje sinengwenya. Ingwenya iyamudla umuntu. Le mbongi iveza ukushabalala kwesiko uma abafazi sebengasakhehli izinhloko kepha sebelungisa izinwele zibe ngamashoba bese befaka 4 , umtshogo ofakwa inethi ngaphezulu. Le ndoda ize ikhihle isililo ukuthi nezingoduso azisakhehlwa uknze phela kudliwe inyama. Kuyacaca-ke ukuthi izinkomo seziwumhlobiso nje uma amadoda engasaliboni inxeba. Izibongo-ke ziyinkondlo ephethuka ezizibeni zobuchopho. Lezi zifnqwa wuthando lwale nkunzi uma igcakela, ibhonga, ihlaba usentu izivivinyela usuku oluyisithutha lokubhekana nezimvamva zakweminye imizi. Kunamagama esawakopolota eseyosithela emankankeni engwenya. Urna kungekho lucwaningo olunzuln ngamagama athinta inkomo kwalana akhona angagcina esenyamalele ashabalala ingunaphakade. Kunamagama asethathelwe kwezinye izilimi njengalana: Ibhuleyimane Ibhastela Isiteliyane Kubalulekile-ke nkugcina amagama esinawo ukuze izizukulwane ezizayo ziwafice eqoqiwe alondolozwa kahle. Amabizoqoqa anjengobhisi, uchibidolo, umhlambi, umtshezi, indlu ivaliwe, inyoni kayiphumuli kumele agcinwe. Imibala yezinkomo nokumisa kwazo akumele kulahliswe okwenyongo yenyathi. Abangadumi opotiyane uma kusetshenziswa izaga, izisho, iziphicwaphicwano, izinkondlo kanye namanembe okusetshenziswa kwezinkomo kuleyo minxa. Kulihlazo kanye nechilo lokulahlwa uma umuntu engumZulu kodwa afane nomuntu ocinga inalithi ebumnyameni uma kusetshenziswa amagama esiZulu. Ake silungnze nazi ezinye izaga ezithinta inkomo ezicebise zanonisa ulimi IwesiZulu: )- Ikhotha eyikhothayo, ikhaba eyikhabayo. )- Eyokufika ziyayibovula. )- Inkonyane ikhethwa kusakhanya. 5 , );> Inkonyane yethuka isisinga. );> Yawuchitha umuthi inkonyane. );> Inkomo ehambayo kayiqedi tshani. );> Enethunga ayisengelwa phansi. );> Seknyinkomo enombala. );> Inknnzi isematholeni. );> Iwe ngophondo. Oknnye futhi oknphawulekayo wuknthi uZulu unamagama ayo yonke imibala yezinkomo. Phela uzahlukanisa ngayo imibala yazoo Kanti futhi noknmisa kwezimpondo knchazwa ngamagama akho. Konke knsafakaza khona uknthi inhliziyo yakhe uyibeke enkomeni uZulu. 1.3 Isizathu esenza kucwaningwe Kusiphuphisa izipoki nemingcwi uknbona izinkomo ziphethwe madlakadlaka. Izinkomo ziswele abelusi bese zitholaka1a zikhulekiwe, zidle ngentambo njalo, Zidle utshani obufanayo njengengongoni. Ezinye ziboshelwa phakathi kwezihlahla zigigeke zitholakale sezifile. Inkomo eboshiwe inenkinga ngempela ngoba kudingeka ukuba inknnzi igqabule ukuze iyokhwela. Inkomazi inknnzi iyizwa ngephunga. Njengoba ziboshiwe nje zigcina sezikhotha uthuli ngoba utshani busuke sebuphelile. Ayiphathwa ke eyoknshintshwa kanye noknnganikwa kwazo amanzi. Uma zike zakhululwa ziya zigijima emanzini seknlenga izilimi ngenxa yokoma. Urna zingakhululekanga njalo knyoze kome itwani. Ezinye zificwa sezigigwe yintambo zaze zafa ngenxa yokweswela abelusi. Uye uthole izinkomo zimahlikilili imikhaza ikakhulukazi ehlobo uma utshani buluhlaza, knngekho oyinakekelayo ize iphethuke izimpethu ingadishwa ize ibe lugodo nje olubalwa izimbambo. Kwamalanda adla amakhizane aseyindlala nje. Impela uknhlupheka knzwa oknnye. .-.-, 6 , Inkomo kufanele ithandwe ngoba ingumondli wezintandane nomfezi maphupho amaningi esiNtu. Omunye umdIandla wokwenza loin cwaningo wenziwe ukubona isihluku esenziwa ezinkomeni. Kukhona izinkabi ezilima zize zibuye sebebade. Uma zithi ziqaIa ukudla zibuye ziboshelwe ziyolima uma lithambama, zize zibuye uma selizilahla kunina noma sekuhwalele. Kuyacasula ukubona abafana bekhuza isimbambamba bebhaxabula izinkomo kumbe bezigijimisa ngoba bejahe ukufeza izifiso zabo. Kwesinye isikhathi ubona ngothuli lubheke phezulu, uze ucabange ukuthi kuza imoto emgwaqweni webhuqu kanti akunjaIo, abafana bagijimisa izinkomo. UMsimang, (1975:41) uyaphawula ngalo mkhuba wokuphathwa kabi kwezinkomo okufanele ziphathwe kahIe: UZulu ubezithanda futhi ezinakekela izinkomo. Umuntu ongazinakekeli izinkomo bekuba sengathi nazo ziyambona. Bezimala isimanga, zibutukise okwezimpukane. NamhIanje kusenjalo. Abamnumzane nezinsizwa bezimkhankatha kabi umfana oxosha, agijimise izinkomo. Bekuthiwa kasoze abanayo inkomo. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi kuyinto embi kuZulu ukuphatha kabi inkomo. Ukubona ukudlondlobala kwezinga lobubha kuZulu elingavaleka uma kukhona izinkomo yikho okwenza ukuthi umuntu ashe amashushu ngokwenza lolu cwaningo. Uma umuntu enenkomo unezidingo eziningi ezifezekayo. Izinkomo ziyaboshelwa, zilime amasirnu, kudliwe ekhaya. Zibuye zisengwe kudliwe amasi futhi zihlatshwe kudliwe inyama. lzikhumba zazo ziyizambatho nemvunulo. Lokhu kwenza umehluko omkhulu phakathi komuntu onenkomo nongenayo. UZulu uma ebona lobu bumqoka benkomo empilweni yomuntu uze abe nomkhuba wokusiselana. Lokhu kuvala ububha obukhona kweminye imizi ngoba ukuba nezinkomo kuyalixosha ikati eziko lapho kukwangcede omhlophe khona. 7 ? , Ukuphela kobuntu kuZulu okuholela ekubopheni inja nogodo, kwenza ukuthi umuntu abe nevuso lokuthi akucwaningwe ngalolu daba ukuze kuvuselelwe lokhu okuwusiko mpilo lukaZulu lokunakekelana. Lokhu akwenziwa kowakwenu kuphela noma owobuzwe bakho kodwa noma kubani ngisho nasezihambini. Lokhu kuvezwa kangcono uKrige, (1977:43) maqondana nokuphathwa kwezihambi ezakhelwa ngisho izindlu zazo emanxulumeni: The right hand side of the entrance is the part, then, where the young men's huts are to be found, where visitors are housed, and where king's messengers stay. lntshisekelo idalwe ukubona ondingasithebeni abadla imbuya ngothi noma benezindodla zemali emabhange kodwa ngenxa yokuthi inamankonyane amancane inqubekela phambili ingabonakali. Kuliqiniso ukuthi inkomo izala inkomo kodwa ungaqhotha uze ufike kwaMtshekula uma isizumbulu osifihle ebhange singazala esiIingana naso ngonyaka. Lokhu-ke kuzokwenza ukuthi umuntu ongenayo inkomo kodwa acabange kabili uma esenolwazi oluzoqukathwa yiIolu cwaningo. 1.4 Ukuveza inkinga Emisebenzini eshicilelwe nasemitatsheni yolwazi ekhona, ubumqoka bezinkomo esizweni samazulu buthiwe halamuzi. Awukho umsebenzi obhekene nezinkomo ngqo: Imisebenzi ekhona ibala okuningi okufuyiwe, lokho okufaka nezinkomo phakathi. Lokhu kuba yingxaki ngoba kufanele kubhekwe imibhalo eminingi kucotshelelwe kuyo kuze kuhlangane indaba ethinta izinkomo. Lolu cwaningo luzogxila ekubhekeni ubumqoka bezinkomo nezinto eziphathelene nazo. , ' .. ~ 1.5 Incazelo yamagama ~ 1.5.1 Izinkomo Imvelaphi yezinkomo ayicaci kahle emlandweni wakwaZulu. Kunenkolelo ethi izinkomo zadalwa ngesikhathi kudalwa zonke izilwane. UGenesise 1:25, uyakubalula 8 , ukuthi ngokwenkolo yobuKristu izinkomo zadaleka kanjani laphookufundeka khona kanjena: UNkulunkulu wazenza izilo zomhlaba ngezinhlobo zazo, izinkomo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. Jzwi IeNkosi Iibuye Iikugcizelele okuphathelene nezinkomo uma likhuluma ngendaba kaNowa nezilwane owayezifake emkhunjini. KuyabonakaIa ukuthi nazo izinkomo njengoba zazidaliwe zingezinye zezilwane ezafakwa emkhunjini. Ngemva kukazamcolo ziyabonakaIa izinkomo. UGenesise 8:1 uyakucacisa lokhu lapho kufundeka khona kanjena: UNkulunkulu wayesekhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini. UNkulunkulu wadlulisela umoya phezu komhlaba, amanzi abohla. KukholakaIa ukuthi yizo-ke lezi zinkomo ezichazwa uMbatha, (2006:838) uma ethi: Inkomo isilwane esifuywayo esinezirnpondo namasondo kanye noboya kanti inyarna yaso iyadliwa kubuye kutholakaIe kuso nobisi. 1.5.2 Isizwe UNyembezi noNxumaIo, (1966:30) bayavumelana noMbatha, (2006:1345): Isizwe abantu abangaphansi noma Abaphethwe yinkosi eyodwa. Lokhu kucacisa bha ukuthi ama'Zulu ayisizwe ngoba aphethwe iSilo esibusayo manje okunguBhejane phum'esiqiwini. Ucwaningo lubhekiswe kulesi sizwe. 9 , 1.5.3 AmaZulu Laba ngabantu besizwe samaZulu. ArnaZulu njengabantu abamnyama, kukholakala ukuthi adalwa uMvelingqangi okunguyena onamandla okudala. UFuze, (1979:1) uyakufakazela lokhu: Black people originally came from the north. When we make a close enquiry as to where this north may be, they point an upward direction; but because no written records were left by those who came before us, all they can do is to point in that northerly direction upward of the country. Ngemva kokuba il.ernbe e1eq'amany'amalembe ngokukhalipha selinqobe izizwe, isizwe salo ngemva kwalokho esasesingaphansi kwalo sasizibiza ngokuthi amaZulu. Empeleni iLembe eleqa amanye Iidabuka kubeNguni. Lokhu kufakazelwa uTyreIl, (1968:111): The Zulus were originally one of many petty clans scattered throughout Zululand. In the early nineteenth century they rose to power, subdued their neighbours and imprinted their clan name upon all the tribes which today occupy Zululand and Natal. 1.6 Indlela yokuqbuba ucwaningo Kuzosetshenziswa irnithombo yolwazi egcinwe ezizindeni ezinhlobonhlobo zemitapo yolwazi. Kuzohanjelwa nezizinda zamagugu kaZulu kucotshelelwe ulwazi olubhaliwe noluqoshiwe oluthinta izinkomo. Lolu Iwazi luzofakwa esampontshini luhlahlelwe bese luba yingxenye yalolu cwaningo. Kuzofakwana imilomo nongoti emazingeni ahIukene kutholakale uvo lwabo maqondana nanoma yini ephathelene nezinkomo. Lokhu kuyobe kungukucobelela ulwazi olunzulu nokuphathelene nenkomo .--. 10 , Kuzokwakhiwa izinhIelo zokuhambela abamnurnzane abanobhisi, abanezibalwayo nje kanye nabangenayo ngisho eyokubika ukuze kutholakale izimvo ezehlukene ezizokwenza ucwaningo lucebe. Kuzohanjelwa imicimbi eminingi ephathelene nabaphansi ukuze kutholakale ulwazi olunzulu maqondana neqhaza elibanjwe yinkomo nezinto zonke eziphathelene nayo. Eminye yemicimbi ezohanjelwa yilena: ? imigcagco ? imingcwabo ? amahlambo ? eyokukhulisa izingane ? imemulo ? imincamo Kule micimbi kuzobe kubukwa okuqhubekayo, kuphindwe kufakanwe imilomo nabanikazi bayo kanye nezimenywa. 11 , ISAHLUKO SESffiILI 2.0 AMABANGAOKUKHULA, UKUNAKEKELWA.UKUDLA~E NEl\1VUNULO 2.1 Isingeniso Inkomo njengesiIwane esiphiIayo, iyakhuIa yedIuIe ezigabeni eziningi ezahIukene zokuyinakekeIa. Ithi injalo nje ibuye ibe ukudIa kanti isikhumba sayo siyisambatho kanye nemvunuIo. UMnumuzane uvuka ekuseni aphikeIeIe esibayeni ayoIubuka nje uchibidoIo Iwakhe. Kulapho-ke akwazi ukubaIuIa khona enokuthize njengexhugayo kanye naleyo enezimpethu ngenxa yesilonda. Ukhipha izwi ngokushesha Iokuthi kufaneIe zeIashwe ezingaphiliIe. Noma ngabe ziphila kahIe zonke kodwa kuyaziwa ukuthi iso nje Iomfuyi Ienza ukuba imfuyo yakhe inonophaIe. UKubheka, (1978:182) uthi: Wafike wema othangweni Iwesibaya wazibuka izinkomo zakhe. NgaphandIe kokubuka ubuhIe bazo wayefuna ukuzenelisa ukuthi zipheIele yini. WazithoIa zipheIeIe wazibuka uGumede izinkomo zakhe. Wazibuka. Ngenxa yokuthi kwase kusile zase zilokhu ziya zivuka ngaziinye zizelula, bese zima nje. Inkomo inakekeIwa ngisho ingakazalwa. Inkomazi emithi iphathwa kahIe ngoba kufaneIe kube nesiqiniseko sokuthi ayiphunzi ngoba lokho kungaba nomphumela omubi ekwandeni kwesibaya soMnumzane esizweni samaZuIu. Uma ibonakaIa ukuthi isifuna ukuzaIa, ize ikhishwe ngisho esibayeni ngoba mhlawumbe umvemve ? wayo ungaze ungenwe amakhaza uma umquba umanzi. Kwesinye isikhathi ingakhisheIwa ngaphandle kwesibaya ukuze umvemve wayo ungathoIi ukucindezeIwa ezinye izinkomo ulimale noma ufe. UkunakekeIwa kwenkomo emabangeni okukhuIa kwayo kuyenza ukuthi ikhuIe kahle igcwele, kuthi uma ihIatshwa, kutholakale ukuthi inonile kwesaswe. Inkomo 12 , enganakekelwanga kahle ekukhuleni kwayo, kwesinye isikhathi iba nesikhumba esibi. Umuntu uyaziqhenya uma ephethe ihawu elinoboya obugcwele obungaqothukanga. Isiphuku esinemibhalo yemishiza, eyezitswebhu, izihlilingi kanye nezagila asisihle futhi asishukeki kahle ngoba kwesatshwa ukuthi singase sidabuke uma sishukwa ngenxa yezimbobo. Ngokunjalo nebheshu eIinezisihla kalilihle. Isikhumba senkomo esihle siyabukeka. Yingakho nje uma inkomo iphunzile, umphunzo uhlinzwa kahle ngoba isikhumba sawo sikhipha elikanokusho ibheshu, elinoboya obungakaze buphazamiseke futhi sesulekile. 1..okhu kungabukeki kwesikhumba kungadalwa ukuklwejwa yizihlahla nokunye uma inkomo izidwanguzela nje emadlelweni noma endle. 2.2 Amabanga okukhula kwenkomo 2.2.1 Umvemve Lesi yisigaba senkomo esencane ezelwe noma esanda kuzalwa. lsuke isesezingeni lokuba ukhaba noma ufokothi okuthi uma seluwile inkonyane iqale ukunuka utshani, ingabudli, iphile ngokuncela ubisi nje kuphela. Leli gama alikhethi bulili bankomo. UMsimang, (1975:40) ukuchaza kangcono lokhu: Inkomo encane ezelwe ngakho kodwa kuthiwa umvemve. Leli gama a1ehlukanisi bulili. 2.2.2 lnkonyane Njengoba lizisho leli gama eliyisinciphiso sebizo lobunye lesigaba sesihlanu, lapha kusuke sekuyisigaba lapho isiqala ukudla utshani khona. Kulesi sigaba, inkonyane isuke isithanda ukudlala itshakadule, isubathe ngesikhulu isivinini. 1..0 mkhuba ivamise ukuwenza noma kungonakele lutho nje kodwa bese iwuqinisa uma ikhethwa ifakwa etbombeni ntambama. Kwesinye isikhatbi iye ibashiye abafana igcine ingalalanga ethombeni. 1..okhu kugcina kwenze inkomazi eyizalayo ifohlile esibayeni yalandela inkonyane. Iyifuna ize iyithole kanti kwesinye isikhathi igcina idukile bese ingena kweminye imihlambi. 1..okhu kususa omkhulu umsindo ngoba ;.', 13 , kubukeka kuwubudedengu babelusi. Kuze kusize uphawu uma isishaywe lona ngoba kusheshe kwazeke ukuthi iphuma kwesikabani isibaya. Ukuceba kolimi IwesiZulu kugcina kuveze ngisho isisho esikhuluma ngenkonyane njengesithi: Inkonyane ithuka isisinga. Lesi saga sishiwo sibhekiswe kumuntu ongakejwayeli ukwenza into. Uba namaphutha uma eyenza ngenxa yokungejwayeli. Inkonyane nayo uma iqala ikhulekwa ngesisinga igila imikhuba ngoba isuke ingakaze yenziwe Ie nto. Kwesinye isikhathi iyawa iziginqe phansi kabuhlungu, lokho okungaze kuyiholele ekuntsinyweni isisinga noma ekuphoqokeni kwethambo, yephuke. 2.2.3 Ithole Lesi yisigaba lapho inkonyane incela kuphume amagwebu ngoba isuke isincela mawala, isiqala ukuba namandla. Le ndlela encela ngayo ibizwa ngokuthi ukuxhofuza futhi isuke isimandla nasekudleni utshani. Uma uyibheka ngaphezu kwamadlebe uye ubone amaqhubu lapho okusuke sekuzophuma khona izimpondo. Kukhona nesisho sesiZulu esisuselwa kuleli gama esisuke sibhekiswe kumuntu. Lokhu kuveza ngokusobala ukubekwa kwenkomo ezingeni eliphezulu ngoba ithole lize lenziwe samuntu uma kuthiwa: Inkunzi isematholeni. 2.2.4 Iguqa Lesi sigaba ithole libonakaIa ngokuthi uma lincela lize liguqe ngamanqina angaphambili. Lokhu kwenziwa ukuthi isuke isikhulile, sekufanele ukuthi izenze ibe mfushane ukuze ifinyelele kahle emibeleni. Kwesinye isikhathi iguqa alibe lisathanda ukwehlukana nobisi Iwenkomazi. Uma kukhona isimo esinjalo, liye lifakwe umkhala emakhaIeni ukuze lingakwazi ukuncela, ligcine lidikilile ngoba uma lincela, lizwa ubuhlungu noma lihlabe unina. Okulandela lapho-ke kuba ukwephusa 14 ? , ngoba kusuke sekuzophela unyaka inkomazi isimithi futhi isizozala. Ngemva kwalokhu-ke inkomo isuke isisesigabeni sokuba yinkomo ekhulile uma kungeyenduna isiyijongosi ifundiswe ukuboshelwa kanti uma kungeye~ikazi isuke isiwumthantazana isizolandelwa izinkunzi. Izibongo zeNkosi uCetshwayo kuNyembezi, (1968:89) zisebenzisa igama leguqa uma kuthiwa: UMagwaz'eguqile njengethole. Lokhn kuhambisana nomyalo kaManembe wakwaGcwensa wokuba uMntwana uCetshwayo aguqe phezu kwesihlangu sikaMntwana uMbuyazwe uma impi yabaNtwana isibambene. Ukunqoba koSuthu lwehlula iZigqoza kwaba wumphumela walokho kuguqa phezu kwesihlangu sikaMntwana uMbuyazwe njengethole lincinta. 2.3 Ukunakekelwa kwenkomo Ukunakekelwa kwenkomo kuhambisana nezigaba zokukhula kwayo. Uma isengumvemve, inakekelwa ngendlela yayo. Uma igula, inakekelwe ngokwesifo sayo esiyiphethe kanti futhi uma izohlatshwa, inakekelwa ngendlela eyehlukile. Uma iyinkunzi futhi inendlela yayo enakekelwa ngayo. UMnumzane Biyela, (2007) onobhisi ukuveza kangcono lokhu maqondana nokunakekelwa kwezinkomo urna ebuzwa, uphendula kanjena: Mvelase! Inkomo ayimthandi umuntu ongayinakekeli. Inkomo ifana nengane encane ezelwe edinga ukunakekelwa zikhathi zonke. Uma ungayinakekeli iyafa. Kule mihla kunemithi eminingi ezitolo elapha izifo ezehlukene eziphatha imfuyo. Engingakusho ukuthi inkomo inakekelwa mhIa izalwa uze uyithengise noma uyihlabe. Umuntu ongayinakekeli imfuyo yakhe mina ngimthatha njengendoda engaphelele. 15 , Kuliqiniso lokhu okushiwo uBiyela ngoba uma utshani buluhlaza kuba nemikhaza eminingi. 1? mikhaza uyithola isivele ngesidunu enkomeni imunca igazi. Lokhu kubiza ukuthi izinkomo zidishwe bese kuwohloka yonke imikhaza. Uma kungenzekanga lokhu inkomo igcina isinezilonda eziphethuka izimpethu okungathi uma kuqhubeka igcine ifile. 2.3.1 Ukunakekelwakomvemve Uma kukhona inkomazi okubonakalayo ukuthi inobunzima ekuzaleni, iye yelekelelwe abadala ngokuthi baguqule inkonyane esizalweni sikanina, ime kahle ukuze ikwazi ukuphuma. Lokhu kwenziwa umuntn onekhono, oye afake isandla esibelethweni, aphendule inkonyane esiswini sikanina. Urna ubunzima buqhubeka, umvemve uze ukhishwe ngezandla ngoba inkomazi isuke ingakwazi ukuzisiza. Lolu sizo luye lutholwe inkomazi ebonwe uma izala ngoba eziningi ziye zicashe uma zizozala. Yingakho nje umelusi kufanele kube okhaliphile, okwazi ukubona uma inkomo kufanele izale. Umvemve ubuthakathaka. Kufanele kucoshelelwe ukubhekwa kwawo ngoba awunawo amandla okuzimela ezikhathini eziningi, udinga ukwelekelelwa. Uma umvemve uzelwe, kudinga ukuthi ungalaliswa esibayeni nezinkomo kodwa ukhishelwe ngaphandle kanye nonina. Lokhu kuyawuphephisa ekulimaleni okungase kuwuvelele. Uma tina kufanele ukhethwe ulaliswe endaweni enompheme ngoba kwesinye isikhathi ungangenwa amakhaza ufe noma ubhajwe odakeni esibayeni. Uma izinkomo ziya ediphini wona uyakhethwa usale ekhaya ngoba ediphini kukhona ukucindezelana kwezinkomo, ungaba sengozini. Ullla izinkomo zihamba ibanga elide uyakhathala, kudingeka ukuba usizwe uqukulwe, ugonwe noma wetshathwe abafana. Uma kwenzekile wangenwa amakhaza, uye ufakwe exhibeni uboshwe ngesisinga ukuze ufudumale bese udedelwa uma usululeme. Umvemve kuyenzeka ube nenkinga yokuncelangenxa yokungabi namandla uma inkomazi inemibele elukhuni 16 , noma ubisi luqinile lusengurnthubi. Lapho kuye kudingeke ukuba abafana bayisengele phansi inkomazi kuze kwedlule ubisi oluqinile bese uncela kangcono. Ngenxa yemikhaza kuyenzeka imibele yenkomo igcine ifile, leyo nkomazi ibizwe ngemfambele uma ingasakwazi ukukhipha ubisi. Ukuthanda inkomo komZulu kwenza ukuthi umvemve ubanjelwe enye inkomo ezele elihinikazi, unceliswe kuyo ukuze uphile ngoba usuke ungakabudli utshani. Lokhu kuba insakavukela ize ikhule ngobisi Iwenye inkomo. 2.3.2 Uknnakekelwa kwenkonyane Ukunakekelwa kwenkonyane akufani nokomvemve ngoba yona isuke isikwazi ukudla utshani. Uma kwenzeka kuhlasela umbendeni noma umkhonywana odlula nonina, ayibi nengxaki enkulu ngoba isuke isikwazi ukuzidlela. Inkonyane yona-ke ngenxa yokuthi isingazihambela amabanga amade, isesigabeni sokulahleka idukele kweminye imihlambi uma abafana besalibele imikhuba yasekwaluseni. Ishaywa uphawu kuleli zinga ezindlebeni noma kweyodwa kodwa kuhambisane nophawu Iwasekhaya. Kukhona izinhlobo eziningi zezimpawu. Olunye uphawu lomndeni kuba ukusika ingxenyana yokugcina yendlebe yenkonyane yaleso sandIa esikhethwa umndeni. Abanye basika indlebe ibukeke njengongwaqa u "v" noma isisila senkonjane esihlokweni sayo. Abanye bayayibhoboza ibe nembobo eyindingiliza noma iso lesikeyi kanye nezinye. Lokhu kwenza kubelula ukwazi ukuthi lomhlambi owakosibanibani ngoba uphawu lomndeni Iwaziwa endaweni. Kukhona izaga eziqondene nenkonyane ezithi: Yawuchitha umuthi inkonyane. Inkonyane ithuka isisinga. Inkonyane yeqa lapho kweqe khona unina, Umbala ucaca enkonyaneni, 17 , Isaga esithi yawuchitha umuthi inkonyane sichaza into eseyonakele engesenakho ukuchitshiyelwa noma ukubuyiselwa esimweni ebiyiso ngaphambilini. Kanti esithi inkonyane ithuka isisinga sibhekiswa kumuntu ongakazejwayeli izinto ngenxa yokuba musha kwakhe kuzo. Lesi esithi inkonyane yeqa Iapho kweqe khona unina siveza ufuzo Iwengane efana nonina. Vma owesilisa ephika isisu uye alulekwe ngesaga ukuthi umbala ucaca enkonyaneni. Kukhona elinye ihubo IaseNdJunkuIu elifanisa iNkosi nenkonyane kaNdaba elithi: Bayethe Nkosi! Ndabezitha. Bayethe Nkosi! Zinyane lamakhos'akwaZulu. Bayethe Nkosi! Nkonyane kaNdaba. Bayethe Nkosi! Uban'ongathint'ibhubesi? Lapha sizwa iphimbo lenduna yezinsizwa ibiza bese ibutho lisabela. Induna yezinsizwa isho iphindeleia igcizeleia khona ukuthi iNkosi ayibalethe ukuze bagwazwe abakhathaza iNkosi: Bayethe Nkosi! Lapha kunokuthefuya (yeyeza dialect) lapho uhlamvu u Iyl lusetshenziswa esikhundleni sika N Bayethee-balethe Kuyabonakala ukuthi Ie nhlwayelo iwela emhlabathini ovundileyo, abantu besusa arnehlo abo enduneni, bawabeka eNkosini bese beyikhulekela ngokuyithopha bethi: Ndabezitha! 18 Uma bebuka iNkosi, babuka intambo yosinga engagqabukiyo ethunga ihlanganise iNkosi yabo noyise, umkhuIu, ukhokho, ukhuIukhuIwana, kufike kulowo owathunywa kuqala wuIDanga ukuba abuse uZuIu uma bethi: Zinyane lamaKhos'akwaZuIu. Lapha igama IeNkosi uNdaba uyise kaJama Iiyagqanyiswa uma kuthiwa: Nkonyane kaNdaba. UkuthoIakala kwamaKhosi esizweni, ukungabi ngongqoshishiIizi nondIovu kayiphenduIwa kwenza imibaIa yobunkonyane bawo ihiale ivuseIeIeka njalo. Kuyabonakala ukuthi ozithobayo uyaphakanyiswa uma iNkosi isikhuIiswa ngokushesha ebunkonyaneni isiwa ebubhubesini. Ingonyama isiIwane esidla izilwane, isilwane esinamandIa, ubuciko bokuzingeIa nokuzivikeIa. Uban'obengathint' ibhubesi? 1.0 mbuzo ufakwe ekugcineni futhi awudingi mpenduIo, kepha ugcizeleIa ubukhulu nobungqongqoshe beNkosi. ISiIo sakwaDukuza sibizwa ngenkonyane uma imbongi kuNyembezi, (1978:23) isithaphuza ithi: Inkonyan'ekhwele phezu kwendlu kwaNtombazi Bath'iyahlola, Kanti yibona bezaz'ukuhIoIa. ILemb'eIeq'amany'amalembe ngokukhalipha, laIiyingane kunoZwide kaLanga. Uma IimhIasela Iibizwa ngenkonyane noma ngomuntu omncane ukuhIasela kwakhe okuthathwa njengokuhIoIa. Imbongi iveza ukuthi empeleni yibo Iaba ababiza iSiIo 19 ? , ngenkonyane abahlolayo ngobababezowukhomba umuzi onotshwala, uDIungwane womBelebele esefike qathatha. 2.3.3 Ukunakekelwa kwamathole Amathole asuke esebheke ekukhuleni okuphelele futhi asuke engasatshakaduli njengamankonyane. Ayeluswa abafanyana asebengamabhobhodleyana. Ukwelusa kwaZulu kuhambisana nezigaba zamazinga okukhula kwabafana. Umfana uqale eluse amankonyane, eze ngamathole ngaphambi kokuba aIuse izinkomo. UNyembezi, (1958:50) uveza ukuthinteka kwetbole ezibongweni zeNkosi uDingane ngesikhathi esebulele abozalo ngokusizwa uMnlWana uMkabayi ngokugudluza uMntwana uMhlangana, uma imbongi ithi: Ithol'eIinsizwa lakokaDonda Elihambe liwakhahlel'amany' amathole, Izingazi zaphuma ngamaphumulo, Ngoba likhahlel'elakwaBulawayo, LakhahleI'uMagaye kaDibandlela Lakhahlel'uMadlanga waseKuvukeni. Ithole Iibuye Iivele futhi Iapho imbongi ithaphuza iSilo uDinuzulu ibhekise eNdlovukazini yamaNgisi kuNyembezi, (1958:112): Uyajabula mfazi waphesheya kolwandle, Wen' obon' ithole lakoKaMsweIi, LiyowaphuI'amany'amathole. Lapha imbongi ibhinqa iNdlovukazi yamaNgisi ukuthi iyajabula. Ukubbinqa kwayo kuvezwa ngesikhathi iNkonyane kaNdaba iyoboshwa ngamaNgisi phesheya kweziIwandIe. ISilo sibizwa ngethole IakoKaMsweli ngoba uNdlunkulu weSilo uZulu eladum'obala ozala uMamonga woSuthu kwakungukastsweli. Umugqa othi 20 ? , "Liyowaphul'amany'amathole", uveza ukuthi iSilo sasikwazi ukuyibamba impi futhi sinqobe, yingakho nje sivezwa njengethole elizophula amanye. 2.3.4 Vkunakekelwa kweguqa Lesi sigaba asehlukile kakhulu kwesethole ngoba ithole elisheshe lakhula liguqa ngisho lingakabiphi. Kwabathanda izinkabi ezikhula kahle, baye bathene noma baphakule amaduna kuleli zinga. Vma isitheniwe inkomo, kubhekeka ukuba inakekelwe isilonda singabhibhi. Vma sike sabhibha, kuye kufakwe inhlaba ukuze kungahlali izimpukane ezingabanga izimpethu. VGumede, (2007) onochibidolo uthi: Kulesi sigaba inkorno isuke idinga ukunakekelwa okukhulu ngoba kufanele umniniyo akhethe ukuthi ufuna ibe njani uma isikhulile. Enakwa kakhulu kulesi sigaba inkomo yenduna ngoba kufanele ukhethe ukuthi ufuna ibe inkabi noma inkunzi. Vma ufuna ibe yinkabi, kufanele uyithene kanti uma ufuna ibe yinkunzi kufanele uyiyeke. Okumqoka uma ufuna ibe yinkunzi kuhle ukhethe enombala omuhle ezokhipha izinkomo ezinhle. La mazwi kaQwabe ayihlaba esikhonkosini ngoba nesiZulu sinesaga esithi "inkonyane _ikhethwa kusakhanya". lsivezela ukuthi uma uSokhaya engaqaphelisisanga kahle kulesi sigaba wanakekela imfuyo, kungenzeka ukuthi kubenzima ngisho nokuba neso lokubona efanele ukuba ibe yinkunzi. Kwesinye : isikhathi umqondo ungabuya kamuva, kucace ukuthi ayiyinhle bese ithenwa isindala ibe inxahi. lnxahi alibukeki kahle ngoba ubunkabi kanye nobunkunzi balo abupheleli. 2.3.5 Vkunakekelwa kwenkomazi Inkomazi izala izinkomo. Ekuzalweni kwezinkomo kukhona ubunzima njengoba bukhona kubantu abahamba ngezinyawo ezimbili. Izinkomazi ziyaphunza njengoba nabantu bephushunyelwa izisu. Vma ekuzaleni kwazo zithola ubunzima, kufanele zelekelelwe. Uma ..zingonondlini, kufanele amankonyane aphungulelwe ubisi olungase luwahudise. Uma ithe iyazala umhlapho noma indlu yenkonyane 21 ? , yangaphuma kodwa yalenga nje, kufaneIwe ishaywe ngomphini womkhonto esinqeni. Uma inkomo isishaywe ngalo mkhonto esinqeni, akupheIi isikhathi eside umhIapho ungakawi. Akusetshenziswa noma yimuphi umkh0.nto kodwa kusetshenziswa umkhonto womndeni odIuIiseIwa ezizukuIwaneni ngezizuIuIwane. 1.0 mkhonto uxhumene kakhuIu nabaphansi. Imfuyo ingeyabo futhi abathandi ukubona ingachumi ekhaya. Ukuthinta 10 mkhonto kusho ukuxhumana nabo, yingakho nje nomhlapho ungeke umeIane nabo kodwa uvele uweIe phansi, ikhululeke inkomazi. Lokhu kuyinkoIeIo kaZulu futhi kukhombisa ukuthi izinkomo zixhumene nabaphansi. Lapho ezihlala khona okusesibayeni, yindawo ehlonishwayo. Lokhu kufakazeIa uMthembu, (2000:44): Isibaya somuzi wasesithenjini sikhuIu ngenxa yochibidoIo womhIambi ongena kuso. Sivulekile ngenxa yokuthi sibuye sibe yithempeIi Iomuzi. KuIeli thempeIi lapho sonke isithembu nezingane zaso siphelela khona uma kukhona okuhlanganisa umuzi, njengoba uma kuphuma intombazane iyogana. Kusesibayeni Iapho kugiywa khona ngenxa yokuthi sivuIeke kahle. Izinkomo zezindIu zonke zisengeIwa kuIesi sibaya. Okwenza ukuthi isibaya sasesithenjini sibe sikhulu ukuthi esithenjini kuvame ukuthi kube nezingane eziningi. USokhaya obusiseke ngezamantombazane uhleka kancane ngoba uyazi ukuthi ukubakhona kwawo kusho ukuthi kuzongena eziningi izinkomo. Esithenjini izingane ziyaphithiza ngoba akekho umlobokazi ofuna ukwedIulwa omunye ngenani lezingane. Isibaya siIithempeli ngoba siyinkundIa Iapho kukhulunywa khona nezinyandezuIu. Uma kukhona umkhuhIane ekhaya, kuye kungene Iowo ongumkhulumeli womndeni, akhuIume nabaphansi emeIe umndeni wonke. Lowo mkhuhlane uyadluIa ngokukhulu ukushesha. Imicimbi emikhuIu esizweni samaZulu ixhumene nahaphansi futhi yethuIwa kubo ngoba ngaphandle kwabo akukho okungenziwa kuphumeIele. Uma kuxhunyanwa nabo, indIeIa yedluIa esibayeni. UBiyeIa, (2007) uyicacisa kahle indaba yokunakekeIwa kwenkomazi uma ebeka 22 ? , ethi: Phela inkomazi umama wesibaya. Idinga ukunakekelwa njengoba ngisho umfazi ezithwele uye anikezwe izihlambezo ukuze umbungu ukhule kahIe. Angiphathi-ke uma izoyishaya phansi inkonyane kuye kube nobunzima kwezinye izikhathi. Kanti kwesinye isikhathi izikhululekela kahle nje. Ngakho- ke kumqoka ndodana ukuba inakekelwe ngaIezi zinsuku. Ngisho isizele futhi ibhekwe ukuthi imibele iyalukhipha yini ubisi ukuze inkonyane incinte kahIe. OkaMenziwa Iapha ukubeka kube sobala ukuthi inkomo imqoka njengenzalabantu. Idinga ukunakekelwa ize idlule kulesi simo ngoba sibucayi. Uma ukunakekelwa kungekho, impahla ingasweleka noma ife inkonyane. Kufanele ukuthi abelusi noSokhaya babeneso elibukhali lokubona zonke izikhathi zazo zokuzala uma sezisondele. Lokhu kuyaqhubeka kuze kufike Iapho sekunesiqiniseko khona sokuthi ubisi Iuyaphuma yini emibeleni noma umthubi uvale izimbobo zemibele. Uma kunjalo, kufanele ukuthi igudwe inkomazi kuze kuqhamuke olumanzi. Kwesinye isikhathi inkomazi iba nemibele edabukile noma enezilonda ngenxa yokuncelwa yizilwane zabakhunkuli. Uma injalo kudingeka ukuthi imibele iqholwe ngamafutha ithambe kuphole izilonda bese inkonyane incela ngaphandle kokuba unina abe nenkinga. UNtuIi, (1878:55) ugagula indangala ukuthi yiyo encela izinkomo bese ziba nezilonda: Sebengenezela kodwa , Nkosi: Bangibophel'amanqin' enyathi, Bath'indangala nayo ngeyami Eseng'izinkomo zami' Okwami yimikhovu kupheIa; Nayo futhi mibili nje zwi. Utokoloshek-ke usemdala; Nokuyimpaka kunye-nje zwi, KuIokhu kucaphuna okungenhla, kuvela obala uthando Iwezinkomo olwenza ukuba umuntu abone ukukholiseka nokulayeka uma inkomo yakhe isinemibele eklayekiIeyo. .> Kukulo mkhathi Iapho ehlanganisa khona ukuklayeka kwemibele yenkomo yakhe 23 , nobukhunkuli. Izilwane zonke ezibaliwe ngenhla ngaphandle kwendangala aziyona inkinga ngoba azisengi nkomo futhi azincinti nkomo. Imfene, imbuzimawa, indangala kumbe unohha, yiyona ebonakala iwuhlupho ezinkomeni ezisengwayo. 2.3.6 Uknnakekelwa kwenkunzi Uma uMnurnzane ebheka amankonyane akhe, kubakhona avele alithandele ukuba libe yinkunzi yakhe ngenxa yesakhiwo sornzimba walo. Inkomo ezobanhle uma isikhulile iyabonakala ngisho isencane. Kwesinye isikhathi uSokhaya uye athathwe umbala wayo nje bese eyibalula noma angayitheni ngenxa yesifiso sakhe sokuthi yandise uhlobo lwayo kuclnbidolo womhlambi wakhe. Inkunzi kufanele iphathwe kahle futhi inakekelwe ngoba yiyona eyandisa izinkomo ekhaya. Inkunzi enhle ibonakala ngokuba nelunda elikhulu, ukuba nenkani yokuhamba ingasheshi noma okungumfanyana kuyibhaxabula kanye nokuthanda ukudla yodwa, iphume qekelele uma ingalandeli izinkomazi. Isinqe kumele singabi sikhulu kakhulu ukuze ingabi nankinga uma ikhwela. Ukubakhona kwenkunzi ekhaya kuba liqholo elikhulu kubafana futhi benza konke okusemandleni ukuthi bayigcine isezingeni eliyifanele. Inkunzi kufanele ibe namandla, yondleke, imise kahIe futhi yale ukhasha. Uma abafana bebona ukuthi ijongosi elizoba yinkunzi alimisi kahle, bathatha ithunga bashaye izimpondo ngezikhathi ezithile . zize zimise ngendIela ebagculisayo. Kunemikhutshana-ke nezinkolelo okuthiwa uma uzenze enkunzini iba nolaka futhi izehlule zonke esigodini. UMsimang, (1975:42) ukubeka kangcono lokhu: Kubafana into eligugu ngenkunzi yakubo ukuthi ibebukhali. Bazama ngayo yonke imizamo ukuba inkunzi yakubo yehlule zonke ezinye zesigodi leso. Kuthi ekwaluseni bafune isidleke sezibonkolo emithini, bathi bangasithola basithathe basilahlele elunda lenkunzi. Ziyoyiluma-ke izibonkolo kanti seziyayicija ukuba nolaka olungayiwa. 24 , Okwenza abafana bayinake kangaka inkunzi yingoba iyaqhathwa futhi iqeqeshwa ukuthi yazi uma kufanele ilwe. Ukulwa kwayo kuyalungiselelwa njengoba .iye iholelwe endaweni enesiduli, ihlabe usentu maqedane zicije izimpondo zayo. Uma lokhu kungenele ize ibanjwe iboshwe, icijwe izimpondo ukuze ikwazi ukwehlula enye ngokushesha. Inkunzi iye ibe nezibongo njengomuntu futhi iyazazi izibongo zayo. Uma ilwa noma ibhonga, abafana baye bayibongele. Uma beyibongela, iye iqhwishe ubala, ubone nje ukuthi isikulungele ukulwa. Uma ike yehlulwa, kugcina sekulwa bona abafana beqedela impi eqalwe yizinkunzi, kucace ukuthi ubani owehlulwayo ngaphezu kokuba izinkunzi seziqedile. Umfana onkunzi yakubo yehluliwe uba nezibhelekexe zamahlule enhlizweni aze aphimisele athi: Inkunzi yakithi yehluliwe kodwa Mina angikakehlulwa. UDlamini, (2007) ukubeka kangcono lokhu uma echaza indaba yenkunzi: Inkunzi imqoka kakhulu esibayeni ngoba yandisa imfuyo. Lokhu kusho ukuthi kufanele yondleke kahle ukuze ikwazi ukusebenzisa ugqubu lwayo ezinkomazini ezigcwele isibaya. Uma ilwa nezinye kufanele ibe ilungisiwe ukuze ikwazi ukuzehlula yenze abafana baqhoshe ekwaluseni nasediphini. Phela umfana owehlulwayo nenkunzi yakubo yehlulwa uzibona sengathi akaphelele kahle. USokhaya oyaziyo imfuyo uqonda kahle kamhlophe ukuthi angeke agcina izinkunzi ezimbiIi esibayeni sakhe. Isaga esithi "Izinkunzi ezirnbili azibusi esibayeni sinye" siyihlaba esikhonkosini ngoba ofuna ukuthi inkunzi yondleke kahle, angeke ayigcine .--. nenye esibayeni sinye ngoba zizohlala zibovulana ngaso sonke isikhathi kudilike isibaya. 25 , UkunakekeIwa kwenkunzi Iokhu ukuthi ikhuIuIwe ibe yodwa esibayeni. Esinye isaga esisho okufana nalesi esithi, "akukho zinkunzi zadla ndawonye". Kuwubuhlakani obukhuIu ukugcina inkunzi isesimweni sokuthi ikwazi ukulwa nokufeza umsebenzi wayo ezinkomazini. Inkunzi igcina isikhonzwe ngale ndIeIa yokuthi igcina isinezibongo njengomuntu. Lokhu kugqamisa ukukhonzwa kwayo uZuIu. Umuntu akaveIe abe nezibongo nje kodwa kuba nezigameko ezithile okungenzeka zibe zinhIe noma zibe zimbi. UNyembezi, (1973:1) uyakufakazela lokhu: Izibongo lezi kusuke kubongwa amakhosi kubongwa izinduna, kubongwa amaqhawe. Kodwa akusikho ukuthi umuntu uzithola izibongo ngoba esemdala kupheIa. Abanye bazithola bengabantwana, kanti futhi kwejwayeIekiIe ukuba abafana bathole izibongo ngobuqhawe babo noma ngezici ezithiIe ekwaluseni. l..okhu-ke kukhombisa kahIe ukuthi izibongo Iezi akusikho ukucikoza nje kubonakaIisa ubugagu. Izinto noma abantu abaningi bayincwadi ebhaliwe. Le ncwadi akuluIa ukuyifunda kwabaningi ngaphandIe kokuthi, ukubhalwa kwayo kuze kungene emizweni yembongi noma inyosi bese ithatha usiba iIobe noma kube nokuqokelelwa kwezigameko bese . zihaywa. Ukuthamundwa kwalezi zigameko kukhanyisa isimo nobunjalo bezinto ikakhulukazi ukugcagcisa ikuthangi, izoIo nekusasa nomhIomunye. Kugcagciswe indulo nephakade, kuthi inamhIa-nje libe yisiqungo sobumbongi bengomuso. UkupequIuIa amakhasi ale ncwadi kuhambisana nogqozi lokubukwa kwesimo sibekwe njengoba sinjaIo noma kusetshenziswe izithombemagama. uNyembezi, (1973:8) yena uthi: Ulvlaf"avuke njengedangabane. Ugodo aIushi ngokubaselwa. 26 , Kule migqa yomibili kubhekene izimo ezimbili ngamagabelo. Kowokuqala kubukana ukufa kanye nokuvuka. lmvamisa into uma isifile, ayibe isavuka ngaphandle kokuba uma iqulekile. Vmuthi idangabane uma selomile kuze kucatshangwe ukuthi lime kodwa uma like lathola umhlabathi, liyaphila. Vkudingiswa kukaGodongwane nguyise aze abuye esewuDingiswayo kwamesula ezingqondweni zaBathethwa, wafana nomufi. Ukubuya kwakhe kungathekiswa nokuhlanzwa yithuna, kuthi ithemba ebeselifile lihlumeleliswe. Vmugqa othi ugodo alushi ngokubaselwa yindida. Kumele lushe ugodo uma lubaselwa kepha uDingiswayo akafi ebulawa. Vfana naleso sihlahla esabonwa wuMose kwaMowabi eluse izimvu zikaJetro umukhwe wakhe esasivutha ubulangulangu kodwa singashi. Kuyacaca-ke ukuthi izivuvaba uDingiswayo edlula kuzo ekudingisweni zazifana nokuhlola isimo sakhe sempilo ngomlilo kodwa akaze asha. Wafana nezinsizwa ezintathu zamaHebheru oAbedi-Nego, uShadiraki kanye noMishaki zona ezaphonswa esithandweni somlilo azaze zasha. Izibongo azinikezwa abantu kuphela kodwa ngisho amasimu, izinto, izikhali, imvunulo, imfuyo kanye nokunye okungenza umnikazi wakho abone kufanele akunikeze izibongo ngenxa yogqozi okumfikisela lona, UMaphumulo noThwala, (1989:31) bangofakazi abaqanda ikhanda uma bebongela inkunzi kanjena: USigubudu sinengwenya, Ubafazi baseNtindi, Nibabi ngokufak'izinethi. Ngoba ukuba niyakhehla, Ngabe ngiyalithol'iqatha. Leli binza elingaphezulu likubeka kube sobala ukuthi Ie nkunzi iyisigubudu, lokhu okusho ukuthi inezimpondo ezigobele phausi bese ziqonda phambili. Imbongi ithi lesi 27 , sigubudu sinengwenya. Ingwenya yisiIwane obonga abaphansi uma usinde emlonyeni waso. Kusobala ukuthi njengoba izimpondo zale nkunzi zibheke phambili-nje, uma kukhona eke yangena kuzo, ayibe isaphuma, iyayigweba. Imbongi Ibiza Ie nkunzi ngabafazi baseNtindi. Laba bafazi bangabafazi asebephucuzekiIe, asebefaka amanethi noma izimvakazi zesiIungu ebusweni uma begcagca. Yiwo la manethi ethi imbongi babi ngawo ngoba ahakhehli ngoba ukuba bayakhehla, ngabe kudliwa inyama yenkomo noma yembuzi yomkhehlo. Imbongi iyabalisa ngokuthi lokhu kungakhehli kwalaba bafazi kwenza umuthi wamakati ungatholakali. Lokhu kungatholakali kweqatha, kusho ukungatholakali kwenyama engatholakala uma le nkunzi (uSigubudu sinengwenya) ingagweba inkunzi yesigodi engenza kube nenyama etholakalayo endaweni. Ubumqoka benkunzi kuZulu bubuye bubonakale ezibongweni zaMakhosi Iapho iNkosi iye ifaniswe nenkunzi khona. Okumqoka-ke ukuthi inkunzi ithathwa njengenkomo enamandla kunazo zonke. UGcumisa nozakwabo, (1992:26-27) ukuveza kangcono Iokhu uma kuvezwa inyosi ezibongweni sikaBhejane Phum'esiqiwini uma kuthiwa: UNompunyumpunyu Inkunz' abayibambe ngandlebende yaphunyula Oyise beyivaleia ngehlahla Bethi: "Ndaba ungaluwel'uPhongolo Uyob'udayisa ngezwe likaSenzangakhona KweiakwaNgwane" Inkunz' ekhwele phezu kwezintaba zaseMbabane Amabombo yawaj ikijel'ezitheni UShabalala waxhaphazel'lsisu WazihudeIa, Wabhal'ubunwayinwayi. Uyajabula mfundi weLanga Wen'owezw'amang'asephepheni, Inkos' ethombel'ehlathini Arnany'ethombel'ezindlini, Ekhiph'izinkorno zehla ngohologo Zibheke kwaMshanyeIo, Kwagijirn'uQholobana EzaIw'ernaNkwanyaneni Wayobikel'ujvfzweni, UMzweni kwamanz'ibheshu Esehl'esenyuka, 28 ? , Kulesi sigamu esicashunwe emgqeni we-2 no we-7 kusetshenziswe igama lenkunzi. Kowokuqala iSilo sivezwa kanje: UNompunyumpunyu Inkunz'abayibambe ngandlebende yaphunyula. INkosi ibiyaliwe, yelulekwa, yadonswa ngendlebe ukuba ingaluweli uPhongolo iyoganwa eSwazini kepha yaphunyuka, yaba umaphuphuma umadela imiyalo. Umugqa wokuqala uhambisana nesahho esithi: UNompunyumpunyu! Yithi! Inkunz'abayizondayo! Yithi! Abahlale beyithibela Zonk'izibaya ngezibaya. Kuyinto elukhuni ukwehlukanisa iNkosi nesaga kumbe isahho. Ukuba mpunyumpunyu kwenkunzi eyiNkosi iye ifike qathathatha kuMaDlamini, wubunkunzi lobo. Umugqa we-7 uveza izinkomo seziya eSwazini, uShabalala washaywa wuvalo waklabalata, esaba sengathi iSilo sizothatha intombi yakhe kanti sizifunela eyaso. Vele? uma kubhonga inkunzi enamandla, kuhlambuluka inanzi ibemanzi. Umugqa we-16 uveza isimo mhla iSilo sikhulile, senza isiko elaziwayo lokuyokhipha zonke izinkomo emizini engomakhelwane. Umbiko waphalalwa uQholobane waseMaNkwanyaneni eyobikela uMzweni nokunguye owaze wajuluka kwamanzi ibheshu okuyimvumulo eyenziwe ngesikhumba senkomo, ehla enyuka, edlulisela 10 mbiko phambili. Kuzo futhi izibongo zof'igangezwe lakhe, kukhona ukuthinteka kwenkunzi, uGcumisa nozakwabo, (1992:27): 29 , Uvava lwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo Ayigweb' ichoma ngazo zombili. Shintsha! Ushintsh'ibhulak' ifesi mntakaNdaba Walenz'idina. Inyosi ifanisa imbube nenkunzi futhi eluvava. Inkunzi eluvava isuke imise kahle ngoba inezimpondo ezicijile, ezibheke phezulu, kubalula kuyo ukugweba. Lokhu kwenza ukuthi elwa nayo ibhincele nxanye ngoba kuIula ukufinyelela phezu kwendlebe noma entanyeni. UBhejane ubizwa ngenkunzi ngoba ukuthatha kwakhe ubukhosi kwashenxisa owayeyibamba esikhundleni owayesefuna ukusiqhoqhobala ngisho izinyane likaNdaba selifanele ukuthatha isihlalo salo sobukhosi. Njengenkunzi-ke inesibaya lela okuyinxuluma likaYise uBhusha kaNayifi kwaKhethomthandayo. Kunomugqa oyisibabazo othi, "Shintsha!" Ushintsh' ibhulak'ifesi mntakaNdaba ulenze idina. Lokhu kusho ukuthi wathatha isihlalo sobukhosi kungalindele muntu. Washintsha obekade ebusa akangabe esabusa kodwa kwabusa yena ngoba esethathe isihlalo sobukhosi. UGcumisa nozakwabo, (1992:?8) bathi: Indaba yenziwe nguMalinga Waland'inkunzi yakithi kwaKhethomthandayo Yawafuz'amaxhitshana Kwavela nokwakufihliwe La manembe athinta inkunzi kulezi zibongo, akhombisa khona ukukhonzwa kwenkomo nguZulu belu, UMaiinga uvezwa yinyosi njengomuntu owone indaba ngokulanda inkuzi yakithi kwaKhethomthandayo. Yingakho inyosi ithi, "Indaba yenziwe nguMalinga...". Emehlweni nasezindlebeni zabantu lokhu kulandwa kweSilo kungabukeka kuyinto engukona kodwa okwathi ekugcineni kwathela izithelo ezinhle. Lokhu kona kuletha injabulo ngoba umlando okaNdaba uwuhambisa ngononina, kugcine kuvele obala uknthi ngubani ofanele ukuba yiNduna esigodini sakwaDayeni. Lesi senzo sichoma okaNdaba ngophaphe lwegwalagwala ekhanda, andizele phezulu okokhozi. Uma kufuzwa ixhiba, 30 , kusuka uphahla kuvele okungaphakathi. Uma inyosi ithi "Kwavela nokwakufihliwe" . UMalinga ngowakwazondo wasesigodini sakwaDayeni, ngobuhIakani bakhe olande iSilo ukuba asizoxazulula ukuthi ubuduna kufanele buwele ngaphi. 1? ndaba yayisidide ngisho abadala kuneSilo kodwa ngesikhathi udaba selwethulwe kuZulu eliphezulu, kwachitheka gula linamasi ngoba izinto zamiswa ngononina. Ukufuzwa kwamaxhitshana kubhekiswe kulokho lapho abasebebona ukuthi ubuduna ngobabo babamba umnyama ongenafu, selufikile uVava lwakwaKhethomthandayo. Ukuvezwa okwakufihIiwe ukuveza izindlela ezingaqondile ubuduna obawela ngayo endlini okungeyona. Igama eIithi "Malinga" kulezi zibongo, lihambisana nesenzo sak:he. UMalinga walanda Izulu eliphezulu ukuba lizoxazulula inkinga eyayisehlule amadoda. Lesi senzo sakhe kwakungukulinga ukuthi uma loIn daba lubikwa koMkhulu isixazululo sasingeke sitholakale yini. UMalinga walinga, kwaphumelela owayekuhlosile. Kukhona enye ingoma ezingomeni eziculwa amakwaya amakhulu eyaqanjwa uMnurnzane N. Sibisi ekhuluma ngenkunzi ibhekise kuso iSilo esibusayo ethi: Ufipha Iwenkunzi yakwaKhethomthandayo, Ingoma kayis'uNtabayezulu. Sithi, Bayethe! Bayethe! Nkosi yoIDanga! 1? ngoma ifanisa iNkosi nenkunzi. Lokhu kuyenza ibukwe njengenamandla impela. 1? ngoma iqanjwe ngokucashunwe kuzo izibongo zeSilo esibusayo. Iyingoma eveza isizwe samaZulu sikhuleka kuNomthebe waso. Ikhombisa uZulu ezithoba ngenhIonipha phambi kweNkosi bese igcizelela ukuthi ayibambisane noMntwana wakwaPhindangene futhi bashiyelane ubuchopho naye. Lolu gqozi lomqambi wengoma lubukeka lususwa uthando Iwakhe nokuhIonipha ubukhosi besizwe samazulu obuhIonishwa umhlaba wonke kusukela ngezikhathi zel.embe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha. Ukuthi , "Sithi, Bayethe!" Kuphinde kube nomunye futhi , uBayethe! Nkosi yoHlanga! Kukhombisa ukugcizelela ukuthi kukhulekwa ngempela, akudlalwa, yingakho kuphindwaphindwa nje. 31 , Uma kuzobuthwa amabutho koMkhulu kunamasiko athize agcinwayo. Njengokwenkolelo yoMdabu kufanele kuchithwe igazi. Lichithwa ngendlela ehlukile uma kuzobuthwa amabutho, kufanele abulale inkunzi ngezandia ayishuphule ngaphaudle kwesikhali. Lokhu kukhombisa amandla inkunzi enawo, yingakho nje kungakhethwa noma yiluphi uhlobo lwenkomo. Uma kuzokwenziwa lokhu akuthathwa ilunga, noma amaqanda kawayiba kodwa kusetshenziswa inkunzi eyindl'ivaliwe. UMsimang, (1975:343) uyakufakazela lokhu: Mhla kuzosa kubuthwa amabutho azobamba inkunzi emnyama yemibengo. Le nkunzi ayigwazwa ngomkhonto kepha iyashuphulwa, yephulwe izongo lentamo. Lokhu kwenziwa ngamabutho elunjiwe nayo inkunzi ibe ilunjiwe. lnkunzi lena ilunjwa ngezinsila zokukhandabeza, nawonkungwini, omathithibala, omanyathelo, nompikayiboni nezinye izintelezi zokuyigoga ukuze kugogeke abafo. Inkunzi lena imele iNkosi. Ukushuphulwa kwayo ingagwazwa ngomkhonto wukugoma iNkosi ukuba ingabhokodwa ngeklwa yimigodoyi nemikhenkethe. lzintelezi ezibaliwe zokuqinisa inkunzi ukuze kuqine iNkosi namabutho ayo onkungwini, omathithibala, amanyathelo nompikayiboni. Kuyabonakala ukuthi ukuba iNkosi uShaka akagwazwanga ngabakwabo ababedle nkunzi yinye, bancinda ludengezi lunye, ngabe akagwazekanga. Amandla amabutho ayezobuthwa kwakufuneka ukuthi awaveze ngesikhathi eshuphuia Ie nkunzi intamo ngezandla. Ukungasetshenziswa kwezikhali njengemikhonto kuveza obala amandla asemabuthweni. Lokhu kuhambisana nokuvivinya ukusebenza kwamakhubalo enyanga esuke ebhile imibengo. Ukwehluleka kanye nokulimala kwamabutho, kuxwayisa inyanga ukuthi kufanele iyithakisise imithi yayo. Inyama yale nkunzi iye ibengwe, ibhilwe ngezinsizi, athi eyidla nje amabutho abuthwayo ibe isinezintelezi zokuwaqinisa ukuthi uma ebhekene nesitha, akwazi ukunqoba. 32 ? , Olimini lwesiZulu kukhona ukukhuluma okubhekiswa kumuntu onamandla amakhulu noma onqobile lapho abizwa khona ngokuthi inkunzi. Lokhu kushiwo ngamandla asuke ewakhombisile uma ephumelela entweni ethize. Akugcini lapho, kwesinye isjkhathi uma kukhona impumelelo futhi ayitshengisile noma edudwa ukuthi enze into ethile, ubizwa ngokuthi unkunzimalanga. Lobu bunkunzi yibo Iobu obugqanyiswa imbongi ezibongweni zikaBhejane phum'esiqiwini kuGcumisa nozakwabo, (1992:27): Uvava Iwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo Ayigweb'ichoma ngazo zombili Shintsha! Ushintsh'ibhulak'fesi mntakaNdaba Walenz'idina. Kukhona isaga esikhuluma ngenkunzi esithi: Inkunzi isematholeni. Lesi saga sibhekiswe ebantwaneni. Babizwa ngamathole ngoba nabo basuke besakhula bagcine sebengabantu abadala. Sishiwo sibhekiswe kubo abantwana sigcizelela ukuthi kufaneIe bakhuliswe kahIe ngoba kubo kuqhamuka abaholi bakusasa. UDonda, (1999:131) uthi kukhona esinye sezaga esithinta inkunzi esiye sikhuzwe izinsizwa: Umunt'ekhuluma, Umunt'ekhuluma zinsi...zwa! Uyakhuluma? Ukhuluma nobani? Yafi'inkunzi yahlaba. Lesi saga siveza amabutho engagqize qakala ukwanda ngomlomo futhi engenandaba nokuthi okhulumayo ukhuluma nobani. Wona abona kungcono ukwenza kunokukhuluma, yikho nje ethi .. Uyakhuluma? Ukhuluma nobani? Yafik'inkunzi 33 , yahlaba. Yahlaba! Yafik'inkunzi yahlaba." Vma ibutho lihlaba, lithola amandla okuqhubekela phambili liyohlaba ezinye izitha. UDonda, (1999:184) uthi: Vma amabutho evamise ukunqoba aziwa ngokuthi ayizinkunzi. Udumo lwamabutho lwedluliselwa enkosini, ngakho-ke yiyo eyinkunzi. Lokhu kuhlabana kwawo kwenza iNkosi ukuthi ithinteke maqedane iwaxoshise ngempahla ethize ngokuhlabana kwawo. Abizwa ngezinkunzi ngenxa yamandla asuke ewakhombisile ngesikhathi ibambene phansi kushunqa uthuli. Inkunzi yiyona nkomo ethathwa njengenamandla ngaphezu kwazo zonke. Kunezibongo ezifakazela lokhu. UNyembezi, (1958:108) uthi: Inkunzi yakithi eMkhontweni. 1.0 mugqa uveza uMamonga woSuthu eyinkunzi yaseMkbontweni. Igama lesibili loSuthu elithi kuseMkbontweni. Vma imbongi ithi "Inkunzi yakithi eMkbontweni" , iveza iNgonyama njengomuntn onamandla. La mandla akbe agqama kakbulu ngesikbathi okaNdaba elwa izimpi ephumelela. 2.3.7 Ukuhlonishwa kwezinkomo Akuhlonishwa isibaya kuphela kodwa nazo izinkomo ziyahlonishwa. Vmlobokazi akalubhadi esibayeni. Uma efuna ukusinda, ucela izingane ukuba zingene esibayeni zimcoshele ubulongwe. Umlobokazi uze angeniswe ngenkomo esibayeni. Lokhu kungeniswa ngenkomo kusuke kungukumxhumanisa nabaphansi ngoba isibaya siyindawo ehlonishwayo, elithempeli lokuhlanganisa abasadla anhlamvana nasebedlulela kwelezipho zonke. Vma zingekbo izingane, angacela omame asebekbulile. 34 , Isibaya sona sihlonishwa kakhulu ngoba kunenkolelo ukuthi kuyilapho okwenzeka okuningi khona okuphathelene nahaphansi. Umlobokazi akalokothi adabule ubhisi kodwa uhamba eceleni, azidedele zedlule maqedane aqhubeke nohambo lwakhe. Lesi senzo somlobokazi asehlukile kuleso esenziwa umfelokazi, naye wenza njengomlobokazi uma ezohlangana nobhisi. Lokhu kwenziwa ngenxa yesizathu sokuthi izinkomo yizo ezenza ukuba uMnumzane elakhe lingaweli phansi esigodini, ngakho kufanele zihlonishwe. UMsibi, (2002:68) uthi; Indoda enesibaya esikhulu inesithunzi futhi iyahlonishwa emphakathini kepha indoda engenankomo ibukelwa phansi, elayo izwi alithathwa njengezwi lendoda. OkaNdlondlo uvumelana noDerwent, (1998:58) othi: Cattle symbolism permeates Zulu culture, givmg colour to the language and meaning to the lives of the whole community. To the Zulu, cattle are more than beast of burden which provide life-giving mild and meat: surrounded by cattle, a Zulu man is proud and wealthy, his spiritual and mental well being secured. In the old days a man without cattle was practically powereless. Esinye sezizathu wukuthi izinkomo yizo phela okuthethwa ngazo amadlozi enxulumeni ngakho njengoba zingumxhumanisi nje kufanele zihlonishwe. 35 VMthembu, (2000:44) uyakufakazela ukubaluleka kwesibaya: Isibaya somuzi wasesithenjini sikhulu ngenxa yochibidolo womhlambi ongena kuso. Sivulekile ngenxa yokuthi sibuye sipe yithempeli lomuzi. Kuleli thempeli lapho isithembu nezingane zaso siphelela khona uma kukhona okuhlanganisa umuzi, njengoba uma kuphuma intombazane iyogana. Kusesibayeni lapho kugiywa khona ngenxa yokuthi sivulekile kahle. Izinkomo zezindlu zonke zisengelwa kulesi sibaya. Ngenxa yokuthi esithenjini izingane ziningi, isibaya sakhona siba sikhulu ngenxa yokuthi uSokhaya uye abakhiphe abantwana baIande izinkomo. Ubuthempeli besibaya, buvezwa ukuthi, siyinkundla lapho kuxhunywana khona nabaphansi ngakho-ke siyindawo yokukhonza. Uma kunemicimbi emikhulu ekhaya njengokugcagcisa, umntwana ukhishelwa uMnumzane esibayeni. Okwenzeka ebaIeni lenxuluma kungefaniswe nokwenzeka esibayeni. VMnumzane ufihlelwa esibayeni sezinkomo zakhe ngoba kusesibayeni lapho kuxhunyanwa khona nabaphansi ngakho-ke uma efihlwa, uhlanganiswa nabaphansi. UMsimang,(1976:40) uthi: Akulona ibaIa nothango okuhlonishwayo kodwa kukhona indawo emqoka kakhulu ehlonishwayo okuyisibaya. Uma izinto zingahambi kahle kuyiwa kwabamanga. Nxa konakele edlozini, bathi konakele umsamo. Vele uMnumzane uxoxa nabakubo emsamo. Yilapho kubekwa khona utshwaIa nenyama yabadaIa. Yindawo yokukhuleka lena kodwa isibaya yindawo yokukhonzela. Isibaya yilapho iminikelo yokubonga, ukucela nokushweleza yenzelwa khona. Igazi nomswani kugqitshwa khona. Udwendwe Iuphumela khona, kanjalo nempi iphumela khona. Ithi uma isihuba, igiya, iphuma nabaIele bavuke bahlome baphelekezele izingane zabo. Beyolwa, bagadle baze bagqize izitha zilaie zidunuselane 36 , njengamathanga ensimini. Kuyabonakala-ke ukuthi umsamo uyindawo yokukhuleka (ivestry)kanti isibaya siyindawo yokukhonzela (ichapel). UThabizolo, ukubeka kucace ukuthi ukuhlonishwa kwezingxenye zenxuluma yinto ekhona kodwa ugqamisa isibaya njengendawo emqoka kakhulu ehlonishwayo. Esikweni lamaZulu inhlonipho yinto ehamba phambili ngoba noma yini umuntu ayenzayo kufanele iveze inhlonipho emndenini wakhe nakubantu bonke. Ukuhlonishwa kukaMvelingqangi kumqoka kakhulu ngoba abaphansi bacela kuye konke okuhle abakwenzela isintu. Indawo yokuxhumana nabo isibaya, yingakho-ke siyindawo engcwele, kufanele sihlonishwe. Ukuceba kolimi lwesiZulu kwenza kuze kubekhona ngisho izisho ezikhuluma ngenkomo njengalezi: IsishotInkomo edla yodwana. Incazelo-Umuntu ongahlangani nabanye. IsishotInkomo ehamba yodwana. Incazelo-Umuntu ongahlangani nabanye. IsishotIzinkomo zomlomo. Incazelo-Izinkomo ezishiwo umkhongi ngomlono zingakabonwa. Isisho:Ukuba nkomo. Incazelo-Ukungabi nakuzivikela noma ukungalwi. Isisho:Ukuba inkomo ebholeni. Incazelo-Ukungakwazi ukudlala. EMabomvini eMsinga uma izinsizwa zikhuza isaga emgcagcweni zikhuza isaga esithi: Iyodl'izinkomo! Induna yezinkorno, iyodl'izinkomo Iyodl' izinkomo! Induna yezinkomo, iyodl'izinkomo! 37 , Lesi saga sikhombisa ukugcizelela okukhombisa ukuthi kuyodliwa izinkomo noma kanjani. Imvumelwano-sigcino ikubeka kubesobala lokhu ngokuphindaphirida igama elithi "izinkomo" ekugcineni komusho. Lesi saga siveza iNduna yezinkomo iyodla izinkomo ngokuthunywa yiNkosi. KwaZulu uma kukhona ongawulalelanga umyalelo weNkosi udlelwa izinkomo noma ngabe zingaki kuye ngesigwebo anikezwe sona. Uma iNduna yezinkomo isifikile, ayithandabuzi kodwa ifike idle lezo zinkomo ezitholayo. Uma kukhona ezokusiswa noma ezingaqondene nomdlelwa, lokho kukhulunya ngemuva kwendaba, kulungiswe ngendlela okulungiswa ngayo. Emgcagcweni-ke yileyo naleyo nsizwa ibukisa ngesayo isaga. Lesi saga siqondene ngqo neNduna ethunyelwa yiNkosi ukuyodla izinkomo uma kukhona ophambukile, okufanelele ahlawuliswe ngokudlelwa zona. UDonda, (1999:130) uthi kusukela eNkosini uNdaba kuze kufike eNkosini uDinuzulu, isizwe besihlaselwa ukuze kuphangwe izinkomo. Lezi nkomo ziqoqelwa ilobolo. Uma ikhetho selikhetha, libalula ngesaga ukuthi lona ochanguzayo walotsholwa ngezinkomo: Zinkomo zakithi bo! Zinkomo zakithi ngezesithukuthuku, Besibuka ngamehlo. Zinkomo zakithi. Lapha ikhetho lihaya Ie ngoma sengathi liyalila lililela umakoti ongasaphumi. Libukeka seligqamisa ukuthi umakoti walotsholwa ngezinkomo ezasetshenzelwa kanzima. Lezi zinkomo zivela kungezona ezefa kodwa ezasetshenzelwa kanzima umkhwenyana. ? Umugqa othi "Zinkomo zakithi ngezesithukuthuku" ukubeka kucace lokho. Lokhu kuqholosha kwekhetho yinto eyenzekayo uma kugcagewa futhi kuvamise ukuthi kwenziwe ngakho ukuhaya. Umugqa othi "Besibuka ngamehlo" ukhombisa ukuthi ngesikhathi kusetshenzwa kukhona ababevilapha yingakho kukhona ukuqonelana okunjengalokhu. Kusuke kunzima uma umkhwenyana esebenzela ukuqongelela ilobolo 38 , ngoba uyeka konke okumnandi kodwaonge imali yokuthenga izinkomo ukuze alobole othandiweyo wakhe. 2.4 Ukndla 2.4.1 Inyama Ukudla okuthandwa ngamaZulu phezu kwakho konke ukudla, inyama. Uma kunemicimbi emikhulu ibaluleka ngakho ukubakhona kwenyama. Emicimbini yemindeni, yesizwe noma eqondene nabaphansi kufanele kuchithwe igazi ukuze kube khona inyama ezodliwa abantu futhi kuxhunyanwe nabaphansi. AmaZulu ayithanda kakhulu inyama. UKrige, (1977:55) uthi: Best of all food the Zulu loves his meat. Meat is eaten on great occasions only: when a sacrifice has been made, an important event celebrated or a highly honoured guest welcomed. OkaKrige (1977) ubeka sengathi inyama yiyona engaphezu kwakho konke okuthandwa nguZulu. Sengathi uyawakhohlwa amasi aze abizwe ngentomb'emhlophe esizweni samaZulu. Uphinde abeke sengathi inyama yayidliwa uma kunemikhosi emikhulu, kuthethwa idlozi, kugujwa umkhosi othile noma kwamukelwa abasezingeni eliphezulu kuphela. Uyalibala ukuthi uZulu wayenochibidolo lwemihlambi yezinkomo, izimbuzi, yizimvu kuphinde kuphithizele nezinkukhu ebaleni. Kwakungento etheni kuMnumzane ukuvele ayikhombe-nje ezohlatshwa kungonakele lutho. Inyama yenkomo iyahlonishwa kakhulu kwaZulu ngoba ingumondli wesizwe futhi ? ikhonzwe kakhulu. Uma kunomcimbi omkhulu, kuthatheka sengathi usuke ungaphelele uma ungenayo inyama yenkomo. Ukukhonzwa kwenyama yenkomo kuze kwedlulele ngisho egazini layo. Yingakho nje kwenziwa ububende kusalandelwa ubumnandi nephunga layo. Uthando lwenyama lulandelwa ngisho emhluzweni wayo. Kukhona ahaneliswa ukuphunga umhluzi nje ngoba unokunambitheka kwayo. Kuthi noma amadoda eseyidlile inhloko, kuzwakala esebuza omunye ethi: Kuphi lapho ekade ilele 39 , khona? Usuke esefuna umhluzi-ke Iowa baba. Abathandisisi ukuba abafana baphuze umhluzi ngoba ubenza babe bukhali, ubhoko lwesisu lume njalo. Inyama yenkomo iyisakhamzimba esisemqoka. Umuntu odlala ngenyama uyathethiswa ng<:ba udlala ngokudla okumqoka kakhulu. Umuntu oyidla budedengu noma ophangela abaoye, uye acushwe maqedane abindwe liqatha bese ephoxeka ngoba uboowa yilabo aoabo esithebeoi. Ingcuba ayilahlwa, iyadIiwa ngoba iyinyama. Ioyama yinyama ngokunyamalala. Kwala ogisho inyama iwele emhlabathini, ivele ithintithwe, kuthiwe iwe ngoboya noma iyakhokhoba maqedane ishooe emlooyeni. UNtuli noNtuli, (1986:120) bathi: Uma abadala bethi inyama ayingcoli noma iwele emhlabathini, baqinisile. Iwa qede ngiyicoshe, ogiyithintithe ngiyidle ngoba ayiwanga ikhokhobile. Ma iwile iwe ngoboya. Uma kuhlatshiwe, inyama iba ogeyabantu abaniogi. Akekho umuntu ongadla inkomo yonke yedwa. UDonda, (1997:5) uthi: Ngaphandle kwamasi kukhona inyama. Umnikazi wenkomo ingeyakhe nje uma isamdalela amacala, idla amasimu abantu, oenkunzi igwaza izinkomo zabaotu. Kuyingcosana kabi okwakhe uma isihlatshiwe. Inyama-ke yivelakancaoe futhi inyama inyama ngokuoyamalala. OkaDonda (1975) ubeka kucace bha ukuthi uma kuhlatshiwe, ioyama idliwa ngabaotu bonke, ubunikazi benkomo buyaphela kumniniyo. Lokhu kuqala ogesikhathi isahlinzwa, abahlinzi bezisikela amantshontsho. Uma isivuthiwe, kuvele kuthiwe idubukele bese kuthi noma ubani okhona asine azibethele. Ofika isidliwa uthi ayihhashi maqedaoe aqale naye ukuzicoshela amaqatha. Zonke lezi zisho ookukhuluma kukhanyisa kucace ukuthi 40 , uma isihlatshiwe eyabo bonke abantu.. Okumqoka ukuthi izitho zikhishwe ngononina ukuze abaninizo bangakhali. Inyama iyahlonishwa kwaZulu. Uma kuhlatshiwe kukhona izitho ezingeqiswa esibayeni kodwa okudingeka ukuthi zikhishwe ngesango. Okukhishwa ngesango kuba inhloko, isikhumba kanye namanqina. Ezinye izitho zingeqiswa. Inhloko iyingxenye enokhanda lwenkomo olumqoka kakhulu ngoba yilona olukhombisa ukuthi kuhlatshiwe lapha ekhaya. Lolu khanda lumele inhloko yekhaya ngoba uma kukhotheme uMnurnzane isidumbu sakhe sibanjwa ngokuhlonishwa sikhishwe ngesango njengoba nenhloko ikhishwa ngesango lesibaya. Isikhumba sona sisebenza omkhulu umsebenzi ngoba uma kukhotheme uMnurnzane usongwa ngaso. Uma seqiswa uthango singakhishwa ngesango kusho ukuthi siqonela uMnurnzane ukuthi uyofela ngaphandle komuzi abakwabo bamlahle. Kanjalo namanqina ukuweqisa uthango kungakhombisa ukuthi uma kuyofihlwa umuntu izinyawo kufanele kube yizo eziphambili. Izinyawo zimelwe amanqina ngakho ngeke aze eqiswa ngoba isidumbu asiyukweqiswa vele. Inhloko, isikhumba namanqina yizona zitho ezimele uMnurnzane, yingakho uma zeqisiwe kubikezela ukuthi uyosala empini angabe esangcwatshwa ekhaya ngoba ithuna lendoda liseduzane kwendlela. Ukuhlonishwa kwenyama yenkomo kuhamba kuze kufike ngisho ezithweni ezithile zayo. Kukhona izitho ezingadliwa uwonke wonke. Impundu nje ayidliwa abantu abasebasha ngoba kunenkolelo yokuthi bayakhohlwa uma beyidlile. Idliwa abantu asebekhulile. Inyama yenhloko kuyaziwa kwaZulu ukuthi idliwa ngamadoda. Okubalulekayo ngezitho zenyama yenkomo ukuthi kukhona ezezigaba zonke zamazinga okukhula kwabantu. Uma kuhlinzwa inkomo, kunomkhuba wokuthi abahlinzi kufanele bakhiphe amantshontsho ngobuchwepheshe obukhulu, obungeke bukhombise ukuthi kukhona okusikiwe. Yinkomo ebhekwe abakhongi kuphela engenamantshontsho ngoba uma ingasaphelele inyama, kungasuka esinamathambo mhlawumbe kuze kubekhona ukuhlawulisana. Ibhekwa ngeso lokhozi inkomo ehlatshwa uma kulotsholelwana noma kugcagcwa. Izitho zayo kufaneIe ziphelele, zingasolisi ngoba kufanele baneliswe abadli 41 , bazo, kungavele kukhishwe amantshontsho esithweni esidliwa omame okuyisinqe kungenjalo kukhishwe amantshontsho ebeleni lezintombi, noma emhlubulweni ngoba lezo zitho zinabaninizo. UGumede, (2007) uyichaza kanjena inyama: Inyama phela kuthiwa umuthi wamakati. Lokhu kushiwo ngoba amakati eyithanda kakhulu. Ukudla lapha kwelakithi loMdabu kuthathwa njengokungaphelele uma inyama ingekho. Ngale kokuthi izinkomo kulotsholwa ngazo, ekugcineni kufanele zihlatshwe ukuze sithole inyama sidle sigiye sithokoze. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi inyama iyinto emqoka kangakanani esizweni samazulu. Ujeqe, isitambu, ubhatata, amadumbe kanye nokunye konke kungukudla kodwa angeke uzwe kukhulunywa ngakho njalo njalo njengenyama. Abahlinzi banelungelo lokukhipha amantshontsho uma behlinza inkomo kuphela. Izimbuzi nezimvu zihJinzwa mihla yonke kodwa amantshontsho awakhishwa kuzo. Ubumqoka bayo inkomo obenza ukuthi ngisho inyama yayo ibe mqoka. KwaZulu inyama ayiboli. Uma kwenzekile ukuthi inyama ithuke isinamaqanda ezimpukane noma isinezibungu kuthiwa isinobomi. Ubomi buyathintithwa, inyama ifudunyezwe bese idliwa noma iphekwe. Uma umuntu wonke eseyidlile inyama kweminye imizi esalayo iyabengwa ifakwe usawoti bese ibekwa endaweni eshaya umoya ibe ngumqwayiba ngoba phela izibandisi lezi zazingekho ezikhathini ezedlule ezazingagcina inyama isikhathi eside. Lo sawoti uyivikela ekutheni ingahlalwa mpukane..Kulesi simo ingadJiwa injalo nje noma yosiwe. Le ndlela yokulondoloza inyama isathandwa kakhulu ngisho ezikhathini zamanje. Uthola ngisho izitolo ezinirulu nezithengisa inyama zinalo lolu hlobo olunjena. Olimini IwesiZulu olucebile kukhona ngisho izisho ezikhuluma ngenyama. Ezinye zalezi zisho yilezi: 42 Isisho Inyama yezithebe Inyama yamehlo Ukupha umuntu inyama yenyoka , Incazelo : Inyama ephiwa abantu ukuba bayidle ekhishwa ngezithebe. Inyama encane enganele. Ukunikeza umuntu into engadliwa noma ukumtshela okungelona iqiniso okungaze kumfake otavataveni. UNyembezi, (1958:21) ubona iNkosi ikhohlisiwe ukuze ingene enkingeni uma ethi: OZihlandlo kaGcwabe ngibasolile, Abasokoco, INkosi kabayitshelanga izibuko, Bayiweze ngelisacons'amathe, UNyembezi akayitheleli umquba lentimbothi eyenziwa abantu bakwaMkhize ukuba bahambise iNkosi emgudwini oyiholela obhukwini lwegazi. Ukuba nyamana mbana Ukuba yinyama 2.4.2 Ubisi Ukungathandwa noma ukuzondwa. Ukuthandwa nokufunwa yibo bonke abantu. Kwesinye isikhathi ukuba yinyama kungabhekisa ezitheni zakho ezifisa ukuthi ikhanda lakho lizalele ongoso sezikuse kwankatha kumbe kwagoqanyawo. lzinkomo zikhona ngenxa yokuthi zincela ubisi kusukela ziseyimivemve zize zephuse. Abantu nabo bayaluncela futhi baluphuze ubisi lwenkomo. Ubisi lwenkomo lunezakhamzimba eziningi ngoba lukwazi ukukhulisa umntwana agcine engumgunqela wengane ngaphandle kokuncela kunina. Ubisi lwenkomo luyisithako sezidlo eziningi. Lwenza ibhotela, ushizi, lubuye luxutshwe nezinye izinhlobo zokudla luzinonge futhi luzenze zibe nempilo. UKubheka, (2007) uthi: 43 Uma kwenzekile ngebhadi umame womntwana wedlula emblabeni, ubisi luyamkhulisa aze akwazi ukudla ukudla okuqinile. Kusobala ukuthi ubisi " lukwazi ukukhulisa izinkomo nabantu. Ubisi luyimpilo emntwaneni. Uma umame kwenzeke wedluIa emhlabeni, akubi khona ngxaki kwaboMdabu uma kukhona izinkomo ezisengwayo ngoba Iuvele Iusengwe ubisi lwayo, Iunikezwe umntwana, akhule abe ngumqemane. Enye into eyenza ukuba inkomo ithandwe, ubisi Iwayo. Ize ibizwe ngamagama amaningi ngenxa yalokhu. Kuthiwa insengwakazi, unondIini noma ihinikazi. La magama akubizwa ngawo noma yiyiphi inkomazi esengwayo. Kubizwa ngawo inkomazi eIigcwalisayo ithunga kwesinye isikhathi ize iphindwe umphehlu. Igama elithi insengwakazi linesijobeleIo esithi -kazi okucacisa ukuthi isengwa kakhuIu. Leli elithi unondlini, linikeza umqondo wokuthi leyo nkomo esengwa kakhulu iphenduka unina wendlu yonke ngenxa yesifrnyezo segama lapho u-No emele unina. IzigqaIa azithandwa njengonondlini ngoba azikwazi ukulidumisa emansumpeni, abantu baIamba nazo ngisho zizeIe. UDonda, (1997:4) uthi: Inkomo-ke ithandeIwa ubisi lwayo. Amasi ayayixosha indlala, Abafana babuya sebewaqhuba amahinikazi, onondlini kumbe izinsengwakazi zakwabo. tngqala bagcina ngazo ngoba azinalubisi kanti futhi zinemibele eIukhuni. Ubisi Iuyisibusiso esizweni ngoba lusetshenziswa ukwenza izinto eziningi ezimnandi futhi nalo lumnandi. Lapho kunobisi khona kuyabuswa. Kwesinye isikhathi kuze kuthiwe ingoma ilubisi uma imnandi kwabayilaleIe. Kukhona nesisho olimini lwesiZulu esithi: "Muhle sengathi ugeza ngobisi", Isizathu esenza kushiwo kanjena ukuthi 44 ? , luyathandwa ubisi futhi lumhIophe qwa, alunasici. Lapha emhIabeni kukhona iziphalaphala nezipawupete ezigeza ngamanzi aluhIaza kodwa uma sekuthiwa umuntu ugeza ngobisi, kusuke sekubalulwa ubumqoka bobisi nobuhIe balo. lmibhalo.engcwele ikuhIaba esikhonkosini ukuchaza izwe lesethembiso elathenjiswa abantwana bakwa Israyeli abakhishwa eGibhithe ezweni lobugqila. U-Eksodusi, 3:17 uthi: Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibhithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama- Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi Leli vesi, kwezinye izinto elizibalulayo ngobuhle bezwe wukuthi, lichichima ubisi. Ukuchichima kobisi kuveza kamhlophe ukuthi leli zwe okukhulunywa ngalo lapha linempilo. Njengezwe cishe lalinawo nameva namatshe nokunye okuvamise ukuletha ubuhIungu kepha kubalulwa ubisi nezinyosi. Ukubakhona kobisi kusho ukuthi kwakukhona nezinkomo kulelo zwe okwakusengwa kuzo ubisi ngoba alumili phansi njengezitshalo. Izizwe eziningi kangaka ezakhe kuleli zwe zikhombisa ngokusobala ukuthi kuyaphileka kulo. Akekho umuntu ongadamane ehleli ezweni elingenampilo. Uma kusengwa, osengayo uye ashiyele abafana ukuthi bakleze. Abafanyana Bayaluthanda ubisi futhi lokhu kuyindlela yokubaqeqesha ukuthi iminwe yabo yejwayele ukusenga. Onondlini basengwa kakhulu bahlalelwe ngoba uma ubisi luluningi luyayihudisa inkonyane. Izigqala zona zisengwa kubuye kubuywe nganeno nguba uma ike yahIalelwa, inkonyane yayo ingabulawa yindlala. Kwakungumkhuba wezinsizwa ezisengayo ukuthi uma selidumele emasumpeni zisengele emakhanda azo ukuze izinwele zazo zibezinhle, zicwebezele ngoba phela ubisi lunamafutha. Uma izinwele zicwebezela, zibukeka bese ikhanda lensizwa Iibelihle lithandeke. 45 , Kunezizathu ezimbili ezenza abasengi ukuba basileke imibele ngobulongwe. Lokhu bakwenza ngoba befuna inkonyane inganceli ngoba beyibona ukuthi ihudiswa ubuningi bobisi Iwenkomazi. Kwesinye isikhathi bayisileka ngoba igodle ubisi uma ~sengwa, bafuna ishiswe ubisi ngenxa yokuthi inkonyane ingeke incele uma kunobulongwe emibeleni. Inkonyane ayinceli uma kunobulongwe, ingamane ibhuqwabhuqwe yindlala. Lokhu kwenza abasengi ukuba kube yibona kuphela abazoba nethuba Iokusenga uma izinkomo sezibuyiIe. Umsengi uyayigeza imibele bese ededela inkonyane ukuthi incele bese yehIisa inkomazi. Okungabafanyana kuye kubusebenzise futhi ubulongwe uma kwenza imikhuba yakho yokuguda izinkomazi eziyizidenge ekwaluseni kuzifunela ubisi. Kubhixa imibele yezinkomo ithambe bese kuzikIezela ekwaluseni. Uma kusengwa, umsengi uyiphinda umphehlu inkomazi ayisengayo ngoba uma kusengwa ngehIandla IokuqaIa, ubisi Iuyaphela bese kunikelwa inkonyane ukuthi incele . Uma iqhubeka nokuncela, kubasobala ukuthi ubisi isiyaIwehIisa bese umfana obheke inkonyane eyisusa, ingenwe isibiIi, Iokhu okungukuyiphinda umphehlu. Uma kulihinikazi, uphinde uzwe selidumela emansumpeni futhi. Kunesaga oIimini lwesiZulu esithi, selidumela emansumpeni. l..esi saga sisho ukuthi sekuseduze ukuthi kufikwe Iapho okuphikelelwe khona. Yithunga Iokusengela elidumela emansumpeni ngoba ubisi seluzogcwala uma kusengwa. Amansumpa aba sengxenyeni ecishe ibe ngasekupheleni kwethunga uma Iimiswe Iabhekiswa phezulu. Kuba amaqhubu amabili abambekayo akhiwa umbazi enzela ukuthi uma kusengwa amadolo omsengi abambe ngawo ithunga. Umsindo wobisi uma lushaya kolunye ethungeni kubanomsindo oluwenzayo. Umsindo awube usafana noluwenza uma kusaqala ukusengwa, ubisi lusephansi nethunga. Yingakho Iesi saga sichaza ukuthi sekuseduze ekugcineni. Isifiso sanoma yimuphi umsengi kuba ukugcwalisa ithunga uma esenga. Uma selizogcwala ithunga, ubanokwenama ngoba inhIoso yakhe isuke isizofezeka. Yingakho-nje ukuphinda umphehIu kuyinto eyejwayelekile. .-. 46 ? , 2.4.3 Amasi Uma kukhulunywa ngokudIa okwakuyinsakavukela kwaZulu, ngamasi. (1977:55) uyakufakazela lokhu: The mainstay of the Zulu diet is amasi of curds of milk. UKrige, Amasi ayengukudIa okwakucishe kutholakaIe kuyo yonke imizi. Lokhu kwakwenziwa ukuthi ernzini ongenazo izinkomo, uMnumzane wakhona wayesiselwa, kusengwe, kudliwe amasi. Nakulezi nsuku zanamubla asathandwa ngendlela emangalisayo. Kuleyo mizi okusadliwa ngoludala kuyo amahinikazi ayasengwa kwethiwe emaguleni, kudliwe amasi. Igula alethiwa noma kanjani ngoba kunobuchwepheshe obuthile obudingekayo. Uma wetha ubisi eguleni Iusuka ethungeni noma ngabe yini enye engumcengezi, iye ifakwe phakathi kwamadolo ibanjwe ngawo bese ubisi luvinjwa ngezithupha maqedane luphume selulungele imbobo oluzongena kuyo. Kuyacaca-ke ukuthi kufuneka umuntu ongumpetha ukuze ethe ubisi eguleni. Uma owethayo engenabo ubuciko bokwetha, ubona ngokuthi igula libe manaphanapha ngenxa yokwebluleka ukuqondanisa izithupha nomlomo wegula. Kwesinye isikhathi umuntu abe nedumbe ubisi lumthele abe manaphanapha lungasayanga emlonyeni wegula. Angukudla okublambulula isisu kuhIelembeke konke okudliwe. Yingakho nje ngemuva kokudla amaqatha enyama, izinkobe noma ifutho abamnumzane bedla amasi ukuze bacime amaqatha agangile asebawadlile. Amasi anezigaba ezimbalwa alungelwe ukudliwa kuzo. Isigaba sokuqala yilapho amasi abizwa ngamangqanga khona. Lawa ngamasi avuthwe kahle, angenawo umlaza. Kulesi sigaba abuye abizwe ngokuthi izangqondo; izaqheqhe noma izamfemfe. Arnafutha asemasini abonakaIa kahle kulesi sigaba ngoba uthola kulele ungwengwezi olugcwele amafutha ngaphezulu. Lolu ngwengwezi uma uthanda uyalwengula ulusebenzise ekuthambiseni okuthile njengezitilobho zokubophela izinkabi uma sezomile, sezilungele ukusetshenziswa. 47 , Uma kuzele inkomo ekhaya kuyajatshulwa ngoba kusuke kuzokwanda ubisi oluzokwandisa amasi. Okulandelayo kubuzwa ukuthi izele nkomoni? Uma impendulo kungukuthi izele insikazi, kujatshulwa kakhulu ngoba isuke izokwandisa amasi nezinkomo ezizozaIa, kwande amasi ekhaya. Amnandi amangqanga noma evutshwe ngaluphi uhIobo lomcaba, kungaba owamabele, owommbila, avutshwe ngesinkwa sommbila noma ngalo uphuthu loin oseluhamba phambili ekuvubeni amasi kuIezi zinsuku ngenxa yokuthi akusaIinywa njengakuqaIa. Amasi amnandi edIiwa ngezandla noma ngezinkezo zesiNtu noma ezaseNtshonaIanga. Uma edliwa ngezandla, kunendlela ethize adliwa ngayo enobunono nokuhlanzeka okukhulu ngoba akekho ongathi udle amathe omunye. Kusetshenziswa izandla zombili. Esinye okuvamise ukuthi kube ngesokuphonsa siye siwakhe okhambeni bese siwathela kwesokhohlo maqedane sona siwase emlonyeni. Lokhu kuyindlela ehIanzekiIe, engenza kubenzima ukwedlulisela amagciwane komunye. Uma edliwa ngokhezo loMdabu noma IwaseNtshonaIanga uma udla wedwa ungavele ukhe okhambeni noma esitsheni, ufake emlonyeni. Uma udla nabanye, ningalusebenzisa ukhezo olulodwa, kukhiwe ngalo ngesokuphonsa maqedane kufakwe kwesokhohlo bese Iwedluliselwa komunye. Amnandi edlelwa ezinkambeni ngoba ziwagcina ebanda kamnandi noma kushisa, akulula futhi ukuthi angenwe amagciwane ngoba asuke embozwe ngembenge. Lokhu kudla ngale ndlela kukhombisa ukuthi amaZulu ayayazisa inhlanzeko futhi ayazi ukuthi kukhona izifo ezithathelwanayo. Yingakho engafuni ukuthi uma kudIiwa into emnandi kanjena nekhonzwe kanjena, kubekhona othola ukugula uma idliwa, Uma amasi esenezinsukwana noma usuku eseguleni, aba ngamangqanga kuye ngokuthi yisikhathi esishisayo noma esibandayo yini onyakeni. Okunye okwenza amasi asheshe avuthwe, ukwethiwa kwegula livele linamanye amasi asevuthiwe. Uma amasi esenezinsukwana eguleni abanomlaza okuthi uma sekwethiwa amagula, ukhanywe ukhishwe ngombhotshozelwa bese kuthululwa amasi azovutshwa abuye agcwaIiswe futhi amagula. Umlaza lana uye unikezwe abafana bawuphuze. Nomuntu omdaIa uma 48 ? , enenhIoso yokuhlanza isisu, uwuphuza ubemningi bese umhambisa. Vma umlaza uyinsada, unikezwa izinja ziwuxhaphe, zishaye esentwala. Yiwo futhi umlaza okuchathwa ngawo ingane uma ilahlwa inyoni. Kuye kuthi uma izulu licwathile, ozolahla ingane ngomlaza ayichathele esishozini. Vele yiwo wodwa umlaza owehlula imisuka yezulu. Kuyabonakala ukuthi umlaza unamandla. Amandla awo abonakala uma kwenziwa ihongo ngoba ubisi luvuthwa ngaso leso sikhathi. Yiwo lawo mandla enza ukuba owesifazane osuke edlule esishozini ekhulelwe ingane ihabula isisi sezulu bese iba nenyoni, awukho omunye umuthi ongayeiapha ngaphandle komlaza ngoba yiwo onamandla okubulala isisi sezulu ngisho sesisezibilini zomuntu. Yikho futhi ichathelwa esishozini ngomlaza ukuze kucace ukuthi izulu lehlulelwa lapho lidlalela khona ngenxa yesimangaliso samandla enganyelwe ngabaphansi omlaza. Okhokhovula bezinyanga uma befika lapho izulu lelelese khona bavele babhunyele umlaza, ukuze imisuka yezulu yenyuke bayithathe bayoyigaya ukuze bakwazi ukuyokwenza insizi yomphezulu. Uma umuntu ebe neshwa lokushaywa umphezulu, umuntu umfica esewumfunzana womkhunganankatha umphuthuma ngokuthi arnxake noma amseze ngomlaza. Yilokho okumenza ukuba akhiphe imisimbane ngemuva angabe esafa. Kuyabonakala ukuthi, lamandla asemlazeni ayisimangaliso esivele kubanikazi bemizi abahlala njalo beyingamele beyibhekile amadlozi uqobo lwawo. Noma umuntu eshaywe yinyoka amandla omlaza ayabuthintibeza ubuthi umuntu angafi aze athole izihlungu ezifanele. Vmlaza uyasetshenziswa ekuqungeni ihongo. Zithi zibuya nje inhlazane, onondlini sebebhonsa, abafana bangene sebehalazela endlini enamagula beyokhama umlaza. Ngenxa yokuthi amagula maningi, nomlaza ubamningi. Zithi zisukanje bebe besengela kuwo ubisi olusha ukuze kwakheke ihongo, bazi kahle ukuthi bazozitika ngehongo baze badele. Lithi elinye liya endlini nasekhaya bona babe sebedelile. Vma kuqungwa ihongo, kufakwa umlaza okhambeni ungabi mningi kakhulu bese kusengelwa phezu kwawo. Uma ubisi luhlangana nawo, luyehlulwa ngenxa yokuthi umlaza usuke usuvuthiwe. Ubisi luguquka ngaso leso sikhathi lube izaqheqhe ezibizwa ngokuthi ihongo, Izaqheqhe ezakheka ngesikhathi kuqungwa ihongo zibangamasi amnandi, 49 , angadliwa yinoma ngubani enxulumeni kodwa adliwa nguMnumzane kuphela. Ihongo lidIiwa livutshwe ngomcaba noma linjalo nje ngoba limnandi. Ihongo lintukuntuku, alimuncu njengamasi egula. Lolu hlobo Iwamasi uMnumzane uludla alushiyeI: izingane zamadodakazi ezihIala nokhulu noma noninalume. Lezi zingane zivamise ukutotoswa ngoba zingabashana noma abazukulu lapha ekhaya, lokhu knyisizathu sokuthi zinikezwe oknmnandi. Kuye kube ukuvumelana okuba khona kubaba wengane nekhwa lakhe uknthi izingane ziyohlala koninalume noma nomkhulu. Lokhu kungenziwa ngenxa yoknthi abadala knhle bahlale benezingane abangazithuma ekhaya uma ezakhona sezendile noma zakhe endaweni eknde. Abazuknlu baphathwa kahle yingakho bedla abaknshiyelwa ngomkhulu wabo njengehongo. Uma seknnamaguqa amasi ayancipha futhi nezinkomo zisuke zingasasengwa kakhulu. Kwesinye isikhathi igula ligcina selilodwa sekungeloMnumzane kuphela. Kungalesi sikhathi lapho uMnumzane eba nolaka khona uma eke wathola ukuthi kukhona umuntu oke wathinta igula. UNyembezi, (1958:105) kuthiwa: Ithole 10kokaMsweli Elanyisa liguqile. Kuyabonakala ukuthi ubukhosi bakwaZulu basebuya ekugcineni ngoba uZulu wayesenqotshiwe, ngakho amasu okngcina obukhosi bakwaZulu ayesencipha, kwafuneka uknba iNkosi uDinuzulu izibambele yona impi. Ngokwenzenjalo kwakufana nethole elincinta kunina ngokungenamvume. Njengoba kulithole, lizoncinta lingahudi ngoba ubisi lukanina seluyingcosana kodwa lumnandi. Amasi ngendlela athandwa ngayo, ebusika uma kungashisi, amagula akhishelwa elangeni ukuze ashiswe ilanga, ubisi olwethiwe lusheshe luvuthwe, luphenduke amasi nguknshesha Odlala ngobisi uyathethiswa ngoba unciphisa amasi. Uma umakoti esanda kugana abamniki amasi nenyama uma engakayi ukuyophuca. Ngemva kwalokho nnikezwa inkomo yokudla ukndla kwasemzini kubikwe kwabaphansi ngemva kwalokho 50 , bese ekhululeka. Ingane yabantu iye .ibuke nje abantu bezitika ngokudla okuyigugu kangaka sebelibele ukuthi kwehla ngamphimbo munye. Ngendlela athandwa ngayo amasi aze abe nezibongo ngokubeka kukaMsimang, (1975:118): Sawubona Ntomb'emblophe! Sawubona Cisha bakhale! Sawubona Ndwamba shelele! Wena othandwa ngabadala nabancane. Uyinqaba wena ngoba awudliwa burne, AwudIiwa kufiwe, AwudIiwa liduma, Kanti uzilwa nangabalandakazi. Mphimbo phepha ngafa izagila, Ngafa ukwapunana, Wo! Umnandi masi Ngokusigcoba izinhliziyo zethu! Lezi zibongo zibeka amasi ezingeni eliphezulu kakhulu. Amasi aze afaniswe nomuntu imbala. Ukusetshenziswa kwamagama alandelayo ayakufakazela lokho: o sawubona o ntombi o wena o umnandi Lapha uThabizolo usebenzisa ukwenzasamuntu uma ekhuluma ngamasi. Lokhu kukhombisa ukuwahlonipha ngenxa yomsebenzi wawo awenza esizweni. Uwabingelela kathathu uma ethi: Sawubona Ntombi emhlophe! Sawubona Cisha bakhale! Sawubona Ndwamba shelele! Ubuthathu bukhomba ukuphelela njengoba noMvelingqangi ethathwa njengeziqu 51 , ezintathu ezikhomba ukuphelela kwakhe.. Kukhulunywa nawo ngqo noma singayizwa impendulo yawo. Ubumhlophe bobisi bubonisa ubumsulwa, ukuphelela kokudla. Ukufaniswa nentombi kucacisa ngokusobala ukuthi izintombi zilotsholwa ngezinkomo ukuze kutholakale lolu bisi olumhlophe njengothando olumsulwa. Kuyabonakala ukuthi izinkomo kade zephusile, yikho-nje amasi ebingelelwa. Ukungabikho kwamasi uma izinkomo zephusile abantu bacishe bakhale ngoba amasi ayisidlo esiphambili. Kuyabonakala futhi ukuthi asuke esenamafutha amasi uma indwamba isishelela. Ucisha bakhale utshengisa ukuthi izinkomo ziyafelwa. Ngesikhathi saMakhosi akudala oNdaba, oJama, oSenzangakhona, oShaka, oDingane, oMpande, oCetshwayo noDinuzulu abantu bebehlaselwa bephucwe izinkomo zabo, abanye beshiywe bedindilizile. Kudindwe izililo izwe lonke. Kuseyikho ukwenza samuntu uma kukhulunywa namasi ngqo, ekhunjuzwa into ayaziyo ukuthi ayisithandwa sabo bonke. Ukusetshenziswa kwesabizwana u-rwena" kubhekiswa kumuntu. Umuntu obizwa ngesithandwa kodwa lapha sithola lokhu kubhekiswe emasini. Ukuwethulela isigqoko lokhu okuwenza ukuthi az.e afinyelele ezingeni lokuthi enziwe samuntu: Wena othandwa ngabadala nabancane. Abuye atshelwe futhi kuthiwe: Uyinqaba~ ngoba awudliwa bume. Awudliwa kufiwe, Awudliwa liduma Kanti uzilwa nangabalandakazi. Lapha kubekwe izivimbelo ezintathu kanje: 52 , (a) Amasi awadliwa bume. Wonkeumuntu ozodla amasi kuble ahlale phansi azothe. UMnumzane kufanele ahlale esigqikini sakhe. Omame nezingane zamantombazane bangahlala emacansini. Njengoba bezothile nje, ubaba kufana nokuthi uhlezi esigqikini sabangasekho. Bonke abawadlayo amasi akumele basondelane neziko ngoba kungenzeka ngephutha amasi aphonseke emlilweni ubisi lushe futhi nezinkomo ziklayeke imibele. Abafana kufanele bawadle beqosheme ukuze izinkomo zisheshe zikhwelwe. Awadliwa kufiwe. Vele uma kufiwe izinkomo azisengwa amankonyane ayanikelwa ngakho-ke amagula ngeke agcwale ngaleyo ndlela amasi ngeke adliwe ngoba asuke engekho. (b) Awadliwa uma liduma. Awadliwa alinda lize ledlule. Lokhu kwenza samuntu kuze kwehlele esabizwaneni esibhekiswe emasini lapho okuthiwa -"wena". Uma uthi wena usuke ubhekise kumuntu ngoba isabizwana siyasetshenziswa ukuba sendaweni yebizo. Ukwenza amasi samuntu kuphinde kublaluke futhi lapho kusetshenziswe igama elithi, "urnnandi". Leli gama elivumelana nesabizwana kanjena: Wena=!!mnandi Kushaywa sengathi kukhulunywa nawo kwezikabhoqo amazwi amtoti umuntu angawasho esithandweni sakhe, esihlebela ezindlebeni ethi: Wena umnandi! Vgcoba inhliziyo yami ngamafutha. Ukuhlonishwa kwenkomo kwelikaMthaniya kuze kwedlulele ngisho ekuhlonishweni kwamasi. Amasi ayablonishwa futhi kufanele ukuthi konke okuqondene nawo kuphathwe ngabesilisa noma amabhungu. Kweminye imizi lapho okungekho bafana khona, abesifazane aban~antombazane bangawenza 10 msebenzi kuphela uma 53 bengagezi. UBhengu, (1991:3) wethe umsebenzi wakhe wobuciko obuyindaba ende ngesihloko esithi "Seziyosengwa Yinkehli". Esandulelweni sakhe uthi: Kuyazisho-ke nje ukuthi ekhaya Iaphaya kusuke kusele isimame ikakhulukazi kanye nokungabafanyana-ke nje ogcobisisu, okudla inyama qede kwesuIele amafutha esiswini. Abantu abangakwazi ukubhekana nemisebenzi emqoka njengokusenga nje. Ungathi abalisa-ke Iabo? Ziyobhonsa zibhonsile izinkomazi zishiswa lubisi, onondlini sebezisenga, kuze kuzwakale isalukazi sesikhuza umhlola, "Yeheeeeni ebantu! Izokwenziwa njani kodwa indaba yalezi zinkomo? Ziyosengwa ngubani-nje lokhu sisodwa?" Yilapho-ke uNozibanibani oyinkehli, umuntu okungafanele alubeke esibayeni lokhu usuke esekhehle inhloko ezozidela khona amathambo. Thathiyani amathunga, imikhumbi kanye nesigqiki somnewabo ayoqona, aqojame esigqikini esingaphezu kwakhe, azisenge agijime nazo uthuli. Kusuke kungasekuhle. Lokhu kwenziwa ukuthi uma owesifazane esezinsukwini zakhe uthathwa njengomuntu ongahlanzekile. Ukuthinta kwakhe amasi kungenza abaphansi balethe imikhuhlane ekhaya ngoba amasi ephuma enkomeni engumxhumanisi wabaphansi nabaphezulu. Abantwana abancane nabo banezibongo abazibhekisa emasini. Lezi zibongo zidlulela ezizukulwaneni ngezizukulwane zithi: Amasi. Hhayi! Amasi. Ubaba wayesuka, Athathe isigqiki, Athathe izintambo. Aqonde esibayeni Asisengele! Asisengele! Aweth' aguleni, Awabek'elangeni. Hhayi! Esevuthiwe! Yithi labaya, Siqond'ernsamo, Siyothul'izinkezo, Umam'eze norncaba, Awuthel'okhambeni, Siwagovuze! 54 , Siwagovuze! Sitbi ndi! Sitbi fica, Sithi fica sithi mil sibanibani. Umlolozelo ulanda ngokulandelana kwezigameko kusuka ubaba athathe ithunga kanye nezintambo eqonda esibayeni eyosenga. Lapho izingane ziqala ngokubabaza zithi: Hhayi! Amasi. Umugqa weshumi kubuye kubatshazwe uma esevuthiwe: Hhayi! Esevuthiwe. Kulezi zibongo zamasi kukloloda izingane ngenxa yamasi. Lezi zibongo ziveza okwenziwayo uma kulungiselelwa ukusenga. Amasi ziwathatha esewubisi esengwa nguyise kuze kufike lapho eseziwadla khona. Zize ziveze nokuthi adliwa kanjani. Jsenzukuthi esithi "faca", siveza umsindo obangwa amasi lapho uwakha ngokhezo noma ngesandla uma kukhala umcaba okuvutshwe ngawo. USokhaya nguye odla amasi ngaphambi komndeni wonke. Urna eseJungile ethulwa kuye kulethwe nomcaba wezinkobe zommbila noma zamabele azivubele kuthi uma eseqalile ukudla bese inxuluma Jonke liyakhululeka lidle. Isizathu sokuthi kudle yena kuqaJa ukutbi nguye ongumxhumanisi womndeni nezinyanya. Uma sekudle yena kusuke sekupbotheke leyo ntambo exbumanisa umndeni nabo. Umcaba namasi akhe kulethwa kuye ngenkulu inhlonipho kumbozwe ngezimbenge ukuze kungangenwa izintuli nezinambuzana. VMnumzane ungumholi womndeni ngakho kungaba kubi kakhulu ukutbi ukudla kwakhe kulethwe ngendlela engahloniphekile. Lokho kungamehlisa isithunzi ekbaya kanti futhi nabaphansi ngeke baze bakuthokozela lokbo. UMnumzane yena uzidlela ngayedwa. Yikho pbela ukunumuza lokho akugcini kupheJa ekutheni avuke ekuseni arne ugenhla- kwesibaya abuke imfuyo kayise kodwa ngisho sekudliwa 55 , ubukhulu bakhe kufanele bugqanyiswe, buqhakanjiswe ngoba wuye oyintshontsho umndeni wonke ogabisa ngalo. Ukuhlonishwa kwenkomo okwenza ukuthi amasi adliwe nguMnumzane kuqala inxuluma Iingakawadli. Lokhu kuhlonishwa kugelezela emasini nawo aphuma enkomeni. Uma uMnumzane edla kuqala usuke ekhombisa ukuthi uyinhloko yekhaya alibhekele abaphansi ngakho-ke ukudla amasi kufana nokuxhumana nabaphansi uqobo. NjengoMnumzane kufanele avulele umndeni kulesi sidlo esithandekayo. Esinye isizathu esenza uMnumzane adle kuqala yingoba vele la masi usuke ezivubele yena ngakho-ke akanankinga yokuqala ukudla. Kwa'Zulu isitsha soMnumzane asiphakelwa kuqala ngoba kubalekelwa ukuthi imishophi engehIela inxuluma ingaqali ngaye. Vkuthi adle amasi kuqala kungaveza ukuthi nguyena okufanele ahlasele anqobe kuqala ngisho nasempini ngoba uzibambela yena mathupha ekuwavubeni. Vmlobokazi akawalokothi amasi asemzini uma engakakhululwa ukuthi awadle. Ukhululwa ngenkomo yamasi kuqala. Le nkomo _ibizwa ngendlakudla noma inkomo yokudla amasi. Le nkomo isala kubo kamkhwenyana uma kulotsholwa. Iyingxenye yezinkomo zelobolo kodwa ngokuvumelana iye isale bese ihlatshwa uma umakoti eseganile vele. IyahIatshwa kube nomcimbi ekhaya. Kwezinye izigodi kwelikaMthaniya, Ie nkomo iye ikhishwe namabheka ihambe iye ekhweni lomkhwenyana, kuthi uma sekudingeka ukuthi umlobokazi akhululwe ekudleni amasi, bayilethe izohlatshwa bese ekhululeka ngemva kwalokho. Umlobokazi uba yingxenye yomndeni uma esesinile kodwa nakuba kunjalo kufanele ukuzithiba kwakhe kubonakale. Ukungadli amasi enye indlela yokuzithiba ukuthi angenzi noma kanjani emzini. Vma umndeni sewenele, usungufakazi balokho, 10 mkhosi wokumkhulula uye uhlongozwe. InhIoso yalo mcimbi ukuthi kuhlanganiswe abaphansi nabaphezulu ngoba ngaso sonke isikhathi uma kuchithwa igazi kusuke kuhloswe lokho. Ukudla amasi komlobokazi kwenzeka uma sebebikelwe. Ukusetshenziswa kokhezo olulodwa yilabo abazungeze ukhamba oIunamasi, kufundisa izinto ezimbili. Kungafundisa ukuthi kufanele ulinde uma isikhathi sokuthi wenze into 56 , singakafiki futhi ubekezele. Ngisho ungathanda kangakanani ukuthi ukhezo lube sezandleni zakho kodwa uma lusazungeza, ayikho into ongayenza ngaphandle kokulinda luze lufike kuwe. Uma selufikile, kuba yilona thuba lakho lokukha uNtomb'emhlophe. Okwesibili kungaba ukufundisa ngomoya wokuthi empilweni kubakhona isikhathi sokuthi kudliwe khambeni lunye. Ukudla okhambeni olulodwa kwenza abantu bathandane futhi kuxosha nomoya wobugovu kodwa kwande umoya wokuphana nokushiyelana. 1.0 moya wenza ukuthi umazise omunye umuntu, kuthi uma uthola okuthize noma ngabe kungakanani kodwa ukwazi ukuhIephulelana nomakhelwane noma nomunye umuntu noma ngabe into ingangekhanda lentethe. Yikho nje isiZulu sithi; izingane zendoda zihIephulelana ikhanda lesikhonyane. Izingane zona ziyakhangezwa. Ukukhangezwa kwazo kwenza ukuthi zihIale zazi ukuthi ziyizingane nanokuthi ukudIa kwazo kuncike kwabadala. lzingane noma zingafisa kangakanani ukudla ngokhezo kodwa ngeke zize zikwenze lokho ngenxa yenhlonipho etshalwe kuzo. Ezikwaziyo ukuthi zona ziyakhangezwa kuphela hhayi okunye. Lokhu kuyimfundiso enhIe ngoba kugxila enganeni, yazi ukuthi uma kufanele yenze into ethile, kufanele ithathise kulokhu ekufundiswe ekhaya ngoba elornzali aIiweli phansi. Ezinganeni isimo sokukhangezwa sakha inhIiziyo yokufunda ukubekezela ngoba uma kusakhangezwa omunye, kufanele omunye alinde kuze kube yithuba lakhe. Lokho kwenza izingane zabafana zisebenzele ukuba zikhule zisebenze ukuze zinwampele undwamba njengoyise. Zazi ukuthi kuqheqhebulwa izaqheqhe zengqondo kuqaIa ngaphambi kokuqheqhebula izangqondo zendwamba. Uma edliwa, adliwa ngokukhulu ukucophelela. Akufanele awele emlilweni kumbe eziko ngoba uma kuke kwenzeka lokho izinkomo zikIayeka imibele noma ibe nezilonda noma zishe amabele. Lokhu kungaba nomphumela omubi ngoba inkomazi ingavimbela inkonyane uknba incele, lokhu oknngayiholela ebuthakathakeni. lnkomazi edabuke imibele ikhahIela kwasani uma kuzanywa ukuthi isengwe ngoba isuke ibazi ubuhIungu ebhekana nabo. Leli qiniso landisa ukuthi aknkhona nje kuphela ukuba izinkomo 57 , zisengwe yindangala olruklaya imibele yezinkomo kepha, nolrudlela amasi emlilweni yizithupha ziya egwayini nolrusengwa ngunohha nezimbulu. -Abafana kufanele baqoshame uma bedla amasi, bangahlali bathi dekle ngezinqe phansi. Uma bewadla bengaqosheme, izinkomazi ziyephuza ulrukhwelwa, lokhu olrungenza ulruthi izinkomo zingandi kahle. Amasi awadliwa bume ngoba lowo owadla emile uhlale emelwe yizindaba njalo olrufanele azikhulume. Ngokwesiko lamaZulu umuntu akadli emile, noma ngabe yiluphi uhlobo lolrudla, angiyiphathi-ke eyamasi engulrudla olruphambili nokuhlonishwa ngale ndlela. Kwezinye izigodi lruthiwa umudli wawo bume lrungamenza abe lithatha, agcine esekhulume zonke izindaba zesigodi. Amasi kwazulu awadlelwa phandle ngoba lokho kungabiza umphezulu enxulumeni 10Mnumzane. Uma umuntu emile ebaleni lomuzi kuthiwa ubiza umphezulu. Amasi anombala omhlophe, 10 mbala ungabiza umphezulu angiphathi-ke uma odla amasi emile ulruwubiza lruyaphindaphindeka. Ukwelelesa komphezulu emzini woMnumzane kuba ishobolo elikhulu ngenxa yokuthi inxuluma ligcina seliyisishozi lapho udlalela khona. Abanye bagcina sebegudlukela kwenye indawo. Ukungathintwa kwawo uma liduma lruhambisana nombala wawo ngoba omhlophe ohlonisnwayo uma liduma. Uma liduma izinto ezimhlophe ziye zimbozwe ngoba nazo zingabiza ukwelelesa komphezulu kuthi abantu baphenduke umqwayiba lrube ngcuba ngcono kulabo abahabule inkosi. Amasi awadliwa futhi abantu benebe ngoba kuthiwa owadla enebe uba ivila voco olrunzima kulo ngisho ukuzenwaya. Uma wenebe umzimba wonke udedeleka phansi. Lokhu lrudedeleka komzimba phansi kungedlulela ngisho ezinkomazini, zithwale kanzima uma kufanele zizale. Kwesinye isikhathi ziphelelwa amandla, lokhu olrungenza ngisho umvemve ungaphumi kalula mhIawumbe ugcine ufile. Lokhu kwenaba kuze kwedlulele ezinkomazini ezisengwayo ezibaphansi ngale ndlela yokuthi zingagudwa abafana ekwaluseni, kuthi lrushaya isikhathi solrusengwa zibe zingasenalo ubisi. Uma kwenzekile amantombazane awadla nabafana, kufanele awadle ehlezi ngentombi ngoba engeke awadla eqosheme njengabafana ngoba awavunyelwe ulruqoshama. UDonda, (1997:4) uthi: 58 , Akuphiswana ngamasi ngoba komunye umuzi abafana bayosuke bawadle bengaqosheme. Yingozi-ke leyo ngoba ziyophuza ukukhwelwa lezo zinkomo. Ukuqoshama nokukhwelwa kwezinkomo kusondelene kakhulu ngoba inkunzi uma ikhwela, iba sesimweni sokuqoshama. Iphakamisa ingaphambili layo okuyimikhono bese kubalula ukukhwela eyensikazi. Ukuqoshama kwabafana uma bedla amasi kusuke kukhombisa ukuthi izinkomazi azikhwelwe njalo ukuze kuhlale kunamasi. UNtuH noNtuli, (1986:120) uyibeka kangcono indaba yokuhlonishwa kwamasi uma ethi: KwaZulu akukho ukudla okuhlonishwa njengamasi nenyama. Sengishilo ukuthi abesifazane bayawaWonipha, bawazile amasi ngezikhathi ezithile. Umakoti ugana qede awaWoniphe amasi asernzini. Uze athunyelwe kubo ayolanda ukhezo kanduba awadle. Umkhwenyana yena akawalokothi amasi asekhweni. OMphemba bakubeka ngokusobala ukuthi inyama namasi kuhlobene kangakanani nabapbansi. Ukungakudli ukudla kwasernzini noma kwasekhweni kusho ukuhlonipha abasawadla anblamvana kanye nasebadlulela koyisemkhulu. Imidanti njengokulandwa kokhezo lwamasi iveza khona ukuxhumana okufanele kubekhona phakathi kwezinyanya. Ezinye izimbongi zize zibe nogqozi zibhale izinkondlo uma zicabanga ngale ntombi emblophe. UMkhize, (1953:92) uthi: Nangu umakoti egoyile, Ehlezi enhla nomsamo, Angazi noma bamloyile, Ngimbona emabolo okukaxamu, 59 , Ngibona ekhihla isililo, Mhlawumbe ulilela umlilo Yeka izinyembezi zakho, Zimhlophe zithe qhwa, Sezikwemboze urnzimba wakho, Wembatha ingubo enjengeqhwa, Wangehlisa amathe ngalamba, Wangikhumbuza oKhahlamba. Uyahlonipha ntombi yasernzini, Awusondelani nolwabelungu ukhezo, Awusinamatheli isitsha sasemzini, Udela usokhambeni eduze nokhezo, Oluphuma emthini wasendle, Oluqoshwe abafana endle. Ubumqoka bamasi njengokudIa okumqoka esizweni sakwaZulu kwenza ngisho ababhali bezinkondlo babe nogqozi bese bethatha usiba baveze imizwa yabo. OkaKhabazela lapha uveza igula lisemsamo okuthi uma elibuka, alifanise nomakoti egoyile. Uma umakoti egoyile, uhlala athule, akanyakanyakazi nje ngoba usuke esaba futhi ethukile, engakejwayeli muntu lapha ekhaya. Ukukhihlika kwezaqheqhe ukubona kufana nokudinda isililo. Uma kukhihlika izaqheqhe, kusuka ihleza elisuke livale igula bese zehla kancane ngaphandle, igula Iibe manzi kube sengathi kwehla izinyembezi. Uma eqhubeka uMkhize, (1953:92) uthi: Abafana sebakupha igama, Bathi ungumthamo obandayo, Ngempela likufanele lelo gama, Ngoba uhlala ungobandayo, Noma kushisa phandle, Uhlala unjengolwandle. Ngeodlela akhonzwe ogayo amasi, aze anikezwe igama elihle, abizwe ngokuthi "ungumthamo obandayo". Leli binza liveza kahle kamhlophe ukuthi arnasi awukudla okuthi uma ukufake emlonyeni, kubande kamnandi. Yingakho-nje ebizwa ngokuthi angumthamo obandayo. Lokhu kwenziwa ukuthi amasi ahlala ebanda ojalo noma isimo sezulu sinjani ogaphandle. Imbongi iqhathanisa ukubanda kwawo nokubanda kwamanzi 60 , asolwandle okuthi noma libalele kangakanani kodwa uthole ukuthi, umaungena kuwo, uthole ezibandela kamnanadi. Yebo ulwandle luyabanda kepha ukwanda kwamanzi olwandle agubuzele umhlaba nobungcosana bomhlabathi owomileyo emhlabeni, kuveza iqiniso lokwanda kokusetshenziswa kwamasi emhlabeni, hhayi kwa'Zulu nje kuphela. 2.5 Imvunulo Ukugqama kwendIela yokugqoka okungekhona okwalapha kwelikaMthaniya, kwephuca isizwe samazulu ubuhle obumangalisayo. Imvunulo yesiNtu inhle, ihloniphekile kanti futhi awumbuzi umuntu ukuthi ukuliphi izinga ngokukhula noma uya emcimbini onjani. Kuthi kunjalo nje kube kuncisha abantu amathuba okufunda ukuzenzela imvunulo yabo okungeyomdabu ngezandIa zabo futhi etholakala kwelengabadi. Isikhumba senkomo yisona esithatha ingxenye enkulu yemvunulo yomdabu yesizwe sama'Zulu. Okufike kugqame ukuthi esizweni samaZulu, awumbuzi ukuthi umuntu ukusiphi isigaba sokukhula ngoba yilelo nalelo zinga linemvunulo yalo. ltshitshi ngeke ulifice livunule okwelinye izinga njengelezalukazi nelomame. Kungaba yinhlamba ukuthola intombi ivunule isidwaba ngoba lokho kungasho ukuthi isidlulile ebuntombini. Kanjalo nensizwa ngeke uyifice ivunule imvunulo yamakhehla. Imvunulo eyenza ukuthi noma ubani abone izinga okulo uma uvunule. Akudingi kuchaza okungako kepha imvunulo ikubeka esigabeni esenza uhlonipheke futhi . uphatheke ngendlela efanele sona. Esinye sesibonelo esamabutho uma eya empini. UKrige, (1977:263 uthi: There were regiments with black and white shields, with black patches, and so on, so that when the regiments were dancing or going through other military evolutions, this uniformity must have been very striking. Far more impressive than their shields, however, must have been their regimental dress, which in many instances was extremely rich and beautiful.. . .--' 61 , Lokhu kwehlukana kwemvunulo yamabutho okushiwo lapba, kusivezela ngokusobala ukuthi amabutho ayengavunuli ngemvunulo efanayo. OkaKrige (1977) ubabaza ubuhle bombala omnyama uma uhlanganiswe nomhlophe ukubona lapho kungumbala omuhle kakhulu wamahawu. Okufike kuhlabe umxhwele ukuthi lapho amaZulu esehlobile ngemvunulo yawn aye enanele ngengoma kube kuhle kube njeya. Eziningi izingoma ezihaywayo nazo futhi zihambisana nezigaba zokukhula. 2.5.1 ImvunuIo yezingane KwelakwaMthaniya izingane azinayo imvunulo futhi azigqoki kodwa ziyazishayela nje. MhIazane kumakhaza noma sekulalwa, yilapho izingane ezithola khona ukwembathiswa ngeziphuku. UGumede, (2007) uthi: lzingane phela azivunuli kodwa zihamba nqunu zingembethe. Kodwa isikhumba senkomo senza lukhulu empilweni yengane ngoba uma kubanda noma kumakhaza, izingane zembathiswa sona isikhumba senkomo esibizwa ngokuthi isiphuku maqedane zifudumale. 2.5.2 Imvunulo yomame Imvunulo eyakhiwe ngesikhumba senkomo yomame eyejwayelekile umnenezo, ingcayi, isidwaba kanye nesiphuku. Le mvunulo yenza omame bahionipheke ngoba ibabeka emazingeni abo ahlukahlukene. 2.5.2.1 Umnenezo Lena imvunulo yangasese yomame. Bavunula ngayo uma bebodwa ngasese. Into eyenza ukuthi igqokelwe ngasese ukuthi igqokwa ngaphansi futhi yenza nmsebenzi oknngebukiswe ngawo emphakathini. Uma owesifazane egeza, Ie mvunulo 62 , iyamphephisa, ivimbe ukuthi ukugeza kwakhe kungaphumeli ngaphandle. Lokhu kwenziwa ukuthi ugqinsi lwesikhumba akulula ukuthi kumfinineke okunguketshezi kuso. 2.5.2.2 Ingcayi Imvunulo ihambisana nezigaba ezithile zabantu noma amazinga abo. Ingcayi isikhumba senkomo esishukiwe saze sathamba kahIe. lvunulwa ngamakhosikazi amboze amabele. Ingcayi iboshwa ngemuva ihambe njalo ishaye ngaphansi kwamakhwapha. Ibuye igqokwe ngabalobokazi uma besanda kugana behlonipha. UDlamini, (2007) uthi: Uma umakoti eganile ekhaya kufanele abe nomehluko kunawo wonke umuntu. Ubonakala ngengcayi emahIombe akhe nokuhamba ebheke phansi ngoba ehlonipha. Yilokhu okumenza ehluke kunabo bonke enxulumeni. UMalandela ukubeka kucace ukuthi ingcayi iyimvunulo yokuhlonipha. 2.5.2.3 Isidwaba Lesi yisikhumba esishukiwe senkomo esibhincwa ngomame kwesingezansi. Ngemuva kokuhlinzwa kwenkomo, isikhumba siye sibethelwe kahle ngezikhonkwane elangeni, siyekwe lapho size some. Vma sesomile, siyathathwa sicwiliswe ernanzini bese sikhishwa futhi ngemva kwezinsuku ezimbalwa, siphurne lapho sesinuka kabi bese sisuswa bonke uboya maqedane sifakwe amafutha ukuze sishukeke kalula. Sishukwa size sibe ntofontofo bese sithungwa sihlanganiswa ngosinga ngemva komkhulu umzukuzuku wokushukwa kwaso. Kusikwa irnidweshu yesikhumba bese ihlanganiswa ngosinga, Abenzi b380 benza umbhumbuluza okuba yingenhla 1380. V rna sesiphelile siba nezinsinga eziningi ezenza ukuthi umvunuli akwazi ukuthatha isikhathi enza ukuthi silingane naye. Yilokhu okwenza ukuthi kungabilula ukubhinca isidwaba ngokushesha okukhulu. Vmuntu kufanele anikezwe isikhathi eside ngaphambi kokuba abhince aqede. 63 , Isidwaba siyimvunulo yokuhlonipha abasemzini, yingakho nje kufanele sishaye ngezansi kwamadolo, Njengoba sakhiwe ngesikhumba senkomo, asilula, siyasinda futhi akulula ukuthi sipheshulwe umoya. Senza umuntu ukuthi ahlonipheke ngisho ehambela phezulu. Isidwaba sigqokwa ingoduso, inkosikazi kanye nezalukazi. Lokhu kuveza ukutIii umuntu uma eseze wavunula ngaso uze abe mdala futhi ahlukaniswe wukufa naso. UMsimang, (1975:179) uthi: Njengoba isidwaba siqaIa ebungodusini njena siqhubeka njalo kumuntu wesifazane, akasoze ahlukane naso noma eseguge kangakanani, uyoze aIanyulelwe ingcwaba kuphela. Owesimame ovunule ngesidwaba uyahlonishwa, akufanele abe esakhathazwa zinsizwa, zimcela ukuthi ayophekela onina. Kuyenzeka nokho nakuba ehlonipheka enjalo kube khona osikhwiliphambana nobhoko, abakhuzela kungabi ndaba zalutho, buchitheke bugayiwe. Kwesinye isikhathi kuze kubekhona nokubaleka, owesimame agcine elapho athanda khona ngempela, Kuyenzeka futhi buchitheke bugayiwe ngenxa yesifiso sobaba womntwana uma ebona ukuthi umntanakhe kufanele ayomdlela izinkomo kosibanibani. UDlamini, (2007) uthi: Isidwaba yinhlonipho yodwa futhi senza isimame sihlonipheke. Osevunule ngesidwaba akabe esakhulunyiswa owesilisa ngezothando ngoba kukabili. Kuphakathi kokuthi useqokiwe useyingodusi noma ungumlobokazi womuntu okukhuluma okubheke eceleni kuye kufana nokuzidonsela amanzi ngomsele. Noma okaDlaroini (2007) ebeka ngale ndlela, kukhona izinsizwa ezidela ngoba amanzi seziwezwe ngobhoko. Azikugqizi qakala ukuthi kukhona umunwe osukhombile noma 64 , qha. Ezinye izinsizwa zize ziphungwe ngezithebe, ziyizimbelarnbelane zezingoduso uqobo. Olimini IwesiZulu kukhona izaga ezithinta isidwaba njengalezi elilandelayo: ~ Akuqhalaqhala lahlula isidwaba. (Umuntu noma angaze aqine kanjani kodwa kukhona okugcina kumehlulile) ~ Uyofika kwamkhathali isidwaba siyokuhaqa. (Ekugcineni kukhona okugcina kumehlulile urnuntu ngeke agcine aphurnelele kukho konke) ~ llumbo livuka esidwabeni. (lzitha zingaqharnuka nalapho owethernbe khona njengasernndenini nje) ~ Insakavukela umchilo wesidwaba. (Into ehlala yenziwa ngaso sonke isikhathi futhi engekho indlela yokuyibalekela) 2.5.3 Imvunulo yabesilisa Isikhurnba senkomo sibamba iqhaza elikhulu emvunulweni yabesilisa. Iqele, umgaxo, isiphenama, isinene, ihawu, ibheshu, igqibo, umbhelenja kanye nomklezo, yimvunulo yabesilisa eyisikhumba senkomo. 2.5.3.1 Umutsha Le mvunulo yibheshu nesinene okuyimvunulo yabantu besilisa esizweni samaZulu. La mutsha okubhekiswe kuwo okuyibheshu nesinene, kukhulunywa ngensakavukela yemvunulo yomuntu wesilisa kwelikajdthaniya, Lena imvunulo engagugi kalula ngoba yakhiwe ngesikhumba. Nakuzo lezi zinsuku zesirnanje impahla eyenziwe ngesikhumba ithathwa njengesezingeni eIiphezuIu. Umutsha ungahlala iminyakanyaka uma uphethwe kahJe. lzikhumba Iezi kusuke kungezamankonyane afile, ahlinzwa, izikhumba zawo zonyiswa ngokubethelwa, imiphunzo kanti izinjobo kuba ngezezinyarnazane eziningi ezahlukene kuya ngokuthi umninilo ufuna ukulihlobisa ngani elakhe ibheshu. Kuyenzeka kuIezi zinsuku zamanje ukuba urnuntu azihJobele ngebheshu Ienyamazane kungelenyala-nje kungabi ndaba zalutho. 65 , Ibheshu lomfana liba lifushanyana, liphelela ngaphansi kwezinqe, libizwa ngokuthi isiphenama kanti futhi lingenziwa ngesikhumba sembuzi noma ngesikhumba senyamazane njengempunzi nje. Elomuntu omdala liba lide, kwesinye isikhathi lize likhothe amaqakala uma ehamba. Leli libizwa ngokuthi umdada. Liphathwa kahle ibheshu uma umninilo ehlala, kufanele aliphenye, ahlale ngezinqe ukuze avimbele uboya ekuqothukeni ngoba libi ibheshu uma seliqothuke uboya. Akuhlalwa noma kanjani ngebheshu. Ovunule ngalo uyaziqoqa, acophelele nokuthi isinene siyawenza umsebenzi waso wokufibla umnzi. Lapha izimvayizana ziyelekelela ekwenzeni umsebenzi wesinene ubelula. Uma kubuthwa ibutho, liphatha izihlangu ezifanayo ezimbala owodwa. Kanjalo futhi libhinca amabheshu afanayo. UZulu, (2007) uthi: Indoda yangempela ivunula ngebheshu elenziwe ngesikhumba ezikhethele sona. lsikhumba esibi asilikhiphi ibheshu elihle elingenza umbhinci aziqhenye ngalo emicimbini uma ephakathi kwabantu. Umutsha omfushane mubi ngoba wenza obhincile ukuba c ahlale ngokukhulu ukucophelela. OkaNdaba ubalula ukuthi umbala webheshu ubamba iqhaza kangakanani kolivunulile yingakho nje ethi, "indoda yangempela...". Lokhu kungasikhombisa ukuthi indoda yangempela yileyo okukhona izikhumba emzini wayo. Izikhumba zihambisana nokuthi kubekhona izinkomo. lsisho sesiZulu sithi, "Ubuhle bendoda zinkomo zayo", Ukuyodla izinkomo emzini othile okwenziwa uMnumzane uma ethumela ingane yakhe kuwo kukubeka ngokusobala lokhu ngoba uma kunjalo ubuso abubhekwa kepha kubhekwa izinkomo. Yingakho nje izinkomo ziphenduka ubuhle bendoda ngoba iba nomlobokazi ngenxa yazoo 66 " 2.5.3.2 Imvunulo yezingwazi Uma kukhona ohlabene empini kwazulu, ukuhlabana kwakhe kuyachuma. Kwesinye isikhathi indlela ahlabene ngayo ize ingene shi ezibongweni zakhe. Ukuhlabana kwengwazi uNozishada kaMaqhoboza kwagcina kungene ezibongweni" zakhe. UGcumisa nozakwabo, (1992:31) bathi: Unyawo lungangendlu yakwabo kwamaSicazana UManqe bath'adlani ngale kwezintaba Adl'abantu bakaNozishada kaMaqhoboza. UChakid'ozikhohlokhohlwana, UNtak'eduke namhlambi Ngob'iduke nezakwaMzilikazi. UNompandamthombo wezisele UNtamo kayidinwa iziqu Njengabo bonke zibadinile. UHlangabez'uZulu eMaqongqo Kwaze kwabuz'uNdlela kaSompisi Wathi: "UZawubamba yiphi-ke Mfana kaMaqhoboza na?' Kulezi zibongo zikaNozishada kaMaqhoboza amehlo ethu avele anamathele emigqeni emibili, owesishiyagalombili nowesishiyagalolunye lapho kuthiwa: UNtamo kayidinwa iziqu Njengoba bonke zibadinile. Njengoba umugqa wesishiyagalombili ungagcini ngesiphumuzi ucacisa ukuthelelana kwemiqondo nomugqa olandelayo. Njengoba iziqu zenziwa ngesihlahla somnyezane (unongamel'Iziziba) kuyabonakala ukuthi ubushinga, ubushoshozela, ukunqoba nokuhlabana kukaNozishada kwakuwathelisa amaqhawe,' amaqhawe ezitha, aye kwagoqanyawo angabe engasayizwa iminyezane. Lokhu kuba sengathi labo asebekwankatha ngoba kushiyene izandla enkundleni yempi badinwe wukuzuza iminyezane kanti kukhotheme amakhanda amadoda. 67 ? , Emavakeni, amagwala, imihlalandlini nonyube kuyacaca ukuthi kubo ukuvunula ngeziqu yiMpumalanga neNtshonalanga. Iziqu bayazicasukela ngoba umuntu uqabulana nokufa ngaphambi kokuba azizuze, empeleni bango-: Nyawo zamavaka ziyahlehla Ziyadinwa wukuya empini. Yiziqu-ke ezinika amaqhawe isithunzi ukuze Iowa ovunule ngazo abe nokwesatshwa kanye nokuhlonishwa. Uma ethi memfu, izitha zithuthumele futhi zigcwale amanzi esiswini. Ukuzethemba kukaNozishada, ontamo yakhe igcwele iziqu, kumenza angenqeni ukuhlangabeza isifuba sempi yakwaZulu, engenandaba nokuthi umuntu obhekana nale mpi wukuzama ukuwela umfula owubhuku ongaweleki ngoba uwudaka olushonayo. Yebo wafela emaQongqo kepha washiya uNdlela kaSompisi emangele ngokubona impi yokugcina yomuntu olwa impi yokugcina ezivikela yena kanye neziqu zakhe. Phela oneziqu kumele alwele iqiniso lokuthi akaziphiwanga kepha wazizuza ngempi kanye nangezingazi zamadoda. Ubudlelwane phakathi kwabaNtwana beNkosi oDingane noMpande babungebuhle. UMpande wayethathwa njengomuntu ongahlakaniphile kodwa iNkosi uDingane yayibatshela ukuthi uhlakaniphile kodwa wayezenza isithutha. Into eyayidume ngayo iNkosi uMpande ukuthanda isifazane nakuba yayithathwa njengomuntu ongahlakaniphile. Kuthiwa iNkosi uMpande uma kuthi akazikhulule, wayenganqeni ukungacashi, wayevele aqede konke obala. Leli binza lithathwe esigamekweni esadalwa ubudlelwane obungebuhle ebaNtwaneni beNkosi. Uma imbongi ithi, "uManqe bath'adlani ngale kwezintaba"; impendulo emgqeni olandelayo ithi, " Adl'abantu bakaNozishada kaxtaqhoboza", Lapha kuvela obala ukuthi empini eyayibambene eMaqongqo ngaseMkhuze phakathi kwabaNtwana ? > beNkosi, impi eyayiholwa uNozishada kaMaqhoboza kaNzuza yayisinqotshiwe, 68 , yingakho-nje abantu bakhe babedliwa amanqe. UNdlela kaSompisi wayibuka wayeya impi kaMpande kanti akabuzanga elangeni. UNozishada kaMaqhoboza imbongi ithi, "UHlangabez'uZulu eMaqongqo" ngoba yilapho eyabambana khona kwashunqa uthuli. UNdlela kaSompisi uzwakala ebuza ukuthi, "UZawubarnba yiphi-ke - Mfana kaMaqhoboza?". Lokhu kungukweyisa nokubukela phansi impi. Ukuhlakanipha kukaMpande kwaphumela obala ngoba ngisho impi yakhe yanqoba ngaphandle kokusizwa, yayivele izoluthola usizo emaBhunwini ukuba yayehluhlwa. INkosi uMpande waya kocela usizo emaBhunwini ngaphesheya koThukela ngesikhathi iNkosi uDingane isithe akuh1anganwe eMaqongqo. AmaBhunu afika vele esenqobile umNtwana weNkosi uMpande. UNozishada kaMaqhoboza wasala kuyo Ie mpi yaseMaqongqo. Izingwazi nazo kubakhona ezibaluleka ngakho uma kuvunulwe. Imvunulo yengwazi ithi phecelezi, ingafani nongakaze ahIabane. UMsimang, (1975:190) uthi: Kokunye izibeba zize zibe izixwexwe ezinkulu kokunye kube imibhelenja emibili ephambana esifubeni kuhle kweminqwambo. Lezi zibeba ezize zibe izixwexwe ngeke zize zibe imvunulo kanoma ubani ongakaze ahIabane. Ukuba izixwexwe kwazo ezinkulu noma kube imibhelenja emibili ephambana esifubeni, yiyo phela iminyezane ekhombisa ukuthi ovunule ngayo isihlabani. UGcumisa nozakwabo, (1992:31) bathi: UNtamo kayidinwa nayiziqu. Lo mugqa ucashunwe ezinbongweni zikaNozishada kaMaqhoboza wakwaNzuza. Usivezela ukuthi okaMshazi wayesehlabene izikhathi eziningi kangokuba intamo yakhe 69 , yayisiyikazela iziqu okuyiminyakanya ekhombisa ukuhlabana kwakhe kaningi. Lokhu kubeka ngokusobala ukuthi izingwazi zazibalulwa ngokuthile uma zivunule. 2.5.3.3 Imvunulo yodwendwe Udwendwe ngeminye yemicimbi emikhulu esizweni samazulu. Kuyilapho zidlana khona imilala ngemvunulo. Abanye baze baqome ukuyovela ngentsha ceke eba "uyosale bekhala". Ukugqama kwesikhumba senkomo kubonakala kuyo intombi esuke iyosina. Uyise womntwana nguye ovunulisa indodakazi yakhe ngaleli langa. Uyivunulisa ukusuka ekhanda kuze kuyoshaya onyaweni. UKrige, (1977:136) uthi: Then the father of the girl enters and "dresses" her in her wedding appares, i.e., presents her with isidwaba. Kungebe lijadu uma osinayo engabhincile isidwaba. lsidwaba yisona esimbeka ezingeni asekulo. UKhumalo, (1997:283) uthi: Iqiniso yilelo lokuthi, umntwana uyayikhumula imvunulo endleleni ngaphandle kwesidwaba ayongena ngaso emzini. Uma kuya ngokuthi ukhumula nesidwaba akhishwa ngaso ekhaya, kungasho ukuthi uvunula ngesinye esilungiselelwe lokho. Ngeke phela angene umlobokazi engabhincile isidwaba ekhaya. Ungena ngaso kodwa okukhulu ngaphezu kwalokho yisiphuku asuke azemboze ngaso ukuhlonipha amabele. Umakoti lona uye ahlobe ngamashoba ezinkabi ezingalweni. La mashoba kuye kube ngawezinkabi ezimhlophe ngoba phela kusuke kuyisifiso somndeni ukuba izindlela zakhe zibemhlophe. Umakoti uphatha ihawu elincanyana (ingcayi) bese esina ekhomba phansi, phezulu kanye nasemaceleni ngesinqindi sakhe. Ihawu lisuke liluphawu lokuvika konke azohlangana nakho kwamfazi ongemame. UMsimang, (1975:192) uthi: 70 , Usezozinkamfula okhalo ngexhama kanti futhi phezu kwesidwaba kulenga amaxhama otshani ayisithupha noma ngaphezulu. Phezu kwamaxhama kuba umutsha. Empeleni izintambo zamaxhama zihintshelwa kuwo umutsha ezingalweni lapha umakoti uhloba ngamashoba ezinkabi zakwabo ezimhlophe bese ephatha ihawu elincane ingcwayi esandleni sobunxele kuthi kwesokudla aphathe isinqindi. Omame bomuzi babhinca izidwaba nabo kanti ubaba womntwana yena uba yisitatanyiswa sosuku, uvunula njengeNkosi ngaleli langa. UDlamini, (2007) uthi: Usuku lodwendwe lumqoka cishe kunazo zonke emndenini. Imvunulo yesintu yesikhumba idla umunyu ngaleli langa. Umnumzane wekhaya uba yiNkosi ngoba wonke amehlo asuke ethe njo kuye. Ushaya ngomdada wakhe okhotha amaqakala kube kuhle kube njeya. Kweminye imizi umndeni uye uvunule ngemvunulo efanayo. Omama bomntwana ngeke ubehlukanise ngenxa yokufana kwemvunulo. Obaba bona babhinca amabheshu afanayo, kwesinye isikhathi baze baphathe ngisho amahawu afanayo. Indaba yemvunulo kwabesilisa ayigcini lapho ngoba ngisho nabafowabo bakamakoti bavunula ngemitsha yabo baconse. Emicimbini enjengalena yilapho izinsizwa ezithola khona ithuba eIihle lokweshela ngoba isikhathi sokwenza lokho sisuke sisiningi. 2.5.3.4 Imvnnnlo yaMakhosi Uma uNomthebe wesizwe evunule, kufanele kubonakaIe ukuthi kuvunule oNgangezwe lakhe. Ibonakala ngeminyakanya nomqhele. Iminyakanya ayifakwa noma ngubani. Uma isihlobile iNkosi, ifaka uphaphe noma izimpaphe zendwe ekhanda. Izimpaphe zayo zihlonishwa kakhulu. Uma umuntukazana efake uphaphe ekhanda uyahlawuliswa ngoba 71 , kuthiwa uzenza iNkosi. Uma elufakile akalufaki njengeSilo esiphilayo neLembe kodwa angalufaka emaceleni. INkosi uma isivunule, iphatha isihlangu sayo esikhulukazi. Lolu hlobo lwesihlangu yilolu olwaqala ukubakhona ngesikhathi seLembe eleqa amanye ngokukhalipha. Isihlangu siluphawu lokuba ngumkhuseli wesizwe. Isihlangu seNkosi kuba licala lesikhumba senkabi lesandla sokuphonsa. Isandla sokuphonsa siyisandla esithathwa njengesinamandla. Lokhu kusuke kuyizifiso zesizwe ukuba iNkosi ibenamandla esizweni sayo. VZulu, (2007) uthi: Phela inkosi ingabe kayivunule uma ingavunule ngenkomo yakwabo. Ukuphelela kwemvunulo yesintu kuba sesikhunjeni senkomo ngoba asigugi kalula. Kunjalo nje sikholwa ukuthi kukhona ukuxhumana okuthile phakathi kwabasawadla anhlamvana nabangasekho okwenziwa yinkomo Umutsha kaNgangezwe lakhe wenziwe ngesikhumba senkomo. Izinjobo nesinene salo senziwa ngesikhumba sengwe nangensimangwe. Ukuxhumana kwenkomo nabaphansi okwenza iNkosi ukuthi ukuvunula ngebheshu lesikhumba sayo, kwenze ibe nemfudumalo nokuvikeleka ngoba inkomo kungeyabo. Lokhu kusho ukuthi oNgangezwe lakhe usuke evikelwe yibo, Lokhu kuxhumana kugcwaliseka urna ihlatshwa inkomo. Uma ihlatshwa ngomkhonto kufanele ibhonge ngoba uma ingabhongi lokho kuthathwa njengeshwa bese kuba sengathi akubanga khona ukuxhurnana kwabaphansi nabaphezulu. Uma futhi inkomo ihlatshwa kanye ife umshubo angajabha uSokhaya ngoba yisibonakaliso sokuthi akaqinile futhi nasempini uyosala kalula. Lokhu kwembulela uSokhaya imfihlakalo yokuthi kumele aziqinise nomuzi uqobo ube nezikhonkwane eziqiniIe. Ukuvunula ngomutsha kungasho ukuvunula ngomxhumanisi uqobo Iwakhe okuyinkomo. Le nkomo okwathi mhla ihIatshwa yabikwa kubo lokhu okusho ukuthi abaphansi bazi ngisho izikhumba ezikhona ekhaya okuthi urna ?..~ sekushukwe arnabheshu ngazo zibe zisasibekelwe izibusiso zabo. 72 :, 2.5.3.5 Imvunulo yezangoma namathwasa Imvunulo yezangoma namathwasa nayo inernithonseyana yesikhumba senkomo. Kuya ngokuthi amakhosi afuneni yokunqwambisa ithwasa. Esikhathini esiningi iminqwarnbo kuba ngeyesikhumba sembuzi kodwa ngesinye isikhathi kuba ngeyesikhumba senkomo, kuye ngokuthi amakhosi yini ayifunile. Kulezi zinsuku, izangoma namathwasa usuwabona ebhince amayadi ezindwangu arnibaIabaIa. KusadIiwa ngoludala lezi zangoma zazibhinca izidwaba ziphambanise nerninqwambo. UMaGumede, (2007) uthi: Iminqwambo yinto yabaphansi. Umuntu akazikhetheli ukuthi ufuna kube eyenkomo noma eyembuzi nokuthi kufanele ibe mibala mini. Akekho ozikhethelayo ngoba amakhosi yiwona azifunela lokho akuthandayo. UMaGumede naye oyisangoma ukubeka kube sobala ukuthi iminqwambo kungenzeka kube ngeyesikhumba sembuzi noma senkomo. Kuyacaca ukuthi konke kuba sentandweni yabaphansi. . 2.6 Ukuzivikela emakhazeni nasekulimaleni Urnzimba wesidalwa esingumuntu udinga ukunakekelwa ngaso sonke isikhathi. Lokhu kunakekelwa kuhambisana nezimo zezulu. Uma kumakhaza umzimba uyagodola bese kudinga ukuthi wembathiswe ukuze ufudumale. Kanjalo uma kushisa akudingeki ukuthi wembathiswe ngezingubo ezifudumele. Lokhu kuguquguquka kwesimo sezulu abakushayi mkhuba abahIaIa emadolobheni kulezi zinsuku zamanje ngoba bahlala ezindlini ezinogesi. Ezindlini zabo basebenzisa izifudumezi nezibandisi ezixhunywa kugesi, umuntu uvele achofoze inkinobho yaIokhu akufunayo okuhambisana nesimo sezulu sangaleso sikhathi. 2.6.1 Isiphukn KwelikaMthaniya isikhumba senkomo sibamba iqhaza elikhulu ekuzivikeleni emakhazeni. Isikhumba senkomo siyashukwa size sithambe bese kuthi uma kubanda 73 sembathwe. Uma sesikulesi simo sibizwa ngokuthi isiphuku. Nasebusuku uma kulalwa kwembathwa sona ekuzivikeleni emakhazeIli. Isiphuku-ke sishukwa ngaphakathi bese kuthi ingxenye engaphandle ishiywe injalo inoboya. Ubuhle boboya obusesiphukwini kwakubuye bube yiqholo likaSokhaya uma evuka ekuseni embatha isiphuku sakhe, arne ngaso enhla nesibaya ebuka izinkomo zakhe ezigcwele isibaya. Ukomelela kwesiphuku nokuhlala kwaso iminyakanyaka singagugi size sibe yifa lezizukulwane nezizukulwane nezizukulwanyana kumbe sibe yingubo yoMnurnzana ayoyembatha uma esephumule, eselele umlalela nomphumulela wafuthi elibeni elingenhla kwesibaya, kwadala ukuba uDlamini, (2007) athi: Ngiyafunga ngiyagomela ngithi: Ayikho ingubo emhlabeni wonke jikelele engaphezu kwesiphuku. Asigugi futhi sihlala iminyakanyaka sembathwe zizukulwane ngezizukulwane. Lokho ngeke ukubone kulezi zingubo zesimanje manje uyiwasha kanye bese ikhanya ngale maqedane ivithike iphele nya. OkaMalandela lapha ukubeka pbala ukuthi isiphuku sihlala isikhathi eside futhi singambathwa yizizukulwane ngezizukulwane. Uqhathanisa izindwangu zesimanje nesiphuku bese ethola ukuthi cha, isiphuku yisona esingu ngqaphambili ngoba asigugi nje kalula. Isiphuku siyasetshenziswa uma kungcwatshwa ekusongeni umufi. Kwesinye isikhathi uMnumuzane uye ayihlabe esadla anhlamvana inkomo maqedane ashuke isikhumba enze isiphuku. Uma eseqedile ushiya umyalelo wokuthi mhla edlulela kwelabaphansi asongwe ngaso. Kulezi zinsuku lokhu kususa isidididi esikhulu ngoba usuthola abanye besonga umzimba wodlulile ngesikhumba esimanzi senkomo ehlatshwe ngayizolo noma ngalo lela langa lomthuno. Akugcini lapho ngoba abanye ufica sebesonge ibhokisi ngaso lesi sikhumba esimanzi kanti abanye bavele bazigaxele ingubo yokulala noma itshali phezu kwebhokisi. Konke lokhu kwenziwa yinhlasana encane yokwazi ukuthi odIulile wayesongwa ngesikhumba kwelikaMthaniya bese esiwa endlini yakhe yokugcina. Ukuguquguquka kwesimo senhlalo kanye nesimanjemanje lokhu okwenza okucishe kufane nokwenziwa yilabo abasadla ngoludala. 74 2.6.2 Ihawu Lesi isikhumba esakhiwe ngenhloso yokuba sibe yisikhali sokuzivikela. Kukhona izinhlobo ezehlukene zamahawu eziphathwa ngezikhathi ezahlukene. Ihawu elincane kakhulu libizwa ngokuthi igabelomunye noma umaqushana. Leli linomdweshu owodwa wamagabelo kungaba ihawu lokuvikela amaqupha uma kungcwekwa. Yize kunomthetho oqinile wokuthi uma kushaywana ngezinduku angashaywa amaqupha, kodwa umaqushana kumbe igabelomunye liyawavikela amaqupha kulezo zaphulamthetho ezeqa umthetho uma sezixakwa wubungoti bokwakha uphahla lwenkawu ebhungwini. Kukhona ihawu elibizwa ngokuthi igqoka. Leli hawu lincane ngokulingene, liphathwa izinsizwa uma ziyoshela. Kukhona ihawu elincane elibizwa ngokuthi incwayi. Leli hawu liphathwa izintombi uma zisina kanti futhi libuye liphathwe umakoti uma esina kushikisha ufudu ekhomba ngesinqindi phansi naphezulu. Kukhona ihawu elibizwa ngokuthi isaphulo. Leli hawu liphathwa amabhungu noma abafana uma kuyodliwa iphaphu. Kukhona ihawu elikhudlwana elithi alicele esihlangwini. Leli hawu liyayiphuma impi, liyaphathwa futhi ngemikhosi yakoMkhulu liphindwe liphathwe abaMnurnzane uma besina kunejadu kweseswe. Elokugcina ihawu elikhulu kakhulu elaqala ngesikhathi kubusa iLembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha, lethulwa yilesi Silo sakwaDukuza kanye nomkhonto onomphini omfushane. UKnight, (1995:100), uyakufakazela ukuthi ihawu elethulwa yilesi Silo lalilikhulu . kakhulu ngoba kwakuthathwa ingxenye yonke yesikhumba senkomo uma ethi: The largest of them measure fifty-four inches across, although a smaller bariant, about forty eight inches by twenty sevent inches. OkaKnight (1995) naye uyabubabaza lobu bukhulu baleli hawu ngezilinganiso ezinkulu. Kusobala ukuthi leli yihawu lempi ibutho elikwazi ukuzivikela ngokwanele ngalo ngoba libanzi. Noma ebeka sengathi zonke izihlangu ziyalingana ngobukhulu nje akunjalo. Kungcono ukuba ubeke ukuthi kulezo owathatha ububanzi bazo zazinkulu kangakanani 75 , arne lapho. Ubukhulu besihlangu buharnbisana nokuthi umnikazi waso ungakanani ngobude nobukhulu. DRiller, (1955:247) uveza umehluko phakathi kwesihlangu sikaShaka kanye nesikaMzilikazi ngokuthi esikaMzilikazi sasithe ukuba sifishane ngoba wayemfishane kunoShaka: They were magnificent specimens the shield a glossy white with a single black spot in the middle; it differed only from Shaka's in the larger size of the spot, and in being slightly shorter to conform with the rule that a war shield must measure from the mouth to the toes of the owner. The spear was an extra large stabbing assegai, which glinted ominously. Ihawu lakhiwa Iihlotshiswe ngamagabelo alenza libe Iihle kakhulu. Amagabelo akuwona awokuhlobisa nje kuphela kodwa uma abantu bebukanisa amagabelo lokho kuyisibonakaliso sokuthi ababhekene ngamagabelo bayalwa. Uma amabutho ethandaza amagabelo bayawagodla kumbe bawabhekise ezifubeni zabo. Lokho bakwenzela ukubonisa ukuthi ngeke babhekana noMvelingqangi ngamagabelo ngoba vele akekho ongalwa noMdali wakhe. Ngamahawu uMsimang, (1975:198) uthi: Kukhona futhi elinye ihawu elingaphansi kwalelo. Lona libizwa ngokuthi umbhumbuluzo. Nalo lingayiphuma impi ngobukhulu balo. Nokho-ke livame ukusetshenziswa ngemikhosi yakomkhulu kanti futhi ihawu eliphathwa abamnumzane uma beyosina. Knnobuchule obuthize obudingekayo kwabenza amahawu. Uma kuqoshwa amagabelo, kudingeka ukuthi abe maningi ngezansi ukuze lisinde kungathi uma sezithathana izinsizwa Iiphenduphenduke kalula. Kufanele lisinde ngaphansi ukuze linganyakanyakazi. Amagabelo kufanele ukuthi agqame embaleni wehawu. Uma 76 , limhlophe kuba kuble uma wona engomunye umbala ukuze agqame. Uma ihawu limhlophe, liba lihle kakhulu uma liba namagabelo angomunye umbala ogqamayo uma uhlanganiswa nawo. Lingaba libi kakhulu ihawu elimhlophe uma lingaba namagabelo amhlophe. Uma insizwa isivunule isuke ingakaqedi uma ingaliphethe ihawn elihle eliphelelisa ukuvunula kwayo. Okufike kugqame kakhulu ngohlobo lwamahawu empi ukuthi yilelo nalelo butho liba nombala walo wamahawu. Lokhu kwenza ukuthi kubelula ukuwehlukanisa ngokubuthwa nangamagama awo. UKrige, (1977:263) uthi: There were regiments with black and white shields, white shields with black patches, and so on, so that when the regiments were dancing or going through other military evolutions, this uniformity must have been striking. UKrige (1977) ubeka ukuthi amabutho ayehlukaniswa ngombala wamahawu awo. Lokhu kwehlukana kwemibala singakufanisa nemibala yezambatho ezigqokwa abadlali bebhola likanobhutshuzwayo kule~i zinsuku. Kuba lula ukubona okufanele wedlulisele kuye ibhola ngenxa yombala. Kuyacaca-ke ukuthi uma sekusuke uthuli lwezichwe ihawu lalenza umbone ongasohlangothini lwangakini. 'Ubuye abeke sengathi amagabelo ayevala izikhala emahawini uma ethi, ~...white shields with black patches". Lokhu . kwenziwa ukungaqondi kwakhe ukuthi amagabelo ayefakwa ngobunyoningco obuthize aphicwe ezimbotsheni ezisikwe kahle ngoba kuhloswe ubuhle hhayi izichibiyelo zezimbobo nje. Kubonakala sengathi yena ubona ubuhle bodwa nje emahawini bese ekhohlwa ukuthi lokhu kubuye kuhlangane nokuchitheka kwezingazi zamadoda. Empeleni amagabelo yiwo enza indawo yokuhloma umgobo kanye nesigusha ukuze izingwedane zingashayi ehawini kuye kuzwele emaqupheni. 77 , 2.6.3 Izingxabulela Ngezikhathi zaMakhosi asebuNguni oZwide kwaNdwandwe, oPhungashe kwaButhelezi, oDingiswayo kwaMthethwa, oDonda kwaKhumaIo, izingxabulela kwakuyinto ejwayelekile. Uqinisile uGumede, (2000) uma ethi: Izicathulo azifikanga neze nabelungu. Thina sabe sinezingxabulela zethu ezenza umsebenzi wezicathulo ngaphandle kwengxaki. Amakhaza nameva asizwa ngendaba ngisho siphume izinqina sibamba noma vikuphi Izingxabulela ziyasiza futhi endaweni enamatshe ahlabayo ngoba zivikela izinyawo. Uma ungazigqokile ungabona ngomuntu esehluleka ukuhamba kahle ngenxa yokuthi sekwephukele iva onyaweni. UMsimang, (1975:199) uthi: lzwe lakwazulu labe lene kakhulu. Izindlela zabe zigcwele ameva ahIabayo namatshe asikayo ayizimbemba. Ukuze abahamba kulo bavikeleke, kwakufakwa izimbadada noma izingxabulela. Abanye bathi izihlangu noma izixathuba. Zabe zifakwa ikakhulu ngabesilisa ngoba yibona ababehamba ezindleleni ezingavuthiwe. Ngesikhathi kubusa iSilo uShaka, izingxabulela zayekwa ukugqokwa amabutho akwaZulu ngoba wayekholelwa ukuthi zaziyimbambezela. Phezu kwale mbambezela eyayibonwa wuShaka wayekubuka ngeso elijulile ukuthi izingxabulela zinciphisa isivinini emabuthweni. Ngaphandle kwalokhu izinyawo zamabutho zazithamba kuthi uma izingxabulela zigqabuka, ameva ezingenela kalula ezinyaweni zawo. Kwakubhekeke ukuthi uma ibutho libJatshwa yiva livele lihlikihle unyawo, liphikelele phambili. uRiller, (1955:82) uveza uShaka ezikhulumela yena emabuthweni ayesezohamba phezu kwenkunzana: 78 ? My children, it has come to my ears that some of you have dainty feet and that has sorely grieved my heart. In my fatherly kindness I have decided to help you to harden your feet sothat you will never have occasion again to complain about them. The parade ground has therefore been strewn with nkunzanas which you will proceed to stamp out of site with your bare feet. Now, my children, it is my will that you should do this with gusto, to prove how gladly you obey my commands. Those who hesitate, who stamp gingerley, will be disobedient to my commands, and disobedience merits death. My slayers are at hand. Now go to it with a will. UDonda, (1999:3) ebuka lokhu kududulelwa kwabantu abanezinyawo ezithambile nabezwa kalula ubuhlungu emeveni abuhlungu kangaka, ubona iSilo uShaka kwakufanele abanikeze isidakamizwa. Asikho isidakamizwa ayenaso emhlabeni ngaleso sikhathi ngaphandle kokuba bahlabe ihubo lempi. Uyibeka kanjena-ke: Asikho isidakamizwa abanika sona labo ababenezinyawo ezithanjiswe yizixathuba (izicathulo) ngaphandle kokuba bahlabe ihubo lempi. Akawuvali uRitter, (1985:82) umlomo uma echaza indlela amabutho afuqeleka ngayo emeveni: The regiments greeted their teeth and chanting their war-songs and led by Shaka himself, spread over the parade place. UIerige, (1977:263) unikeza ubufakazi bokuthi izirnbadada zaphela nje ngoba uShaka wayezimisiIe uma ethi: 79 No sandals were worn, because Shaka did away with them, believing that his soldiers would act more promptly without footwear. The warriours supplied their own uniforms and assegais, though their shields were made from the hides of the king's cattle. UMsimang, (1975:200), uthi evumelana noKrige kodwa ephulele umunwe uma ethi: Akukho namunye wakwaZulu ophilayo osazaziyo lezi zingxabulela, ingani phela zaqedwa uShaka wathi zenza ukuba amabutho ehluleke ukuhambela phezulu. Empeleni wawakhombisa yena amabutho ukuthi uwashiya kangakanani uma ehamba ngezingxabulela kanti yena ugijima ngezinyawo. USolwazi Msimang (1975), ukubeka ngokusobala lapha ukuthi lolu hlobo lwezingxabulela lwagcina ukuba khona ngesikhathi kubusa iLembe. Lokhu kuqedwa kwalezi zingxabulela kwakungubuhlakani beLembe ngoba uma ufake zona kukhona lapho ongakwazi ukuhamba kahle khona oshelela khona. lzingxabulela zesikhumba uma zithola amanzi ziyathamba bese ushelela. Lokhu kushelela kwakungenza amabutho ukuthi aphazarniseke uma ebhekene nesitha. Okunye okwakungaba yisiphazamiso, kwakungukuthi izingxabulela uma ziwukeke entweni ziyagqabuka. Ukugqabuka kwazo kungasho ukuphazamiseka kwamabutho futhi. lzinyawo ezejwayele izingxabulela noma izicathulo zigcina zintekenteke sezihlatshwa ngisho nawubala. lzinyawo ezingazejwayele izingxabulela zejwayele ukuhamba phansi zigcina ziqinile zibhekane nokuhamba ezindaweni ezibucayi. Ngakho-ke lona kubukeka kuwumqondo owawuphusile weSilo sakwaDukuza. Kuyasolisa sengathi ukuba nomqondo wokuba amabutho ayekiswe izirnbadada wavela kuMdali. UMlenzemunye owatshela uMose ukuba akhumule izirnbadada ngoba indawo owayemi kuyo yayiNgcwele. Lo mqondo uhambisana nesenzo sasemathempelini akwaShembe lapho izicathulo zikhunyulwa khona. Kulokhu kukaMose kanye namakholwa akwaShembe kungcono ngoba 80 ? kuhlonishwa leyo ndawo okukhonzelwa kuyo. KuShaka izwe lonke IakwaZulu liNgcwele alidingi ngxabulela nambadada. 2.6.4 Imvunuio yesimanje Kulezi zinsuku zanamuhla ukugqoka into eyakhiwe ngesikhumba senkomo, yinto ephambili kakhulu. Uyahlonishwa umuntu ogqoke ingubo eyakhiwe ngaso. Ngakolunye uhlangothi uthathwa njengomuntu onemali ngoba izambatho ezakhiwe ngesikhumba sayo zimba eqolo. Akuwonke wonke onazo futhi ozigqokayo. Muva nje kukhona amabhantshi akhiwe ngesikhumba senkomo. Sishukwa ngemishini yaseNtshonalanga maqedane siguqulwe umbala sibe yilowo othandwayo. Uye uthole abambulelwe la mabhantshi besika ukhasi ngawo ngisho libalele nasebukhweni bezinja uthole bewagqokile sebejuluke beconsa. Okubenza bajuluke yikho ukuba phambili kwesikhumba esenze lezi zambatho zabo ngoba phela isikhumba asinazo izimbobo ezingena umoya kalula. Lokhu bakwenza ngoba basuke befuna ukuba ngontandakubukwa abagqoka into ephambili futhi okungeyenani eliphezulu. Akugcini emabhantshini kodwa kukhona ngisho amabhulukwe amade namafushane, amajazi, izikhethi, amabhande, izintolibhantshi kanye nezigqoko imbala. Mkhulu kakhulu umsebenzi owenziwa yisikhumba senkomo ebantwini. 2.5.5 IzinhIobo Ezithile Zezinkomo Njengoba kukhona izinhlobo ezithile zabantu, kanjalo futhi kukhona izinhlobo eziningi zezinkomo. Ezinye zezinhlobo zezinkomo yilezi ezilandelayo: Inqonqodwane: Lezi yizinkomo esezikhulile. Uma kuyinsikazi isuke isizele kaningi. Insengwakazi: Lena yinkomo esengwa kakhulu enobisi oluningi ebuye yaziwe ngokuthi ibinikazi noma unondlini. 81 Inxahi: Inkabi ethenwe isindala osekunzima ukuthi ikhule ibe inkabi enkulu ngenxa yezinga lokukhula kwayo. Uma ikhula urnzimba wayo uyaqoqana njengowenkunzL lnyumba: Inkomazi engazali ibuye yaziwe ngokuthi ibhonya. Kuyenzeka ukuthi Ie nkomo izale bese ngemuva kwalokho ingabe isazala, Enye uma isikulesi simo urnzimba wayo uyashintsha ufune ukufana nowenkunzi bese isikaza ukuzeka ezinye izinkomazi. lsigqala: Inkomo ekhipha ubisi oluncane lapho isengwa. Kukhona izaga ezisuselwa kulo leli gama njengalezi: Isigqala siyala insengwakazi. Sisho ukuthi ufundisa umuntu owazi kangcono kunaye. Nesithi: Isigqala sizala insengwakazi. Lesi sisho ukuthi umuntu odelelekayo uzala ohlonishwayo. Siyafana nesithi inzimakazi izala ilungakazi. lsigudo: Inkomo esengwa inkonyane lingekho noma inkomo esengwa inkonyane ingazange incele, Uma inkomazi igudwa kuye kugcotshwe ubulongwe emibeleni ukuze ithambe bese isengeka kalula. Umshwempe: Inkunzi egugile ebuye yaziwe ngokuthi umasheqe. Le nkunzi ayibisaba nkamunkamu ukulandela izinkomazi ngoba amandla isuke ingasenawo kahle. lthekwa: Inkunzi enobuduna obungaphelele. Leli gama lisuselwa kumuntu ngoba nomuntu onesende elilodwa kuthiwa ithekwa. 82 lvukana: Inkunzi esencane esakhula engakakwazi kahle uknkhwela izinkomazi. Lokhu knyashiwo futhi knmuntu uma eseyimfunda ekwenzeni into ethile. Imboxo: Ijongosi noma ikhwangi oknyinkabi esakhula. Umhuqa: Inkomo noma inkabi encane esakhula. Umkume: Lena yinknnzi evele ikhishwe inyumbazana ngezinye. Uma ike yasondela knzo zivele ziyibovule. Umnqwansi: Lena knba inkomo yomuntu eyodwa oknyiyona knphela. Impusela: Inkonyane esiyekile uknncela ekhula kabi ngoba yafelwa ngunina. Le nkonyane ivamise uknba mathanjana iphuphuzele uboya. Umqhewu: Lena yinkomo enendlebe noma udebe olusikekile. Leli gama liyasetshenziswa uknchaza ingubo noma ibhantshi elinendawo evuleke sengathi isikiwe njengasemuva kwamabhantshi abesilisa. Umthantazana: Yisithole esisesincane. Umthantikazi: Isithole esesikhule saqeda esesilandelwa amaduna nezinknnzi ukuba asikhwele. ? Inkunela: Lena yinkomo esigugile. kungeyensikazi knsuke seknnzima unomgedlewane. Ivamise uknthi ibe nenyama elukhuni. Uma nokuthi imithe. Ibuye ibizwe ngoknthi 83 " Emazinga: Inkomo endala esinamazinga amaningi ezimpondweni akhombisa iminyaka enayo nokukhula kwayo. Izinga nezinga lisho unyaka enkomeni futhi uma kungeyensikazi ikhombisa ukuthi isizele kangaki. Umalukazi: Inkomo eyanoma yibuphi ubulili endala. Leli gama lisukela egameni elisetshenziswayo ukusho umuntu wesifazane osekhulile obizwa ngokuthi isalukazi. Ilunda: Inkomo enelunda elikhulu eliphakeme elingaphezu kwamalunda ezinkomo ejwayelekile. Ikwiyi: Lena inkomazi yohlobo IwesiLungu enobisi oluningi. Le nkomo akuyona eyokudabuka kuleli zwe kodwa yafika nabamhlophe ivela phesheya ngenhloso yokuba izofuywa kuleli zwe. Leli gama layo lisuselwa egamani lolimi IwesiBhunu elithi koei elisho inkomo. Ubhelu: Inkomo yesiBhunu emise yabhekisa izimpondo ngemuva enesinqe esithe ukuphuma. Leli gama lisuselwa kumuntu onengezansi Iomhlonzo elishonile kwase kuphuma izinqe zankulu zagqama. Ugiqiluginqilungiqi: Inkomo ehlatshelwe ukudliwa noma ukuthengiswa Ibhonga: Inkomo eqeda ukuba liguqa esiqala ukubhonga njengendala. Lobu buchwepheshe bokuqamba izinkomo ngokwamazinga azo kukhombisa ukuthi uZulu uzikhonze kangakanani. 84 ? ISAHLUKO SESITHATHU 3.0 IZINKOMO KANYE NOKUTHINTA AMASIKO AMAZULU 3.1 Isingeniso Kukhona ihubo elihaywa uma kunemishado elihamba kuklolodelwana phakathi komthimba nekhetho kanjena: Ubuhle bendoda zinkomo zayo, Zungalibali ntombazane! Leth'imali yami! Leth'imali yami! Uz'uziphathe kakuhle Emzini wakho ntombazane. Leth'imali yami! Leth'imali yami! Leli hubo lithathwe seliyisigekle. Empeleni ekuqaleni lithi: Ndim 10,ndim 10, Ndim 10,ndim 10, Uzundijonge kakuhle Ndim 10,ndim 10, Ndirn 10,ndim 10, Uzundinjonge kakuhle. Wena ntornbazane! Mus'ukundijonga, Wena ntornbazane, Mus'ukundijonga. Siziva iindaba ziyajabulisa, Siziva iindaba zirnnandi, Siziva iindaba zimnandi. Kuyabonkala ukuthi onke la rnabinza aveza urnakoti ezibinya esuluza ngoba eseyithathile indoda. Uthi lezo zintombi azikhamele esekweni ngoba amabheka alobole yona. Urna izintombi ekade ibanga nazo ziqhubeka nokuyibukisisa Ie ntornbi eganayo kuzwakala ungasawathandisisi amehlo ozakwabo bese isho ngehubo ukuthi zisuse amehlo kuyo. 85 Ingqikithi nenkotha ikulesi sigekle lapho amantombazane ayizimbongi eveza ukuthi Ie ntombi igana umuntu onothileyo. Isenazo ezinye izinkomo zokulobola. Kuyabonakala ukuthi zisendleleni ziyeza zizogana, kufanele umakoti angalokothi akukhohlwe lokho: Zungalibali ntombazane. Kunombiko ogqamayo wokuthi uma umakoti engaziphathi kahle emzini wakhe, uyise uzozihlanza zonke izinkomo zamabheka, ngothi: Leth'imali yami. Inxuluma elinezinkomo liyakwazi ukulobola, ukusenga, ukulima nokuhlaba. Lokhu kusho ukuthi yonke imisebenzi yomuzi iyakwazi ukufezeka ngenxa yokuba khona kwezinkomo. UDonda, (1997:3), uphawula kanjena ngale misebenzi: Uma indoda isidlula emhlabeni ihlatshelwa isiblangu sayo. Emva konyaka kuhlatshwa inkomo yehiambo. Inkosikazi ihlatshelwa isidwaba, emva konyaka kuhlatshwe enye kwenziwa umsebenzi wayo. Ngamafuphi inkomo yiyo exhumanisa abaphansi nabaphakathi nendawo nabaphezulu. UDonda (1997) ubeka ngokusobala ubumqoka benkomo nokuba ngumxhumanisi kwabasawadla anhlamvana nabangasekho. Uveza nokuthi ukuhlatshwa kwenkomo okwenza kube nalokhu kuxhumana ngoba uma kuhlatshwa kuchitheka igazi. Uma kukhona izinto ezimbili ezihlanganiswayo, kuchithwa igazi elingumxhumanisi omkhulu. Lokhu sikubona kuzo lezi zigigaba ezibalwa uDonda (1997) nakwezinye ezinjengemincamo, imigcagco, ukukhuliswa kwabantwana neminye. .:..... 86 3.2 Eziqondene noknIobola Ukulobola yinto emqoka kabi esizweni samaZulu. lndoda iyaziqhenya ngokuthi owayo yamkhiphela ishumi lezinkomo nengquthu. Iziqhenya kakhulu uma yazi ukuthi zonke ezamabheka eyazishaya ngezezithukuthuku zayo. Kulichilo phela ukuvele uthathe umtanomuntu ungakhiphi ngisho eyokubika nje. Njengoba kuye kulotsholwe, kuningi okungamasiko okugcinwayo futhi izinkomo urna zingena ernzini wendoda ziyabikwa. Ukuphuma kwazo futhi kornunye urnuzi kuyabikwa kwabaphansi. Uma urnuntu evele wazithathela nje owakwakhe wazihlalela naye, kusuke kukuningi okusilele njengakho ukwamukelwa ernzini ngorngcagco obikwa kwabaphansi nawo. KwaZulu uma umfazi engasinanga ubulobokazi bakhe busuke bungaphelele futhi akakwazi ukuhlanganyela nabasinile ngisho esithebeni. Emadlozini urna kuphurna izinkorno ziyolobola, basuke bebikeliwe nalapho izinkorno zisuke ziyakhona ekhweni amadlozi asuke esazi ukuthi kunornuntu okufanele aphurne ayogana. Intornbazane esuke isilotsholwe liyaguquka ngisho igama layo ibizwe ngengoduso. Isicoco sayo sesibili ukuba ikhehle bese iba yinkehli. Ubungoduso nobunkehli abuyibo ubufazi, ngakho-ke urna kungavela ukufa kwalowo kwesoka lakhe, akanamalungelo ngoba arnadlozi ahlonipha urnuntu osinileyo. Ngakho uma engasinile akakwazi ukungena ezithebeni zalapho engasine khona. Akukho rnavenge alungiselwe yena. Ngokunjalo nomlobokazi uye azincwebe inqulu uma azi ukuthi yena wakhishelwa zonke .akwasala ngisho eyodwa ekugcineni. Uma kusaqhutshekwa nohlelo lokulobola kuye kube kbona ezikbokhwa ekugcineni noma kube khona eyodwa nje eshiywayo engasetshenziswa ngernva kwesikbathi njengenkorno yokhezo lukamakoti. Phela kuhle urna umkbwenyana ezishaye zonke ngasikbathi sinye kodwa alrunarnbitheki kahle ngoba kuhunyushwa njengokuthenga umuntu njengebhayi lokho. Uzizwa engowalapha endele khona ngokugcwele ngoba kusuke kuchitheke igazi lenkomo kuxhunyaniswa irnindeni nabaphansi. Kunjalo nje yizo phela izinkorno ezenza ukuthi owesimarne abizwe ngomlobokazi ngoba usuke elotsholiwe, wasina, wabikwa kwabaphansi wathelwa ngenyongo okuyiyona esetshenziswayo uma kuxhunyaniswa. 87 ? Uma kulotsholwa kubakhona izinkomo ezibalulekile njengemvuma, okuyinkomo kababa eba yisiqiniseko sesivumelwano somlilo osuke wokhiwa, yingquthu okungekanina yokuzala. Le nkomo eyokuthi umama womntwana warnzala. Ukubaluleka kwalezi zinkomo zombili kuvela kahle uma kunentombazane ethole umlanjwana ngoba: zivele zephuke zombili lezi zinkomo ukubonisa ukuthi ubaba ulwa ngoba engasekuyithola inkomo yemvuma nomama engasenakuyithola eyengquthu ngoba ehluleke ukuyibheka enganeni yakhe. Uma kulotsholwa Ie nkomo iba ngenkulu kunazo zonke ngoba eyenzalabantu fnthi ngaphandle kukanina, olotsholwayo ubukhona bakhe bungebe khona. Kunenkomo ebizwa ngokuthi wudondolo okuye kuthi uma kulotsholwa umkhwenyana ayilethe uma kuvunyelwana isale khona kwamkhwenyana, okuthi uma umlobokazi esesina ebese-ke iba wudondolo. Kwezinye izigodi kuthiwa udondolo yisigodo. Umlobokazi akayidli Ie nkomo kanye nabo bonke abanakwabo, yingakho uma kuthiwe uma izulu liguqubele kuthiwe libafazi bedube inyama. Empeleni hhayi ukuthi basuke beyidubile kodwa basuke beklinywe umthetho ukuthi bangayithi mbibi. Ezinye izinkomo eziyisishiyagalombili kusuke kungezokwakha ubuhlobo nje phakathi kwemindeni eganiselanayo. Abahayi bezingoma abanjengo Mahlathini Nkabinde bayibeka induku ebandla ngokuqamba izingoma ezikhuluma ngezinkomo zelobolo ezithi: Inkomo zami zamabheka, Inkomo zami zabaleka. Ngiyazifun'inkomo zami, Ezamabheka. Inkomo zami zamabheka, Inkomo zami zabaleka. Ngiyazifun'inkomo zami, Ezamabheka. Lesi silokozane esivezwa uNkabinde sikhombisa ngokusobala ubumqoka bezinkomo zelobolo. Kungathi ukhihla isililo ngalezi zinkomo ezabaleka. Kwesinye isikhathi umkhwenyana ulala engadlile eqongelela imali yokuthenga izinkomo zokulobola. Kubanzima kakhulu uma zilahlekile noma zibalekile ngoba kuphakathi kokuthi zibuye noma zingabuyi. Le ngoma imbaxambili ngoba kungenzeka ukuthi izinkomo zamabheka zibaleke ngenxa yokuthi, kuthi kungazelele muntu, intokazi iguqule umqondo bese 88 konakala konke okuhleliwe bese umgcagco ungabe usabakhona. UMnumzane angaphatheka kabi uma ebona izinkomo zibaleka ngoba sezizobuyela lapho ezavela khona ngenxa yokuthi akusekho umlobokazi ozosina lapha ekhaya. lngoduso ingawuguqula ngempela umqondo ngoba intombi yeshelwa ngisho isigoyile. -Yikho izimpelesi zihlala eduze kwayo ziyiphelekezele ngisho iyochitha amanzi ukuze bungachitheki sebugayiwe. Kulesi sikhathi samalungelo lapho intombazane isibuswa wukuthi inhliziyo ingumbusi wayo, akube kusabalula njengakuqala ukuba uyise athume intombazana ukuba iyodla izinkomo emzini othile. Yingakho kunokubelesela bokufuna lezi zinkomo ngoba uma unezinkomo, uba yindoda emadodeni, elakho lingaweli phansi. Azikho-ke izinkomo ezingahambela ubala. Ubuye ahaye enye athi: Wemkhongi wami, Wemkhongi wami, Wayidla yonk'imali yami. Kulezi zinsuku zamanje sekulotsholwa ngamaphuphu ezikhova. Abizwa ngokuthi ayizinkomo zephakethe. Uma umhayi wengoma ekhala ngomkhongi odIe imali, kuyafana nokuthi ukhala ngomkhongi odie izinkomo ngoba kulezi zinsuku imali iphendulwa izinkomo. Umuntu uyaqedwa ukulotsholwa ngemali ingazange ikhishwe ngisho eyodwa ethi mol OkaNkabinde uphinde ahaye enye futhi ethi: Gogo ngiyalobola, Gogo ngiyalobola, Gogo ngiyalobola. Ngiyalikhipha ishumi lenkomo Nenkomo eyodwa. Gogo ngiyalobola. Umhlabeleli ulandisa uninakhulu ngokuthi uyalobola. Kuvela sengathi uninakhulu uyakhala ngukuthi uyambuza ukuthi uthatha nini. Bese kubakhona ukulanda ngokuthi uyalobola nje. Uze achaze ukuthi ukhipha ishumi lezinkomo nenkomo eyodwa okusho ukuthi uyozishaya zonke ezisemthethweni. Ogogo imvamisa bavamise ukukhala ukuthi sebangaze badlulele kwelaphansi bengambonanga umakoti. Le nkulumo iqhamuka sengathi kukhona okuningi osekuxoxiwe maqondana nokulobola. Yingakho nje 89 ? iMbodlomane eyabhodla kuqala zonke zingakabhodli, imtshela kwezikabhoqo ugogo ukuthi iyalobola. 3.2.1 Ukulobola Ukulobola kumqoka kakhulu esizweni samaZulu. Umuntu owayengenazo izinkomo zokulobola wayetshelekwa izinkomo ngethemba lokuthi uma esezele ingane yentombazane, izinkomo ezizolobola yona zizokhokha isikweletu, zibuyiselwe izinkomo. Uma kubeneshwa lokuthi umeboleki zinkomo engayitholi ingane yentombazane, lokhu kwakwedluliselwa kwesinye isizukulwane ngaphandle kwengxaki. Lowo otshelekwe izinkomo ulinda kuze kulotsholwe udadewabo bese ekwazi ukuphindisela ezokubolekwa. Uma lokhu kungenzeki, ulinda kuze kukhule ingane yakhe bese ekhokha ngeziyilobolile lokho okungedlulela ezizukulwaneni kugcine sekukhokhelana esinye isizukulwane. Akukho nkinga kulokhu ngoba izinto ezibalulekile zemindeni zazixoxwa kusuka kwesinye isizukulwane kuya kwesinye ngezwi lomlomo. Ukulobola kuqala ekukhongeni. Ubaba wolotsholelwayo uye akhethe umkhongi okhaliphile futhi kufanele kube ngumuntu osethanda ukuqina. Akufanele aphithanise izinto. Imibala yezinkomo kufanele ayisho njengoba injalo, kungenzeki ihlazo uma sezibonwa ngamehlo enyama. Akumibala yazo kuphela okufanele ayazi kodwa kufanele azi nokumisa kwazo futhi akhumbule yonke into njengoba injalo ukuze ahambise umbiko okuyiwonawona. Umkhongi akufanele ahambe yedwa kodwa kundingeka ahambe . nomphelezeli noma abaphelezeli bakhe okufanele babe ngofakazi. Kufanele kube ngumuntu owazi izithakazelo zanxazonke ukuze athophe abamthumile nalabo athunyelwe kubo ukuzokokha umlilo. Yilowo nalowo mndeni wenza njengesifiso sawo maqondana nokuncokola nabasernzini. Abanye baye bakhiphe umfana bathi akagibele emthini bese umkhongi emehlisa ngemali. 1? mali yehlukana ngezigodi asikho isinqumo esiqondile sayo. Uma isikhishiwe Ie mali, ahakhongi bangeniswa endlini bese uqala umshikashika. 90 Uma esengene endlini kufanele kwenziwe isiqiniseko sokuthi Iezi zinkomo azithaphuzile esakhuleka usazikhumbula yini. Vcelwa'ukuthi akapbinde azithaphuze ngemibala nokumisa kwazo. VGumede, (2007) uthi: Vma kukhethwa umkhongi akufanele kukhethwe noma ubani nje ngoba umuntu ophambanisa izinto akafuneki. umuntu okhethwayo kufanele abe nolwazi oIunzulu ngezinkomo kanye nakho konke okuphathelene nazo. Ngaphambi kokuba umkhongi aphume ayokokhela umndeni umliIo, umndeni uba nenguyazana eqondene nawo wonke umsebenzi. Vmuntu omqoka kakhulu Iapha kuba nguyise womfana noma omele umndeni ngoba yilapho umkhongi athathisa khona konke. VMsimang, (1975:253) uthi: Vmkhongi usezohlanganisa amakhanda noyise womfana babonisane ngemibala yezinkomo ayomemeza ngazo emzini. into emqoka ukuthi akumenyezwa ngamaduna uma kusaqaIwa, wona aze afakelwe sekuya ngasekuphetheni. intombi ebivele kade iqomile yona imenyezelwa ngezinkomo ezine. Lokhu kuhlanganiswa kwamakhanda kwenzelwa ukuthi umkhongi azazi njengoba ezazi ngemibala yazo ukuze kungenzeki iphutha ekumemezeni kwakhe ngoba ngokuhamba kwesikhathi kuyohanjwa ziyobonwa. Ekumemezeni kumqoka ukuthi amaduna amenyezwe ekugcineni ngoba vele akekho ongajabula uma kuqaIwa ngawo ngoba wona awazaIi kuba kuhle uma embalwa. Intombi ebiqomiIe yona imenyezwa ngezinkomo ; .. 91 , ezine. Umkhongi ufika azimemeze zibe zine kuphela ngoba ukumenyezwa kwayo kufana nokwentombi ebaIekiIe. Kumqoka kakhulu ukuba umkhongi amemeze ngezinkomo ezinhle ngoba akekho uSokhaya ongafisa ukuba ingane yakhe iIotsholwe ngezinkomo ezimbi noma ezigulayo. Kungaba yichilo ukuthi zithi zifika nje ezamabheka zibe zibhuqwabhuqwa umkhonywana noma umbendeni. Yingakho-ke kuphuthuma ukuba izinkomo okumenyezwe ngazo ziyobonwa ukuze kucace kahle ukuthi bekungabalwa amatshe entaba kumbe ogondo nombamboziyabalwa. Ubuciko bomkhongi buthambisa inhliziyo yoMnurnzane wekhaya ngoba naye uvele azibonele nje ukuthi bazimisele ngempela ngokuthatha umntanakhe. Izinkomo ezingathandeki ngaphandle kwezigulayo, ogondo nezicije ngezinqe yihabulangwebu kanye nenebala ebusweni. Enebala ebusweni ibonisa ukuthi intombi elotsholwayo inesimilo esixegayo. Leli bala esikhuluma ngalo Iincane Iivele lithi ne ngenhla kwamehlo, Iokhu okubonisa ukuthi noma ingabanhle kangakanani kodwa kukhona into encane okufanele inakwe ngayo, ewukuziphatha kabi. Ihabulangwebu linomlomo okakwe wuboya obumhlophe lokho okuchaza ukuthi Iowo olotsholwayo uthanda amahabulo. Ubumhlophe obukake umlomo bungathekiswa nobumhlophe bengwebu yotshwala. 3.2.2 Ukubonwa kwezamabheka Uma umkhongi esewuqedile umsebenzi wakhe wokumemeza, uye acele usuku kubaba womntwana. Njengoba izinkomo bezishiwo ngemibala nangokumisa kwazo, ubaba wentombazane uphakamisa ukuthi kuhanjwe kuyobonwa lezi zinkomo ebezirnenyezwa umkhongi. Uma eyobona izinkomo uphelekezelwa abafowabo. 1.0 msebenzi unganyelwa umkhongi ngoba usuke useyingxenye yomsebenzi wakhe. Njengayo yonke imikhosi yokwenama kwaZulu, omame baye bacwilise baIungiseleIe loin suku lokufika kukamukhwe nozalo Iwakhe lapha ekhaya. Oyise bentombazane baye bavuke kusempondo zankomo uma kuqhelile kubo kamkhongelwa. Lokhu kwenzelwa ukuba bafike ekuseni. Ukufika ekuseni kungenza ukuba ezigulayo bazibone kaIula ngoba 92 zisuke zisalambile zingakadli. Kuba lula futhi ukuthi abasemzini babonwe ukuthi bangumndeni ohlangene ngoba basuke bengakahlakazeki. Uma betheleka nje uzwa ngenhlokomo yokukikiza komame bejabulela 'ukufika kwabazobona izinkomo. Kuba ngumsebenzi womkhongi ukubemukela aze ayobafaka elawini abalungiselwe lona. Zonke lezi ezingadingeki ziyakhishwa esibayeni kuze kusale lezo zelobolo. USokhaya wazisa umkhongi ukuthi acele ukuthi kuzobonwa izinkomo. Uma sebefikile ubatshela ukuthi nazi ezangempela ezazibikezelwa ngomlomo. Omame bayakikiza maqedane kubuyelwe elawini kuyobuswa. UMsimang, (1975:71), uyakufakazela lokhu: Umfana usezobika ukuthi impahla isibuyile, baphume-ke sebeya esibayeni. Usezokhuluma-ke uyise womkhwenyana athi; Nakho-ke nami Mlimngani engakuyenga ngakho. Sebezobonga bangcongcoze abasekhweni bese bebuyela endlini. UGumede, (2007) ubeka kanjena maqondana nokubonwa kwezinkomo: Ukubonwa kwezinkomo into emqoka kakhulu ngoba ngeke uze wazi ukuthi uma umuntu ememeza akamemezi zona yini izimbongolo. Phela abantu bangasho noma yini abayithandayo ukuyenga uyise wentombazane ukuthi avume nomntanakhe. Izwe selagcwala izinswelaboya ngakho Iokhu kusuke sekuwukugcwalisela amazwi omlomo. Uma seziboniwe izinkomo kugcwaliseka ezomlomo bese kuba sobala okwakumenyezwa umkhongi. 93 , Uma kutholakala ukuthi abakhongi babebale amatshe, ubuhlobo abonakali. Kugcina kulungiswe ngokuthi uma intombazane iqhubeka iyogana, indodakazi yayo yokuqala kuyothi uma ilotsholwa amabheka ayo azothatha isikhundla sezinkomo okwakufanele ziyolobola unina. Uma naleyo ndodakazi yabo ingayitholi iugane yentombazane kodwa ithola umfana, indodakazi yalowo mfana kufanele amabheka ayokhokha kwagogo wayo. 3.3 UknhIanzwa komuzi Uma kukhona odlulele kwabaphansi enxulumeni, lokho kuthathwa njengesinyama kwabasele. Kunezinto eziningi ezenziwayo enxulumeni ukuze kukhuzwe umhlola 10 owehlile. Kudingeka umuzi uhlanzwe bese wonke umuntu akhululeke ekwenzeni izinto ebezingavumelekile ngesikhathi kuziliwe. Okufike kugqame kakhulu uma kukhona ohambile, ukuhamba koMnumzane ngoba phela kusuke kwephuke insika yekhaya. Vkuhlanzwa kornuzi akulingani kodwa kuhambisana nokuthi ohambile ungubani emndenini. Uma kuhambe uSokhaya, kuningi okwenziwayo ngoba umuzi kusuke kufanele uhlanzwe. Kwesinye isikhathi umndeni awukwazi ukumelana namathunzi abakhona yingakho nje ngemva kwehlambo eminye imindeni igudlukela enxiweni elisha. Uma umnumzane esezogoduka kuba sengathi liyamtshela elakubo. Abafowabo baye basondele eduze balindele ukumvalelisa uma esezodlulela kwelabaphansi. Uma ezogoduka kahle ngaphandle kwesidumo esingabangwa yingozi noma urnphezulu, uthi esehamba bese esesishukile isiphuku azosongwa ngaso. Omunye uzisholo yena ukuthi ufuna ukufihlwaphi okungaba sernzini wakhe noma emanxiweni ukuze ayolala noyisemkhulu bakhe. Omunye uMnumzane uzisholo yena ukuthi ufuna ukubekwa kanjani, umndeni bese uhamba emazwini akhe. VMsimang,(1975:140) uthi: Kwakuvamile futhi ukuba umnumzane acele ukuba yena angalaliswa phansi lapho engcwatshwa, kodwa ahlaliswe. Ocele lokho, uzonele akhiphe isikhwehlela sokugcina bese kubulawa inkomo leyo ayiqokile, ihlinzwe masinyane kuthathwe isikhumba sayo sisemanzi agoqwe ngaso Dare esafudumele, esakwazi ukugoqeka, bese ebekwa emseleni. 94 , Yilokho kugoqwa kwezinyawo ukuze ahlale kahle elibeni okwaveza igama elithi ekufeni kukwagoqanyawo ngoba irnilenze yayiqoshanyiswa, nelithi kukwankatha ngoba ukugoqwa kwakumenza umuntu ukuba asongeke njengenkatha. Ukusongwa ngesikhumba simanzi kuhambisana nokusho kwenyanga uma icupha umuntu wayo bese ithi: Oyothakatha 10 muntu siyosongwa simanzi. Lokhu kucacisa ukuthi isigangi leso esikhunkulayo sizofa sishunqa kungalindele muntu, sigoqwe ngesikhumba esimanzi singasekho nesithuba sokusomisa. Ukuhlanekezela okuyinqubo yesizwe samaZuIu kuIezi zinsuku zanamuhIa akukuhIe neze, USokhaya ngokwesiko usongwa ngesiphuku esishukwe kahle uma eyobekwa endIini yakhe yokugcina. Lokhu kusongwa kwebhokisi ngesikhumba esimanzi kunhlanhlathisa okuyinqubo eqondile. NgokwenkoIo yoMdabu isidumbu siyahIonishwa siphathwe ngobunono ngoba kwaziwa ukuthi ulDuntu usuke edlulele kwabaphansi. Umuntu ngisho esaphila akambathiswa izambatho ezimanzi. Angasongwa kanjani ngesikhumba esimanzi uma esedluIele kweIabasenduleIayo ngoba veIe usathathwa njengophilayo? 3.3.1 Uknkhumula komame Uma uSokhaya ehambile, kuhamba kuhambe kuze kufike isikhathi Iapho omame kufanele bakhumule khona. l.esi sikhathi sidingidwa inhloko yomndeni kuqala ibonisane nozalo. Uma inkulumo isihlangene, oyinhloko wazisa umndeni wonkana kumbuthano lapho umndeni osuke ubizeIwe khona endlini enkulu, ikwethu eIiIithempeIi Iomuzi. Kubhungwa kunqunywe usuku IokukhumuIa. 95 ? Uma seliphumile lelo kuba semahlombe omame ukuba bacwilise. VMthembu, (2000:70), uthi: Yilowo nalowo mlobokazi uya lapho azalwa khona alande inkomo yokumhIambulula. Isithembu silala emakubo uma silande leyo nkomo. Uma kuhambe umlobokazi, umkhwenyana uya ekhweni naye ayohlanzwa. Le nkomo yaziwa ngokuthi yinkomo yokususa umnyama oyehlele ngokushona komyeni wayo. Uma isithembu sibuya, lezi zinkomo sezifika nazo ziyabikwa. Kufanele zihlale izinsnkwana esibayeni zize zejwayelwe yizinkomo zalapha ekhaya ziyeke ukuzigwaza. Njengoba lezi zinkomo sezihlala mqubeni munye nalezo ezifikileyo, ezokufika sezifana nezasekhaya noma sezihlatshwa amadlozi asezomukela njengezinkomo zawo. Igazi, umswani, nenyongo yazo kuthaphuke izibusiso. Vkushesha ukuhlatshwa kwezinkomo kungabukeka kuwubudedengn uma zisagwazana ngoba lokho kungaveza ukuthi azikemukelani. Ukungemukelani kwezinkomo kusho ukuthi nabaphansi abakemukelani. Yikho lokhu okungadala ukuba amalunga omndeni akhungathwe yiminyama namashwa futhi adindwe yizinswazi zemiswazi yabaphansi. VMthembu, (2000:70) uthi: Ngesonto lokugcina kuyafudunyezwa. Ngosuku olwandulelayo, kuhlatshwa imbuzi, kubikwe, kudliwe okwangaphakathi ilale emsamo, ngakusasa idliwe iphele ngaphambi kokuwa kwezinkomo. Izinkomo zihlatshwa njengokwelamana kwesithembu. Vma umuzi wakubo komunye womame ukhungethwe wubumpabanga nobuswezi, kurnelwe kwebolekwe, inkosana yomuzi ilifihle ihlazo lalowo marne. Kubalulekile enkosaneni ukuba onina ibaphathe ngendlela efanayo ngoba bayisithernbu sikayise. Ibufihle ngernpela ubumpabanga, ubuswezi nokweswela kwe1inye larnakhwe kayise. Ngokwenza lokho ikhonga ukuba uyise uma efika ezweni lezipho zonke ayicelele izicolo kanye nezibusiso. 96 , Lezi zinkomo kufanele zihlatshwe ngesikliathi esisodwa ukuze umsebenzi wonke kube owomndeni wonke nesithembu sonke. UGumede, (2007) uthi: Kungumsebenzi wanoma yimuphi umnumzane ukuthi akhiphe inkomo yokuhlanza umntanakhe emshophini obnkade umvelele. Kunenkolelo yokuthi uma kungenzekanga lokhu, kusala kunomshophi ekhaya abantu bahambise okwamazolo ehlobo. Ngalolu suku abesilisa baphuma inqina yehlambo kuthi uma sebebuya baye emfuleni bayogeza ngaphambi kokuba baye lapho kunomcimbi khona. UKrige, (1977:167) uthi: Much beer is prepared, and all the men of the neighbourhood set out to hunt, at the end of which they all wash in a stream with strengthening medicine, or at the kraal of the deceased with the water of that kraal. On their return home they sing the favourite anthems and praises of the deceased, and sometimes the girls will go forward to meet the men, chiming in occasionally with the refrain. The singing is continned even in the kraal, and all drink beer though ihlambo is not a pleasant occasion, as many of the relatives will still be in mourning. UKrige (1977) akayibeki kahle indaba yokukhumula komame. Into ayigqamisayo nje kuphela ukuhlangatshezwa kwabesilisa uma bebuya enqineni ngabesifazane. Into okungathi uyayibona kuphela ukuphuza utshwala kwabo bonke abantu. Lokhu kunokushayisana nokuthi akubona bonke abantu abaphuza utshwala. Into enye abuye ayiveze ukudliwa kwenyama. Lokhu kuveza umqondo wokuthi sengathi amazulu ayephileia ukuphuza utshwala, ukudla inyama kanye nokuthanda abafazi. Akunjalo 97 , ngoba 10 mcimbi kwesinye isikhathi uvusa izilonda esezipholile. Vthi uqhubeka kamnandi kodwa kube kuvuka inkumbulo yalowo osewedlulela kwelabaphansi. VMthembu, (2000:70) uvumelana nalokho okushiwo VMsimang, (1975:146) uma ethi: Vma onke amakhosikazi ephumelele ngasikhathi sinye lezi zinkomo sezizobulawa kanyekanye, kanye nezokhishwa undlafa abageze ngayo bonke. Ngakusasa lapho sekulungiselelwa ukudla inyama, asezophuma onke amakhosikazi aye emfuleni aphethe imvunulo entsha ayinikwe undlafa belu. Lo mcimbi ungumcimbi wokuthi abafazi baphume ekuzileni bakhululeke nokwenza izinto eziningi ezizilwayo uma kusaziliwe. Vkufelwa kuthathwa njengento eyisinyama ngokwesiko lamaZulu. Ngemuva kwalokhu imvunulo entsha kuvunulwa ngayo ngoba endala iyashiswa ngoba isuke inesinyama. Uma kukhona okufanele angenwe ebafazini, umndeni uyahlangana ubhunge uvumelane ukuze indlu yongasekho ime. Isiko Iokungenana lihle uma umuntn ezongenwa ekhaya ngenxa yokuthi izingane zonke kuba ezagazilinye, zibe nophawu lokuphuma lukhalweni lunye. 3.3.2 Vknkhothama kweNkosi Vma izinyane leNkosi selikhotheme kuye kuhlatshwe umkhosi kwaziswe isizwe sonke. Ukuhlatshwa kwenkomo okwenziwa uma kuhambe uMnumzane kuyedlulela lapha. Vma kukhotheme iNkosi kuye kuhlatshwe izinkabi ezimbili emnyama nemhlophe. Izikhumba zalezi zinkabi zigoqa iNkosi. Isikhumba esimnyama sisho ifu elimnyama elivelele isizwe bese kuthi esimhlophe sibhekane nezindIela ezimhlophe okufanele zehlele umndeni nesizwe sonke nendlela emhlophe kohambile. Isizwe ngokwaso siyaqhubeka silethe iminikelo eyizinkomo ukuze kudle abantn abasuke bezozimazisa emzini weNkosi. Yikho umuzi uhlale njalo unuka usi Iwenyama kuze kufike usuku Iokufihlwa kwayo. 98 , Ngalesi sikhathi iNkosi ingakatshalwa, izinkomo azisengwa kuso sonke isizwe, amankonyane ayanikelwa. Imigidi, imicimbi enjengezindwendwe namacece kuyama. 3.3.2.1 Vkubuyiswa kweNkosi Ukubuyiswa kweNkosi kwenziwa ngoBusika besithathu ngemva kokukhothama kwayo. Isizathu sokuthi ibuyiswe ebusika yingoba kubalekelwa imikhokha nemiswazi, ukuduma kwezulu nokushisa okungona ukudla. UMsimang, (1975:147) uthi: Okusemqoka ukuthi yonke Ie midanti yamahlambo nokugeza, nokukhumula, kufanele yenziwe ebusika. Uma kwenziwe ehlobo, bekuthiwa izulu liba nesiphepho esesabekayo, kusiphuke ukudla emasimini, kwemuke nezindlu. Yilowo nalowo nkosikazi uya kubo ayolanda inkomo yokumkhumula inzilo. Lezi zinkomo zifike zihlatshwe ngosuku olulodwa bese kuthi ezisalayo zisalele isibaya seNkosi. Ezinye izinkomo zokubuyisa iNkosi zilethwa isizwe njengezehlambo. Lokhu kuhambisana notshwala. Inzilo iyashiswa bese kuthi oNdlunkulu bavunule ngemvunulo entsha bese bekhululeka ukwenza imisebenzi abekade bemile kuyo. Ngesikhathi kudidizelwa komkhulu, amabutho asuke ephume inqina. Uma ebuya nezinyamazane enqineni ahuba ihubo lesizwe bese ziyaphekwa zidliwe. Emva kwalokho izizwe eziyizitha ezakhelene nesizwe seNkosi esikhotheme ziyahlaselwa kuthiwe akuyokhishelwa kuzo isinyama. Uma kukhotheme iNkosi amabutho ayo icala alibeka ezitheni zeNkosi. Azinuka ngokuthi zingabakhunkuli nonyawo zengqomfi okumele badle umhlabathi ukuze kukhishwe isibhongo ngokukhothama kweNkosi. Njengoba amabutho ehlasela nje abuya nezinkomo. Kuyaziwa-ke ukuthi lezo zinkomo ezidliwe empini zikhungele izingobe emashobeni. Impi iqhubeke njalo nokulamula kube lukhuni. Kuyabonakala-ke ukuthi ngemva kwehlambo leNkosi kulandela inqwaba yemingcwabo nokubulawa kwezinkomo eziningi endaweni yeNkosi nakweyabafo. Impela zakubona izinkomo zakubeletha. 99 Uma iNkosi isibuyisiwe kuhutshwa amahubo amakhulu esizwe. La mahubo akhonga izibusiso ukuze izwe libe namazolo lingashazwa futhi isizwe sibe nenala yamabele notshwala. Konke lokhu kukhongwa kuyona iNkosi ebuyiswayo yikho nje kwemukelwa ngemililizelo kanye nenkwahla yehlombe. 3.3.2.2 IhIambo leNkosi Njengehlambo loMnumzane nje, kanjalo nehlambo leNkosi lenziwa ngoBusika besithupha emva kokukhothama kweNkosi. Yilesi sikhathi lapho izakhamuzi zonke kuyileso naleso siletha inkomo. Yilezi zinkomo ezihlatshwayo kuleli hlambo.. UDlamini, (2007) uthi: Ihlambo lezinyane lesizwe alifani nelomuntukazanangoba ngisho iminwe ayilingani. Yileyo naleyo ndoda ikhipha inkomo ukuze umsebenzi ufezeke kahle. Akekho noyedwa oyikhalelayo inkomo yakhe ngoba imisebenzi esuke yenziwe iNkosi iyaziwa. OkaMalandela ubeka kucace ukuthi uma kukhothame iNkosi, umsebenzi wokufihlwa kwayo kuba umsebenzi wesizwe. Ukulethwa kwezinkomo ukuba zizofeza umsebenzi kukhombisa khona ukuthi iNkosi, iyit-.'kosi ngesizwe sayo futhi ngeke kube yiNkosi umuntu phaqa ongenasizwe asibhekile. INkosi uma isabusa yenzela isizwe izinto eziningi. Lokho kwenza ukuba kube yilowo nalowo Sokhaya angabi nangxaki uma kufanele aqhube inkomo ayise koMkhulu ukuyofeza umsebenzi. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi abantu uma bakhile endaweni yeNkosi bangabayo futhi bayayihlonipha. Le nhlonipho kufanele ngisho selithule izinyane leSilo bayikhombise ngoba ngisho seledlule, kufanele Iilethe izibusiso, inhlanhla nenala esizweni. Asikugcizelele ukuthi akekho uSokhaya osuke ephoqiwe ukuletha inkomo kepha basuke belandela onembeza babo. Besetshenziswa wuthando olunzulu abathanda ngalo iNkosi yabo. 100 , 3.4 lmisebenzi yokushweleza nokubonga izinyandeznlu Uma kukhulunywa ngezinyandezulu kwaZulu, kukhulunywa ngabaphansi. Abaphansi bayahlonishwa kwaZulu. lndlela yokukhombisa Ie nhlonipho kuba ukuthi banikezwe ukudla. Ukudla abanikezwa khona utshwala nenyama. Lokhu kubekwa ngenhlonipho emsamo endlini yangenhla ngoba yilapho imikhuleko yomndeni yenzelwa khona. Into ebekwa kuqala utshwala ngomancintshana bungakahluzwa ukuze abaphansi bangabudikili utshwala ngenxa yokuthi sebuze baphuzwa yimilonyana yethu engcolileyo. lncekwa kuthi uma kusahlinzwa ikhishwe ibekwe ogqokweni olungasenakuthintwa luze Iuyobekwa ngesizotha emsamo eduze kukamancintshana onotshwala obungahluziwe. Vma kukhona okuzokwenzeka ekhaya okungumsebenzi obalulekile, kuhlangana umndeni uhlanganiswa yilowo oyinhloko. Omame bayaziswa ngosuku lomcimbi bese becwilisa. Ngaphambi kokuba kuchithwe igazi lesilwane umcimbi wonke uyabikwa kwabaphansi. Enkomeni yokubikela abaphansi ngomsebenzi, umbala awusho lutho ingaba noma yiwuphi. Inkomo iba ngumxhumanisi phakathi kwabasawadla anhlamvana nasebaya koyisemkhulu. VKrige, (1977:188) uthi: Important as cattle are in the economic life of the tribe, they would never be held in such high regard or occupy the position they do in Zulu society, were it not for their enormous ritual value. Cattle are not only the link between the ancestors and their living descendants, but are the only means whereby the Zulu can al will get into touch with the ancestral spirits to make known his wants, or ask for blessings. OkaKrige (1977) ucacisa ngokusobala ukuthi izinkomo ziwumgogodla empilweni yesizwe samaZnlu. Lokhu kusivezela ukuthi umnotho wesizwe samazulu izinkomo ngoba zingumxhumanisi wabakhona nasebedlulela kokhokho. Lokhu kuphinde kusivezele ukujula kwenkolo yarna'Zulu nokukholelwa okukhulu emathongweni. Ubumqoka benkomo bubonakala ngokuthi, kube yiyona eselshenziswayo uma kulotsholwa, Izinkomo (Jkuzolotsholwa ngazo ziyabikwa kwabaphansi ngaphambi 101 , kokuba ziphume esibayeni. Uma zifika futhi lapho kuzokwendela khona umntwana ziyabikwa. Umnotho nemfuyo kungokwabaphansi. Abaphansi futhi abenza imfuyo ichume ngakho-ke kufanele uma kukhona okwenziwa ngezinkomo kubikwe kubanikazi bazo. 3.4.1 Ukubikela abangasekho Ngaphambi kokuba kuchithwe igazi abangasekho kufanele babikelwe ngokwenzekayo ekhaya. Ukubikela abangasekho kwenzelwa esibayeni okuyithempeli lomuzi. UNtuli, (2004:62) uthi: Isibaya yindawo yomkhuleko wasekhaya. Indawo yokuthetha idlozi. Idlozi alithethwa noma yinini esibayeni. Isuke imqoka into edinga kungenwe esibayeni kuthethwe idlozi. La msebenzi wokuthetha ubekwa ezandleni zegagu elazi umlando wekhaya kanye nezithopho zomndeni. Isizathu salokhu wukuthi uma ebika kufanele ababize ngamagama abozalo abangasekho. Kufanele abe nolwazi oluphelele lomsebenzi owenziwayo ukuze angabhimbi. Uma umsebenzi knngowokucela izinhlanhla kumbe owokukhuza umhlola noma owoknbonga,. lokho kufanele kuphumele obala. Uma kubikwa kwabaphansi abathintekayo kulowo msebenzi kufanele babizwe ngamagama. Konke kufanele kucace ukuze kuzwakale kahle kwabaphansi, yingakho nje kufanele kube yigagu elenza 10 msebenzi. Okufike kube mqoka ukuthi obikayo uma esebaqedile ukubabikela abaziyo ucela ukuthi badlulise umyalezo uye kulabo angabazi. Konke lokhu kwenzeka ngesizotha esikhulu. Kule nkolo yobuKristu lokhu kubika kungafaniswa nomkhuleko. UMsimang, (1975:127) uthi: Enkulumeni yakhe uzobhekisa kuyise womnumzane Iowa owenze umsebenzi, kodwa uma uyise Iowa esaphila, uzobhekisa kuyisemkhulu. Uzobabala njalo ebalandelisa ngokuzalana nokwelamana kwabo, ebaqaphuza nangezibongo, aze ayogcina ngabesifazane 102 , Inhlonipho imqoka kakhulu kubantu abangamaZulu. KwaZulu uSokhaya akanawo umuzi kodwa ngowalowo amzalayo ngoba owakhe kuba ngowamadodana akhe. Lena inhlonipho enikeza abadala indawo yabo. Kanjalo uma kweuziwa umsebenzi inkulumo ibhekiswa kakhulu kulabo abazala Iowa owenze umsebeuzi nakoyisemkhulur Lokhu kuhambisana nokubabiza ngokuzalana nangokulamana kwabo abangasekho. Lokho kukhombisa ukuthi abantu noma bengasekho kufanele banikezwe indawo yabo futhi bahlonishwe ngezigaba zabo. Kungethathwe owayenguthumbu kuqalwe ngaye ngoba lokho kungabe kungasayikhombisi inhlonipho. Abesifazane njengabantu abahlale belandela emuva ngisho kuhanjwa kwaZulu kugcinwa ngabo ngoba nabo baneqhaza abalibambayo ekubhekeni umuzi wabasawadla anhlamvana. Ukubathaphuza ngezibongo kuyabathokozisa abaphansi ngoba yilapho imisebenzi yabo nokuhlabana kubalulwa khona. Konke lokhu kuveza ukuthi izinyanya zikhona futhi ziyaphila ziyezwa nenhlonipho kufanele bayinikezwe. UMpanza, (2007) uthi: Kungaba lichilo elikhulu ukuthi kuze kuchithwe igazi ekhaya eliqondene nomsebenzi othile womndeni kungazange kubikwe. Phela abangasekho njengoba bayiso lomuzi kufanele konke okwenzekayo babikelwe ngoba ikusasa lomndeni likubo. Uma kungenzekanga lokhu, imishophi emibi ingeza ilakanyana bese kuthiwa ulaka Iwabaphansi abantu bazenze bona. OkaThabekhuIu ugcizelela khona ukuthi, abaphansi kufanele babikelwe konke okwenzekayo emizini abayibhekile. Uma kungabikwangwa, kuba namashwa ekhaya. Kwesinye isikhathi kuye kuthwalwe izandla ekhanda kuthiwe umuzi othile uneshobolo ishwa kumbe umnyama ngenxa yezigameko eziwehleleyo. Lokhu kungenziwa ubudedengu ekwenzeni izinto eziqondene nomuzi ngendlela engabathokozisi abaphansi. Kufanele kucoshelelwe ukuthi okuqondene nabo kugcinwa njengoba kunjalo ngoba nabo bayezwa futhi bayaphatheka kabi kanti kwesinye isikhathi banolaka. 103 , 3.4.2 Uknhlaba inkomo Inkomo kwazuIu ayihIatsheIwa noma kuphi kodwa kuba sesibayeni. Isibaya sithathwa njengenkundIa Iapho abaphansi behIanginiswa khona nabasawadla anhIamvana. Kulezi zinsuku kukhuIu esikubonayo ngoba amadoda amaningi asehIabeIa emva kweziIidIu kanti amanye ahIabela emagalaji. Kukhona nalabo asebehlala emadoIobheni lapho inkomo ihIatsheIwa emadeIeni. Isuswe isikhumba kukhishwe okwangaphakathi, iIengiswe ukuze yome bese isikwa ngamasaha ifike ekhaya isisikiwe, kungaselula ngisho nokwenza umbengo wodwa 10. Ingasaphathwa-ke eyezitho zayo. Lokhu kugcina sekuyifa IomZulu wasemakhaya kumbe ezabeIweni. UMsimang, (1975:20) uthi: Inkomo ibulaweIwa esibayeni ithempeIi IemihIatshelo. Isibaya yiyona ndawo emqoka enxulumeni ngoba yonke into ethinta izinyanya inokuxhumana okuthize nesibaya. Isibaya lesi silithempeli ngoba siyisizinda sokwesasa, ukuthetha, ukubonga, ukuceIa, ukukhuleka nomnotho. Kukhona isisho sesiZulu esithi, "ukuzalelwa ernqubeni". Urnquba uthoIakala esibayeni futhi waziwa ngokuthi uvundile. Umuntu ozalelwe emqubeni, urnuntu ozaleIwe endaweni enothile. Isibaya sinothile ngoba sinomquba owaziwa ngokunotha. Kuyabonisa ukuthi kwakungelona iphutha ukuba iNdodana yoMvelingqangi izaIeIwe esibayeni. Impilo yayo Ie Ndodana selokhu yanotha engakazaIwa, wanotha ezelwe, wanotha ephilisa ephulukisa iziguli waze wavusa ngisho abafile. Wafa wavuka; namanje unothiIe futhi unothisa acebise thina. Kuyisibusiso ukuzaIelwa esibayeni. Uma kuIinywa kufakwa umquba uhIanganiswe nenhIabathi bese lowo mhlabathi unotha, okutshalwe kuwo kukhule kahIe kunempilo. Isibaya siyithernpeli ngoba lamathempeli esimanje kusuke kukhonzwa Iowo okhonzwayo kuwo. Kubikwa konke kuye bese amandla akhe abhekane nanorna yisiphi isethuIo esilethiwe sifezeke. Ubuthempeli besibaya busukela benziwa ukuthi yiIapho zonke izinto ezithinta umndeni zibikelwa abaphansi khona bese bezisingatha njengokulethwa kwazo. 104 ? , Ziningi izizathu nemisebenzi enohlonze eyenza ukuthi uSokhaya ahlabe. Kwesinye isikhathi kuyahlatshwa uma kubuswa kanti futhi noma umndeni usemanzini, kugulwa noma kuxoshwa imikhokha ethize kuyahlatshwa. Ukuhlaba inkomo lokhu kuyahlonishwa. Uma kuzohlatshwa aligqanyiswa elokuhlaba kodwa elokuthi kuzoba nomsebenzi elihamba phambili. Igama lokuhlaba liyagwenywa ngoba kukhona amanye amadlozi amabi angasuke alisebenzisele ukuba abantu bahlatshwe yimikhuhlane kanti leli lemisebenzi livamise ukuzwiwa bese lisetshenziswa amadlozi obuhle angenabulukhuni. Abantu abaziswa kuqala uma kuzohlatshwa kuba amalunga omndeni indaba ingakaphumeli ngaphandle. Umphakathi uvele uzihlanganisele ngokwawo ukuthi kuzobe kufinywa ngendololwane kosibanibani. Omame baye baziswe ngokufanele bakwenze okwabo njengokucwilisa. Ngesikhathi kwenzeka konke lokhu, inkomo ezohlatshwa yaziwa uSokhaya kuphela ngenxa yesizathu sokuthi ingaze yehlelwe imiswazi emibi kumbe ihlatshwe umbendeni usuku lomcimbi lungakafiki, Into angaze ayenze ukuthi azise undlafa wakhe kuphela ukuze babonisane. Imisebenzi kwelikaMthaniya ivamise ukwenziwa ngenkomo yenduna eyinkabi nguba inkunzi inenyama elukhuni. Inkabi uma ikhule kahle yabankulu, uma ihlatshiwe kuba nenyama eningi.' Inyama eningi idliwa abantu abaningi. Kubakuhle uma kuhlatshiwe abantu bayidle baze bayibuke inyama, Ubukhulu benkabi yibo obukwazi ukubhekana nalokhu uma isihlatshiwe. Inkabi uma isikhulile umsebenzi wayo isuke isiwuqedile ngoba isuke isike yaboshelwa yalima amasimu. Okusuke sekusele ukuthi ithengiselwe labo abafuna ukuhlaba noma kushintshiswane ngayo bona bakhiphe esencane yensikazi. Okunye okumqoka ngokuhlatshwa kwenkabi ukuthi isuke ingeke isandise isibaya soMnumzane ngoba iyinduna futhi itheniwe. USokhaya kwaZulu uba uSokhaya oqavile ngokuba nobhisi wakhe ngakho-ke ukuhlatshwa kwenkabi akunamthelela ongakanani ekwandiseni umhlambi. Izinkomo zibuya inhlazane njengemihla zisengwe bese zidedelwa. Kuthi uma selithambama bese zibuyiswa. Uma selithambeme imisebenzi eminingi yosuku isuke seyenziwe njengokusenga nje futhi umsebenzi wokuhlinza usuke usuzophela seliyozilahla kunina. Lokhu kwenzelwa ukuba igazi livuze kahle enyameni nezimpukane 105 , sezilele. Kungaleso sikhathi-ke lapho uMnurnzane aziswa khona ukuthi sezibuyile bese ecela ibandla lime othangweni ngenhla kwesibaya bese eyikhomba okokuqala ngqa ezohlatshwa ngoba basuke bengayazi abanye. lnkomo okufanele ihlatshwe kuba ngeyesithukuthuku sakhe noma elifa alishiyelwa nguyise. Lokhu kwenzelwa ukuthi kungabikho muntu ongathi ezaziqondene naye zadliwa nguyise. Lezi kusuke kungezakhe futhi ngisho engazishiyelanga muntu kungabi nakukhuluma okutheni, Eyamabheka ihlatshwa kuphela uma umsebenzi ogcinwayo uqondene naleyo ndlu. Kulezi zinsuku inkomo isibulawa ngezindlela eziningi. Abanye bayigwaza ngommese abanye bayithuhluze ngenganono isakazeke phansi ishoba lilale amazolo. KwaZulu inkomo ihlatshwa ngomkhonto oyinsila yasekhaya ohlala endlini yangenhla ubhekane nokuhlabela imisebenzi kuphela. Angeke lowe mkhonto ube uvanzi nje ngoba abakhunkuli bangathola ithuba lokuwubhila bese kuba nemikhokha ethile ekhaya engaqondakali. Uma sekukhishwa izitho kumqoka kakhulu ukuba zikhishwe ngokufanele ukuze abadli bazo bangawothi ubomvu ngenxa yokungapheleli kwezitho eziqondene nabo. Esinye isitho esincane esimqoka kakhulu okufanele siphathiswe okwezikhali zaMaNtungwa yinyongo. Yona ikhishwa inikezwe uSokhaya ayigcine ngokufanele aze aphethe okufanele kwenziwe ngayo. Uma nje ehlatshiwe iqondene nokubuyisa umufi, inyongo yaleyo nkomo kufanele igqizwe iNkosana yekhaya esihlakaleni. UMakhoba, (2002: 128) uthi: lnkosana ibizelwa endlini engenhla. lnhloko yekhaya ibe isiyiconsisela okhakhayini nasezinyaweni ngenyongo. Elinye iconsi lithiwa co olimini. Enye inyongo uyichitha khona emsamo bese isikhwama sayo isigqiza esihlakaIeni sesandla sokudla. Baqambe bavafika nie abantu usegqizile umfana. 106 , Lokhu kubizelwa endlini engenhla kukhombisa ukuhlonipha abaphansi ngoba Ie ndlu iqondene nabo. Ukuconsisela ngenyongo okhakhayini kuveza ukwehlisela izibusiso phezu komfana ukuze akwazi ukuhola umuzi kayise ngobumnene. Ukuconsisela inyongo olimini kuyamqinisa ukuthi ngisho izinto sezinzima ekhaya kufanele abekezele. Lokhu kubekezelela inyongo ibaba kukhombisa izinto ezinzima nokuthi zizobe zibhekene naye ngqo. Ukugqiza ngenyongo esandleni sokudla ukubonga kwabaphansi nokuthi kufanele bamgcobe ngezibusiso ngoba inyongo ivamise ukunona. Isandla sokudla yiso esinamandla ngakho uma kufika izitha kufanele yena njengombheki wekhaya, abe namandla okuziphebeza umuzi kayise uhIaie uvikelekile. 3.4.3 Ukunyathela uselwa Lona nguMkhosi owethakaselwa kakhulu isizwe samazulu. Uqhutshwa ngasekuqaleni konyaka ngenyanga kaMasingana. Ngalesi sikhathi uselwa lusuke seluvuthiwe seluwulungele 10 msebenzi. Ubuye waziwe ngokuthi nguMkhosi Wokweshwama ngoba kusuke kweshwanywa ukudla okusha ezweni. Isizwe asivunyelwe ngokwesiko ukuba sidle kuqala ukudla okusha oNgangezwe lakhe engakakudli maqedane akhulule isizwe ukuba sidle. Owayeqa 10 mthetho adle ngaphambi komkhosi wayejeziswa ngoba ngisho iNkosi yayingakudli ukudla ngaphambi kokuba inyatheliswe uselwa. Amabutho eNkosi alma amadlangala ahaqe umuzi weNkosi ngaphambi kokuba kube yilolu suku olukhulu. Alala kuwo lawa madlangala, avuke kusempondozankomo ahube amabubo empi, akhuze nezaga kube kuhle kudele. Uma kulungiselelwa 10 Mkhosi iNkosi ayilali elawini layo kodwa ilala endlini yobukhosi. Umuntu onelungelo lokungena kuyo kuba ngunina nezalukazi ezindala kanye nensila yayo. INkosi iyabazila oNdlunkulu ngalesi sikhathi nabo futhi ababi uvanzi bagcaluze ebaleni lomuzi njengokwejwayelekile. Uma iNkosi ilindele 10 Mkhosi ihleli kule ndlu isuke imatasa igquma, iphalaza ibuye ikhwife ngemithi eyihlanganiselwa yinyanga yayo. Imithi ethakiwe isuke iyingxenye yezilwane eziyingozi ezibulala kalula. Lokhu kusuke kwenzelwa ukuthi iNkosi ibe namandla amakhulu. 107 , Ngosuku olwelama olukhuIu loMkhosi, kusuke sekuphithizela koMkhuIu ngoba lona kusuke kungoMkhosi wesizwe sonke. Kusuke kuphume nesinedoIo ukuyozizweIa oNgangezwe lakhe ekhulula isizwe ukuba sidle. Uselwa lutholakala ngasemfuleni. Luthi alufane neseIwa leli elitshalwayo. Ludinga olwazi kahle ukuze alubone uma seluvuthiwe. Uselwa luthandwa kakhulu izimamba. Selokhu kwathi nhlo uselwa luphekwa aMakhosi. lNkosi izazela ithatha ubuKhosi ukuthi owayo umsebenzi ezowenza ngqo ukupheka useIwa, ukuze kube yilo oluyoyisondeza kuzo zonke izinyandezulu zesizwe njengoba luthandwa izimamba. Umuntukazana ongase alokothe apheke uselwa ngabe ubangisa iNkosi ufisa ukuba izinyandezulu zikhulume naye izifuba zesizwe. Uma bangake abantu bezwe ukuthi kukhona omunye opheka uselwa ngaphandle kweNkosi, abantu bangamthunga ngejozi afe umshubo omnyama lungakavuthwa nakuvuthwa. Yikho-ke kunokukhuIuma okuthi uselwa oluphekwa umuntukazana aluvuthwa. Okufike kugqame ngalo ukuthi alungeniswa noma kuyiphi indIu kodwa lungeniswa endlini yeNkosi. UseIwa Iubekwa emnyango bese iNkosi iphuma endIini iIunyatheIe ukuze iziqinise ngaIo. Endulo kwakuphakwa impi iphume iyohIasela uma kuzoba nalo Mkhosi. Ngosuku oIukhuIu amabutho abulala inkunzi emnyama ngezandla nayo beIu isuke isilashwe yinyanga yakoMkhuIu. UMsimang, (1975:349) uthi: Le nkunzi ikhethwa kwezimnyama zekhethelo zale misebenzi efana nalona wokweshwama. Lezi zinkunzi zikhethwa zingephusa konini zisengamathoIe, zihlaIe zodwa ukuze zingadibani nensikazi. lnyama yenkunzi emnyama ebuIewe iye ibengwe ihlanganiswe nemibengo yengwe esuke izingelwe amabutho ngesikhathi amanye ephumile eyofuna uselwa. NgaIesi sikhathi uselwa lusuke luphekiwe luvuthwa, Le nyama yenkunzi neyengwe ibhilwa ngezinsizi neminye imithi, Amabutho avuka ekuseni kakhulu ngosuku lomcimbi ayogeza abuye esevunule econsa. lNkosi ivunula iconse ngaleli langa. Uzwa ngembongi isho ngengila 108 , ukuthi useyaphuma oNgangezwe lakhe. Uma iphumela obala uzwa ngoba isikhulekelwa. INkosi iholwa yinyanga ihambe nayo njalo ize ilunyathele iNkosi uselwa bese inyanga iluqoba ilunikeze iNkosi ukuba ilupheke. Ukosiwa kwemibengo kuqala ngalesi sikhathi. Le mibengo isuke isibhilwe ngezinsizi ezibabayo. Uma isidliwa iyamfimfithwa nje ayigwinywa kodwa kugwinywa umhluzi. Uma usuyimfimfithile wedlulisela umbengo kolandelayo. Lokhu kuletha ukuzwana emabuthweni ngoba yilelo nalelo lidla amathe elinye. Ukwedluliselwa kombengo kwelinye kusho ukubambisana noma kunzima ngoba inyama isuke ibaba izinsizi. Okumqoka ukuthi Ie mibengo kusuke kungeyona eyokwesuthisa amabutho kodwa kusuke kungeyokudlaimithi. UNdunankulu weNkosi uba seduze nayo ukuze adlulisele okushiwo yiNkosi esizweni. Uma iNkosi isiludlile uselwa itshela uNdunankulu ukuthi akazise isizwe ukuthi ithi iNkosi isiludlile uselwa isizwe singeshwama. Ngemuva kwalokhu abantu basuke sebengakudla ukudla okusha. Laphaya kwaDukuza emzini weLembe eleqa amanye ngokukhalipha, uJeqe onjengempisi wayeshabashabeka uma kuzonyathelisa iSiio. UDube, (1985:23) uthi: UJeqe ulaphaya enhla nesibaya usevunule naye, usebase umlilo wabeka imbiza lapho iNkosi izopheka khona uselwa. Inyanga isiyiqobile imithi isiyesabeka, nengwe isihlinziwe yabengwa nenyama yezinkunzi ezimnyama isibengiwe. Ecaleni laphaya ngasesangweni lamathole sekubaswe omkhulu umlilo lapho kuzokosiwa inyama Ie yengwe neyeziukunzi ezimnyama ebibulawa ngamabutho ngayizolo. Lokhu okushiwo uDube (1985) kukhombisa ukuthi iNkosi okufanele ipheke uselwa. KwaJeqe yize eyinsila yeNkosi kodwa akanalo ilungelo lokupheka uselwa. Lokhu kutshengisa ukuthi kusukela mandulo, yilowo nalowo wayazi ukuthi yilowo nalowo unomsebenzi wakhe yedwa angeke awudlulisela kumuntu. 109 , Ukuvunuia kukaJeqe kukhombisa ukuthi lolu kuba wusuku olukhulu esizweni. Ukuzithoba kwakhe abase umlilo kukhombisa ukuyihlonipha iNkosi. Ukuveza inyanga nokuqoba kwayo inyama kukhombisa okukhulu ukwethembela ezinyangeni kwesizwe samaZulu. Inyama yengwe ikhombisa ukuthi iNkosi nesizwe kufanele sibe namandla njengengwe njengoba iyisilwane esinamandla. Ukuhlanganiswa kwayo neyezinkunzi ezimnyama kusho ukuphindaphindeka kwamandia iNkosi namabutho ayo okufanele babe nawo. Kungenzeka ukuthi uJeqe nokusondelana nezinyanga zeNkosi kwasekuqala ukuba aqeqesheke njengenyanga njengoba wagcina eseyiyona ethwase kwelasebuThonga. Inyama yezinkunzi ezimnyama iveza ubumnyama obungakhungatha izitha uma zihiaseia isizwe seNkosi zibe nesinyama zehlulwe ziye emnyameni ongukufa uqobo. Isimo sale Mkhosi siveza isizwe samaZuIu kuyisizwe esihloniphayo nesilaieia iNkosi yaso. Ukungadli ukudia okusha ngaphambi koMkhosi kukhombisa inhlonipho nokuzithiba, Ukuhlangana koMkhuiu kusho inhlonipho nokuzibophezela ebukhosini nokuzazi ukuthi kukhona umlomo ongathethimanga esizweni. Ukuzithoba kwensiia yeSilo uJeqe kukhombisa ukuzinikeia okukhuiu njengoba simbona esebase umIiIo lapho iNkosi ezopheka khona uselwa, lngwe nenkunzi kulokhu kucaphuna kukhombisa izilwane ezinamandla. La mandia yiwona oNgangezwe Iakhe okufanele abenawo. Ukubulawa kwezinkunzi ngezandla kukhombisa amandia amabutho okungamandia eNkosi uqobo lwayo ngoba iNkosi ihiaseia ngawo. Ukuba namandia kwabasawadla anhlamvana kusho ukuba namandia kwabaphansi ngoba yibo abanikeza amandia kwabasaphila. Ukubulawa kwenkunzi kusho ubumqoka benkomo engumxhumanisi wabaphansi nabaphezulu. lzinkunzi ezimnyama zisho isithunzi seNkosi nokwesabeka kwayo. Ubumnyama kuvamise ukweyanyaniswa nokufa, amashwa kumbe iminyama kanye nomubi owaziwa ngokuthi uSathane. Ukukhethwa kwenkunzi emnyama kubikezeia isithunzi bese kucaca ukuthi omelene neNkosi wuye oyoba nomnyama, agebele eweni lobumnyama bengcwaba kanye nokuba yinceku yeNkosi yobumnyama omubi obizwa ngoSathane. 110 , Ukuvuthwa koselwa oluphekiwe kukhombisa ukuthi ukudla sekuvuthiwe emasimini sekungadliwa. Ukuphekwa koselwa isikhathi eside knkhombisa isikhathi eside soknlinda kusakhula ukndla knnakekelwa, kuhlaknlwa amasimu okufana nokukhwezela ibhodwe elipheke uselwa. Uma kulinyiwe kukhona izikhathi ezinzima lapho ithemba' elicishe liphele uma imvula ingasani. Umlimi ubeka ithemba lakhe kuNomkhubulwane ukuthi uzoyinisa imvula. Kanjalo nebhodwe uma libekwe eziko, wonke amathemba alo aba kumkhwezeli ngoba uma engakhwezeli umliIo, uyalotha kwenyele ukudla. 3.4.4 Ukubekwa kweNkosi Njengoba izinsuku zomuntu zibaliwe emhlabeni nawo amaKhosi uma esebizwe ngabaphansi adlulela kubo. Kuyishwa elikhulu esizweni ukuhanjelwa uNomthebe waso. Uma esehambile isihlalo sobukhosi kufanelwe sithathwe omunye ofanele ngokuzalana nangokwesiko lesizwe. UMkhosi woknbekwa kweNkosi wenzeka uma sekugcinwe yonke imidanti okufanele yenziwe njengehlambo nokubuyisa. Uma isencane inkonyane yeNkosi, .umndeni ngokuvumelana nesizwe ukhetha ibambabukhosi. lbamba ligcina yonke imisebenzi okufanele yenziwe yiNkosi lize likhule inkonyane maqedane lithathe isihlalo sobukhosi. Kwesinye isikhathi kuze kubenombango ornkhulu oholela ekuchithekeni kwegazi kubangwa isihlalo. Isihlalo singabangwa abaNtwana beNkosi bebodwa. Kungenzeka futhi kuthi ibambabukhosi ligweve naso isihlalo selizibona ukuthi sekungaba yilo elingasale seliba yiNkosi unomphela elokhu ababaza ubuncane bezinyane elisakhulayo ebona ukuthi aIikaqini. Aqhubeke nokubusa kungasafanele. UGcumisa nozakwabo, (1992:24) ngomlomo wembongi ezibongweni zeSiIo esibusayo bathi : Ziyeke lezo nkomo Ukuyikhipha amakhalane Aziseluswe nguwe, Zeluswe yi,'-'dlondlo yakithi KwaKhethomthandayo. Kuyabonakala ukuthi inyosi ihebeza ibambabukhosi ukuba lisuke esihlalweni lipheze 111 , ukusenga izinkomo zeNkosi okungabantu bayo, ngoba usekhulile umelusi wabo. Abantu lapha bafanekiswe nezinkomo. Izinkinga zabo zafaniswa namakhizane. KuyabonakaIa ukuthi ibamba lizama ukuheha abantu ngokuthi lenze sengathi liyabasiza, libaIethela izidingo zabo, kanti lenzela ukuthenga izinhliziyo zabo ukuze zilithande zilesekeie ukuba lingasheshe liphume esikhundleni. Othatha isihlalo sobukhosi ngokwesiko lesizwe samazulu kuba yindodana yokuqaIa yeNkosikazi yaseNdiunkuiu. Kwesinye isikhathi uma iNkosikazi ukhaIo lwayo lungaphiwanga umfana, ubukhosi buwela eQadini. Kwesinye isikhathi kuthathwa umakoti bese elotsholwa ngezinkomo zasendlini kaNkosikazi bese kuthi uma ethola umNtwana womfana kube nguye othatha isihlaIo sobukhosi. INkosi kayinqunyelwa ukuthi ingaba noNdiunkulu abangaki kodwa kukhathaIa yona. Kwesinye isikhathi kuthi sekwenzeke konke lokhu bese iNkosi ithatha omunye futhi uNdlunkulu ozalwa ebuKhosini. Umuthi isuke isiwuchithile inkonyane uma sekwenzeke lokhu ngoba kuba nguyena ozala iNkosi ngoba isuke isiphingwe enkulu. Kwesinye isikhathi kusuka umsindo eNdlunkulu abaNtwana beNkosi bebanga isihlalo sobuKhosi. 1.0 mbango bewuze ulanyulwe unkatha. Le ndlela yiyona futhi elamulayo uma umndeni ungavumelani ukuthi ngubani okufanele abe libamba- buKhosi. Oyinhloko yomndeni uhlanganisela umndeni endlini engenhla lapho kugcinwa khona inkatha. Laphaya endlini kuhlanganiswa ubulawu bokumisa amaKhosi neminye imithi bese kuthathwa imbiza egcwele lobu bulawu kubizwe labo ababanga isihlalo. Vma sebefikile kufanele ovunywa ngabaphansi ayiphakamise kodwa owehluleka ukuyiphakamisa, kuthiwa waIiwe ngabaphansi. Oyiphakamisile uyasithatha isihlalo sobukhosi. INkosi uMpande lokhu yakwenza ngenye indlela ngoba yona yafisa ukubeka owayezothatha isihlaIo sobukhosi isawadla anhlamvana. 112 , UMsimang, (1975:336) uthi: UCetshwayo wabe esebanga Mbuyazwe. UMpande wabulala ithole lokusika amabawu wathi oliphakamisile ithole uyena oyobusa emva kwakhe. Wadumba ukuthi liphakanyiswe uMbuyazwe kuqala lokhu wayefisa kubuse yena engasamthandisisi uCetshwayo. Lamehlula nokho uMbuyazwe, uthe efika uZitho zimagwegwe, walithi thasi walinhakamisa kwadnma n "Ravede' Ubumqoka benkomo njalo lobu obenza ukuthi iNkosi uMpande iqome ukuthi kuphakanyiswe ithole. Zazingaphakanyiswa ezinye izinto kepha iNkosi yakhetha ithole ngoba kuyinkomo. AbaNtwana beNkosi babizwa ngokuthi bangamathole eSilo. INkosi yayifuna ukuthi ngubani owayengaphakamisa ithole, lokhu okungasikhombisa ukuthi ubani owayenamandla. Ithole eliphakamise elinye ithole kuba yithole elinamandla eselingedluliselwa esigabeni sokuthi liphathe amanye amathole ngoba linamandla. Amandla angavikela isizwe ezitheni. Uma eseqokiwe Iowa okufanele athathe isihlalo sobukhosi, kuhlelwa umkhosi omkhulu eNdlunkulu. 3.4.5 UMkhosi Womhlanga lzizwe eziningi zabeNguni eNingizimu ye-Afrika, ziyawugubha 10 Mkhosi. Isizwe samaZulu sasiwugubha 10 Mkhosi ngisho emandulo. Washabalala ngesikhathi kubusa iSiio sakwaDukuza. Ngalesi sikhathi sasingekho isikhathi semicimbi eminingi ngoba ilembe lalimatasatasa libumba isizwe samaZulu. 1.0 mkhosi wabuye wavela ngesikhathi kubusa iSiio '\iMsimud'owaveia ngesiluba phakathi kwamaNgisi namaQadasi" ngoba isizwe sasesibunjiwe, izimpi eziningi seziphelile. Ngesikhathi kubusa ''uZulu ladum'obala, lapha kungemunga kungemthole, uHlamvana bhul'umlilo", lathi ukuthi bohlololo futhi ngenxa yezimpi. Lize ladlondlobala lavuselelwa "u'Vava Iwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo" ngokubambisana noMntwana wakwaPhindangene. Ezikhathini zasemandulo 10 mkhosi wa....rugujwa izinsuku eziningi, kungafani namanje lapho usugujwa izinsuku ezimbalwa. Amatshitshi afike agobe arnadlangala koMkhulu bese omame bewayala bewatshela ngobuhle bokuziphatha kahle besina bededelana 113 , begcizelela ukubaluleka kobuntombi, ukuzithiba, ukuziphatha nokubaluleka konembeza. Lokhu kwenzelwa ukuba amantombazane aziphathe kah1e aze agane abe ngomame besizwe bakusasa abaqotho abangeke baphoxe abazali, iNkosi, kanye nesizwe. Ukuze babe nesiqiniseko salokhu, lawn matshitshi angahlolwanga emakhaya, afike 'ahlolwe khona laphaya emkhosini. UKhuzwayo, (2002:74) uthi: Injongo yalo mkhosi ngaphandle kokuthi iNgonyama ilapho itbola khona ithuba lokukhetha uNdlunkulu omsulwa, ukugqugquzela ukuziphatha ngenhlanzeko kwezintombi nokuhlonipheka komuntu wesifazane. Esikhathini sanamhla uMkhosi Womhlanga usebenza njengesikhali sokuvikela leli gciwane lesandulela ngculazi nengculazi uqobo Iwayo. Kusobala manje ukuthi 10 Mkhosi usunhlosoningi uma ngaphezu kokugqugquzela ukuziphatha kah1e kwezintombi zize zende, sekukhona ukuvikela izintombi kulo mbulalazwe okuyingculazi. , 1.0 mkhosi ufika esicongweni ngosuku lokugcina lapho amatshitshi evuka ekuseni aphume emadlangaleni awo eyothatha umhlanga. Athi ebambe indlela abe ehuba engqabashiya eshiselwa igazi lobuntombi nto. Yileyo naleyo ntombi iziphathela owayo umhlanga. Uma esebuya nomhlanga ahuba aze awethule phambi kukaNomthebe wesizwe. Kulezi zinsuku, oNgangezwe lakhe uye ange esiphongweni !eyo ndodakazi yakhe ejutshelwe ukuhola izintombi kulowo nyaka. Emanga njengomuntu omele isizwe sonke nezintombi zonke. Yilokho okwenza izintombi zonke ezisuke zisemhlangeni ukuthi zizizwe zisicoshile leso sibusiso. Kusindwa ngobethole kufinywe ngendololwane koMkhulu uma kugujwa 10 Mkhosi. Kuhlatshwa izinkomo eziningi. Inyama yazo idliwa izivakashi, isizwe, amabutho kanye DaWO wonke umuntu okhona. Njengayo yonke iMikhosi yakolvlkhulu nawo 10 Mkhosi 114 , uba nedumela uhIonishwe. UGcumisa nozakwabo, (1992:15) baphawula kanje ngombuso ngosuku loMkhosi WomhIanga: Kubalulekile ukuba 10 mkhosi uchithelwe igazi. KuhIatshwa izinkomo kubikwa kwabaphansi futhi bekhonjiswa ikhaba abalishiyayo. lzinkomo lezi zihIatshelwa futhi ukuba kudle amatshitshi namabutho enkosi kanye nabo bonke abasuke bevizihambeli. Umuzi wakoMkhulu umuzi wezinyandezulu zawoPhunga noMageba. Imicimbi eyeuziwa khona kufanele ibe nesibusiso saba ukuze ihambe kahIe. Ikhaba elethulwa kubo ikhaba lesizwe nomame besizwe bakusasa. Uma kunjaloke kufanele ukuba loMkhosi wethulwe kubo. UMkhosi uba ngumkhosi ngoba kuchitheke igazi yingakho nje kuhIatshwa izinkomo ukuze kuxhunyaniswe abaphansi nabaphezulu ngazo. Ukuchithwa kwegazi ngakwelinye icala kusuke kuwukubonga abaphansi ngokuthi kukhona izintombi eziwuhIoniphayo umyalelo wabazali. Ukuziphatha kahle kwamatshitshi kusho ukuhIonipheka kwesizwe. Ukuhlonipheka kwesizwe kuveza ukuthi abasawadla anhIamvana bayabahIonipha asebedlulela kwelezipho zonke. Ukuthokoza kwabaphansi kuletha inala nezibusiso ezweni. Isizwe siyabusiseka uma abaphansi bephathwa kahIe behIonishwa, bephiwa ukudla futhi baziswa ngakho konke okweuziwayo ukuze bakuthele ngemvula yezibusiso. UDlamini, (2007) uthi: Njengoba sekunalo mashayabhuqe, ukuzigcina kwamantombazane kumqoka kakhulu. Amathuna lawa agcwele yonke imimango angancipha uma izingane zethu zingazithiba. Ukulala ngaphandle komshado yikho lokhu okwenza abantu bafe kanjena. 1.0 mkhosi muhIe ngoba uphoqa ukuthi izingane zingabambi zilala noma nobani. 115 , Imvamisa ingculazi idalwa wukugqekezwa kwesibaya soMnumzane. Kuthi ngokwenzenjalo umqholiso kanina wentombazane wemuke nomfula ngoba intombazane isuke isinikele ngenkomo kumfokazi. OkaDlamini (2007) lapha uveza ukuthi 10 Mkhosi Womhlanga ubaluleke kakhulu kangakanani kuIezi zinsuku ngenxa yesifo sengculazi esesiqede isizwe. Ubona ukuthi uMkhosi Womhlanga uneqhaza elikhuIu elingenza ukuthi lesi sifo singabhebhetheki ngaleli zinga eliphezulu kangaka. Uma amantombazane angagcina ubuntombi bawo, lokho kusho ukuthi ukuya ocansini noma nobani kungancipha. Izintombi zingazithiba zize zigcagce anduba ziye ocansini. Lo mcimbi ubaluleke kakhulu ngoba uthi umuntu evikele ubuntombi bakhe, abe evikele impilo yakhe ekuhlaselweni yilesi sifo ngakolunye uhlangothi. Into eyenza ukuthi izintombi zifmyelele kulo mcimbi, ukuhlolwa njalo njalo. ZihIala ngokuzithiba uma zazi ukuthi kukhona lelizembe elibekiwe lokuthi zihlolwe. Zizigcina ziyizintombi nto knze kufike isikhathi sokuthi zende. UHulumeni kaZwelolonke usanda kushaya umthetho wezingane ophikisana nesiko lokuhlolwa kwezintombi. Kuyadabukisa nokho ukwazi ukuthi uHulumeni ukubona lokhu njengokuhlukumeza ukuzikhethela komuntu. Nakuba uHulumeni waseMzansi Afrika kunguflulumeni wentando yeningi ohambisana nokuzikhethela kodwa lokhu kubonakala kungukunqunyelwa ugwayi katiki kwelinye icala. UHulumeni ukubona kungukuhlukumeza amalungelo ezintombi ukuhlolwa ngoba zinelungelo lokugcina izimfihlo zazo. Iqiniso lithi akukho muntu ophoqa izintombi ukuba zihlolwe kodwa zizikhethela zona. Akulona iqiniso-ke ukuthi kukhona ukuhlukunyezwa kwelungelo lomuntu uma kwenziwa njalo ngoba umuntu ulalela ugovane wakhe bese ehlolwa ngoba ethanda. La mthetho yiwona kanye ohlukumeza amalungelo abantu ngoba uvimbela lokhu umuntu afuna ukuthi enziwe khona. Lokhu kubukeka kungukubulala lokhu okuyifa lawobabamkhulu lokubumba isizwe esimqoka nesizigqaja ngamasiko aso avunywa izinyanya oPhunga noMageba ukuthi 116 , alungile. Okufike kubekuhle ukuthi uNomthebe wesizwe akakugqizi qakala konke okungukuvimba ukuthi 10Mkhosi uqhubeke ngoba usaqhubeka nanamhla nje. Wukuzincelisa ngombele wemfambele ukuthi, kuthi kukhona izidumbu eziphuina uma abafana bamaXhosa nababeSuthu besentabeni, kepha uHulumeni awufake esiqundwini. Kuthi-ke uma amantombazane ehlolwa yizalukazi ngokulunguza ngeso-nje kuphela, nalapho kungophi muntu, singasayiphathi-ke eyokuphuma kwesidumbu lapho intombazane iphuza umuthi wokubulala umbungu usesesiswini noma iwushule. Impela bayombona uMdali wezinto zonke oshaye umthetho wokuthi ''ungabulali'' njengoba bebulala nsuku zaphuma. Lokhu kungukuphambana nesifiso sikaMdali esithi "zalanani nande". Laba abaphikisana nentando yabaphansi baphikisana noMdali uqobo Iwakhe ngoba nguye othumela abaphansi ukuba bafake imbewu kubantu ukuze bazalane bande. 3.4.6 Vkutshalwa kweNkosi Uma umkhosi usuhlatshiwe wokuthi iNkosi isikhotheme, kuba nemicikilisho eminingi okufanele igcinwe. Vkukhothama kweNkosi kulifu elimnyama esizweni. Okufike kududuze isizwe ukuthi iNkosi iyatshalwa. U-B.W. Vilakazi uma ebikezela ukufa kwakhe UIlSa ukuba embelwe engangcwatshwa. Lokhu kusho ukugcinwa kwento eyobuye isetshenziswe ngomuso nguba ibigcinwe ngokuba imbelwe. INkosi iyatshalwa. Imbewu ayimbelwa kepha kwenziwa umgojana omncane bese kubuyiseiwa umhlabathi. UhIamvu oIutshaliwe Iuyafa bese kumila isithombo kumbe umuthi omusha oqinile kunalowo wokuqala. Okutshaliwe kunokumila, kuthele, kudliwe, kondle abantu. Ukutshalwa kweNkosi kusuke kusho ukuthi isazomila kabusha maqedane ibe nezithelo. 1Nk0si ukumila kwayo kusukela enkolweni yokuthi ngokwesiko IakwaZulu umuntu akafi kepha wedlulela kwabaphansi bese ebheka umuzi wakhe futhi eseyidlozi. Ngakho-ke iJl.'kosi kuthiwa iyatshalwa ngenxa yalesi sizathu sokuthi ibuya isiyisithombo esisha esigcwele impilo, esiletha inala esizweni. Imikhosi eminingi nokwenza imisebeuzi ethile kuma nse, kubekhona nkuzila esizweni. Isizwe size sikhululeke uma L."'lkosi isitshaliwe kanti oMdlunkulu bona baze bakhululeke ngemva kokubuyiswa kukamufi. 117 Uma kwephuke insika yesizwe kuba nokuthinteka okukhulu esizweni ngenxa yeminjunju yokuhanjelwa umvikeli. Lokhu kugqama ngokuthi kube yilowo nalowo Mnumzane ofuyile nonhliziyo ivumayo alethe inkomo komkhulu ewukukhala kwakhe futhi ezobhekana nezidingo zomsebenzi obhekene nesizwe. Kudingeka ukuthi iNkosi itshalwe ngesizotha njengomuntu osuke engumkhuseli wesizwe. Ngosuku olwandulela olokutshalwa kweNkosi kusuke sekuphithizela koMkhulu. Imbongi iqala kubo lobo busuku ithaphuza amaKhosi andulela lena ezotshalwa ize ifike kuyo. Kwesinye isikhathi iwathaphuza kuze kuse. Umfihlo wenganyelwa oyinhloko yomndeni kanye nabafowabo bakamufi. Ezikhathini zasendulo ngalesi sikhathi kwakusuke sekuxhaphazela amathumbu ensileni yeNkosi ngoba yayazi kamhlophe ukuthi izosiwa kwagoqanyawo yendlalele iNkosi. Yilokhu okwenza uJeqe onjengeMpisi wakwaButhelezi ukuthi ambe ambulule ngesikhathi sekukhotheme iLembe kwaDukuza. UDube, (1985:41) uthi: Waphaphama uJeqe, uthe ephaphama enye yezinceku yayikhwezela isihlonti soqunga, wacikica amehlo, wacabanga. Wathi enhlizweni ngizolalela noma angizulalela izwi lawobaba? Waphuma endlini njengomuntu oya ngaphandle. Uthe ephandle umqondo wokweqa wagunya. Ukuze angabonakali ukuthi uyeqa, waphuma entubeni engaphethe zikhali, wahamba waye wafika emfuleni. Wageza ukuba abe nendlela emhlophe njengoba nakhu esuka esidunjini. Weqela ukhalo ngaphesheya wasiphula isiqunga, wahlafuna impande yaso wakhwifa, esusa wona umnyama wesidumbu. Weqa ukhalo wagijima, wagijima engaqondi nalapho eya khona. Lokhu okwenziwa uJeqe ngesikhathi eqa kwakungukuziphephisa ngoba wayazi ukuthi noma kanjani kufanele endlalele iNkosi. Ngesikhathi esefunwa wayesejubalele. 118 , Ubuhlakani bukaJeqe buvela ngesikhathi ephuma kwaDukuza engumuntu omsulwa. Owayengambona wayengeke acabange ukuthi uyeqa. Ukugeza kwakhe nokuhlafuna isiqunga akhwife, kukhombisa ulwazi lokuthi uyazi ukuthi isidumbu sinomnyama kanti ukukhwifa ngesiqunga kusho ulwazi lwemithi. Lokhu kuluphawu kanye nokubikezela ukuthi okaShenge wayezogcina eyinyanga. Ukukhothama kweLembe kwaphuca uZulu iSilo esinobuhlakani obukhulu. Ukuphalala kwegazi likaShaka yinkomba yokulahleka kobuthusi kanye nobunsimbi besizwe sakwazulu. Ukuba akagudluzwanga uShaka wayengezukweqa uJeqe ngakho konke abhekana nakho kwakuyogwemeka. Ubunyanga bakhe abufunda krrSithela, abaphansi kanye noMlenzemunye babengakuhlela ngenye indlela. Ukweqa kukaJeqe kwenza ukutshalwa kweNkosi kube ngokungahambisani nesiko lama'Zulu ngoba insila yayo ayiyendlalelanga. Ukuba uShaka akagoduswanga zazingeke zikhothame izingane zikaSenzangakhona kuze kusale uGqugqu noMpande. Impi yaseMaqongqo yokugqabuka kwegoda yayiyogwemeka nemibango, iziphithiphithi nezimbedumehlwana zaziyogwemeka. Impela ukuhamba kukaShaka owayebekwe ngabaphansi kwashiya isizwe kwesikabhadakazi nabantu abangakwazi ukubusa izwe. Abantu abakhuthalela ukukhalisa kunokududuza Baphungule kunokuba banezele. Bephule kunoma behlumelele. UGcumisa nozakwabo, (1992:15) bathi: Isikhotheme inkosi emuva kokudunguzela, kuhlatshwa inkabi enzima kanye nenkabi eyilanda ukuze ziphelezele inkosi. Phela izogoqwa ngezikhumba zalezi zinkabi. Esimnyama siba ngaphansi bese kuthi esimhlophe siyisonge ngaphezulu. esimnyama esokuzila kanti esimhlophe esokuthi: "Okumhlophe phambili", Ziyablatshwa-ke nezeminye imibala izinkomo kuhlatshelwa ukuba kudle amabutho. 119 Ezintweni zonke ezikhona okungasongwa ngakho urnzimba weNkosi kuba yisikhumba senkomo ngoba siligugu elikhulu futhi sihlala isikhathi eside singagugi. Ukuhlonishwa kwaso ukuthi singahlala isikhathi eside, yikho ekwenza ukuthi sethenjwe ukuthi singagcina urnzimba weNkosi isikhathi eside ngaphambi kokuba udliwe umhlabathi. Ukufa kuyisinyama vele yingakho nesikhumba senkabi esiba ngaphansi sibamnyama, lokhu okukhombisa ukuthi isizwe sizilile ngokushiywa umholi waso. Ukuba ngaphansi kwesikhumba esimnyama kungasho ukuthi umnyama ucindezelwa phansi, yikho esimhlophe esiba ngaphezulu, kuyisona okufanele silethe izinhlanhla ezweni. Umbala omhlophe ngaso sonke isikhathi uthathwa njengombala wenhlanhla yingakho nje lesi sikhumba kuba esokucelela otshalwayo indlela enhle nokuthi kukhanye phambili. lNkosi ithwalwa ibutho layo elintanganye nayo uma isiyobekwa endlini yayo yokugcina. Kusuke kuhutshwa ihubo lesizwe ngesikhulu isizotha. Amabutho alandelwa iNdlunkulu. Inyosi isuke ithaphuza wonke amaKhosi aphambi kwephangalele ize ifike kwefihlwayo. Inxusa koyisemkhulu, ikhalele isizwe, icela indlela enhle kanye nokubheka isizwe. Akugcini lapho kodwa isuke ithetha ikhuza umhlola ovelele isizwe, icela nokuthi ayemukelwe kahle kwelabaphansi. 3.4.7 UMkhosi weLembe Kulezi zinsuku zanamuhla uZulu wonkana awukwazi ukulibala umbumbi wesizwe maZulu. Lowo, UNodumehlezi kaMenzi. Wadlula emhlabeni esenqobe izizwe eziningi. Isizwe samaZulu sasingekho kodwa kwakukhona abeNguni. . Ngemuva kokunqoba wabiza isizwe owayesibumbile ngoZulu. Izwe lakwaZulu labe liphesheya kweMfolozi emhlophe, endaweni okuthiwa kukwaNobamba ebuye yaziwe ngokuthi kuseMakhosini, lapho kulele khona amaKhosi akwaZulu. Wayengabafuni abantu abangamagwala ngoba yena wabe enesihindi esesabekayo. lsibindi ayenaso samenza waduma izwe lonke. Imisebenzi yakhe yobuqhawe nobuhlakani yikho okwenza ukuba enzelwe umkhosi wokumkhumbula njalo uma zingamashumi amabili nane 120 , kwekaMandulo ngonyaka. Lokhu kwenzelwa edlinzeni laso iSilo elikwaDukuza okwakuyisigodlo saso. Lolu suku kukholelwa ukuthi yilo okwakhothama ngalo lesi Silo. Lo mkhosi muva nje udonsa amehlo omhlaba ngenxa yokuthi iLembe iSilo esidume umhlaba wonke ngenxa yobuqhawe nobuhlakani baso. Uma sihlasela sasifike sinqobe bese sithatha izinkomo nabesifazane abasebancane ababeyogana amabutho ukuze isizwe sikhule. VKrige, (1977:12) uthi: Shaka employed the same tactics as before. But on this occasion, realizing that he could achieve nothing more till the Ndwandwe force was broken, he sent his army to destroy Zwide's kraal and capture the women and cattle. OkaKrige (1977) lapha usivezela ukuthi iSilo sakwaDukuza sasisebenzisa indlela enobuhlakani obukhulu uma sihlasela. Vma uthatha izinkomo nabesifazane abasebancane esizweni, usuke usinqinde inqubekela phambili. Abesifazane uma bengeko, azibikhona izingane ezizalwayo. Vma izinkomo zingekho, leso sizwe siyisizwe esihlwempu ngoba izinkomo zazingumgogodla ophethe ukuphila. ISilo senza lokhu ngesikhathi sesinqobe impi kaPhakathwayo eyayiphindwe kathathu ngaphezu kweyayo. Saphinda futhi okufanayo ngesikhathi sinqoba uZwide .kaLanga. Lokhu kuthathwa kwezinkomo kuphinde kuvele futhi ezibongweni zalo iLembe lapho uNyembezi, (1958:24) ethi: Okhange!'ezansi nalvladungela, Izinkomo zawoSihayo zabuya, Kwaye kwalandela nezikaMafongosi, Ebezisengwa yindiki yakwaMavela. Kwakungasakhali Nkomo kwaNtombazane, Inkomo yayisikhala kithi kwaBulawayo Leli binza lisivezela okwakwenzeka ngezikhathi kubusa iSilo uShaka. Kuyacaca ukuthi kukhona izindawo ezazingasenazo izinkomo ngenxa yokuthi ngemuva kokunqoba iSilo 121 , sasizidla. Indawo yakwaNgcobo evezwa uma kukhulunywa ngoMavela ingenye yezindawo ezazidlelwe izinkomo. UZwide wayedlelwe izinkomo futhi naye. Lokhu kucaca emgqeni othi, "Kwakungasakhali Nkomo kwaNtombazane". Ukuthi kwaNtombazane kusho ukuthi kwaNtombazi owayengunina kaZwide owayenqolshwe iSilo uShaka wadla izinkomo futhi kuye. Yilezi zigameko ezenza ukuthi usuku lokukhumbula lesi Silo lube nedumela elingaka esizweni samazulu. Akubi ngamazulu kuphela athamela 10mkhosi kepha sekubakhona abavela emagumbini omane omhlaba. Basuke befuna ukuzizwela ukuthi kuthiwani ngaleli qhawe. Abanye basuke befuna ukudelisa izinhliziyo ngokuthi babone idlinza lakhe elilaphaya enkabeni yedolobha lakwaDuknza eliqanjwe ngalo igama lesigodlo seSilo uShaka. Umoya wosuku uwubona ungena nje edolobheni lakwaDuknza ngesiphithiphithi esisuke sikhona. Abantu basuke benyathelana, bebulala inyoka endleleni, begcwele imigwaqo yonke nezitolo zonke. Basuke bevunule ngezinhlobonhlobo zemvunulo kwazise phela ngisho nabavela eSwazini nabo basuke bekhona bevunule ngazo ezakwaNgwane. AbakwaMoshoeshoe, abakwaXhosa, amaVenda, amaNdebele nabanye basuke bekhona lapho. Okufike kugqame kakhulu imvunulo yamazulu ngoba yiwona asuke emaningi futhi evunule ngamabheshu nezidwaba. Kwethulwa izinkulumo yizikhulumi ezahlukahlukene bese kugcina iSilo esibusayo okuthi uma sesisukuma kuthule kuthi cwaka uzwe ngenyosi isho ngengila ithaphuza oNgangezwe lakhe. Uma siqeda nje iSilo? inyosi iphinde ithaphuze iSilo. Uma iqeda kuhutshwa amahubo aseNdlunkulu kazulu eholwa uNomthebe wesizwe samaZulu uBhejane phum'esiqiwini. Eminyakeni engaphambi kowe-1994, 10 mkhosi bewuhlonishwa kakhulu futhi unesizotha, Lolu suku belufana nomkhuleko esizweni samazulu futhi lumqoka ngendlela emangalisayo. Umthelela walo yikho ukuthi ngisho noHulumeni ophethe wathatheka waze wathi usuku lokukhumbula okudala okuyifa namagugu (Heritage Day). Lokhu kwakwenziwa ukuthi kwakubalekelwa ukuthi usuku 10 Mgubho WeLembe ngoba lona vele Iwaqalwa kudala ukugujwa ngalolu suku. lzizathu zombangazwe ezenza ukuthi 122 , kushabalaliswe igama leSilo uShaka. Lesi sangcokolo saleli gciwane lombusazwe siqalekisiwe ngokuzama ukugudluza imisebenzi yeSilo uShaka ezinhliziyweni zamazulu. Ezikhathini eziphambili bekuhlatshwa izinkomo eziningi ngalolu suku kuthi" uma umkhosi usuphothuliwe kudliwe ukudla nenyama eba yiziduli zabasali. Ngokuhamba kwesikbathi kuchuma uHulumeni wentando yeningi, 10 mkhosi usugaya ngomunye umhlathi ngoba usunamanembe ezombangazwe kakhulu. Uma kuhutshwa amahubo sekukhona abalandelayo nje bengazi nokuthi athini amagama ehubo lelo. Abakwazi futhi abazazi ngisho izaga ezikhuzwayo. Ukuza kwabo kule micimbi kubo kungumshikashika wokuqongelela amaphuzu ezombusazwe. Inhloso yomcimbi eyayisenhliziyweni yabavuseleli bawo abayazi. Lo mcimbi usunganyelwa uHulumeni lokho okuwenza ubeduma ngoba usuphenduka inkundla yokuklwebhana ngezombusazwe. Ingqikithi yawo isiyabalahlekela abaningi ngaphandle kwalabo abawuvuselela. Lona ngumcimbi waseNdlunkulu okufanele wenganyelwe uNomthebe wesizwe neNdlunkulu kanye nabo bonke abahlobene nayo. Lo mcimbi ngumcimbi othinta idlozi elikhulu. Uyabikwa eNdlunkulu, baziswe abaphansi ukuthi uyokwenziwa. Kulichilo nokho ukubona ukuthi sekukhona abazinamathisela ezindabeni zaseNdlunkulu njengesihlahla senomfi sinamathele emthini. Singeke sazi .ukuthi Ie mikhokha ekhona ezweni ayibangwa yini ulaka lwabaphansi ababona konke lokhu kuphambanisa izinto okwenzekayo. Imigilingwane eyenzekayo uma sekuphiwa abantu ukudla iyesabeka. Abantu sebaphakelwa emaphepheni abihlikela ezandleni okuthi uma ungaqaphele kwakudla lokho ungakudli ngenxa yokubhidlika kwephepha eliyisitsha. Lokhu kwenziwa ubugovu balaba abasemandleni kwezombusazwe ngokuba ogombela kwesabo okusuke kuqashwe abahlobene nabo ukuba bapheke. Ubumnandi bokudla inyama uphinde uphunge nomsobho wayo abubonwa ngenxa yokuthi isiphekwa isilungu. Ungafunga uthi amakha obubende amaqashana ngendlela amancane ngayo uvele umimilite nje ungazange uhlafune. Kuthi kunjalo-nje ibe ingekho ongayibeka umkhusu ngenxa yokuthi ephakiwe kusuke kufanele ukuba uyidle ngaleso sikbathi uyiqede maqedane ungayisuthi futhi. Uthola ukuthi kongiwa ngendlela emangalisayo ukudla kube kuncane bese inzuzo iba ningi. Benke laba basuke bezibonela amathuba okuqongelela umnotho, bengakugqizi 123 ? , qakala okusuke kwenziwa lapho okuyikhona okusuke kuzelwe. Izikhulu ezingomakhonya zisuke zize kulo mkhosi zinhlosoningi bese kuthi umongo womcimbi ziwushaye indiva. 3.4.8 Umbiko ngenknnzi Esizweni samaZulu, yonke into eyenzekayo ibikezela okuthile. Uma kukhala ingududu, kuyaziwa ukuthi noma kanjani kuza uzamcolo. Uma ikati liphuma endlini izulu liduma, kufanele lilandelwe ngokukhulu ukushesha ngoba okuzolandela ukuthi Ieyo ndiu eliphume kuyo yeIeIesweumphezulu. Inkunzi yeukomo uma ibuya ekhaya umhlambi ungakabuyi ilale ithi bunyaiala ibonakale ukuthi ibhocobeIe, Iokho kusho Iukhulu oluzokwehlela uSokhaya. VSokhaya ungathekiswa neukunzi yakhe. Konke okwehleia inkunzi uSokhaya ukubona njengesibikezelo sempilo yakhe, yikho eyithanda kangaka futhi eyibonga aze alayeze ukuba yelashwe. Ukubhocobala kwayo, ukushiya kwayo umhlambi endle nokubuya kwayo kuyatshengisa ukuthi Iukhuiu Iuyeza Iuyanyelela. Yikho esukumeia phezulu eyozwa nakwabamanga, ukuze kuvimbeke imikhokha. VMsimang, (1975:23) uthi: Abaphansi babewuthumeia umbiko ngenkunzi yenkomo. Uma ibuya emhiambini emini, izothi bunyalala esibayeni yayibika ilumbo elibi eliqondene nomnumzane. Kokunye angase eswelakale impela. Inkunzi imela uSokhaya ngoba naye ungumakhonya emzini wakhe futhi umndeni wethembe ukuthi nguye onamandia okubhekana nezitha kanye nanoma yini ehiaseia inxuluma. Ukubuya kwenkunzi emhlambini kusho umbiko omkhuiu oqondene nomakhonya walapha ekhaya okunguSokhaya njengoba naye engumakhonya phezu komndeni wakhe. Vkubuya kwenkunzi izothi bunyalala esibayeni, ishiye umhlambi emadIeIweni, kusho ukukhuiuma kwabaphansi ngendieia ejulile. Vkuthi "bunyalala" kuveza ukulala ngokukhulu uknvilapha, Uma kuvele noma yini ephatha umndeni kabi, 124 , kubakhona ukucobeka okukhuIu kwabaningi emndenini, bangazizwa kahle, abanye bakhishwe izisu, abanye babe nobuvila obukhulu. Yibo lobo buvila obulethwa ngabaphansi ngenkunzi ebuya izothi bunyalala. Uma ihlola 10 mhlola inkunzi, kusuke kufanele kuthathwe izinduku kuyiwe emhlahlweni kuyotholakala ukuthi mihlola mini Ie ezokwehlela uSokhaya. Kwesinye isikhathi lokhu kudinga ukuthi Irulandwe ondlela zinuka imiswani, bazoqinisa umuzi noSokhaya. USokhaya kufanele ahlale eqinile vele ngoba uyinsika yomnzi ngoba uma ehlelwa okubi, kukhathazeka wonke umndeni. Lokhu kubika umhlola okwenziwa yinkunzi ukukhuluma kwabaphansi. Izinkomo nabaphansi kuxhumene kakhulu ngoba vele ifa 10Mnumzane liyisibusiso esivela kubo. Abaphansi abakhethi impongo yembuzi ukubika okungase kwehlele uMnurnzane kodwa bakhetha ukusebenzisa inkomo ngoba ingumgogodla womndeni. Okunye okungenza abaphansi babike okungase kwenzeke ngenkunzi ukuthi inkunzi inkulu, akekho ongeke ayibone uma ingena ilala esibayeni isikhathi sokubuya nezinye singakashayi. Lokhu kusuke kuyisiqiniseko sabaphansi ukuthi umbiko uyedlulela emndenini, akwenzeki iphutha. 3.4.9 Ukwabiwa kwezinkomo lzinkomo zonke ezisesibayeni ngezoMnumzane. UMnurnzane ohlakaniphile uye azehlukanise ngezindlu zonke ezikhona. Uma esezahlukanisile, kubakhona ezisalayo. Lezo ezisalayo kuba ngezakhe uMnumzane. Kuthi uma kunemicimbi eqondene nomuzi wonke, athathe kuzo uma efuna ukuhlaba. Ngemuva kokuba izinkomo zehlukanisiwe ngezindlu uma uSokhaya esekhona, azisetshenziswa izinkomo azabele izindlu kepha usebenzisa lezo ezisele ngakuye. Imisebenzi yonke yezindlu zikaSokhaya iqondene naye ngqo. Kuyacaca-ke ukuthi uma uSokhaya ezabe ngezindlu izinkomo uma zanda zandela lezo zindlu. Kanjalo uma indlu eyabelwayo ingathandwa mfuyo, igcina incinda izithupha ;., kepha uSokhaya angabi nacala. Lezo zinkomo eziqondene noMnumzane ngqo, yizona 125 , eziba yifa likandlalifa. Yikho undlalifa kumeIe abheke zonke izindlu zikayise hhayi eyakwabo kuphela. Uma abafowabo bezinye izindIu bebika usizi kanye nezinkathazo zabo, basuke befuna ukuba akhothoze kuIezo zinkomo eziyifa likayise. Inkosana yendlu yiyona eba yiso lezinkomo zakwabo. Kwesinye isikhathi uMnurnzane uye abele amadodana akhe odadewabo. Uye asho ukuthi izinkomo zikabani uma eselotshoIwa, zizodliwa ubani. IndleIa yokwaba ifa ngezinkomo zamabheka, ike ibe nenkinga uma kunendlu engenandodakazi, egcweIe isiqhoqho sezinsizwa. Izimfamona zisuke zibone Iabo abazeIwe nodadewabo sengathi babeIwa ifa eliningi kanti akunjalo. Le nkinga ayigcini ngamadodakazi kepha igcina isinamatheIe nabo omaIokazana imbala. Kuye kwenzeke ngeshwa indIu ethile ingaphumeIeIi ukuthoIa umntwana womfana ongase abe yindlafa. Uma kunjalo, uSokhaya obheka Ieso sabeIo saleyo ndIu. Nakuba kunjalo, akukho aye akwenze engazange amazise unkosikazi waleyo ndlu. Konke ukubonisana naye ngenxa yokuthi yileyo naIeyo nkosikazi ingumengameIi wendlu yayo. Yiyona efaneIe ukwazi ukuthi isabeIo sendlu yayo sihamba kanjani. UMnumzane uneIungeIo Iokuthatha indodana ayimiseIe indIu engenaye umfana. Lokhu kusho ukuthi uSokhaya angathatha enye yamadodana akhe ukuthi ayibheke impahla yendlu engaphumeIeli ukuthoIa umfana. Uthathwa kuIeso sandIa, esokudIa noma ekhohlwa. Uma kungaphezu kwamandla zingeqiswa izandIa. lminjunju yonkosikazi owehluleka ukuzala ivezwa kangcono uMsimang, (sa:l) uma ethi: Nami ngangithi uThwala ngizornzaleIa indodana kuIo muzi wakhe iGugu. Nami njengendIunkuIu yaseGugwini ngangithi owakwami ngombusisa ngesipho somfana ozoba yinhIoko nomengameli waleIi Gugu Iapho uThwala esekhotheme, kodwa akusabanganjalo. Nami ngangithi ngizozizaIeIa ummeleIi nomphenduleli wami, kodwa akusabanganjalo. Nami ngangithi ngiyofana nabantu bonke ngishiye induku ebandIa, kodwa akusabanganjalo. "Konke lokhu kuhlupheka; lonke lol'usizi oluphezu kwami, kungenxa yemisebenzi kanye nezenzo zabakhunkuIi. konke lokhu kuyimiphumela yobuthakathi bukavlablzuza..." 126 # Lesi sililo sikaMaSibisi sibangwa umunyu wokwazi ukuthi isabelo sendlu yakhe sezinkomo kanye nefa elizoshiywa u'Ihwala uma eseshonile, lalizowela kwenye indlu. Izinkomo okuyiwona mgogodla wempilo kaZulu zazingeke ziwele esandleni sendodana kaMaSibisi. Kungemangalise ukuthi mhlawumbe uMaNzuza weyenukwa nje ngenxa yokuthi kwasekusobala ukuthi isabelo sezinkomo ngeke siwele lapho inhliziyo kaMaSibisi eyayikhona. Kwakumkhanyela bha uMasibisi ukuthi indlalifa yayizogcina iphume eqadini njengokwezimiso nesiko lomdabu, elithi inkosana ingazalwa iqadi uma inkosikazi yokuqala ingaphumeleli ukuthola umfana. USeymour, (1974:255) uyibeka kangcono eyesabelo esiwela kwesinye isandla: Thus the heir of a Qadi House which has no sons is the eldest son of the main House to which Qadi is attached; where the main House is without sons, its heir is the highest-ranking son in its Qadi Houses. To clarify this further, where there are no sons in the Great House, but each of its Qadis has sons, the Great House heir is the eldest son of its senior Qadi, being the third House; should there be no sons in this latter House too, the heir of both the Great and third Houses is the eldest son of the fifth House. Where, however, the Great and third Houses have sons, but the fifth has none, the fifth House is inherited by the eldest son of the Great House. The reciprocity between the Right Hand and its Qadis is the same. USeymour (1974) ucacisa khona ukuthi indlu engasesandleni sokudla akukhathalekile ukuthi ngowesingaki unkosikazi, ingayizala indlafa uma unkosikazi wokuqala engaphumeleli ukuthola umntwana womfana. Lokhu kusho ukuthi unkosikazi wesithathu, wesihlanu nowesikhombisa njalonjalo angayizala inkosana uma abangaphambi kwakhe bengabatholi abantwana babafana. Isabelo sezinkomo zaseNdlunkulu sithi asifane nesabantukazana, umehluko nje ukuthi nkuzalwa kozothatha ubukhosi kuthe phecelezi. Lowo othatha isihlalo sobukhosi uma iNkosi isiye koyisemkhulu, kuba yilowo ozalwa inkosikazi yokuqala. Uma kwenzekile nkuthi phakathi koMdlunkulu kubekhona ozalwa yiNkosi, kuba nguye ozala inkosana, Lokhu kusho ukuthi isuke isiphingwe enkulu. Uma uMdlunkulu engaphumeleli ukuthola 127 , umfana, kuye kungeniswe ozalwa kwenye indlu elandelayo esesandleni sokudla. UMthembu, (2000:81) uthi: Lokhu kusho ukuthi izinkomo ziye zithathwe yileyo nkonyane yeNkosi ethatha isihlalo sobukhosi ngemuva kokukhothama kukayise. Ngokwejwayelekile inkosana izibeka yona ngokuzalwa inkosikazi, inkosana engeniswe endlunkulu ngoba wehluleka ukuthola ingane yomfana noma uma isiphingwe ngenkulu. UMvelase ugcizelela ukuthi izinkomo ziwela kulowo okhonjwe umunwe wabaphansi nkuthi athathe isihlalo sobukhosi. Lokhu akulethi zingxaki uma inkosana izibeke yona ngokuthi unkosikazi aphumelele ukuthola umntwana womfana. Maqondana nesabelo sezinkomo eNdlunkulu, INkosi uBiyela, (1998) ubeka kanjena: lzinkomo zona zabiwa njengoba kwenziwa kwezabantukazana. Umehluko ukuthi iNdlunkulu ithola isabelo esithe xaxa ngoba kuhlale kukhona imicimbi. INdlunkulu ihlale ibhekene nemisebenzi eminingi yakoMkhulu. Kungenxa yaleso sizathu ithola isabelo esithe xaxa sezinkomo. Onyakeni kubakhona uMkhosi Wokweshwama noMkhosi Womhlanga kanye neminye imicimbi enhlobonhlobo okufanele ukuthi ithwalwe uNomthebe wesizwe. 3.4.10 lnkomo njengenhlawulo Ubumqoka benkomo buyavela futhi ngezikhathi ezithile uma kushwelezwa, kuthelelwana amanzi noma kugezwana ngemva komonakalo othile. Ibuye ibe yinhlawulo futhi lapho kukhona olahlwe yicala, edliwa izinkomo. UkwaphuIa umthetho ezweni leNkosi noma ukupharnbana nezwi leNkosi kuyisenzo esibi kakhuIu. Uma uMnumzane'edelele izwi leNkosi njengokuthi uma kubizwe imbizo 128 # angalubhadi, kuphuma izwi koMkhulu lokuthi akuyodliwa izinkomo kwakhe kube njalo. Akukho lapho angethula khona isimangalo ngalolu daba. 3.4.10.1 Uknthenga ingane Ukuzalwa kwengane okungahleliwe kudala izinkinga. Vma insizwa ikhulelise umntanomuntu sekuyazithinta-ke izinkomo lokho. Vma leyo ngane ezelweyo knngeyokuqala kuleyo ntombazane, kumele ukuba kuhlawulwe ngezinkomo ezimbili kanye nesidikli okuyingezamagceke alowo muzi owoniweyo. Lezi zinkomo ezimbili, imvuma kayise neyengquthu. Vma 10 owesilisa okhulelisile engenakuyithatha Ie ntombazane unelungele eligcwele lokuyithenga ingane ibuye ngakuye. Vma leyo ngane kungeyentombazane ukhokha izinkomo eziyisithupha, uma kungeyomfana zibe yisihlanu. Leyo ngane-ke sekuzoba ngeyakulowo muzi ethengwe kuwo ngoba vele izalwa khona. Inkinga ebakhona ukuthi iyohlale ineminjunju yokuthi intandane enhle ngumakhothwa ngunina. Enye indlela yokuthenga ingane yilena: eyokuthi umlanjwana uthathwe unina ayogana nawo bese kuthi leyo ndoda eganwayo iwuthenge ngenkomo. Inkinga yalapha kuba ukuthi uyise wangempela walowo mianjwana uba nomqondo wokukholisa ngoba ebuswa wukuthi, akukho soka ladla kahle imbangi ikhala. Enye inkinga enkulu ukuthi kubuye kutholakale amavezandlebe afana nalowo mlanjwana ugcine wonke umuzi ukhungethwe yintuthu yamalongwe. Kuyabonakala-ke ukuthi ukuthenga umuntu akulithengi igazi amaNgisi aze athi, "Blood is thicker than water". Kulo mkhathi kuyabonakala ukuthi igazi lezinkomo nokubaluleka komswani wazo kanye nobumqoka benyongo yazo akukwazi ukuguqula ukuthi umuntu uzalwa ubani. Kubalula ukuthenga ingane okwesikhashana uma isencane ingakafunzwa izindaba zokuthi yona akusiyona eyalapha ekhaya ngumakhelwane. Indaba iqala lapho ingane isisezingeni elithe xaxa ngokukhula lapho isilalela khona ekutshelwa abantu maqedane ikuhIaziye. Ngemuva kokukuhlaziya ithatha isinqumo sokuthi ibuze imvelaphi yayo kanye nobaba wayo. Lokhu kuqala kube yindaba ekhulunywa ngomakhelwane kanye nezinye izingane ziyicwase, ziyitshela ukuthi akuyona eyalapha ekhaya. Ayikho into ebuhlungu nephathana kabi .njengokungazi lapho onguwakhona. Zonke izingane 129 ? , zithanda ukunamathela koyise nonina ngaso sonke isikhathi. Uma kungayicaceli kahle ukuthi ngnbani uyise, iba nodweshu Iwangaphakathi olugcina luphumele ngaphandle lubonakale ngokuthi ibe nemibuzo eminingi. Kwesinye isikhathi ize iduke nezwe ithungatha umkhondo walapho uyise aya ngakhona. Ukuthengwa kwengane akuvamisile ukuthi kube yingxaki enganeni yentombazane. Amantombazane avamise ukukwamukela lokho osekushiwo maqondana noyise wangempela. Empeleni akuhluphi kangaka ngemuva kwesikhathi ngoba ikhula maqedane ihambe iyokwenda, iphume kulo muzi. Okunye okwenza ukuthi ingakhathazeki kakhulu ukuthi kuvamisile vele ukuthi izingane zamantombazane zinamathele kakhulu konina. Uma ingane yentombazane ihleli nonina, iyeneliseka ayibi nandaba kakhulu noyise. Noma kunjalo kukhona ezinye izingane zamantombazane eziye zibafune oyise bazo bangempela uma sezizwile ukuthi 10 yise ezihlala naye nguyisembumbulu. Indaba yokuthenga ingane iyisiko elihle lesizwe samaZulu ngoba ivikela ukuthi izingane ezafika nozokwenda zingalokhu zibizwa ngemilanjwana. Leli siko livikela imindeni ukuthi ihlonipheke futhi nezingane zikhule zazi ukuthi izingane zomuzi owodwa ziba nesibongo esisodwa. Ngaphandle kokuvikela izingane, leli siko livikela owendele lapha ekhaya limenze ukuba ahlonipheke izingane zikhule zazi ukuthi unina akazange ashintshe amasoka ebuntombini bakhe. Lokhu kwenza ukuthi nazo zifunde okuhle kubazali bazo. Ukuceba koLimi IwesiZulu kwenza ukuthi kuze kube khona izindlela zokukhuluma noma izisho ezithintene naleli siko. Uma kubhekiswe ekutheni uSobanibani wathatha ingane nonina, kuthiwa wadla isikhwebu nohlanga. Lokhu ukucikoza ngoba vele isikhwebu siphuma ohlangeni okusho ukuthatha konke kungasali lutho oluhlobene nokunye. Kwesinye isikhathi lokhu kuthengwa kwengane kuthiwa ukudla inkomo nenkonyane. lnkomo ibhekiswe kunina wengane bese inkonyane ibhekiswe enganeni. Urna udle inkomo nenkonyane, usuke ukuthathe kokubili. Lokhu kungukuhlabana ngoba esikhundleni sokuthola into eyodwa umuntu uthola ezimbili. 130 ? , Inkinga enkulu yokuba indoda ithenge umlanjwana uzogana nomkakhe, ngowokuthi wona 10 mlanjwana uma kungowomfana ungagcina ungababoni odadewabo lapha ekhaya ngoba uyazazi, uhloniphe isisu sikanina kuphela. Ngenxa yelesi senzo umlobokazi anuke iphunga lentothoviyane, umzondo, umqaqongo kanye neshangaqube emzini. Bakhohlwe nya ukuthi umuntu owenza lonke lolu booboo owathatha inyoka igodole wayothisela endlini, esithe ngokuncibilika manje yadla abantwana boMnumzane. Omunye umunxa owokuthi uma kuyintombazane, ithi ingakhula uyise uqobo owayithengayo adle isikhwebu nohlanga okuyihlazo lokufihlwa. Ethi engasakwenzanga-ke yena, amadodana abafowabo angayithathi Ie ntombazane njengodadewabo lokho kube ngumkhonto ogwaza enhlizweni kanina. 3.4.10.2 Ukugeza umuzi Usuke wehlelwe yishwa umuzi uma intombazane yakhona ihlatshwe yinzala kumbe uthi: Kusuke sekonakele kwaphetha uma sekuvele ungiyosho ekhaya. Njengoba umfazi ekhulelwa intombazane-ke yona kuthiwa imithi. Kuthi umfazi ekhululeka kumbe ebeletha intombazane kuthiwe izele. Lokhu kuyayehlisa esimeni sobuntu kuyibeke kwesesilwane. Umuntu kufanele agane kwaziwe futhi ukuthi uganelephi bese ethola abantwana, Kunenkolelo yokuthi izilwane ezivele zizale kungazange kulotsholwe. Yingakho kuthiwa intombazane engakagani iyazala ngoba isuke ihambe ngomgudu wezilwane. lngane yaleyo ntombazane ibizwe ngornlanjwana. Lokhu kususelwa ekuthini uma ulanda umlando waleyo ngane awufiki ndawo usheshe uphele uwunqamule n$oba wesaba ukuthi ungaze usho nokungenkhona. Igama elithi umlanjwana liyisinciphiso segama elithi umlando. lngane isuke inomlando omncane yingako kuthiwa umlanjwana. Yingakho-ke Iowaomithise ingane yabantu kumele ahlawule bese ewugeza Iowa muzi awonileyo. Kumele kuphume inkomo yengezamagceke noma ingezamuzi ukuze kususwe leli chilo kumhe ihlazo elithelwe kulo muzi. lchilo Iikhungatha onke amantombazane omuzi nawo hese kufuneka agezwe ngoba asethukiwe abizwa ngabafazi lokhu kufakazelwa ukukhuluma okuthi "zifa ngamvunye". 131 , UBlose, (2008) uyawantshontshela amantombazane ngokuba athi ayakhulelwa uma ethi: Ulrukhulelwa kwentombazane ekhaya kungamanyala ngoba umuntu wesifazane akufanele eqe imidiyo yokuthi kufanele alinde kuze kufike isikhathi. Amantombazane atshelwa onina indlela yokuziphatha kanye neyokuzivikela ekukhulelweni. Kuthi kunjalo agqabule amaketango aphoxe umuzi. Lokhu akwenza ngoba eyengwa amasoka awo. Kufanele bahlawuliswe ngempela abakhulelisile ngoba bayisisusa sokungcolisa imizi yabaMnumzane. OkaNdelu (2008) ukubeka kukhanye bha ukuthi kulihlazo kangakanani ukukhulelwa kwentombazane ekhaya. Uveza ukuthi omame bayawafundisa indlela yokuziphatha amantombazane kodwa akhulelwe kunjalo ngenxa yokuyengeka okuwagabhayo ekhohliswa amasoka awo. Ugcizelela ukuthi abakhulelisi kufanele bahlawuliswe ngaleli hlazo abalenzayo. Umuzi ugezwa ngenkomo kwazulu. Le nkomo ibizwa ahakubo kantombazane. Abanye abaMnumzane babiza inkomo nembuzi, inkomo iba yingezamuzi bese kuthi imbuzi kube yingezazintombi. Ingezamuzi iyahlatshwa bese kuthi izintombi zingayidli ngoba isuke iqondene nazo ngqo. Emadolobheni kuvele kubizwe isizumbulu semali kuthiwe i~awulo bese kuthi labo okusalokoza inhlasi yemisuka yabo babize imbuzi benzela . ukuthi kube negazi elichithwayo. Le mali ikhokhwa yisoka bese kuphela kanjalo. Uma ibe nenhlanhla intombazane igcina ithathwe yilowo oyikhuielisile. Kwesinye isikhathi iba neshwa igcine ngokuhlawulwa, ingabe isathathwa. Uma kwenzekile yaba nenhlanhla, kufika isoka elisha liyithathe kanye nenkonyane yayo. Lokhu kugezwa komuzi kungenzeka futhi uma kubekhona ukuphinga okubekhona. Insizwa nentombi kuthiwa bayahlobonga kepha indoda nomfazi kuthiwa bayaphinga. Uma kuvela ingane ekuphingeni ibizwa ngevezandlebe. Leli gama levezandlebe livela ekuthini ezinganeni zonke zomuzi kubakhona ukufana. Uma kukhona okungeyona 132 ? # eyalapha ekhaya, kubakhona into eyodwa nje eyehluka ngayo. Kungenzeka kube izindlebe noma yisiphi esinye isitho somzimba esenza yehluke. Kuthiwa unina wevezandlebe watholela iIongwe, yikho nje ishunqela umuzi. Vele intuthu yelongwe iyahishana. Ngenxa yokuthi umuzi wesiZulu ubungabhidlizwa ngeze, bekuba nenhlawulo ebakhona yenkomo uma kwenzekiIe umnurnzane ebanjwe ephinga nonkosikazi wenye indoda. Le ndaba ikhulunyelwa phansi ingaziwa yizingane kodwa kube ngeyabadala bodwa. Ukugeza umuzi woMnurnzane kweuziwa ngenkomo bese kuthi ngemva kwalokho inhlalo iqhubeke kahle kube sengathi akwenzeke lutho. Knbakhona amadoda ehlulekayo ukumelana nalesi simo kodwa aqome ukuthi owesimame obhadanyiwe abuyele kubo. Uma esesesimweni sokuthi angagana futhi, ugcina ngokugana ikhehla elithile mhlawumbe nalo elahanjelwa owalo nganoma yiyiphi indlela. 3.4.11 Ukukhnliswa komfana Uma kukhuliswa umfana, kuba nezigameko eziningana ezithinta inkomo. Okokuqala umfana uyaziswa ngabanewabo ngokuzokwenzeka kuye nezinyathelo okufanele zithathwe uma sekwenzekiIe. Okuyiyona nto ekhombisa ukuthi umfana usekhulile ukuthi aphuphe isalukazi maqedane ashaywe izibuko. Lokhu kungukufinyelela eqophelweni elinguvuthwandaba locansi eliholela ekuphumeni koketshezi esithweni sangasese somfana okhulayo. Lesi sehlo uma senzeka buphela nya ubuthongo bese Iowa esimehlelayo avuke qingqo, abone ukuthi sekukhona okwenzekile. Ngemuva kokwehlelwa yile nsambatheka, kufanele avuse abafowabo kuyiwe esibayeni kukhishwe . izinkomo. Lo mkhuba wokukhipha izinkomo ubhebhetheka njalo, kuhambe kuvulwa imigoqo yeminye imizi kukhishwe izinkomo kuhanjwe nazo. Uma kwenzekile abadala bezwa ukukhala kwemigoqo, baye bavuse abafana babo ukuthi bayobona ukuthi kwenzekani. Uma befika baye bathole abafana bakubo kamthombi nabanye abakweminye imizi yesigodi behlomiIe futhi bekhipha izinkomo esibayeni. Kuye kube nomdonsiswano kwesinye isikhathi kuze kushaywane. Ngokwehlulwa nabo baye babe mdibi munye baqhubeke nokuhamba bevulela izinkomo zomakhelwane nezakweminye imizi. Abafana bakweminye imizi bayabavusa bese kuqhutshwa izinkomo. Abafana bakubo kamthombi bahlangana nabakweminye imizi bagcine sebebaningi. Uma 133 , sekuqhutshwa 10 mhlambikazi, abanye abafana bahamba beqwagela emasimini. Baba sesimweni sebutho liyohlasela. Akukho ngisho noyedwa ongabafaka kala ngalesi senzo sabo ngoba silisiko lesizwe samazulu, Uma sebefike emadlelweni lapho indawo ivuleke khona, bafike bazibasele umlilo bese bosa lokhu okuqwagelwe emasimini. Abafana ababi nobunzima bokuhlushwa yizinkomo uma kusemnyama ngoba uma bezothela umlilo bezosela, zivele zizilalele. Kulowo mnyama izingqwele zisuke zimatasatasa ziqhatha abafana kushunqa uthuli. Umthombi yena usuke engaqhathwa ezothile ehleli phakathi nezingqwele. Uma sekusa kusuka isidumo kubo kamthombi, komakhelwane nakweminye imizi ngoba abaMnumzane basuke sebebona ukuthi izinkomo azikho ezibayeni. Laphaya okuhlangene khona abafana, izingqwele zithumela abafana abambalwa kubo kamthombi abafike bame ngenhla komuzi bamemeze bathi, "uSobanibani usekhulile". Uma sebebona ukuthi umbiko usudlulele kwabadala, babamba indlela babuyele emadlelweni kozakwabo. Vma sekuhlatshwe Iowa mkhosi, kuphuma izwi liye kwabayizihlobo nomakhelwane babikelwe ngokwehlile. Abaziswa ngalokhu bayazazela ukuthi kufanele balungise isipheko esizokwelekelela ngosuku lukamthombi. Abakubo kamthombi baba matasa balungise ilawu okuzongena kulo umthombi. Kuleso sigodi uma abaMnumzane sebobonile ukuthi imihlambi yabo ayikho, bazisa izinsizwa ezivele ziphume ngaso leso sikhathi zihambe zifunaizinkomo. Kuthi uma zifika lapho abafana bekhona nomthombi, itholana phezulu kuzanywe ukuthathwa izinkomo ngenkani. Uma kukhona olimalayo kulowo mnyama akubekwa muntu kala kepha ekugcineni baba mshungu munye baqhube izinkomo babuyele emuva. Bayazibophelela ekutheni zonke izinkomo ezikhishwe ezibayeni zabaMnumzane zibuyele emuva ziphelele. Abafana bayaqoqana baye kubo kamthombi kuthi uma bengena esangweni bame kubaswe umlilo kulindelwe uyise womfana ukuba azomqinisa. 134 , Kubekwa udengezi emlilweni bese kufakwa amakhathakhathana athize ababayo bese encinda umthombi maqedane 1010 dengeziluqheshulelwe kuye ekhanda lusashisa eqiniswa. Ngemuva kwalokho ungungwa abanye abafana ukuze angabonwa amantombazane ngoba aye amhIeke kuhanjwe kuyiwe elawini. Lokhu kuhIekwa komthombi ngamantombazana, kungumdlalo ongemubi ngoba kusuke kujatshulwa ngokukhuIa komuntu ekhaya. Ufike ahlale emsamo ukuze akhothwe izinyandezulu. Laphaya elawini uthola iziyalo ezivela kwabadala ezinhiobonhiobo eziqondene nokuziphatha komuntu osethombile kanye nobungozi obungaba khona bokukhulelisa izingane zabantu uma eziphethe kabi. Kuba nokuthokoza okukhulu kulowo muzi kugidwe kucuIwe izingoma ezahlukene kuhalaliselwa Iowa okhulile kuze kuse, Kwenzeka konke lokhu, uMnumzane usuke eseyikhombile inkomo ezohlatshwa azokhuIisa ngayo umfana wakhe. Ukusa kwaziwa umthombi ekuseni ngakusasa ngoba uvuka ayokhipha izinkomo zakubo nezomakhelwane azise emadlelweni. Lokhu kukhishwa kwezinkomo kuba ngukwejwayelekile nje akufani nalokhuya okunokuchukuluzana phakathi okwenziwa ngobusuku athombe ngabo. Ekwaluseni ugundwa ikhanda ukuze izinwele zobungane zisale kumile ezobunsizwa, bese kuyiwa emfuleni ikakhulukazi ogelezayo ayogeza ukuze izinsila zobungane zihambe kusale ezobudala. Aliuye ajwayele inhlanzeko ngoba njengoba eseshaywe izibuko nje kumele angabe esahlukana namanzi aze aye ~agoqanyawo. Ngemva kwalokho uziqamba igama lobunsizwa azobizwa ngalo ezinye izinsizwa, uma enobunyosi egazini lakhe, uziqamba izibongo zobunsizwa azokwaziwa ngazo. Impilo yomuntu ngukwesiko lesizwe samaZulu isezandleni zabaphansi. Uma umuntu ekhuIa, kufanele lokho kubikwe kwabaphansi ukuze bamhIenge kuzo zonke izinto kanye nobubi obungase bumvelele. Urna umfana esekhulile, wedlulela ezingeni lokuthi abe yinsizwa, ashele, aqonywe bese eganwa. 135 , Lokhu kukhuliswa komfana ngale ndIela kwenza umfana ukuthi adlulele ezingeni lobunsizwa afunde ukuzithiba abe nokuzigqaja futhi ngobunsizwa bakbe. Yingakho nje kuthi ngemuva kokugeza emfuleni aziqambe izibongo ngoba nsuke ehlose ukudlulisa imizwa yakbe kwabanye ngezigameko noma ngezifiso zakhe. lziyalo azitholayo zimenza abeyindoda isibili ziyamakba, zimkhulise. Kulezi zinsuku zamanje abafana sebekhulela ezikoleni izinto eziningi njengoknshaywa izibuko bazizwa ngezinye izingane zesikole. Lokhu kuzwa ngabanye abafana abakbulele emalokishini noma emadolobheni kwenza ukuthi umongo waleli siko ungedluleli ezizukulwaneni kahle. Izinga eliphezulu lokumitha kwamantombazane kungenzeka ukuthi kudalwa yikho lokhu kuntula ulwazi olufanele. lsiko lokusoma abalazi bayehluleka ukuhlonipha isibaya soMnumzane. 3.4.U Vkulungiselelwa nokugonywa kwamabutho aya empini Uma kuthiwa ayiphume ihlasele, zimbili izinto ezifikela oya empini. Kuphakathi kokuthi aye empini abuye noma angabuyi, asale khona noma abuye eseyinkubela. Abasawadla anhlamvana kwelikaMageba bayazi ukuthi impilo yabo ibhekwe abaphansi. Ukuphila nokwedIula kwabo kwelimagade ahlabayo kusentandweni yabangasekho. Yingakho nje uma kwakuzophuma impi, kufanele kuqikelelwe ukuthi abaphumayo bayabuya. Urna kwenzeke bangabuya kuyobe kuyintando yabaphansi. Yibona abafuna ukubasondeza eduze nabo. Yingakbo nje uma kukhona owayo uma ibambene ngezihluthu impi, elinye ibutho limemeze lithi: Vyadela wena osulapho! Kuleyo ndawo yilapho kulele khona izizwe ngezizwe. Kuyabuswa kwelabaphansi, kukhonjwa ngophakathi. KwelakwaZulu uma kuzohlaselwa, iNkosi ebusaya beyifakana amakhanda noNdunankulu wayo kudingidwe Ie ndaba kuze kuvunyelwane. Uma isivumelene noNdunankulu kubizwa isigungu seziNduna knshiyelwane ubuchopho ngalolu daba. Ngemva kokuvumelana, OOosi iyathutha elawini layo iyongena endlini engenhla lapho kukhona inkatha yobukhosi besizwe nenduku yobukhosi. lhlala lapho ikhothwe amathongo, iphuphe amaphupho ayinikeza umhlahlandlela nobuhlakani okufanele busetshenziswe empini. Ukuvumelana kumqoka kakhulu ngoba uma kungavunyelenwe, kuba nokuphithizela kuziphathimandla. Lokhu sekungagcina ngokuthi kuphalale igazi ngokungafanele. UMsimang, (1975:338) uthi: 136 # Uma iNkosi ifuna ukuphaka impi yabe iqala ngokubiza isigungu sezinduna nezikhuIu zezwe. Uma iNkosi yeqa leli siko elaziwayo yabe ilahlekelwa ubuqotho nokwesekwa kwababhekeli bayo. VShaka owayeleqa leli siko waphetha ngokuvukelwa ngabafowabo nenceku ayeyethembe kakhulu uMbopha kaSithayi. Lokhu kuvukelwa kwel.embe kuveza ngokusobala ukuthi ezimpini ezaziphunywa kwakungekho ukuvumelana okwakubakhona. Vkungezwani okwabakhona kwenza ukuthi uyisekazi wel.embe uMkabayi kalama athole inxeba lokungena phakathi kwabaNtwana beNkosi, agcine afake isihlava senzondo. Ekugcineni kwaphalala igazi, saphangalala iSilo uShaka. Uma seliphumile elakoMkhulu elingathethi manga, wonke amabutho ayephikelela koMkhulu lapho ayehlala khona kuze kufike usuku. INkosi beyihlaba amashumi noma amakhulu ezinkomo ukuze amabutho athole okuya ngasethunjini uma esalungiselela ukuyohlasela. Amabutho ayehlala izinsuku egonywa ukuze aqine ngaphambi kokuba aphume ayohlasela. Uma impi isihlasele, impilo "yamabutho iba phakathi kokufa nokuphila, yingakho nje ukucela izinhlanhla kwabaphansi kudingekile. Nakuba izwi lakoMkhululalidinga ukuba indoda isukumele phezulu, uma izophuma ihlasele, ayikho indoda eyayiphuma emzini wayo kungabikwangwa kwabaphansi, kucelwe izinhlanhla zokuthi ibuye isaphila. Lokhu kwenzeka ngokuthi kungenwe esibayeni kubikelwe khona. 137 , UKrige, (1977:267) uthi: In spite of the rapidity required of all warriours in their execution of the king's command to mobilize, no worrior would go to war unless he had lust visited his home to pray to his ancestral spirits for their protection when about to leave home, two or three men would enter the cattle kraal and the upper end call upon ancestors. OkaKrige (1977) uveza ngokusobala ulruthi uma lrulungiselelwa impi, kwakungathathwa isikhathi eside ulruba amabutho ahIangane koMkhulu. Ziningi izizathu ezingenza lokhu ngoba amaqhinga empi olruhlasela alrufanele aziwe isitha. Itulo lrufanele liboshwe lingaziwa neze isitha esizohlaselwa. Ngakho-ke kumqoka ukuthi ulwazi lungaze lufike ezindlebeni zezinhloli. Uyalrugcizelela ukuthi ulrubikelwa kwabaphansi kumqoka kakhulu ngaphambi kokuba aphume aye empini. Ngokwenkolo yamaZulu, impilo yomuntu isezandleni zabaphansi ngoba yibo ababheke ukuphepha kwabasadla anhlamvana. Ugqamisa ukuthi lokhu kubikela nokucela ukuphepha kwabaphansi kwenzelwa esibayeni. Isibaya siyisibaya ngoba kukhona izinkomo. Ubukhona bezinkomo obenza isibaya sibe mqoka, ngaphandle kwalokho okubizwa ngesibaya kungaba yinsimu nje edinga ukulinywa uma kungahlali nkomo kukho. Imvamisa uma isibaya sesingenankomo simila imbuya. Ngesikhathi lrunjalo koMkhulu, inyama yenkomo iphekwa ngomhluzi wenye ukuze amabutho angabulawa umashayandawonye. Kuwo Iowa mnyama izinhloli zisuke sezithunyelwe ukuyohlola konke okuqondene nesitha. Zazibheka nokuthi impi yesitha irni kanjani. Zazihamba isinyenyela futhi kwakukhethwa abanekhono lalo msebenzi, ababezocwaninga itulo lesitha, kubhekwa ulruthi amabutho esitha angakanani, kutholwe namasu azosetshenziswa. Ukuqiniswa kwamabutho kwakwehluka kokwejwayelekile ngoba kwalrulandwa Inyangaewaziyo 10 msebenzi, engafuniseli ngoba ulruphazama 138 , okuncane, kwakungabiza ukwehlulwa kwempi. La msebenzi wawenziwa izinsuku ezimbalwa. Inyama eyayidliwa amabutho uma eselashwa yinyanga yayingasafani nalena ebeyidliwa nsuku zonke. Le nyama kwakuba ngeyenkunzi noma eyezinkunzi ezimnyama zamakhubalo ezibulawa amabutho ngezandla kungasetshenziswa sikhali eyayisigilwe yonke imigilingwane, yabhilwa, yahuqwa ngezinsizi. UKrige, (1977:269) uthi: Here, as in the First-fruit Ceremonies, the army was strengthened and given courage by eating the medicated flesh of a bull killed in a special way, and the regiment chosen to bring this bull to earh unarmed was usually the favourite regiment of the king, because this was regarded as a very great honour. OkaKrige (1977) uveza ukuthi inyama ebhiliwe edliwa amabutho, ifana naleyo esuke ibhiliwe edliwa ngoMkhosi WoMhlanga. Uthi nayo futhi edliwa ngoMkhosi Womhlanga isuke ibulewe amabutho ngezandla engaphethe sikhali. Uthi ibutho eliyithela phansi inkunzi lire lithandeke eNkosini ngoba lokhu kungukuhlabana ngokwakho. lnkunzi yenkomo inamandla, akulula ukumelana nayo. Oyithele phansi ngezikhwepha kufanele ukothi kuthiwe unamandla. Amandla enkunzi lawa enza ukuthi kukhethwe yona ukuthi amabutho ayibulale ngezandla ngoba lokhu kusuke kungukuwavivinya ukuthi anamandla angakanani. Umbala owenza amabutho ukuba abe nesithunzi futhi abukeke esabeka ezitheni. Yiwo futhi 10 mbala owenza ukuthi amabutho ahlaselwayo abe nomnyama ngoba yinkunzi emnyama ehlatshwayo, inyama yayo ibhilwe nemithi yokuthi isitha sibe nomnyama sinqotshwe. lyingqunda iyenza amehlo ezitha angawaboni amabutho eNkosi kahle. Kumele kube njalo ngoba Ie mibengo isuke inamakhubalo anamandla njengompikayiboni, indlula behlezi, umathunzi ezintaba, unkungwini nensulansula. Kwakungekhona kuphela ukudIa inyama ehuqwe ngezinsizi kodwa kwakubuye kuphalazwe futhi kuncindwe. Ukuphalaza kwenzelwa ukuthi amabutho abelula empini, angasheshi abanjwe iphika nokuthi kuphume konke ukungcola okungaphakathi. Ukuncinda khona kwakwenzelwa ukuthi kukhothwe izinsizi zokuqinisa amabutho ukuthi 139 abe nesibindi ukuphikelela, ukuqiniseka, ukuzinikela nolaka lokubhekana nesitha. Imvamisa imithi encindwayo isuke ibaba ngakho kufanele kusheshwe uma kwenziwa ngoba nodengezi luyashisa. Kuba yindlela engcono eyenza ukuthi ukubaba kungazwakali kalula ngoba kuyasheshwa. Ibutho elalibulale inkunzi emnyama ngezandla yilo elaliphalaza kuqala. Lokhu kwenzelwa ukuthi lisuke likhombise ukuba namandla ngakho onke amabutho kusuke kufanele athathe amandla alo ukuze ayonqoba ngawo empini. Ukubulala inkunzi ngezandla kwakuyindlela lapho iNkosi yayihlola khona amandla amabutho ayo. Ngesikhathi kunzima kuZulu kubonakala ukuthi uyanqotshwa eSandlwana, lalingasekho ithuba lokuthi amabutho agonywe njengokwejwayelekile njengokuthi agonyelwe esibayeni. Inyanga yempi kwakudingeka ukuba kube khona ekwenzayo ukuphephisa uZulu ekunqotshweni. UKnight, (1995:160 uthi: When the army was fully assembled, it was marched to a specially chosen spot - in 1879 it was on the eNdukwini stream, near the point where it flows into the White uMfolozi - where the warriors were required to undergo a ritual in which each had to swallow medicine, then regurgitate it into a special prepared hole. . Isizathu esenza ukuthi kuyiwe ngasemfuleni yingoba kwakunzima, uZulu ewa ngapha nangapha kwakudingeka ukuthi kuphalazwe. Uma kuphalazwa kudingeka amanzi ngakho-ke amanzi ayetholakala emhosheni. Ukuya lapho umhosha waseNdukwini ochithela khona eMfolozi eMhlophe kwakuzosiza ukuthi amanzi abe seduze. Izinyanga zeNkosi zaziphuzisa amabutho imithi ebabayo eyayizokwenza ukuthi impi kaZulu ibe namandla, ibhekane neyamaNgisi kahle. UKnight, (1995:160) ukubeka kahle okwakwenzeka lapho: 140 ? After taking a mouthful or two of the medicine in great pots (izimbiza) and woven baskets nearby, the worriors proceeds to vomit of course prior to having had any food that day. Lapha kuvezwa isimo sokuthi kuphalazeka kangcono uma ungakaze ukuthi mbibi ukudla. Ezikhathini eziningi kuphalazwa ekuseni umuntu engakadli lutho ngoba ukuphalaza ngemva kokudla kungenza ukuba kuqale kuphume ukudla kuqala. Lapha amabutho avezwa ephalaza engakadli. Lokhu kwakuzowasiza ukuthi kuphume udenda abe namandla okugijima engakhathali empini. 3.4.13 Inkunzi ebulawa ngezandla llidlanzana imikhosi kwaZulu lapho kubulawa khona inkunzi ngezandla. Le mikhosi kuba ngowokweshwama, owokubekwa kweNkosi bese kuba owokulungiseleIa amabutho aya kohlasela empini. Le mpicabadala ebukeka iyisihluku ngokwesiko laseNtshonalanga, iyisibusiso kwa'Zulu ngoba inento efihIakele eligugu esizweni. Okwenza ibeligugu esizweni ukuthi yenganyelwa uNomthebe wesizwe. Inhloso-ngqangi yalesi senzo ukuthi oNgangezwe Iakhe aziboneIa ngawakhe amabutho akhe ekhombisa amandIa anawo. Uknbulawa kwenkunzi ngaphandIe kwezikhali akuwona umdlalo, kudinga amandla nesibindi ngoba kuwo Iowo mnyama kungachitheka igazi, buchitheke bugayiwe kwedIuIe umphefumuIo. Ngonyaka ka-1871 uMfundisi T.e. Wilkinson owayenguMbhishobhi weBandIa IamaSheshi kwazulu, wavakashela esigodIweni seSiIo uMpande. UkubuIawa kwenkunzi ngezandIa wakubona ngamehlo ngesikhathi kunguMkhosi Wokweshwama. Ngesikhathi sekufike urnzuzu wokuthi kubuIawe inkunzi ngezandla, iSilo uMsimud'owaveIa ngesiluba phakathi kwamaNgisi namaQadasi, wajuba ibutho iNdlondIo ukuba kubeyilo eIibhekana nalo mshikashika. lbutho iNdlondlo kwakuIibutho eIalingakakhuIi. Ngesikhathi Iigasela inkunzi kwasuka uthuli Iwezichwe, yasho ukuIiqeda ngoba inkunzi igweba ingasadle nkobe zamuntu nezimpondo ziyinungu. ISilo samemeza sacela ibutho uMbonambi ukuba Iilekelele. 141 UKnight, (1995:152) uthi: They caught a black bull. It too was from foreign parts, only the king knew where. When the bull ripped out men's inards the king called to the Mbonambi regiment "Go and help!" They went and headed it off in front, standing in a desely packed mass. Lokhu okucashuniwe kukhombisa ngokusobala ukuthi uma kubulawa Ie nkunzi ngezandla, knbanzima kangakanani. lnkunzj ebulawayo iyakhethwa iseliguqa, ivinjwe ukuthi ingakhweli. Lokhu kuyenza ukuba ikhule inamandla asabekayo. Yiwo lawo mandla enza kubenzima ukuthi ibnlawe. Amandla enkunzi futhi enza umhwebi uDavid Leslie ngoMkhosi Wokweshwama owawusesigodlweni seSilo \uMpande ukuba abambe ongezansi ebona isimanga sokubulawa kwenkunzi ngale ndlela ngonyaka we-1866. UKnight, (1995:152) uthi: The bull on this occasion was a fine three-year old - is turned out and the men throw themselves upon it like ants. It accepted their braces quietly for a while, until finding that something more than a joke was intended, it commenced to kick and plunge furiously. Three or four got kicked and gored; but it was of no use, or despite of its tremendous exertions, they at last fairly chocked it, shouldered it off to the kraal, and then burned it. Lo mshikashika wawubhekene nebutho uThulwana. Igama laleli butho lasuselwa egameni leNkosi yabeSuthu uThulare, amazulu ayesethi uThulwane ngenxa yobunzima bokuphimisela urnsindo on.ohlamvu u -r-. Elinye igama laleli butho AmaMboza okuthi ezincwadini eziningi livele njengegama elithi Amabfboza. Okuyikhona okuqondile 142 , ukuthi AmaMboza ngoba lisuselwa elrutheni ibutho uThulwana ladla izinkomo zaheSuthu lemuka nazo, kwathi ngesikhathi liyoshona nazo, kwasuka uthuli lwabheka phezulu. Kwase kuvela ulruthi "AmaMboza nkomo ngothuli", kwase kuqhamuka igama elithi AmaMboza. Kuvela kahle kamhlophe ulruthi kusuke lrungadlalwa uma lrubulawa inlrunzi ngezandla. Uma ibona ulruthi iyabuiawa ngempela, ikhipha wonke amandla enawo, ilwela ulrufa nolruphila. Kuyavela ukuthi ngesikhathi kwenzeka lokhu akhona amabutho alimalayo ngolrugwazwa kanye nolrukhatshwa yinlrunzi. Konke lokhu lrusuke kungasho lutho ngoba elokaNdaba lisuke seliphumile futhi kufanele ligcinwe noma lrunzima. Elrugcineni igcina ngokunqotshwa inirunzi uma isibulewe, kube khona ukujabula okuhambisana nolrukikiza, bese kuthi emva kwalokho, yethulwe enyangeni yeSilo okuba yiyona eyenza okufanele ngemithi ngayo. 3.4.14 Ukuxoshisa amabutho ahlabene empini Kuiezi zinsulru zamanje, ezinhlakeni zikahulumeni, ulrubonga umuntu ngomsebenzi awenzile sekuyicala. Into oyinikeza umuntu lrufanele ibe eyenani eliphansi kakhulu ngoba uma umnikeze eyenani eliphezulu, kufanele leso sipho, ayosethula ezikhulwini zakhe, zisazi. Singelrugxeke lokho ngoba sekwagcwala inkohlakalo ezweni. Abanye sebesebenzisa izikhundla zabo ukuqongelela umnotho ngokungaqondile. II;:welikaMthaniya umuntu ohlabene uxoshiswa ngenkomo noma ngezinkomo. Ukuhlabana okukhulu kwaZulu bekungulrukhombisa ubuqhawe empini. Ngemva kwempi, iNkosi beyixoshisa amaqhawe ngokuhlabana kwawo empini ngezinkomo. Uma iqhawe selibuyela emzini walo, belibuyela nezinkomo ngemva kokuba iNkosi isilandiswe ngokuhlabana kwalo ngabaphaki bempi, lokho olrubizwa ngokuthi ukuxoxa impi. UlCrige, (1977:279) uyibeka kahle Ie ndaba: The latter were honoured with a mom de guerre, and a hero would receive as many as ten head of cattle from the king. 143 , OkaKrige (1977) ulibeka ngembaba uma ethi amaqhawe ayexoshiswa ngezinkomo. Uze athi kwesinye isikhathi iqhawe lalithola ishumi lezinkomo. Ukuba izinto zazimi kahle nje ngemva kwempi yaseSandlwana, amaqhawe anjengo Ntshingwayo kaMahole ayezoxoshiswa iSilo uCetshwayo. UNtshingwayo kaMahole kwakuyiNduna yesizwe sakwaKhoza eyayinguMkhuzi wempi yeSilo uCetshwayo. OkaKhoza wayenikezwe amandla okuhola impi ngesikhathi uZulu ezobhekana namaNgisi eSandlwana. Ubuhlakani bakhe bokuhola impi nokuhlabana bamenza waba yiqhawe elivelele. UMavumengwane kaNdlela kaSompisi wayesebenzisana noNtshingwayo kaMahole ekudidiyeleni impi yaseSandlwana. Nangesikhathi ibambene eGingindlovu futhi wayekhona. Ubuhlakani bakhe yibo obamenza ukuthi avelele empini. Ukuhlabana kwala maqhawe kanye namanye ayeyibambile eSandlwana, yikho okwakungenza ukuba "uHlamvana bhul'umlilo" ukuba awaxoshise ngezinkomo. Kusobala ukuthi la maqhawe ayesemayikayika iziqu ezintanyeni kanye nengxotha ezingalweni zawo ngoba ayesehlabene izikhathi eziningi ngaphambi kwaseSandlwana. Konke lokhu okuhle kangaka akuzange kwenzeke ngenxa yokuthi amaNgisi ayeselushisile uNdi. Ukushiswa koNdi kwaphazamisa ukuhalaliselwa kwamaqhawe kanye nokubongwa kwabaphansi ngendlela efanele ngoba ukubuya komuntu ephila empini kungumusa wabaphansi nezicolo zabo ngoba ukuphila kusezandleni zabo. Uma amabutho esebuyela emizini yawo, kwakukhala ubuki! ki! ki! komame bethakasela ukubuya kwabayeni babo bephila Komkhulu kwakuhlatshwa inkabi emnyama kubuswe kubongwa ukubuya kwamabutho empini ephila, Kwakuhlalwa phansi kulandiswe iNkosi ngokwenzekile empini. Kulesi sithangami kwakubalulwa ngisho nalabo ababekade bengamagwala Isihlahla samagwala esiseceleni komgwaqo obheke eShowe kwaBulawayo savela ngoba kukhona amagwala ayevela ngazo izikhathi zezimpi -' ngesikhathi seLembe. Lesi sihlahla somqokolo yilapho amagwala okwakuthi uma 144 , esekhethiwe ayesiwa khona kuqedwe ngawo asiwe kwagoqanyawo. ngoba ayenzela isizwe phansi. Kuyacaca ukuthi isenzo sobugwala silinganiswa nesobuthakathi ngoba ngabathakathi ababejojwa kwaZulu. 3.5 Imihlatshelo Ukuguquka nokwenza ukubalula kwezinto, sekwenza umhlatshelo wenziwe ngezindlela eziningi ezehlukene. Ngezikhathi zawo-Abrahama eNcwadini eNgcwele, umhlatshelo wawenziwa ngokuthi kushiswe isilwane qobo Iwaso. Ngokuhamba kwezinto kwase kushiswa impepho. Ishiswa ezindlini zokukhonza eziningi. Iphunga layo liyiphunga elimnandi kuNkulunkulu elimenza ukuthi abhekane nesimo leso isicelo esibhekene naso. Empeleni isuke imele umhlatshelo owenziwa ngokuthi kuchithwe igazi lesilwane. Ngokwenkolo yamaIuda izilwane okuchithwa igazi lazo izinkomo, izimvu, izimbuzi namajuba. Okufike kuhlabe umxhwele ukuthi ngisho nasesikweni lamaIuda imbala inkomo ayisali uma kwenziwa umhlatshelo. Lokhu kuveza ukuthi njengoba imqoka ekufezeni imisebenzi eminingi esikweni lamaZulu, kunjalo futhi iyalifeza nakwezinye izizwe. Irnihlatshelo-ke ngokwesiko lamaZulu iba namalungiselelo athize njengokucwilisa komame-nje. Kufanele kubuswe ngosuku 10 mcimbi ngakho-ke utshwala buyadingeka. Uma izinkomo sezibuyisiwe ngesikhathi lithambama, ohola umcimbi wayembatha isiphuku esihlala endlini engenhla bese eshona Ie nalena esibayeni ebika ngomcimbi okhona ozohlatshelwa kwabaphansi. Uma kubikwa ogulayo, obikayo Iowa moya oshiwo obonayo kuye kubizwe wona kutshelwe abaphansi ukuba bawuxoshe. Amarhongo abikelwa ngobudala bawo kusukela endlunkulu kwehle knze kufike ekhohlwa njalo njalo. Kungumkhuba ukuthi ekugcineni kokuthethwa kwedlozi kucelwe labo ababizwe ngamagama ukuthi bazise bonke abangabizwanga bomndeni. Umhlatshelo ungenzelwa izizathu eziningi esikweni lamazulu okungaba ukucela, ukuvikeleka, ukubonga nokunye. Uma kwenziwa umsebenzi wokuhlabela inkomo abaphansi, lokho kusuke kungumhlatshelo. Ezilwaneni ezihlatshwayo ukwenza umhlatshelo kwaZulu kuba yinkomo noma imbuzi. Kusha ukuthi uma kwenziwa 145 umhlatshelo kuhlatshwe izinkukhu. Lokhu kwenziwa ukuthi iningi labantu Iidla imbuya ngothi futhi selahamba lizwa wonke amanga kwabamanga abathi bayabona ngisho kungaziwa nalapha bethwasa khona. Nakwa-Israyeli imihlatshelo yayenziwa ngezinkomo nezimvu. Amajuba ayesetshenziswa yizimpabanga ezikhungethwe wubuswezi. Kuyabonakala-ke ukuthi inkukhu ibambeka kalula kunejuba. Uma sekuvele isidingo sokuthi kwenziwe umhlatshelo ekhaya, uSokhaya uhlanganisa uzalo alwazise ngomcabango nangesidingo somcimbi. Kwesinye isikhathi uSokhaya uye ayikhombe inkomo ezohlatshwa ikakhulukazi uma kungumcimbi wokujabula ofana nokubonga. Kwesinye isikhathi uholo uluthola kulowo obonisiwe ngabaphansi ngokomhlahlo wesangoma noma ngephupho lomuntu omdala ekhaya. Kungumsebenzi woqhuba umsebenzi ukuba ngaphambi kokuhlaba isilwane abikele abaphansi ukuthi isilwane sinjani, ngesani nanokuthi simise kanjani. Lokhu kwenzelwa ukuba bazi ngakho konke okwenzeka emagcekeni omuzi ngoba umuzi ungowabo. Imicimbi yomhlatshelo kufanele yenzelwe endaweni engcwele okuyisibaya sezinkomo ngoba silithempeli enxulumeni. Ngenxa yokuthi imihlatshelo ingumnikelo, ayifuneki irnpahla enesici njengegulayo, ugondo ombambo ziyabalwa, elimele, eqhugayo necije ngesinqe. Lapha kukhethwa irnpahla yekhethelo ukuze kuthokoze abaphansi nabaphakathi nendawo kanye nabaphezulu. Okusetshenziswayo okuyimpepho nomkhonto wokuhlaba kugcinwa endlini engenhla lapho konke okungamagugu omndeni okugcinwa khona. Uma umhlatshelo wenziwa, kuyenzeka ukuthi lowe obhekane nokwenza 10 msebenzi, athi ewenza abe ephethe impepho eshunqayo esandleni sakhe. Lowo kuba ngoqokwe umndeni okungaba omdala emndenini, owazi kahle ngomndeni, ongenabulukhuni nongeke aphambanise izinto uma esebika. Usuku olukhulu lomcimbi kufanele lufike zonke izinto sezimi ngothi Iwazo. .-., 146 Ngosuku lokuhlaba kufanele bube sebuvoviwe utshwala ngoba inkomo ayiwi phansi ngaphambi kwalokho ngoba abubi mnandi kanjalo futhi nenyama ayibi mnandi. Oqokwayo ukuba ahlabe kufanele kube ngowazi inxeba. Kusetshenzisa umkhonto wokuhlaba womndeni ohlala endlini engenhla. Ohlabayo kufanele ahlanze izandla kanye nomkhonto awunikezwa uSokhaya ukuba ahlabe ngawo bese ehlafuna isiqunga. Ukuhlafuna uqunga kuyamhlambulula umhlabi noma engumuntu owake wabulala ixoxo okukholakala ukuthi inyama yenkomo ehlatshwe nguye ayiklasi. Kufanele kube ngumuntu ongenalo igazi elibi futhi okwaziwayo ukuthi ehlatshwe nguye iba mnandi. Kuhle kube ngowomndeni ngoba abantu ngeke ubazi nokusezinhliziyweni zabo okungaba nomthelela ebumnandini benyama. Phela ngeke ubaqonde abantu kwakhona emindenini ngoba kukhona labo abaqhutshwa ngogovane babo ababi abanomoya wezikhova. Abahlala njalo belobiza, belobizela ukuhlela imindeni yabo ngekhubalo. Yingakho kuqokwa lowe ongenabukhuni. Uma esezoyihlaba kukhethwa ezimbalwa zicindezeleke engxenyeni yesibaya bese eyihlaba maqedana alale ngecala lesandla sokudla ize iwe. Ulala ngesandla sokudla ngoba lesi sandIa sisuke singemuva nomphini womkhonto. Isandla sekhohlo sisuke singaphambili ngasekudleni kwawo umkhonto. Ukulala kusuke kukhombisa khona ukuthi nenkomo kusuke kufanele iwe. Kuba uphawu oluhle uma isilwane sibhonga uma sihlatshwa ngoba lokho kusho ukuthi abaphansi bayathokoza. Lokhu kuhambisana nokuthi kubakubi uma umhlabi esihlabe kanye sawa phansi safa ngoba lokho kusuke kukhombisa ubulula boMnumzane wekhaya. Ukuphuza kwayo ukufa kubonisa ukuqina kukaSokhaya nanokuthi ngeke ebulawe yinxeba elilodwa empini. Uma isiwile uphindisela umkhonto kuSokhaya bese ewubuyisela endlini : engenhla ngoba akufanele uphathwe noma ubani ngoba usuke unegazi. lzigangi uma zike zawuthola, zingawubhila mhlawumbe lokho okungaholela ekupheleni kwesibaya soMnumzane ngendlela engaqondakali nemikhuhlane emndenini. Ukungakhali kwesilwane uma sihlatshwa akunambithisiseki ngoba kuveza ukuthi abaphansi abajabule ngaso. Uma ingasacwayizi ngisho uyithinta iso, isuke isifile okulandelwa ukuthi yathiwe. Inkomo yomhlatshelo ihlinzwa ngokukhulu ukucophelela ngoba akufuneki ukuthi kubekhona iconsi legazi nomswani okuwela phansi ngoba kubalekelwa abakhunkuli 147 ? abangase bakucoshe maqedane benze umonakalo, kuthi imililizelo iphenduke izililo. Kukholelwa ekutheni uma abakhunkuli bethole umswani negazi bagila imihlola ngoba bayakuguqula lokho benze idlozi ukuthi libulale umuzi, lingawubheki. Uma isiqediwe ukuhlinzwa kubizwa ungoti ekukhipheni izitho ngononina ukuze kungenzeki ipfiutha elingenza ukuba abadli besitho esithile bakhale ezimathonsi ngokungapheleli kwaso. lzitho eziphakelwa abaphansi zibekwa emsamo endlunkulu ukuze abaphansi bazitike nabo ngenyama yemfuyo yabo esuke ibhekwe uSokhaya. Kuthathwa umhlwehlwe uhlanganiswe nempepho ushiswe bese uba yiphunga elimnandi ezinyanyeni. Umlilo awubaswa ngalobo busuku kuleyo ndlu futhi iyalindwa ubusuku bonke ukuze kungangeni muntu kuyo. UKrige, (1977:294) uthi: In addition to the burnt-offering, meat is always set aside for the spirits to "lick". Sometimes, and this seems to have been more common in the old days than it is today, the whole of the beast was carried into the hut of the mother of the kraal, or if she was dead, that of the kraal head, where it was placed with fresh branches. Isilwane esingathi vu yimvu, yingakho nje imicimbi yemihlatshelo eminingi ebhekene nayo kuba ngeyomphezulu. Umphezulu awufuni msindo nokwenza izinto budedengu . njengokuhazisa amanzi uma uwachitha. Ngokwesintu liyahlonishwa izulu. UKrige, (1977:291) uthi: There are also preparations connected with the animal to be sacrificed. Only cattle or goats may be used (except in cases of sacrifices for protection against lightning, where a sheep is used), and the diviner in most cases discovers which animal, the gods desire. 148 ? OkaKrige (1977) ubonakala eyiblaba esikhonkosini uma engakhulumi ngezinye izilwane kodwa ekhuluma ngenkomo, imbuzi kanye nemvu. Akavezi ukublatshwa kwezinkukhu osekuthe chithi saka lapha kwelikaMthaniya. Uyakugcizelela futhi ukuthi imvu ihlatshelwa imicimbi noma imisebenzi eqondene nomphezulu. Ulimisa ngesibloko elithi yibo abaphansi abaveza nkuthi blobo luni lwesilwane okufanele siblatshwe. Lokhu kusikhombisa kamblophe ukuthi imfuyo nakho konke okungaphansi komthunzi welanga, kuvela kubo. Inala nemfuyo kuyizibusiso ezivela kwabaphansi yingakho-nje kungabi isimanga ukuthi bakhetheni ukuthi kube yiyona eyenziwa umblatshelo. Indaba yemihlatshelo yinto endala eyaqala kudala ngisho emasikweni akwaJuda yayikhona. U-Abrahama wayenza imiblatshelo njalo ibe yiphunga elible kuNkulunkulu. Kanti kukhona nomblatshelo owagcina wenziwe ngumuntu ngesikhathi uNkulunkulu enikela ngeNdodana yakhe eyayizelwe yodwa nkuba izofela izoni. Kukhona umblabeleli oseCilongweni l.evangeli, (2001 :55) osihloko sawo sithi, "Umhlatshelo wezono" oharnba kanjena: Igazi lemihlatshelo Yonke yabaJuda Lalingeluqede'uvalo Lingesus' ukona Kodwa elikaKristu wo, Elaphalazwa, hal Lisusa zonke'izono bo, Liqed'icala nya. Lo mblabeleli uveza uJesu Kristu njengomblatshelo. Ngokwenkolo yamaKristu kuvezwa uJesu engaphezu kwayo yonke iminikelo eyake yenziwa. Yonke imihlatshelo yayiphindwaphindwa okubonisa ukuthi yayingaphelele. UJesu wayengumhlatshelo opheleleyo owanikelwa kwaba kanye e-altare elikhulu iGolgotha. Owakhe umnikelo waweblukile ngoba kwakungowokufela abantu ezonweni zabo. Umqambi weculo nkubeka kukhanye ukuthi lokhu kwakungolunye ublobo lomblatshelo. Okufike kube kuble ukuthi njengoba amaZulu nawo ekholwela emblatshelweni owungukuchithwa 149 kwegazi lesilwane nezinye izizwe nezinkolo ziyakholelwa egazini. Lesi sinqumo sasingaphezu kokwenza, lokhu okubeka obala ukuthi umhlatshelo umqoka kangakanani. Uma amabutho kaZulu eya empini, kwenziwa umhlatshelo. Uma ibutho lingabuyanga empini, lokho kuba ngumhlatshelo esizweni. Kuchitheka igazi lamadoda empini liphalale njengoba kwaphalala elikaJesu esiphambanweni. Lokho kuba ngumnikelo omkhulu esizweni ngoba ukuphalala kwegazi lamabutho kuba yinzuzo kuso. Kwazulu ukusala kwebutho empini kuyisibusiso ngoba lisuke lidlulele ezweni labaphansi lapho okubuswa khona okungekho zinhlungu khona. Kanjalo nokulenga esiphambanweni kukaJesu kwaletha ukuthula emhlabeni ngoba abantu bathethelelwa izono zabo. Ukujabula kukaYise uNkuluukulu ngesikhathi uJesu efela izono kwaba kukhulu njengoba kuba kukhulu ukujabula kwabaphansi uma ibutho lisala empini lisalela isizwe. Ibutho lisuke lizodlulela kwabaphansi lapho kungekho zinhlupho khona; kanjalo noJesu Kristu esewenzile umsebenzi wakhe wokufela izoni wenyukela kuyise ezulwini engumnqobi ngemva kokuhlupheka okukhulu. Enyuka njalo eziphakamisele phezulu izandla ezinamanxeba. Zama nse izinsizwa zaseGalile, zagqolozela phezulu zambona eyosithela, kusithela umhlatshelo uqobo Iwayo. Kuyenzeka ukuthi kube neshwa elithile emzini, kuvele kugule umuntu aze abe ngangabasemehlweni. Kuyiwe ngapha nangapha kufunwa onamakhathakhathana okumelulamisa kodwa kube nhIanga zimuka nomoya. Impilo yomuntu kwazulu isezandleni zabaphansi ngakho kusuke kudinga ukuthi 10 mhlola ubikelwe bona.? Umndeni wenza umhlatshelo wenkomo okushwelezwa ngayo kwabaphansi ukuba baxoshe umkhuhlane. Uma inkomo ebhekene nalo msebenzi isihlatshiwe, kuthathwa inyongo yayo ithelwe emzimbeni wakhe ibuye ichelwe esihlokweni somunwe wokukhomba ikhuphuke njalo ngengalo, esiphongweni nasemilenzeni. Lokhu kwenzelwa abaphansi ukuthi bafike bakhothe Ie nyongo bese kuthi ngokwenze njalo isifo sikhothwe ngabaphansi bese evuka qingqo obambekile. Uma kwenzekile owenzelwa umhIatshelo edlula emhlabeni ngesikhathi elashwa, leyo nkomo ebekade ihlatshelwe ukumelapha ifakwa egodini nayo uma efihlwa, Le nkomo ithathwa njengeneshwa uma ingadliwa ingakhonga izifo eziningi ekhaya. VGumede, (2007) uthi: 150 Umhlatshelo yinto eyisimanga sangempela ngoba umusi oshunqayo uba yiphunga elihle ezinyanyeni nakuMvelingqangi. Uma nje izithutha zike zahogela, isifo noma izibongo eziphakanyiswayo, zivele zifinyelele ngokushesha bese kwenzeka njengokwentando yabaphansi. OkaKhondlo lapha ubabaza isimanga esenziwa umhlatshelo nokulalela kwabaphansi isililo noma ukubonga okulethwa ngabasawadla anhlamvana. Lokhu kukhombisa ukujula kwenkolo yamaZulu ebeka wonke amathemba awo kuMvelingqangi okunguyena onikeza abaphansi amandla okuthi baphatha impilo yabasaphilayo. Umhlatshelo uyingxoxo ejulile ngoba ngawo kunyakazi uMdali uqobo lwakhe. lsilwane esihamba phambili ekwenzeni imihlatshelo esizweni samaZulu yinkomo. Yingakho nje inani nobumqoka bayo kuphezulu kangaka, lokhu kubonakala ngokuthi uma kungena umlobokazi ekhaya, kube kukhona izinkomo ezikhishiwe ezesula abazali bakhe izinyembezi. 3.5.1 Inyama yenkomo yabaphansi AmaZulu ayabahlonipha asebadlulela kwelezipho zonke ngokuthi bangababheki nabavikeli balabo abasadla anhlamvana. Amathongo ayaphila futhi akubona konke okwenziwa phansi komthunzi welanga yingakho-nje kufanele ahlonishwe ngaso sonke isikhathi futhi aziswe ngakho konke okwenzeka ekhaya. Bayathokoza abaphansi uma kuheleza umoya wenhlonipho ekhaya. Inhlonipho igcizelwa uMthembu, (2000:43): . Ukuze umuzi uhlonipheke, kumele ukuba abangaphakathi kwawo bawuhloniphe. Kuqala yena uSokhaya, ahloniphe amathongo omuzi, kanye nabo bonke abadala kunaye oyise nabanewabo. Ukuthemeleza nokuthethwa kwamadlozi okwenzelwa endlini yangenhla noma esibayeni, kwenza ukuba umuzi ube nesithunzi uhlonipheke. 151 Kungukubahlonipha abaphansi ukuthi baphiwe ukudla ngoba bayaphila. Ukudla okusuke kudliwa ekhaya vele kuvela kubo ngakho kufanele baphakelwe. Uma kuhlatshiwe .. enxulumeni, kuyaziwa ukuthi kukhona ingxenye yenyama ebekwa endlini yangenhla lapho bedlela khona. 1? ngxenye yenyama inanzi okwaziwa kamhlophe ukuthi uma kuhlatshiwe ihekwa kanye nesicathulo sotshwala emsamo kule ndlu. Abaphansi bayafika bazitike ngalokhu kudla okuhlala lapho izinsukwana bese kuthi emuva kwalokho kunikezwe asebekhulile ekhaya bakudle. UMsimang, (1975:138) uthi: Okunye futhi okubalulekileyo inanzi. Yisona sitho esiphiwa abaphansi lesi. Sibekwa emsamo kanye nalo ukhamba Iwezalukazi. lhlala lapho ize yome inanzi. Ukusuka lapho ingadliwa isalukazi noma yimuphi umuntu osekhuliIe. Uma inkomo ehlatshiwe kuyinkomo ebiqondene nokwelapha ekhaya okusuke kusingethwe inyanga, kuba nezitho ezithile eyalelwe abaphansi ukuthi akube yizo ezizoba ukudla kwabaphansi. Uma inyanga isizigagulile lezo zitho ngokuholwa abomhlahlo, ziyathathwa ziyogcinwa emsamo endlini enkulu. Zibekwa lapho ukuze zidliwe ngabaphansi njengokudla kwabo. UNtombela, (2007) uthi: Thina maZulu sikholelwa ekutheni abaphansi bayaphila futhi bayasizwa uma sikhuluma. Konke esikwenzayo kusekelwe kubo ngoba yibo abasinika ukuphila. Ngakho uma kunokudla ekhaya kungokwabo, Kufanele baphakelwe ukuze nabo badle basuthe. OkaMahIoOO ugcizelela khona ukuphila kwabaphansi nokuthi uma siluthatha, silubeka unyawo, basuke besibona. Uveza ukuthi konke okukhona ekhaya kuvela kubo futhi 152 ? noma sidla kufanele sazi ukuthi bakhona sibaphakele. Konke kusikhombisa ukuthi impilo yomuntu onguMzulu incike nkomo ezithutheni, Kusobala ukuthi kufanele kugcinwe umthetho nesiko ngoba umuzi akuwona okaSokhaya kepha kukhona abawubhekile, okufanele bahlonishwe futhi kugcinwe konke abakudingayo. Le nhlonipho egqanyiswayo, eyababonwa ngamehlo okuthi uma behlonishiwe yedlulele kwabangabonwa. Uma emzini wakhiwe ilusikompilo, abaphansi baletha izibusiso phezu kwawo kuthi izimfamona zikhexe imilomo. Esithabathabeni esakhiwe somuzi kukhona umgudu okwehla kwenyuka kuwo abaphansi. Isango lothango lomuzi, libhekene nesango lesibaya, Okuthi uma uphakamisa amehlo, ubone intuba iqondane nomnyango wasendlini kwethu. Ngaphambi kokuba ungene endlini engenhla, kukhona isikhonkwane sezulu naso futhi esiqondane nomlindiziko nensika yendlu. Uma uphumela ngaphandle kwendlu, uphakamisela amehlo othangweni welamela intuba. Lo mgudu uyindlela okwehla kwenyuka abaphansi kuwo emzini wakhile. Ngenxa yokubakhona kwabaphansi, yingakho kufanele ukuthi izinto eziningi zihlonishwe futhi kube nentobeko ekhaya eba amakha kwabangamele inxuluma. Lokhu kwenza kuhlale kuheleza umoya wentokozo. 3.5.2 Inkomo yenhloko Ngemuva kokuba sekulotsholiwe kusuke sekufanele ukuba olotsholiwe abonakale, angafani nezinye izintombi ngokuthi akhehlwe. Umlotsholwa usuke eseyingoduso sekulungiselelwa ukuba ayogcagca ngoba angesine lingafezwanga leli siko elibeka imidiyo yokuziphatha kwakhe, futhi nezinsizwa zingabe zisadlalela kuye. Leli siko lifana nelesilungu lapho umkhwenyana efaka Iowo amethembisa umshado khona indandatho yesethembiso. Lo msebenzi wokukhehla ungaqalwa abakhongi okuthi uma sezishaywe zonke, baqhube imbuzi noma inkomo baye kubo kangoduso bazocela ukuba ikhehle. Uma betheleka kukhala ubu Ki! Ki! Ki! komame ngoba vele basuke belindelwe. Kwesinye isikhathi, kuqala yena umukhwe ahIongoze ukuthi usezobakhehlela ingoduso yahoo Uma sekuze .". kwakhishwa inkomo kwabasuthayo noma imbuzi kulaho abakwazi ukhipha yona, 153 iyakhehla ingoduso, kusuke sekwakhiwe imingcele yazungeza ingoduso. Ngemva kwalokho abesilisa kufanele bayihloniphe? ngoba vele kusuke sekufana nokuthi isingumkamuntu. Omkhulumisa ngezothando angafakwa icala elikhulu kumbe ahlawuliswe ngokuzama ukweqa imingcele. Kwabanye ukukhuluma okunjena kungabacabangisa kaningi uma becabanga ngesisho sakwaZulu esithi "Oseyishayile akakayosi, oseyosile akakayidli kanti noseyidlile udle icala". Uhlobo lwenhloko olwenziwayo luba yisicaba ngoba akufanele lube umpotsholozi njengolwesalukazi. Kusuke kungasensuku zatshwala ukuba ziwushaye. Inhloko ngokwesiko laseNtshonaIanga ungayifanisa nendandatho yesethembiso. VMyeni, (2007) ubeka kanjena nzalolu daba: Phela inhloko yiyona ndandatho yethu thina maZulu. Vma nje ingoduso isikhehle inhloko, kufana nokuthi isikhiywe ngesikhulu isihluthulelo. Ifana nomuntu osegcinelwe usuku lomgcagco. Inkomo lena elethwa kubo kangoduso, isho lukhulu ngoba konke uphathelene neukomo emsebenzini onjengalona, kuthinta abaphansi. Ukuphambana nabo kusho ukuvula isango lemiswazi edlalela ekhaya. OkaMnguni ufanisa inhloko nendandatho yesethembiso elisiko laseNtshonalanga lokuthi oyifakile asheshe acace ukuthi sewethenjiswe umshado. Vphinde aveze ukuthi uma [ntombi isifake inhloko, isiphila ngaphansi kwemidiyo ethize yempilo, Ingoduso isuke isilindele usuku olukhulu lokusina kwayo. Inkomo noma imbuzi ehlatshwayo ukufeza 10 msebenzi iyabikwa kwabaphansi ngoba kusuke kufanele bakwazi konke okwenzekayo. Kungaba liphutha elikhulu ukuthi babone sekuphithizela-nje ekhaya kodwa bengazi ukuthi kwenzekani. Abenze lokho bangagcina bedliwe yizinswazi zemiswazi yabaphansi. 154 , 3.5.3 Inkomo yokuncamisa Njengoba singeke siwe isilwane enxulumeni kungazange kwabikwa kwabaphansi, kuqalwa ngalokho. Baye babikelwe ukuthi le nkomo ezowa eyokufisela umntwana inkambo nendlela enhle njengoba esesendleleni eya emendweni. Le nkomo ehlatshwayo kuthiwa inkomo yomncamo ngoba isuke incamisa umntwana ebuntombini esezongena kwelinye izinga. Abakhulile besimame basuke besina bededelani beyala umntwana ukuthi aze aziphathe kahle emendweni ngoba kukwamfazi ongemame. Uma benza lokhu, umntwana usuke ebambe insika yakwabo emgonqweni okuyiyona emenza aqine nalapho eya khona. Onezinyembezi ezisezinkopheni usuke eseqalile ukuzidedela ngalesi sikhathi, zehle ngezihlathi adamane ezesula kancane. Ukwehlukana nekini akumnandi ngoba ngisho amasi ayo inkomo lena adliwa ngemva kwemidanti ethile. Ozoba umphelekezeli kamakothi oyingane azofike ayithume isuke isiqokiwe abomndeni. Ngosuku lomcimbi kufika umkhongi eselande udwendwe ephethe imali yokukhipha umthimba, Kuqala wayefika nezinhlamvu ezimbili zobuhlalu, angene agelekeqele endlini enomntwana bese ethi: "Ngithi aluphume udwendwe", Uye anikezwe icansi ahlale manzonzwana ngasemnyango ngoba kuwo lowo mnyama, izintombi zingangena zimthele ngobulongwe. Lokhu knsuke kungumdlalo osuke ulindelwe ukuthi ungenzeka. Uma ehleli lapho usuke esenikezwe inyama esikwe kuyo le eyinsonyama yontwana. Ngesikhathi santambaina abantu baphiwa inyama notshwala basine bazibethele ngobuningi babo ngoba uSokhaya usuke ememile kukhona nezinduna ezizohamba nabantwana endleleni zibabheke. USokhaya ube esephuma eya endlini enomntwana eseyomembathisa njengokwesiko abe muhle ngokwedlulele. UMsimang, (1975:279) uthi: Yilona futhi leli langa lapho umntwana ezofakwa iminyakanya, ihlangane nezinyongo esezigcwele ekhanda. Lokhu kuvunuliswa ngale ndlela knsuke kungokokuqala nokokugcina emntwaneni ngoba ngemva kwalokhu usuke esezibophezele ekuganeni. lzinyongo ezigcwele ekhanda ; ... zichaza khona ukuthi umntwana ubikiwe kwabaphansi ngokulhi kuze kuchitheke igazi. 155 3.5.4 Umbeka Njengoba leli gama lizisho umbeka inkomo ekhishwa uyise womntwana ebeka ingane yakhe lapho iyogana khona. Kwezinye izigodi Ie nkomo kuye kucelwe ukuba isale kubo kamkhwenyana uma kulotsholwa bese kuthi uma umntwana esegana uyise ambeke ngayo. Umbeka kuphinde kube yinkomo uSokhaya ayinikeza indodana yakhe uma isiphuma owayo umuzi kube yinkomo ayibeka ngayo emzini omusha. Uma kubekwa iNkosi kwazulu kuba nguMkhosi omkhulu kuhlatshwe izinkomo eziningi ukuze kudle amabutho asuke ehambele 10 mcimbi. Ezinkomeni ezihlatshwayo kukhona lena eba mqoka kakhulu ebizwa ngokuthi umbeka ngoba iyona okusuke kungeyokubeka iNkosi. UGcumisa nozakwabo, (1992:54) bathi: lnkomo enikezwa indodakazi eya ernzini kuthiwa uyise indodakazi yakhe uyibeka ngayo ewayo. Nenkomo ehlatshiswa inkosi emva kokubekwa kwayo kuthiwa ngumbeka. Abanye bat hi nenkomo ehlatshwayo ngokulawula kwenyanga uma ikade isebenza ernzini wendoda ibizwa ngalo Ieli gama kuthiwa futhi ishoba. UGcumisa nozakwabo (1992) bayavumelana ngokuthi Ie nkomo ihlobene nokubeka umntwana ernzini kanye nokubeka iNkosi esikhundleni. Abafike bakuthasisele ukuthi nenkomo ehlatshwe ngokulawnla kwenyanga uma kade isebenza ernzini wendoda ibizwa ngombeka. Kungenzeka ukuthi lokhu kususelwa ekutheni uma inyanga isisebenzile isuke isikubekile okwayo okungeke kuze kususwe omunye umuntu. Inkomo Ie ehlatshwa ngemva kokusebenza isuke isiqinisa okubekiwe ukuthi kuvikele abomndeni ezitheni kanye nakuyo yonke imimoya emibi engahlasela umuzi. Le nkomo ibabeka ngaphansi kompheme wokuphephela ukuze bezwakaie uma benezinkinga, naphezu kwedwala lapho umuzi ungeze wawiswa yiziphepho zezinkinga nemikhuhlane ibe umsele omkhulu ukuze umuzi ungakhukhulwa yizikhukhula zempilo. 156 Yigazi, umswani nenyongo yale nkomo ebabela uthathe Iwezinkinga nezinkathazo, izinhlupheko notavatava ukuba kungabi ubuhanguhangu obungashisa umuzi buwuqede. 3.5.5 Inkomo yodondolo Njengoba igama Iizisho lona ukuthi "udondolo", lisho induku yokudondolozela. Lapha libhekiswe enkomeni kamakoti anikezwa yona uma ehamba eya emzini. Kuvamise ukuthi kube yinkabi inkomo yodondolo. Kunezizathu ezimbalwa ezenza ukuthi kube inkabi. Inkabi iba yinkomo eukulu ekhulile okuthi uma ihlatshwa abantu badle benele ngoba inyama isuke iningi. Okwesibili inkabi iyinkomo enamandla ngoba isuke itheniwe ingazilandeli izinkomazi bese kuthi onke amandla ayo iwasebenzise ekulimeni uma iboshelwe. Esinye isizathu ukuthi njengoba elotsholwe ngezinkomo kwesinye isikhathi okuba nezinkabi kuzo, kusho ukuthi sekunguyena ozofike alime amasimu. Kuyabonakala-ke ukuthi uma umlobokazi efika usuke edondolozela ngokudla okuyinyama, kanye nokudla kwasemasimini azokulima yena bese iphela indlala kulowo muzi. Ngaphambi kokuba ihlatshwe iyabikwa kwabaphansi njengazo zonke izinkomo ezihlatshwayo. Umntwana uye acelelwe indlela enhle ngayo nokuthi abaphansi bambheke babe udondolo Iwakhe emendweni. Le nkomo akayithi mbibi umakoti nayo uyizila ngoba isuke iqondene naye ngqo. Uyayihlonipha ngoba kuyinkomo yokudondolozela, uma engadla yona kungafana nokuthi akasenayo into yokudondolozeJa ize iyomfikisa lapho eyokwendela khona. UMjadu, (2007) uthi: Uma ingane iphuma ekhaya kufanele inikezwe induku yokuma phela. Inkomo yodondolo yiyona nto yokudondolozela ngapha nangapha udondolo lube yinsika OkaMjadu (2007) ugcizelela khona ukuthi uma umntwana ephuma ekhaya, uphuma engenawo amandla ngoba usuke eshiya lapho inkaba yakhe ikhona. Esikhathini esiningi umntwana uthi ephuma kubo esekhale waze wancama abanye baze baquleke bathelwe ngamanzi baphelelwe amandla ngenxa yeminjunju yokushiya ikhaya. 157 Yile IDIDJUllJU eyenza nenhliziyo ibe mnyama angadli futhi angaphuzi lutho. Le ngobhozane elokhu igobhoziJe yezinyembezi iwaqede amandla nya. Yize engayidlile inyama kepha imupha amandla, imqinise namadolo axegayo nanentola. Uma esegxolela edondolozela uyawathola amandla okucathucathula. Njengoba Ie nkomo ibizwa ngodondolo kunomqondo wenduku ende kunomshiza. Induku engasetshenziswa ukuvika imikhokha yendlela yasemendweni. Yilo lolu dondolo olungabuye lube yinduku yokuchoboza ikhanda lanoma iyiphi inkambaphansi elulimi luxabene engamqhatha nomuzi aya kuwo. Kuyabonakala-ke ukuthi Ie nkomo yodondolo ifana nenduku kaMose ephonswa phansi igile izimangaliso, ishaye itshe kuphume amanzi ibuye ishaye ulwandle InvuJeke abantn banyathele emhJabathini owomileyo. Phela izinto zabaphansi ungarhi zinomlingo. 3.5.6 Umqholiso Uma uMnumzane ekhombisa injabulo ngomntwana wakhe ukuthi usehambe waze wafika ezingeni lapho osekufanele ahambe ayogana khona, uyamqholisa. Lokhu ukwenza ngoba ejabulisa umntwana. Kuye kuthi uma selifudumele athumele abafana ukuba balande izinkomo. Uma sebebuyile nazo uye abe nenguyazana nabafowabo kanye nalabo asebekhulile bomndeni okungabesilisa ebazisa inkomo ezohlatshwa bese ebakhombisa yona. Kubizwa umntwana ukuba azoyibona. Ngaphambi kokuthi ihlatshwe, iyabikwa kwabaphansi baziswe ngayo nokuthi ngeyani. Uma isiwile, kufika iqhikiza lithathe inhlali liyise kumntwana endlini asuke ekuyo, Unikezwa yona ashaye ifindo bese ethatha enye inhlali ema phezu kwayo ngezinyawo zombili. Lokhu kumbaxambili. Empeleni noma yiyiphi inkomo ehlatshwayo inhlali iyaboshwa ukuze abantn abazoyidla bangahanjiswa yizisu. Umntwana usuke enza leso siqiniseko. Okwesibili ukubopha izitha nabasokoci ukuba bangasebenzisi Ie nyama ukuthakatha bese kuthiwe abantn bayidla kulo muzi. Ukuma phezu kwenhlali wukugabadela izitha aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe. Esinye isizathu ukuthi angangenwa yimikhuhlane uma esesemzini. Ufakazela lokhu uHlengwa, (2007) uma ethi: 158 , Inhlali yeshoba eboshwayo, isuke yenzela ulruba impilo yenkomo ibopheke ingasheshi ife. KuIisiko ukuthi inkomo ingasheshi ife. Lokhu kukhombisa ukuthi umakoti akalula neze futhi akazuhabula yonke imimoya emibi ezomenza abe buthakathaka yalapha ekhaya. Ulflengwa (2007) ukubeka ngokusobala ukuthi inhlali isuke iboshelwe ukuthi inkomo ingasheshi ife. Kusuke kuyisifiso sezintombi ukuthi inkomo ingasheshi ife ngoba lokho kusuke kungakhombisa ubuthakathaka bomntwana. Inhlali isuke iboshiwe iboshelwe ukuthi kungabi IuIa ukuthi inkomo iwe phansi isheshe ife. Lokhu kungakhombisa ubuthakathaka bomntwana, Ukungasheshi ukuwa kwenkomo kwesaselwa kakhulu yizintombi kubo kwamkhwenyana lapha zize zihlabelele khona ingoma emaqondana nokuthi inkomo ingawi. 1? nkomo kusuke kuyileyo ehIatshelwe umthimba. Izintombi zisuke zijabule zifa uma inkomo ingawi ngoba inhloso yazo isuke iphumelela. Yilelo nalelo nxeba liyimfibinga okuwuhIobo lobuhIalu benani elikhulu iNkosi uMpande ayevunula ngabo. UMpande wayebongwa ngalobu buhlalu kuNyembezi, (1958:66): ArnaSwaz'akhawul' ukumfung' uSornhlola, Ayihulul'irnfibinga Ngaphakathi kwaNodwengu. Kwelinye ihubo elihutshwa yizintombi uma zigoma ngalo inkomo ukuba ingavuki elithi: Ayiz'ingalala Eyeth'inkomo Ayiz'ingalala Eyeth'inkorno. Omabili ayayitshela ukuba inkorno ingalali kodwa leli likasdsimang, (1975:288) 159 , lithethisa inkomo ukuthi noma isiwile ayivuke: Ayivukebo! Kulezi zinsuku sekukhokhwa imali ngenxeba. Umkhongi uphinde ayihlabe futhi inkomo efuna ukuthi iwe kodwa lutho. lzintombi zisuke zicula, UMsimang, (1975:288) uthi zithi: Inkomo kadade ayivuke! Inkomo kadade yalala kanjani? Ayivukebo! Kuba sengathi inkomo iyazizwa izintombi ngoba ivuka ithi qingqo umkhongi athwale kanzima ngoba yilelo nalelo nxeba liyakhokhelwa. Umkhongi uphinde ayinyonyobele inkomo azame ukuyigwaza enxebeni zibe zibelesele izintombi zicula ukuthi ingawi inkomo. Kuze kuthi ekugcineni iwe bese umkhongi ethola ukuphumula. Uma isiwile kuthathwa imfibinga leyo iyonikezwa umakoti bese ephuma ephethe isinqindi sakhe. Uma efika esibayeni uyayihluthula futhi inhlali yeshoba bese eyivula bese ibandla liqala ukuhlinza. Ngokwesiko lamaZulu abahlinzi abayilokothi inkomo bayihlinze engazange ayivule inhlali umniniyo. Lokhu kusuke kungukukhulula okuboshiwe ukuze nenyama idliwe ingaphathisi abantu izisu. Uma umakoti eseyathile, umkhongi uye aqale umsebenzi wokuhlinza inkomo. Le nkomo ihlinzwa ngokukhulu ukucophelela ngoba izitho kufanele zikhishwe ngokufanele. Inyongo ibhekwa ngeso lokhozi ngoba isuke isenomsebenzi wayo ezowugcina. Ngalolu suku umakoti usuke engasabhincile okomgcagco. Uninazala uyawuhlonipha umzimba . kamakoti akawuthinti uma ezomkhumula umthinta ngembuzi ehlatshwayo okuba yiyona emnikeza ilungelo lokuthi amkhumule. 160 , Uma umkhongi esezoqeda ukuhlinza, kuye kuphume izwi liye elawini lapho kukhona khona amaqhikiza nezintombi. Amaqhikiza eza lapho kuhlinzelwa khona ehamba nomakoti ofike asike insonyama ngesinqindi sakhe. Konke lokhu kwenzeka umakoti ehuba inkondlo yakhe elekelelwa amaqhikiza. Umakoti ubuyela endlini bese kusala amaqhikiza ambalwa okuyiwona aba izitho ngokwesiko. Umlenze uyathwalwa usiwe kunina kamakoti kuthi omunye udliwe umthimba bese kuthi umkhono unikezwe izinsizwa nazo ezingawudleli ernzini kepha ziwosa endleleni uma sezibuyela ekhaya. Omunye umkhono wabelwa ikhetho kanye nenhloko namanqina ayo. Isixhanti sinikezwa inkosikazi ebingumsinisi ngesikhathi kugcagcwa. Isinqe sinikezwa umkhongi omncane bese kuthi umkhongi omkhulu anikezwe imbuzi. lsifuba kuba esomame njengokwejwayelekile esikweni lesiZulu. Abanye bathola amavenge nje. Inkomo yokucola uyise womntwana yona iyahlinzwa ayenziwa lutho kepha iyathwala iyodIiwa emzini wakhe. Abaphansi bayajabula uma konke kubikwa kubo ngoba konke okuphathelene nabaphilayo kusezandleni zabo. UDonda, (1997:3) uthi: Inkomo iyakwazi ukuba ixhumanise imindeni emibili eganiselanayo ukuba ibe wumndeni owodwa. Uma kuhlatshwa inkomo kwamkhwenyana nakwamakoti, kuphambane izinanzi kusuke kungadlalwa. Abaphansi banhlangothi zombili basuke sebehlangene. Okubili sekuyinto eyodwa nokukodwa sekuyizinto ezimbili. Kuwububili bobunye nobunye bobubili, Ngisho engafa umakoti ubukhwenyana bomkhwenyana ngeke busaphela ekhweni lakhe. Yizinkorno-ke lezo. .-' 161 , OkaDonda (1997) ubeka ukuthi lezi zinkomo ezihlatshwayo zisuke zingahlatshelwa ukuthi kutholakale inyama ezodliwa-nje kuphela kodwa kusuke kuxhunyaniswa abaphansi bemindeni ernibili. Ukuphanjaniswa kwezitho ezithile kusuke kukhombisa ukuthi imindeni emibili isihlangene yaba munye. Ugcizelela ukuthi lobu bunye obusuke buhlanganiswa busuke sekungubunye obungeke behlukaniswe ngisho noyedwa umuntu. Kuyabonakala ukuthi okuhlanganiswe ngamadlozi kusuke kubusiwe wuMvelingqangi. Okuhlanganiswe ngezwi nangemvume kaSimakade umuntu nje phaqa ngeke akwehlukanise. Umlilo osuke wokhiwe wabaswa usuke usuzovutha kuze kube phakade. Kuseyinduku kamaphamba namanje lokhu okusbiwo abeFundisi abathi uma beshadisa bese bethi: Sengimemezela ukuthi laba bobabili, sebeyindoda nomfazi beze behlukaniswe wukufa. Kouke lokhu kusuke kwenziwa yizinkomo ezakhishwa kulotsholwa kanye nalezo ezihlatshwa uma kuhlanganiswa imindeni. Nangalena kokufa isekhona futhi iyaphila imindeni. Ingaphela kanjani ngoba phela yaboshwa ngosinga olungagqabukiyo okuyigazi lezinkomo. AbabaiekiIe emendweni bayovinjwa yilelo gazi, inyongo kanye nomswani wenkomo yomqholiso. Abahlale emendweni baze bafela khona abanikazi bezinkomo ezalobolayo bayobahlangabeza ngamahubo, ukusina, ukugiya kanye nangemililizelo yomama, ogogo kanye nokhokhokazi bomndeni. 3.5.7 Imbeleko Igama elitbi imbeleko limbaxambili ngoba ngokwesiko lamaZulu kungakhulunywa ngalo kubhekiswe kulezi zinto. Imbeleko yokuqala yilena eyenziwa ngokuthi kushukwe isikhumba sembnzi ukuze ngaso kutetwe umntwana ozelwe. Uma esephumelele umlobokazi uya kubo uma efika baye bamhlabele imbuzi bese kutbi isikhumba sayo senze imbeleko yomntwana. Uma esekhulile umntwana, iyabekwa ukuze iphinde isetshenziswe ukuteta abanye. 162 , Enye imbeleko inkomo ekhishwa nguyise wendodakazi ayinekeza indodakazi yakhe uma iyogana. Le nkomo iba yifa labantwana bendodakazi bese kuthi izinkomo ezizalwa yile nkomo ziba yifa lezingane. Uma ubheka imbeleko, iyikho konke emntwaneni. Imbeleko ivikela umntwana emakhazeni, umame uyithwala ngayo ingane aze afike lapho eya khona. Imbeleko yakhiwe ngesikhumba, ngakho ayigugi kalula. Uma umuntu ehleli kah1e futhi ephethwe kah1e kuthiwa "uphakathi komhlane nembeleko". Lokhu kusho ukubusa noma ukuphepha kuzo zonke izivunguvungu nezivuvaba zomhlaba. Yingakho nje Ie mbeleko eyinkomo kungabhekiswa kuyo njengomkhuseli nomvikeli. 3.5.8 Umthothongo Ngale nkomo kuxhunyaniswa imindeni emibili ukuba ibe ubunye bobubili nobubili bobunye.. UDlamini, (2007) uthi: Umthothongo inkomo emqoka kakhulu ngoba eyokuxhumanisa izinyanya zanxazonke. Kufanele lokhu kwenzeke ngoba umuntu usuke esezoguqula isibongo sakubo abizwe ngesisha. Esikweni lesintu uma kuzokwenzeka uguquko kufanele kuchitheke igazi. OkaMalandela uyibona kuyinkomo emqoka kakhulu lena ngoba iqukethe amandla okuguqula isibongo sakwamakoti sibe yisibongo sakwamkhwenyana. Yile nkomo edala -ukuba abaganiseleneyo bahlanganiswe usinga olungagqashukiyo oluyigazi lale nkorno. Ukuphila kusezandleni zabaphansi kanti ukuxhumana nabo yikho okwenza ukuthi odla anhlamvana aphile ngokwentando yabo. Uveza ukuthi amandla ezinkomo zelobolo akwazi ukuguqula isibongo somuntu. Urna umuntu engasinanga emzini uthathwa njengomuntu ongaphelele ngoba akahlanganyeli nesimame uma sidla kanti noma kukhona inguyazana yamakhosikazi omuzi yena akabi yingxenye yayo. Ukuphalala kwegazi lenkomo nokukhipha amabheka okuguqula sonke lesi simo. 163 , 3.5.9 Vmphako Kuba sekuthandeni kukaSokhaya ukuba anikeze indodakazi yakhe umphako urna ibanga ayogana kulo liqhelile. Kubonakala ngokukhipha le nkomo ukuthi leyo#ngane eyogana izalwa nguMnumzane osuthayo. Uma umakoti eyogana abamphelekezelayo basuke bethwele imithwalo nokudla, Kwesinye isikhathi ibanga liba lide phakathi kwakubo karnakoti nomkhwenyana kuze kuhanjwe kuphunyulwa endleleni. Njengoba kuhanjwa umashayandowonye nawo awuzibeki phansi kufanele kubuye kudliwe. Yikho lokhu okwenza oSokhaya ukuba uma umntwana ephuma enzelwe umphako ngokuba kuhlatshwe inkomo ebizwa ngokuthi umphako. Le nkomo ingnmphako kamakoti nomthimba okufanele bawudle endleleni uma kuyogcagcwa. Lapho abaphumula khona bamisa insika ngokuba bazitika ngokudla nangenyama yale nkomo. 3.5.10 Isihlangu Uma kutshalwa uMnumzane noma iNkosi kuye kuhlatshwe inkorno zoma izinkomo. Uma kunguMnumzane, kuhlatshwa inkomo eyodwa okuvamise ukuthi kube yinkabi emnyama. Lesi sikhumba esimnyama sikhombisa ukuzila ngoba ukufa kuthathwa njengento enomnyama futhi ezilelwayo. lsikhumba sayo silungiswa kahle ukuze ngosuku lokufihla uMnumzane asongwe ngaso. Uma kukhotheme iNkosi, kuye kuwe ezimbili izinkabi, emhlophe nemnyama. lzikhumba zazo zenza wona 10 msebenzi .wokusonga oNgangezwe lakhe uma eseyobekwa endaweni yakhe yokugcina. 3.5.11 Imvala lzingane uma zikhula ekhaya abazali kanye nalabo abadala kunazo bayaziyala maqondana nokuziphatha uma umuntu engumuntu wesifazane oyintombazane. Ukuziphatha kahle kwamantombazane kwenza ukuthi abazali baziqhenye ngawo kuze kuholele lapho abenzela izingane zabo eziziphethe kahle irnicimbi yokwemula. Lokhu kuziphatha kahle kwamantombazane kuze kugqugquzelwe ngisho nawuNomthebe wesizwe ngokuthi njalo-nje ngonyaka kube noMkhosi Womhlanga. Lo mkhosi wenganyelwa oNgangezwe Iakhe lapho izintombi eziyizintombi nto ziletha umhlanga 164 , kuye, ngemuva kokuthoIa iziyaIo komame ezimaqondana nokuziphatha kahIe ikakhuIukazi ukuzitluba ukuya ocansini. Noma kunjaIo kuba khona abazeqayo iziyaIo bakhulelwe kungakafaneli. Uma umuzi woMnumzane ungcolisiwe kusuke kufaneIe ugezwe. Okunye okungangcolisa umuzi woMnumzane kungaba ukukhuIeIwa kwengane ekhaya ingakagcagci. OkhuIelisile kufanele ajeziswe ngokuthi awugeze umuzi woMnumzane ngoba Iokhu okusuke kwenzeke kuwo kusuke kuIichiIo. lnkomo ekhishweIwa 10 msebenzi kuthiwa imvala. Igeza ikhaya kanye nezintombi zesigodi. 3..5.12 Umemulo Lona ngumkhosi onesasasa eIikhulu kweIikaMthaniya. Akuwona nje umcimbi owenzeIwa noma yiphi intombi kodwa wenzelwa leyo eziphathe kahIe yaze yafika esigabeni esithile sokuthi isingaqoma. 1.0 mcimbi ugqugquzeIa amantombazane ukuthi aziphathe kahIe aze abe sezingeni Iapho asengaqoma khona. Intombi ekhuIe yaze yafika kuIeIi zinga lokuthi isingaqoma izincweba inquIu ngokuziphatha kahle kwayo. Esigodini kunezintombi nje eziziqhenyayo zingazigqizi qakala izesheli eziqhamuka nxa zouke. Lokhu kuzithiba kwenza uyise womntwana aziqhenye ngokuziphatha kwengane yakhe kuthi uma eyemuIisa enze umcimbi ngenhIiziyo yakhe emhlophe. UMsimang, (1975:245) uthi: Kwakwenzeka ukuba kuthi phakathi kwendawo intombi enhIe nebabazekayo, ikiziqhenye, igqajaze ngobuhle nobuntombi bayo. 2JyesheIe izinsizwa ekuseni nantambama, zize zizishaye ngezindlebe ematsheni kepha kube zithela amanzi edadeni entombini yakwabo kokunye izidla ngobuntombi nje, iphakamisa nesikhundIa sikayise, okwakungahle kwenzeke ukuba kanti uyinduna noma isikhulu sezwe UMsimang (1975) uveza ukuthi iluphi uhlobo Iwentombi oIufaneIe ukuba IwenzeIwe umcimbi womemuIo. UsivezeIa ukuthi ezinye izintombi ziziphatha kahle ngenxa yokuhlonipha abazali kanye nezikhundIa zabo emphakathini. Uma intombi izidla 165 ? , ngobuntombi bayo ayisheshi ithatheke amazwi ezesheli kodwa ivele ikhumbule isikhundla sikayise kanye nemfundiso yokuziphatha ekhuliswe ngayo. Kuyabonakala ukuthi imfundiso eqinile ingane ekhule ngayo kuthi noma isikhulile ingasuki kuyo. Iyayigomoshela iyenze ukuba ibe ngeyayo. Vile mfundiso eyenza ingane ingafuni ukuhlazisa abazali bayo. Ibheka phansi ezimpandeni ikhohlwe nya yiziyendane. Njengoba 10 mkhosi kungumkhosi wokubonga, onina bamantombazane bagqugquzela izingane zabo ukuba ziziphathe kahle ukuze oyise bazemulise. Uma intombi izwe ithatheka yisoka elithize, ibilicela ukuba liyilinde kuze kwedlule 10 mkhosi. Uma lizimisele nalo lenza njengoba liceliwe. Kusobala ukuthi 10 mcimbi wenzelwa intombi esikhulile okufanele ukuthi ngabe isiqomile kodwa ingakaqomi ngoba ijabulisa abazali bayo futhi nayo isazigqaja ngobuntombi bayo. Nakuzo lezi zinsuku zisemuliswa izintombi kwelikaMageba. 166 ? , ISAHLUKO SESINE 4.0 UKUMISA, IZITHO NEMIBALA YEZINKOMO 4.1 Isingeniso Umuntu onguMzulu uma esekuchazele ukuthi inkomo imise kanjani nanokuthi imbala muni, ungavele uyikhombe uma uyibona ngoba ukuthatha akubeke ngamehlo engqondo, bukhanye buthi bha ubunjalo benkomo. Ukumisa nemibala yenkomo okufakwa ekhanda umkhongi uma esayomemeza ezomlomo eyokokha umlilo emzini wendoda. Ukujula kolimi lwesiZulu okwenza ukuthi imibala yezinkomo kube uzichaza uma kukhongwa ngoba zisuke zingekho uma kusazocelwa isihlobo esihle. Lobu buchwepheshe busukela enduIo futhi akukho umuntu ongaveIa obala atsheIe abantu ukuthi imibala nokumisa kwezinkomo kwaqanjwa nguye. Ukubuka ukuthi umbala wayo unjani nokuthi imise njengani okudala ukuthi kuthiwe injalo. Uma isihlatshiwe futhi kwaZuIu izitho zenkomo zaziwa ngamagama azo futhi kuyaziwa ukuthi bangobani abadli baleso naleso sitho. Izitho zabiwa ngokuthi inkomo ehlatshiwe ihlatshelwe muphi umsebenzi. Ukukhuluma okuningi okunongiwe kususelwa enkomeni kubalula umbala, ukumisa kanye nezitho zayo. Lokhu kwenziwa indIeIa ekhonzwe ngayo kwaZulu. 4.2 Ukumisa Akekho umuntu ongazishaya esifubeni athi ukumisa kwezinkomo kwaqanjwa nguye kwelakwaZuIu. Ukumisa kwezinkomo kubaluleke njengernibala yazo ngoba kubuchaza ngokwanele ubunjalo benkomo. Ukuchaza inkomo ngalezi zinto ezimbili, umbala nokumisa kwayo lrudinga umuntu ongafuniseIi kodwa onembayo, angachezuki ngisho nakancane. Ukumisa kwezinkomo kudala njengaye uZulu futhi kuyifa elicebisa ulimi IwesiZulu, okwenza aziqhenye ngalo ngobuhlakani bokwenza umehIuko. Izimpondo zenkomo zibalulekile ngoba inkomo ichazwa ngazo. Uma isihlatshiwe ukhanda Iwayo olubekwa ngaphezu komnyango endlini engenhla, inkomo iIwa ngazo, kubalula ukubophela inkomo enezimpondo ngoba ibanjwa ngazo ingene ejokeni. Izimpondo zenza amagudu okubhema. Izimpondo ziyabhotshozwa zenziwe izingubhu ezikhalayo .r-. uma zifutbwa, zibanga umsindo ongabiza ngawo imbizo. Kuchathwa ngazo uma 167 , sezilungisiwe zavulwa imbobo ngapha ezicije ngakhona zasheleliswa kahle. Kwenziwa izinto eziningi zokuhlobisa ngazo njengezithombe zezinyoni nje. Uma kuzolotsholwa umkhongi uqale azisho ngemibala nangokumisa kwazo izinkomo uma ememeza esangweni lomnumzane ezokokha umlilo. UGcumisa nozakwabo, (1992:5) bathi usuke eseqedile umkhongi uma emane wathi nje: Ekubaleni kwami amabheka ngiphetha ngobikibiki ompondozamnenke onkwazinkwazi. Lokhu kuveza umqondo ogcwele wokuthi inkomo leyo eyani, ekabani, imise kanjani nokuthi imbala muni. Uma umkhongi eke waphambuka emazwini akhe omlomo, kubakubi kakhulu lokho uma uyise womtwana esebona ukuthi akuhambisani nokwakushiwo umkhongi. Yingakho nje udaba lokukhonga ludinga ofakazi. Kwesinye isikhathi amaZulu ukumisa kwezinkomo akususela ekutheni zifana nani, kwasekuba ukumisa kwazo lokho njalo. Uma sithatha igama elithi inkomo impondozanenke, uma uyibuka Ie nkomo izimpondo zayo zifana nezomnenke ngempela ngoba zime zabheka phezulu njengezimpondo zawo. Lokhu kusikhombisa ulwazi olunzulu lokwazi izilwane bese kuqhathaniswa okuthile kwazo. Ornunye angathi ingcungu inyoni ensundu ngokuphaphathekile, enomlomo omude ocijile. Ukucija kwezimpondo kungafaniswa nokucija komlomo wengcungu. Ukumisa kwazo okunhlobonhlobo: Uvava: Inkomo ikakhulukazi inkunzi enezimpondo ezicijile. Ngenxa yokubakhona kobuciko bomlomo esizweni samaZulu, sithola IeIi gama selivela ngisho ezibongweni zeSilo uBhejane phum'esiqiwini. Uma igweba enye kusheshe kucace ngoba kubabomvu manje lapho kwedlule khona uphondo Iwayo olucijile. Uma inkunzi iluvava isuke imise kahle ngoba ivamise ukuzilimaza izinkunzi zakweminye imizi. Inkunzi uma inguvava abafana bakulowo muzi baze bayelekelele ngokuthi bacije 168 , izimpondo zayo zibe yinungu ukuze kuthi uma igweba enye, kusheshe kubonakale. UGcumisa nozakwabo, (1992:270 bathi: Uvavalwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo Ayigweb'ichoma ngazo zombili. Shintsha! Ushintsh'ibhulak'fesi mntakaNdaba Walenz'idina Kuvela ngokusobala lapha ukuthi oNgangezwelakhe ubizwa ngovava Iwenkunzi. Lokhu kuveza umqondo wokuthi unamandla futhi akubo bonke abantu abangamelana naye. Ezinye izinlrunzi zikwazi ukugweba ngophondo olulodwa kodwa yena ugweba ngazo zombili, lokho kukhombisa ukuba yingozi kwakhe. Lokhu kususelwa esigamekweni sokubekwa kwakhe okwaba urnzukuzuku ngoba owayelibamba wayengasafuni ukudedela isihlalo sobukhosi. Kungenzeka futhi ukuthi inyosi ibhekise kuMntwana wakwaPhindangene uma ikhuluma ngophondo lwesibili olugwebayo. Lokhu kungasho amandla aso iSilo njengoNomthebe wesizwe kanye namandla kaMntwana wakwaPhindangene iNkosi yakwaButhelezi njengoNdunankulu kazulu bese kuqhamuka ukugweba ngazo zombili. UMntwana wakwaPhindangene wabamba iqhaza elikhulu ukulwela ukuba iSilo esibusayo sithathe isihlaIo sobuKhosi. Igodla: Inkomo enophondo olulodwa olubheke phansi. Uma sibheka igama elithi godla, kuba ngokusobala ukuthi uphondo lwenkomo kufanele luphume lubheke phezulu noma eceleni. Uma ubuka igodla libhekiswe ekumiseni kwenkomo, kuveza umqondo wokuthi ukungami kwalolu phondo njengolunye kuba sengathi kukhona into oluyigodlile ngoba lugoba njengesandla uma kukhona esikugodlile. Ukugodla kubuye kusho ukungayikhiphi enye into kodwa uyifake ngasese noma ekhwapheni knbe nengcosana ekhishwayo noma kungakhishwa lutho. Ukumisa okunjena kwenkomo kuyenza ukuthi kuthi kungazele muntu, ubone isiyigwebile enye ngenxa yokuthi lolu phondo olubukeka sengathi lugodlile uma lusetshenziswa kahle, 169 ? , ayikwazi ukuluvika okuliwa nayo. Lokhu kusho ukuthi isuke igodle lukhulu ngalo. UMiller,(1957:128) uveza indoda eyayifihle irnbazo ifuna ukugenca uMamisa ngayo: Umuntu kafi kaningi, ufa kanye. Uyindoda wena? Ubungangibulali ngani laphaya emkhandlwini? Ngabe ukutholile okukufanele; wena sigodlambazwana. Kaze angiphendula. sasihlikihlelana ngobuso, ngangiyozwa uma ekhuluma. Njengoba uMamisa wayebhekene nalesi sikhwanyalala esasigodle imbazo, kuyabonakala ukuthi wayezofa eshunqa ukuba wayengafundanga ekumiseni kwenkomo eyigodla ukuthi inqotshwa ngokusondela kuyo ungasuki. Igoqo: Inkomo enezimpondo ezisontanele emuva. Lezi zimpondo ziba nokufrngqana noma ukuqoqana ngokushesha zase zibheka emuva. Lezi zimpondo ziba yisithiyo uma kulwa izinkomo ngoba akulula ukuqondisa izimpondo ngenxa yokusonteka kwazo. Leli gama futhi livumelana naleli elithi umgoqo elisho isithiyo esilugodo lokuvala esangweni okwenza nazo lezi zimpondo zenze umsebenzi ofanayo. UDonda, (1999:52) uveza ihubo elithinta umgoqo uma ethi: Kwaphel'abantu! Susa 10 mgoq'ovimb'okhalweni. Aphel'amabhungu, Impi iyoz' ilwe nini? 170 , Ukuba yisithiyo kwezimpondo zegoqo kuhambelana ncamashi nokuba yisithiyo komgoqo osuke uvimbela izinkomo ukuba -ziphume esibayeni, kanye nobunsizwa obuvimbela izitha ukuba zingene ezweni leNkosi. Insizwa: Inkomo yenduna engenampondo. Kuthiwa futhi yisithulu. Kuyashiwo futhi nokuthi yinqudulu. Le nkomo ayimili izimpondo njengezinye ekukhuleni kwayo. Kungenzeka ukuthi kuthiwa insizwa njengoba isuke impumpununu ingenampondo njengomuntu. Ikhanda lomuntu alinazo izimpondo ngakho awukho umehluko phakathi kwenhloko yale nkomo nekhanda lomuntu. Ubuciko bomlomo obukhona esiZulwini buyavela ezibongweni "zikalvlbomboshe omnyama", UNyembezi, (1958:50) uthi: Ithol' elinsizwa lakokaDonda, Elihambe liwakhahlel'amany'amathole, Izingazi zaphuma ngamaphumulo, Ngemva kokuphangalala kweLembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha, kwacaca ukuthi kwakuzosuka eyomndeni sekubangwa ukuthi ubani owayezongena esikhundleni sobukhosi. Umfowabo kaShaka uNgwadi waba ngabanye ababulawa kuqala ngenxa yokuthi wayenabalandeli abaningi ababenganqoba uma kuphakwa impi. Kwasekubhekeke ukuba umbango ube phakathi ktikaDingane noMhlangana kodwa ngokusizwa uMkabayi uDingane wakwazi ukusa uMhlangana kwagoqanyawo, kwase kusaIa uMpande owayethathwa njengesilima umfowabo uDingane futhi engenandaba naye ngenxa yalesi simo sakhe. Urna imbongi ibhekisa kuDingane ithi ithole elinsizwa lakokaDonda elihambe liwakhahlela amanye amathole, ubhekise kuye uDingane owabulala abafowabo ngoba efuna isihlalo sobukhosi. Umsebenzi wobuciko bomlomo ucaca kahle uma igama lenkomo lifihliwe njengoba kuvela kuNyembezi, (1958:21): I1ang'eliphume linsizwa, Lathi liphezulu lansasa 171 , Ilang'eliphandl'elinye ngemisebe, Ngoba liphandl'e1aseMthandeni. Lapha kungathekiswa uShaka njengelanga kumbe iNkosi engumkhanyiseli nomfudumezi wezizwe kepha efana nenkomo ensizwa kumbe inqudulu noma inqukwe okuyinkomo engenampondo. Lokhu kucacisa ukungabi namabutho ngoba akekho owayecabanga ukumeseka. Ukuphakama kwelanga ukuhamba kwezikhathi ukuqiniswa kwezivuvaba ezamenza abuhlwithe ubukhosi. Kwaphela ukuba yinkomo ensizwa waba wuvava wamgoba amandiki uPhakathwayo iNkosi yakwaQwabe. Ukuhlaba kwelanga lixhophe ukuphandla. Lokhu kungathekiswa neklwa elalivula inkebenkebe yenxeba okwakuthi uma umuntu eligeza afumane ukuthi Iijulile. Ingalo iphume isikhabathise ngegazi okuyisimo esifana nesiphandla. Kuyabonakala-ke ukuthi alisekho nsizwa leli langa kodwa selinsasa. Lapha kusetshenziswe isu lokuphica lokuthathwa into engaphili ilanga lenziwe isilwane. lsiphicaphicwano seziphicaphicwano wukuba leyo nto esiyisilwane idlulele ekubeni wumuntu. Isihleza: Inkomo enophondo olulodwa olunye selwaphuka. Kwesinye isikhathi kuyenzeka kungabi uphondo olulodwa oluhlephukile kodwa kube yizo zombili. Kuthiwa isihleza ngoba uma ulubuka uphondo Iwenkomo ngaphakathi lufana nehleza eseligunyuzwe ummbila noma eselidliwe umuhlwa kwasala ::rnazengezenge afana ncimishi nophondo oluhlephukile. Amahlawe noma ihlawe: Inkabi enezimpondo eziIengeIa phansi kwamehlo futhi ezixegayo. Le nkomo uma imila izimpondo zivela zibheke phansi futhi zixega. Kuyabonakala ukuthi uma amahlawe elwa, Ie nkomo elwa nawo imane izenzele umathanda. Kucaca kahle futhi ukuthi lezi zimpondo ezinje, aziyelekeleli ukugweba. Lesi simo siyadabukisa usibuka-nje. Kuyacaca nkuthi Iinye isu engalisebenzisa inkomo emise kanje, ukuba uma kuza isitha sayo imbe imbulule; 172 , Umkhombe: Inkabi enezimpondo eziphambene. Olunye lubheka phansi olunye lubheka phezulu. Leli gama Iisuselwa ohlobeni lukabhejane noma umkhombe olunomlomo omkhulu othi awube namagumbi amane aIinganayo. Uphondo noma izimpondo zalesi silwane zingenhIa kwekhaia zibheke phezulu. Uphondo Iwale nkomo olubheke phezulu lumise okophondo lomkhombe, yingakho ibizwa ngokuthi umkhombe. Kukhona isaga esisuselwa kulo leli gama esithi: lmikhombe iyenana. Lesi saga sichaza ukuthi umuntu usiza Iowa omsizayo. Impoxela: Inkomo enezimpondo ezikhulile zabheka phezulu. Kubuye kuthiwe isiphondo noma uphixongo. Ivame ukuba ncane ngornzimba kube sengathi izimpondo ziyayesinda. Lokhu kumisa kususelwa kumuntu omncane ngornzimba omfishane futhi olinono obizwa ngokuthi umphoxela. Lo muntu ubhashile futhi womelele. Uma kuziwa enkomeni nayo impoxela kuligama elisukela egameni elithi umphoxela incane ngornzimba. Leli gama elithi impoxela lakheke ngokuthi kubulawe umphephethwa u -h- ngenxa yokuba khona kukamankankane u-rn- bese kuguqulwa unkamisa wokuqaIa walo u-u- bese kuphongozwa ngesiqaIa sebizonto u-i- kanjena: Umphoxela=impoxela Umndlovu: Inkabi enezimpondo ezisuka zibheke phansi, kokunye bese ziyalenga eceleni kobuso kanti kokunye ziIengela ngaphambi kwamehIo. Lezi zimpondo zibizwa kanjena zisuselwa ekumeni komboko wendlovu okuthi uma ingawusebenzisi ume ubheke phansi phambi kwamehIo ayo njengoba kumise izimpondo zale nkomo. UmehIuko phakathi kwamahlawe nomdlovu wukuthi izimpondo zamahlawe ziyaxega kepha ezomdlovu ziqinile azixegi. Yikho u~fsimang, (s.a.83) epha umthakathi 173 ? , uZangaza izibongo zokuthi uyinkunzi emdIovu, inkunzi emise kabi ngenxa yezimpondo ezibheke phansi kodwa egwaza ishonise phansi njengokumisa kwayo. Kuyabonakala ukuthi uMsimang(s.a.) usebenzise ukumisa kwenkomo ukuze aqinise umsebenzi wakhe wobuciko. Esebenzisa into eyisilwane ebe eqonde umuntu: Angisiye yini ushishiliza kwelimahole limshaye limbhedule? Inkunzi emdlovu, inkunzi emise kabi. Inkunzi eyabuzwa ngamadoda okhalweni athi: "Bafana, inkunzi yakini ihlaba kanjani lokhu imise yabhekisa phansi." Bathi abafana: "Ihlaba ibhekise phansi njengokumisa kwayo." Uyadlala udlala ngoZangaza. Lapha uMsimang (s.a.) uveza uhodoba womthakathi uZangaza enikeza UMaSibisi umuthi wokubulala izingane zaseGugwini umuzi kaThwala. Umbongela amfanise nenkunzi emdIovu evusa umbuzo ngaso sonke isikhathi uma abantu beyibuka bazibuza ukuthi igweba kanjani? lsithombe senkunzi emdlovu lesi esivezwa umlobi kulezi zibongo zikaZangaza. lnkobongela: Inkomo enezimpondo ezisontene. Kubuye kuthiwe insontela noma impothane. Le nkomo inezimpondo ezinsongensonge kuhle kwezimpondo zenyala ezisongene zabheka phezulu. Akukho okumangalisayo ngazo ngaphandle kokuthi yenza isibaya soMnumzana ukuthi sibe nezinkomo ezimise ngokwehlukana okwenza ukuthi ocikoza ngolimi uma ememeza ezomlomo asho izinhlobo ezehlukahlukene. Lokhu kuchaza kuyahlobana nokushiwo uMbatha, (2006:836) othi: lnkobongela yinkomo enensongensonge yezimpondo. ;. 174 ? , Inxele: Inkabi enophondo olunye olubheke phansi. Kuvame ukuba olwesokudla. Igama elithi inxele lisho isandla sekhohlo ngakho uma inkomo ibizwa ngenxele kusho ukuthi kukhona olunye uphondo Iwayo olungamisile njengolunye njengoba isandla sekhohlo singalingani ngamandla nesokuphonsa. Uphishilili: Inkomo, ikakhulukazi enezimpondo ezinde ezitshekele ngemuva. Kuthiwa futhi uphelekehle. Lokhu kumisa kwale nkomo kusukela ekubizweni komuntu onekhanda elide elicijile elitshekele ngemuva. Lokhu kuholela ekutheni nenkomo enezimpondo ezinde ezitshekele ngemuva ibizwe ngokuthi uphishilili. Okwenza ukuthi kube ukumisa kwenkomo okususelwa esimweni somuntu ukuthi umuntu owaqamba amagama eziIwane okumbandakanya nazo izinkomo lezi esizicwaninga lapha. Kuyacaca ukuthi nakho ukumisa kwazo kwaqanjwa ngaso leso sikhathi, uMose encwadini kaGenesise 2:20 uthi: Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle. Isiqengqe: Inkunzi noma inkabi enezimpondo ezibheke emaceleni zaqonda. Kuthiwa futhi uphenge noma uphengezi. Kubuye kuthiwe isigengenene noma isicengeza. Kunokuhlobana phakathi kokubizwa kwenkomo eyisiqengqe nomuntu onekhanda elikhulu elendlalekile ngaphezulu ngoba nalowo muntu ubizwa ngesiqengqe. La magama elisho umuntu nelisho inkomo angomabizwafane ngoba elisho umuntu nenkomo libhalwa ngokufanayo nakuba enezincazelo ezingafani. Uvavasholo: Naku1eli gama kuyabonakaIa ubuhlobo phakathi kwenkomo nomuntu Ngoba umuntu onornzimba omncane, emude, ubizwa ngalo futhi uvavasholo. 115 , Ixhonxo: Inkomo enezimpondo ezigobele phakathi okwesikela zase zizophambana phezu kobuso. 4.3 Imibala yezinkomo Ngokunjalo futhi nasemibaleni yezinkomo njengokumisa, akekho ongazishaya isifuba athi nguye owaqamba imibala yezinkomo. Imibala yezinkomo iyifa likaZulu elisukela ekubeni ligugu kwazo. Ubugugu benza zize ziqanjwe imibala. Imibala yezinkomo ibalulekile ekukhetheni isikhumba sokwenza iziphuku. Uma uMnurnzane ethande umbala wenkomo ethile, uyayihlaba bese isikhumba sayo sishukwe sigcinwe ukuze agoqwe ngaso uma esephangalele eseyobekwa endlini yakhe yokugcina. Omunye umsebenzi omkhulu wombala wenkomo, yikho ukuthi imenyezwa umkhongi ngawo uma kuzocelwa isihlobo esihle. Lezo zinkomo ezimenyezwayo kuthiwa ezomlomo zisuke zingekho kodwa imibala, ukumisa nobulili bazo bumenyezwe esangweni. Uma kubuthwa ibutho elithile futhi bekubhekekile ukuba libe namahawu awumbala munye. Uma amahawu kufanele abe amaqanda kawayiba bekuba ngamaqanda kawayiba wonke alelo butho kuye ngokuthi iNkosi ikhethe mbala muni, UGcumisa nozakwabo, (1992:50) bathi: Irmbala yayibalulekile kakhulu ekusikweni kwamahawu. Izinsizwa zabutho linye zazisika izihlangu zombala ofanayo. Uma kube yinyonikayiphumuli kube yinyonikayiphumuli zonke. Uma kuyinsingizizisuke kube yiyona zonke. Kwakungumbuso emakhosini ukuba nemibala ethile emihle ekIaba ngokwehlukana. Uma iNkosi kufanele ibuthe elithile, kukhethwa izikhumba zombala ofanayo ngoba yilelo nalelo butho libonakala ngombala wamahawu alo. Lo mbala uyasiza ngisho impi ibambene ngoba kwenza kubelula ukubona ngehawu ukuthi oliphethe owakini ngoba kusuke kumnyama phansi. 176 , UDiamini, (2007) uthi: Ukuba nguMnumzane onesibaya esimibalabala nakho kuhle ngokwalo icala. Uma unesibaya esingenankunzi imibala eyehlukene yezinkomo itholakala kaluia ngoba singenwa izinkunzi ezimibalabala. Kuyenzeka abaphansi bafune isilwane esinombala othize, kutholakale ukuthi umnumzane yena akanawo bese kusuka utakatiya efuna ukushintshisa ngombala ofunwa yizinyanya. OkaMalandeia ukubeka kucace ukuthi abanye abaMnumzane kuyabajabulisa ukubona imihlambi yabo iklabile ixube imibalabala yezinkomo. Uqhubeka achaze ukuthi Ie mibala yenziwa ukuthi esibayeni kusuke kungekho kunzi. Inkunzi efikayo isuke yediula noma ikhishwe ngenye eyehlulayo, ishiye isiwutshalile umbala wayo, kufike neye yenze njalo. Njengoba izinkomo kuxhunyanwa ngazo kakhulu nabaphansi kuyenzeka ukuthi bafune kuhlatshwe enombala othize, kutholakale ukuthi ayikho bese kusuka omkhuiu umsebenzi ifunwa. eyehlukene. Lokhu kuyagwemeka uma esibayeni kunemibala eminingi lNkosi uCetshwayo ufaniswa nesipho esiveia kwabaphansi sanikezwa uZuIu. Ufaniswa nenkunzi emnyama ngenxa yegama elithi "enzima" elisetshenziswe ezibongweni zakhe. UNyembezi, (1978:83) uthi: Inzima Iemnyama, Engabubende bengonyama; Ibiqhutshwa uMseIeni benoNongalaza, Beth'ifane!'ukuyakusikw'izihlangu EMkhweiantaba, Bathi,lyekeni, Ubumnyama bayo buyesabeka, IfaneI' ukuyakucel' imvula KuNkosinkulu. lNkosi uCetshwayo wayenebala elimpisholo yingakho imbongi ithi: Inzima Iemnyama, ibuye iqhubeke ithi: Engabubende bengonyama, Iokhu kugicizelela ukuthi yayinebala 177 , elinjani. Ngesikhathi ethathe isihIalo sobukhosi baningi ababengamfiseli okuhIe ngenxa yokuthi isizwe sasehIukene phakathi ngenxa yezimpi phakathi kukayise iNkosi uMpande kanye neNkosi uDingane. Abozalo babengene shi kulokhu ngoba kukhona ababehambisana noDingane nobukhosi bakhe ngisho wayesephangalele ekubhaceni eNgwavuma. Impi eyaba phakathi kwakhe noMbuyazwe iyakufakazela Iokhu. Ukubakhona komugqa othi: Beth'ifanel'ukuyakusikw'izihlangu ukubeka ngokusobala ukuthi njengoba eyinkonyane kaNdaba kwakufanele afe ukuze isikhumba sakhe kusikwe isihIangu ngaso. IsihIangu asisikwa esikhunjeni senkomo ephilayo kodwa kudingeka ukuba ife kuqala. Kuyaqapheleka izinduna zeNkosi uMpande uMseleni noNongalaza zazithatha uhIangothi empini yabaNtwana ngo-1856. Zicheme eMkhweyantaba, umuzi kaMbuyazwe ayohlatshwa njengenkomo yomhIatshelo. Ukufa kwakhe kube yikhubalo azolidla ukuze Iimqinise esikhundleni sobukhosi ayecatshangelwa sona. Umugqa wesithupha kunokuguquka uma abaqhubi bale nzima emnyama bethi: Iyekeni! Kubonakala kahIe ukuthi lamazwi, avele uma uMbuyazwe esesale kwesaMathambo eNdondakusuka. Wayegwinywe ubumnyama bale nzima emnyama. Lwabaqhobozela uSuthu. UCetshwayo kwafanela ukuba kudondolozelwe ngaye uma kufuneka izicolo zamaKhosi akwaZulu esesezweni Iezipho zonke nxa kuthiwa: Ifanel' ukucel' imvula KuNkosinkulu. Imibala egqame kakhulu yezinkomo, omnyama, omhIophe nobomvu. Eminye imibala iyinhIanganisela yayo. Yingako nje izinkomo ezimnyama zodwa zibizwa ngokuthi indlivaliwe, ezibombu kuthiwa umtshezi bese kuthi ezimhIophe kuthiwe amalanda noma inyonikayiphumuli. Yile mibala kuphela enikezwa amabizoqoqa. Kuyavela futhi .. ~ nasemibaleni yezinkomo njengasekumiseni kwazo ukuthi imibala lena isuselwa 178 , ezintweni ezithile ezingahlobene nenkomo. lmibala yezinkomo miningi kakhulu ngenxa yokuthi izinkomazi zihlangana nezinkunzi eziningi ezinernibala ehlukene. Umbungu: Inkabi emhlophe qwa yonke indawo ngisho nezimpondo kanye nezinselo zayo. UGcumisa nozakwabo, (1992:50) bathi: Umbungu phela yingane engakazalwa, engakabi namathambo. lsibungu sona yimpethu. lmhlophe ngombala. Le nkomo enalo mbala uma kuyinsikazi kuthiwa umbungukazi. Lo mbala usukela egameni elithi isibungu elisho isigaba esithile sesilwane noma isinambuzana lapho esisuke singakabi khona namathambo. Ngokwenguqukompilo siyedlula kulesi sigaba sibe kwesinye esilandelayo sigcine sifike esigabeni esaziwayo. lziIwane eziningi uma ziseyisibungu zibamhlophe qwa, sikhanye ngaphakathi ubone ngisho ukudla esiswini. lsibonelo esihle ithuku elihlala emqubeni esibayeni. Uma ubuka ithuku, ubona ngisho ukudla okungaphakathi esiswini sale kumnyama. Kukulesi sigaba lapho ingane okuthiwa umbungu khona ngoba isuke ingakabi namathambo. Umbungu oyinkomo inkomo emhlophe qwa ngisho nezinselo zayo, ubumhlophe bayo benza ukuthi ifane nesibungu esifaniswa nombungu. Amaqandakawayiba: Lena yinkomo emhlophe ethanda ukuba namabala aziyingi ansundu. Acishe aqaqele umzimba wonke. Uma ubuqamana amisise okwamaqanda ayo Ie nyoni ebizwa ngokuthi uwayiba. Lo mbala ususelwa kuwo umbala wamaqanda ale nyoni. Kukhona ibutho leNkosi uCetshwayo elalinezihlangu ezimaqanda kawayiba. Yingakho nje kwesinye isikhathi inkomo enombala onjena ibizwe ngokuthi izihlangu zoDloko ngoba amahawu alo ayemhlophe bese iba nayiziyingi ansundu. Leli gama lakheke ngukuthi kuthathwe ibizo amaqanda lihlanganiswe nesivumelwano songurnnini u-ka- esihlanganiswe nebizo elithi uwayiba kwase kweqiwa unkamisa wokuqala webizo lesibili noma okuhIanganiswa nalo kanjena: 179 , Amaqanda+-ka-+-(u)wayiba =amaqandakawayiba. Amatshehlathi: Lena yinkomo exube imibala ngokulinganayo, kungaba omnyama I}oma omhlophe kokunye kube omdaka nomhlophe. Lokhu kuxuba kwale nkomo ngale mibala, kuyenza ukuba ifane namatshe asehlathini uma ehlatshwa imisisebe yelanga aye akhanyakhanye kodwa okungayindawo. Uma kungeyensikazi kuthiwa amatshehlathikazi. Leli gama lakheke ngokuthi kuthathwe ibizo elithi amatshe lahlanganiswa nebizo elithi ihlathi kwase kweqiwa unkamisa ophongozwe ebizweni okuhlanganiswa nalo kanjena: Amatshe+-(i)hlathi=amatshehlathi Inyonikayiphumuli: Lena yinkomo emhlophe qwa engenalo nelilodwa elinye ibala. Kwesinye isikhathi kuthiwa yilanda noma umhlophe. Uma umuntu enomhlambi wezinkomo ezimmhlophe qwa, kuthiwa unamalanda noma inyonikayiphumuli. Leli gama elithi inyoni kayiphumuli lisuselwa embaleni welanda elihlale lichaye amaphiko njalo lilandela izinkomo lapho zingakhona lifuna imikhaza kumbe amakhizane. Intenjane: Lena inkomo emdaka noma empofu. Kwesinye isikhathi kuthiwa imdubu noma imthuku. Uma kungeyensikazi kuthiwa intenjanekazi. Leli gama Iisuselwa egameni Ienyoni ebizwa ngokuthi intenjane enamabala ampofu njengayo Ie nkomo ebizwa ngentenjane bese ikhwifiza ngamabala amnyama umzimba wonke. Uma iqhelile umbala ogqamayo omdaka Umzondo: Lena inkomo ebomvu noma emnyama eshaya ngamabala amhlophe emzimbeni wonke. Ukuxuba Ie mibala kuyenza ibe mpunga okwesinambuzane esibizwa ngokuthi umzondo. Lesi silwane sikhipha iphunga elibi kakhulu uma uke wasithinta. 180 # Leli phunga Ienza ukuthi kungabi khona ofisa ukusithinta ngenxa yokuthi ngisho ugeza Ieli phunga aIipheIi. Inzima: Lena imnyama bhuqe ayinabala. Uma kungeyensikazi kuthiwa inzimakazi. Ezibongweni zeNkosi kuNyembezi, (1958:83) kuthiwa: Inzima lemnyama, Engangabubende bengonyama; Ibiqhutshwa uMseIeni benoblongalaza, Beth'Ifanel'ukuyakusikw'izihlangu Emkhweyantaba; Bathi, lyekeni, Ubumnyama bayo buyesabeka, Ifanel 'ukuyawuceI'imvuIa KuNkosinkuIu. Lapha iNkosi uCetshwayo ifaniswa nenkomo emnyama ebizwa ngokuthi inzima. Lapha sivezelwa izinceku zeNkosi uMpande, uMseIeni benoNongalaza beqhuba uMntwana uCetshwayo njengenkomo ukuba ayohlatshwa ebese kuthi isikhumba sakhe esimnyama siyosika amahawu emzini woMntwana uMbuyazwe eMkhweyantaba. Ubunzima kumbe ubumnyama bale nkunzi enguMntwana uCetshwayo bufikiseIa izitha zakhe ukwesaba nokuthuthumela. Okuhle ukuthi izitha zonke zakhe zigcina zibonile ukuthi zingathola izibusiso emadIozini akwazulu ikakhulukazi uNkosinkuIu uma zingadondolozela ngoMntwana uCetshwayo ngenxa yokuthi ubumnyama buwubuhle. USolomoni encwadini yeSihlabelelo seZihlabelelo, 1:5-6 ubumnyama bebala Iomuntu nobuhle uma ethi: Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, ngeziJenge zikaSolomoni. Inkomo yensikazi emnyama bhuqe engenabala ibizwa ngokuthi inzimakazi. Kukuyo Ie nkomo Iapho kwaveIa khona isaga esithi, " lnzimakazi izala ilungakazi". Kuyabonakala 181 ? , ukuthi ilungakazi linayo imibala emnyama nemhlophe. Vkuvela kobumhlophe ebumnyameni kucacisa ukuthi ufuzo luyedlulela. Imvubamabele: Ibuye ibizwe ngokuthi amasavutshiwe. Emnyama noma ebomvu ngokuthi akuyele ekubeni mpunga. Ithi fahla fahla ngamabala amhlophe wonke umzimba. Kunokuhlobana phakathi kombala wamasi avutshwe ngamabele kanye nombala wenkomo imvubamabele. Lokhu kuhlobana kuhambisana nobubomvu bamabele okukhomba igazi lenkomo. Njengoba igazi liyimpilo, kanjalo namabele ayimpilo. UNtuli, (1975:56) uveza ukuthi akafisi ukushiya amabele uma esebomvu ukuvuthwa kwawo uma ethi: Kubo ngukuchathwa ngebhayi, Ngingowokujojwa ngolumabhaxa; Kubo ngingowokuphoswa phezulu, Ngize ngibuye arnabel'ebomvu. Yilapha kucaca kahle ukuthi 10 mkhunkuli abantu bamcabangela ukumchatha ngomanyazini noma udabulibhayi obomvu njengamabele,kodwa ozodala ukufa kunokuphilisa okuzothi impilo ibe bomvu, okungukufa okuphikisana nobubomvu bokuvuthwa kwamabele ayimpilo. UNtuli (1975) uveza ukuthi uma sebemjojile, bamchatha ngokungafanele, kufana nokuthi ujezisiwe wayiswa kuMvelingqangi phezulu, uyobuya eseyidlozi elibi namabele ayimpilo esewangcolise ngegazi. Kepha inkomo imvubamabele ibikezela ukuthi noma ngabe umuntu esedle ubuthi kodwa ubisi luyodala ukuthi kube nokuplula. Ngakho ubisi namabele kuyimpilo. UNtuli, (1975:56) ufaka uMvelingqangi kulolu daba ukuba alekelele ukuba amabele ayimpilo angangcoli kanje: Nkosi, Mvelingqang'osemafini! Wongenqaka, ungigone, Baba, Nxa sengijojiwe ngaphonswa phezulu; Ngingabuyi amabel'ebomvu, Izikhala zemithi: Imnyama ngokuthi ayibe luthuthuva. Iba namabala amhlophe sengathi ahamba ehanguka wonke uIllZimba. Vma uyibuka kuba sengathi ubuka ehlathini 182 , elicinene kodwa okunezikhadlana kulo elenza ukwazi ukubona ukukhanya ngalena. Lobu buhle obungaciki butshengisa ukuthandana kanye nokuthandaniswa kwemibala, omnyama nomhlophe bese ukhipha ubuthuthuva. Yilokhu kuxutshaniswa kwemibala benziwa imvelo, obenza imiqondo yethu ikhumbule ukuthi uMdali usebenzisa okukhona ukuze sithole okungekho. Ebafazibewela: Ebomvu wonke urnzimba bese iba mhlophe ngemikhono nemilenze. Lokhu kususelwa ekutheni uma abafazi bewela umfula onamanzi baye benyuse izidwaba noma izingubo zabo ukuze zingawathinti amanzi ngoba zisuke zizoba manzi. Umbala wokunqamula kwamanzi ezithweni zomuntu wesifazane wenza kube nomehluko endaweni ethintwe ngamanzi naleyo engathinwanga ngamanzi. Enkomeni amanqina aba mhlophe, lokho okungathekiswa nomehluko odalwe ngamanzi ngezanzi kwamadolo omfazi obewela umfula. Kuyabonakala-ke ukuthi lombala uthathwe esingathekisweni lapho kugagulwa khona umfazi ewela umfula. Inkone: lbomvu inamabala amhlophe amancane athe caba caba umzimba noma engawuqedile. Kufuneka kodwa ukuthi lamabala amhlophe ehlise umhlonzo, esukela ebusweni. Kwesinye isikhathi inkone iba nombala omhlophe emhlane nangaphansi. Amabala amhlophe asesikhumbeni senkomo enkone, ahambisana nenhlanzeko kanye nokubusa. UNyembezi, (1958:46) uthi: Inkon'eth' isankone kwaphuk'isihlalo. UGwembesh'ongamanz'okuhlalela. UNomashikizele, UMashiy'impi yakhe. Lapha kuvela kahle ukuthi iNkosi uDingane wathi esaqala nje ukubusa ezama ukukhanyisa ngalamabala amhlophe igazi ebelishiywe iSilo uShaka, sephuka isihlalo sobukhosi bakhe. Kuyacaca ukuthi inkone ayibange isankona. 183 , Ensiphozamabele: Inkomo emavovo. Inamabala abomvu namhIophe akhwifize wonke umzimba. Lo mbala unokuhIobana nombala wezinsipho zamabele ngoba nazo zinemibala yomibili ekule nkomo. Emaqandakacilo: Inkomo emhIophe enamabala amancane abomvu, afana nakacilo. Kubuye kuthiwe imahwalahwala, imaqandeqelu. Ucilo neqelu ngamagama enyoni eyodwa. Lokhu kuhlobana kwemibala etholakala kucilo nalena esenkomeni, kwenza ukuba, sithole leli bizongxube elithi; amaqandakacilo. 4.4 Izitho zenyama yenkomo Izitho zenyama yenkomo zidinga umuntu onolwazi olunzulu okuthi uma zehIukaniswe nguye, ziphume ziphelele, kungabikho muntu ozokhala ngesitho esingaphelele. Bambalwa abantu abazi ukukhipha izitho zenkomo kungakhali muntu kulezi zinsuku. Lokhu kungenzeka ukuba kwenziwa impilo yamanje yalaba abahlala emadolobheni lapho izinkomo zihIatshelwa ezindaweni ezisemthethweni maqedane zidwengudwengulwe nje ngemishini, bese zifakwa esilaheni. Inyosi uDiamini, (1973) ize ithi uma ithethisa iMbube: Fourkwata Ayize nebele layo. HHilihhili! Nyamana Ebethe beyidla ol\1sibi, Beyithenteza' bethi' Ibimhlandla mncane. Lokhu kukhombisa kahIe kamhIophe ukuthi Ie nkomo beyingahlinzwanga kahle. Amantshontsho akhishwe lapho bekungafanele khona. Ntshontsho lini-nje elingakhishwa ebeleni nasemhIandleni? Ukhala ngakhona uMsibi ngoba alikho intshontsho elingasikwa emhlandleni uze unciphe ube mncane. KwaZulu kunabantu abaziwayo ukuthi uma isiqediwe ukuhIinzwa, sekufanele yehIukaniswe ngokwezitho zayo, kulandwa bona. Umsebenzi wabo ukukhipha izitho .-.' njengoba zinjalo ukuze abaqondene nokuzidla bangakhali. Kubayinto ebuhIungu kabi 184 , uma kukhishwa umkhono wezinsizwa, kutholakale ukuthi sekuheshunwe amantshontsho kuwo ngenxa yabantu abakhipha amantshontsho budedengu bengazazi izindawo akhishwa kuzo. USokhaya uyaphoxeka yilesi senzo. Ukuba ungoti kulo mkhakha, kufanele umuntu abeneso elibukhali okuthi uma kukhishwa izitho, abhekisise ukuze ngokuzayo zikhishwe nguye futhi kufunde nabanye kuye. UMsimang, (1975:130) uthi: Ukukhipha izitho Iokhu akusiyo into engenziwa noma ubani njena. Kepha inezinyanga zayo ezihIoniphekiIe. Ngisho khona ezikhathini zawokhokho akuzange kwaba yinto elula nakancane. Umuntu onephimbo Iokukhipha izitho ubehlonishwa. Ngisho esegugiIe, ubelandwa khona esezihlalele ebandia nomnumzane kuthiwe akazokhombisa izinsizwa, zifunde kuye. Yileso naleso sitho siyahIonishwa, ngoba nabazosidla bayahlonishwa ukuze umsebenzi wonke uhlonipheke. UMsimang (1975) uveza ukuthi yonke into eyenziwayo ifundwa kwabanye ikakhulukazi abadaia ngenxa yokuthi bona basuke sebeyenze bephindelela. Kunesaga esizungeza kuzo izinkomo esithi inkunzi endala ifundisa encane ukugweba. Nalaba-ke esebengongoti ekukhipheni izitho kumele bediulisele ngesineke 1010 Iwazi esizukulwaneni esilandelayo. Ukukhipha izitho nakho akuyelwa esikoleni kodwa kudinga umuntu oneso elibukhali, okuzothi uma ebona ungoti walo msebenzi ewenza, abukele kuye. Ukhanyisa ukuthi ~asezikhathini zakudala bekungelula ukwenza 10 msebenzi ngoba bekulandwa Iowa onolwazi olunzulu, ongeke enze iphutha ukuze nabasakhula babone kuye ukuthi kwenziwani. Isizathu esikhulu ukuthi yileso naleso sitho kufanele siphume nazo zonke izicubu ezisifanele ukuze abanikazi baso bajabule ngoba siphelele. 185 , UMzulwini, (2007) uthi: Uma inkomo isihlinziwe ayivele isikwasikwe ngezinsabula zemimese nje. Kudingeka umnumzane wekhaya nkuba abe neso lakhe elizombhekela nknthi izitho zikhishwa ngoknyikho yini. Uma umuntu engazi lntho angavele afake insabula nje kubhodloke amathumbn knbe wnbnnaphanapha umswani ungcolisa inyama. Kanti umuntu onolwazi uzikhipha ngesinono izitho knngasoli muntu. UMzulwini (2007) uvnmelana noMsimang (1975) uma ethi inkomo nma isihlinziwe ayiveli isikwasikwe noma kanjani. UMnnmzane wekhaya ngoknhlonipha abanikazi bezitho wenza isiqiniseko soknthi knbakhona ombhekela nknthi izinto zihamba ngononina yini. Akubikuhle uma nSokhaya ezozibambela mathnpha eknhlinzeni ngoba lokho knngaletha itwetwe knbahlinzi nkuthi basike amantshontsho ngenknlnleko. UMnnmzane ozibambela mathnpha knthiwa yigovu futhi nbopha inja nogodo. Lokho knfana nasemalekisini ngoba abaningi abanikazi bawo baqashe abashayeli nknba babashayelele. Knmele baqhele abanikazi bawo nknze.abashayeli bathole amantshontsho abo. Akukho nkomo ingenantshontsho. Uma uMnnmzane eqoka lowo ozoba yiso lakhe, knfanele akhethe umuntu onolwazi eknkhipheni izitho. Izitho zenkomo zehlnkene kabili. Knkhona izitho esingathi ezangaphandle kubuye knbekhona ezangaphakathi. Ukukhishwa kahle kwesitho sangaphandle knholela ekntheni umsebenzi ubelula uma seknkhishwa ezangaphakathi. Uma umuntu engaba lidlabha ekukhipheni ibele nje, aze abhobose isisu kuchitheke umswani, umsebenzi wokukhipha ezangaphakathi ungaba nzima. Yingakho nje knfanele knbe umuntu onolwazi lokwenza 10 msebenzi. Ngamafuphi nje izitho zangaphandle yilezo ezibonakalayo uma inkomo isihlinziwe. Ezangaphakathi zona yilezo ezingaphakathi esiswini nasesifubeni senkomo. 186 ? , Ulwazi Iwezitho zenkomo ngamagama azo lrusho izinto eziningi ngoba uma wazi la magama lruvamise ulrutbi wazi ulrutbi leso sitho sidliwa obani. Uma ukhuluma ngephaphu nje, okufika engqondweni lrumuntu owazi izitho ulruthi ukhuluma ngenyama yabafana. Iphaphu liyinyama enikezwa abafana olrufanele bangalidieli ekhaya kodwa baphume bayolidlela ngaphandle komuzi noma ekwaluseni ngoba basuke basazoqhathwa yizingqwele. Akufanele baqhathwe phambi konina ngoba lrungasika uma umame ebona umntanakhe eshaywa kabuhlungu ehlulwa. Uma lidliwa lrubakhona ubhedu olungadliwa yinoma ubani kodwa oludliwa yizingqwele ngoba zehlula abanye. UGcumisa nozakwabo, (1992:58) batbi: Nezitho zenkomo zangaphandle nezangaphakatbi zibizeka kangcono uma zibizwa ngamagama azo. Azichaza kangcono. Ayanemba. Akubibikho ulrudideka kolrukhulunywa nabo uma uzothi "Qedani ukuhlinza bese nipheka isixhanti nengobo". Usuchaze uhlobo lwenyama wachaza nabazodla Ie nyama ngamagama ambalwa nje. Inyama uma iphekwa ayivele ihIanganiswe kodwa lruyaziwa ulrutbi leso naleso sitho siphekwa sihlanganiswa nasiphi. Ingxenye eyosiwayo akufanele iphekwe kodwa lrufanele yosiwe. Isibindi asiphekwa neze kodwa siyosiwa, lokhu kudinga ukuthi kwaziwe ngoba ongazi lutho, ungamthola esesifaka ebhodweni bese kwenzeka elikhulu ihlazo uma sesifuneka ukuthi sosiwe. Okuhle ngamagama ezitho ukuthi aIikho elicishe lifane nelinye, lokhu kwenza ukuthi kubelula ukukhuluma ngesitho ngaphandle kokungabaza. Kukhona inyama okuthi ngisho ifana kodwa uma isihlukanisiwe, ibizwe ngegama layo kungabikho kudideka njengempundu efana nesibindi. Uma isihlukanisiwe nesibindi, iba nabanikazi bayo abayidlayo okuba ngabantu asebekhulile ngoba uma idliwe abasebasha, kuthiwa bayakhohlwa. Uma umuntu engawazi Ia magama, kuvele lrudume upotiyane nje ngoba kwesinye isikhathi angaphambanisa isibindi nenhliziyo. Olruhle ngamagama ezitho zenkomo ulrutbi avele ezizukulwaneni ngezizukulwane. Akekho ongaphumela eshashalazini athi 187 ? , uyena owaqamba igama elithi iphaphu noma enye ingxenye. La magama ayifa elingumcebo wolimi lomdabu kwelikaMthaniyli. 4.4.1 Izitho zangaphandle Inhloko: LeIi ikhanda Ienkomo oIwenziwa amadIebe, amehIo, imihIathi, ikhala kanye nezimpondo. InhIoko idliwa yizinsizwa esibayeni maqedane zigiye zibonge bese zibona ezize ngayo. Ikhala: Lesi yisitho senkomo sokuphefumuIa. SidIiwa ngabafana Idevu: Lena yingxenye enamakhala enkomo edliwa ngabafana uma kuhIatshiwe ephekwa isikhathi eside ngoba ayisheshi ukuvuthwa. Umhlathi: Lena ingxenye enamazinyo esuka emlonyeni ize ifinyeIeIe emadIebeni. Siye sosiwe kuze kuvuthwe isibankwa esikhishwa yizinsizwa uma sekudIiwa imihIathi. Kukhona isisho soIimi IwesiZuIu esikhuIuma ngayo Ie ngxenye esithi: Itshe Iigaya ngomunye umhIathi. Lesi sisho sisho ukuthi izinto azisenjengoba kwaziwa kodwa seziguqukiIe. Kukhona esinye futhi esithi: Hlangana mhIathi owazanayo. Lesi sisho ukuthi amadIeIandawonye kufaneIe abe yimbumba avumeIane noma enze into eyodwa. Kuvamise ukuthi kushiwo Iokhu uma kunesimo esidinga kuhlanganwe kungabikho nhIukano. Ubebebe: Lena yingxenye yesitho esingaphansi kwedevu. EIinye igama Iawo kuthiwa inkamanzi ngoba uma inkomo iphuza amanzi kuba yiyona ngxenye engena emanzini 188 # kube sengathi iyawakha. Ludliwa ngabaMnumzane asebekhulile, abafana abalulokothi ngoba kuthiwa bazozala izingane ezinemilomo 'elengayo. Amehlo: Lezi yizitho ezimbili ezingaphansi kwezimpondo inkomo ebona ngazo.?Uma kuyinqudulu ziba ngaphansi kwamaqhubu amabili lapho okungaba khona izimpondo uma inkomo ingeyona inqudulu. Amadlebe: Lezi yizitho ezimbili eziba namagwagwa inkomo ezwa ngazo. lzimpondo: Lezi yizitho zenkomo ezimbili eziba ngaphezu kwamadiebe uma inkomo ingeyona insizwa. Zimisa ngezindleia eziningi ezibizwa ngokuma kwazo. Zingezinye zezitho ezicebise kakhulu ulimi IwesiZuIu. UKhathi, (2002:97) uthi: Izimpondo zenkomo nazo zinomsebenzi wazo wokwakha izimpondo ezifuthwayo, zenze umsindo odingekayo. Ulimi: Yisitho esisemionyeni wenkomo. SiIuhIobo Iwenyama oIuphambiIi oludliwa ngabamnurnzane. Abanye bathi umthombo. Intamo: UNyembezi noNxumalo, (1966:51) bathi: lxhuma ikhanda, inhioko nesixhanti. lode ngangengalo. Kuthiwa ithambo elehlula impisi ngoba ngisho nempisi ayikwazi ukuIephuia. Kuthiwa isehlulampisi ngoba ngisho nayo njengoba inamandia angaka, ilishiya ilibuka ngenxa yobuIukhuni balo. /lunda: Isitho esingemuva kwesixhanti esiyinyama eqinile. Livamise ukuba Iikhulu elenkunzi, Iidliwa yinkosazana yaleyo ndiu inkomo ehlatshiwe eqondene nayo. 189 , Umkhono: Ukhishwa lapho kuphela khona umhlubulo, usukela lapho kunqunywe khona amanqina enkomo. Umkhono uyisitho esidliwa izinsizwa namadoda. Uyosiwa kwesinye isikhathi kusikwa kuwo amakha obubende. Ingxenye yomkhono ibizwa ngolruthi yisiphanga. Isiphanga: Lena yinyama esehlombe lenkomo edliwa yizinsizwa ngemuva kokosiwa esibayeni. Isixhanti: Isixhanti sihlangene nelunda. Sisala uma kukhishwa inhloko lapho kuphela khona intamo. Sidlelwa endlini sidliwa ngabanurnzane. Izimbambo: Lena yingxenye esukela emgogodleni ize iphelele esiswini. Ivikele ezangaphakathi. Zihamba kanye nemihlubulo edliwa ngabesifazane kwesinye isikhathi sidliwe nanoma ngubani. Umhlubulo: Lena yingxenye esemaceleni okuphuma kuyo insonyama nomkhele kanye nezimbambo. Le nyama yoselwa noma iphekelwe abesifazane. Umkhele: Lona umbengo wenyama ephuma emhlubulweni. Uyinyama ebomvu. Ubukhulu bawo uye uhambisane nokuthi inkomo ehlatshiwe ingakanani. Uye woselwe abaMnurnzane kanye nensonyama. Insonyama: Ingxenye yenyama ekhishwa emhlubulweni lapho kuphela khona izimbambo. Iba inyama eyisicubu ehamba ize ifike emlenzeni. Le nyama isemhlubulweni ikhishwa macala omabili enkomo uma kuhlinzwa. Le nyama uhlobo Iwenyama emqoka kakhulu esizweni samaZulu ngoba uma kube ekhishwe ngasesandleni sokunxele senkomo ehlatshwe ngomkhonto, isuke inenxeba. .-' 190 , UBryant, (1949:267) uthi: The sirloin (intsonyama) is regarded as the prime of the beast. One side thereof, the side of honour (viz. that sacred bearing the wound of the sacrificial-assegai and therefore called eyenxeba) was, in olden times, sent to the clan chief as principal representative of the family or clan ancestors. Inxeba elisuke likule nyama lisuke lihlatshwe ngomkhonto ohlala endlini engenhla okuyindlu lapho izinyandezulu zifikela khona. Lokhu kusho ukuthi le nyama ibalulekile ngoba isuke ihlatshwe ngomkhonto okhothwa izinyanya ubusuku nemini ngoba ugcinwa lapho zifikela khona. Isifuba: kufanele Sehlukaniswa nomhlubulo ngokuthi sihlahlwe ngembazo. Uma sihlahlwa umhlahli abenolwazi olunzulu ngoba kunezimbambo okufanele zihambe ngambili ezihamba nasa uma usuka ngasentanyeni. Isifuba sidliwa ngomama. UDonda, (1997:8) ubeka isizathu sokuba abafazi badle isifuba ngoba akuyena wonke umuntu ongumama oba ngumfazi: Amakhosikazi wona adla isifuba nomlenze. benza amavenge. Phela yibo abasingatha izifuba zomuzi. Inkosikazi enguvovoliyakhipha ayikwazi ukwakha umuzi uthule duo Urna inya amasi enye inye umlaza igcina iyinhlekisa ngisho kwamanye amakhosikazi. Icwiyo: Lena inyarna ebomvu yanoma yisiphi isitho senkomo. Isikelwa uMnumzane uma entshontshelwa uma kade ehlinza. Kuthiwa inyama icwiyo. Njengoba isikwa nanoma yikuphi kusobala ukuthi ivela esenzweni esithi; "ukucwiya" esisho ukuthatha noma ukusika noma yikuphi ngesinono esikhulu kungabonakali. 191 , Amaguma: Lena inyama yezimbambo ecishe ithintane neqolo. Adliwa ngabonumzane abakhethwa yilo Mnumzane ohlabile. Amantshontsho: Lena inyama ebomvu esikwa ezingxenyeni eziningi zenyama yenkomo. Isikwa abahlinzi bayo bese beyichoma ezintini baye nayo emakhaya. Abonumzane abathembekile baye baphathelwe abafana bakulowo muzi obekuhlinzwa kuwo amantshontsho. Amanye amantshontsho kuthi kungakaqedwa ukuhlinzwa uthole esosiwa esibayeni. Umgogodla: Yingxenye yomhlane exhume izimbambo edliwa yizinsizwa uma isiphekwe nenhloko. Kwesinye isikhathi uye ugantshulwe ube yizingxenye ezithile bese uba ngamantshontsho abahlinzi. Umlenze: Lena yingxenye esuka kugalu kuze kufike enyongeni. Umlenze wenkomo uye udliwe ngomame. Isinqe: Uma sekukhishwe imilenze kusala isinqe. Kwesinye isikhathi sibizwa ngokuthi yinyama yeqolo. Isinqe sidliwa ngorname kanye namanqina, Ithebe: Leli ithambo lesinqe lokuhlala. Siyisitho esiqondene nomame uma kudliwa. Isikhaba: Lesi yisibele senkomo yenduna esingezansi kwenkaba. Yiyo kanye Ie ndawo lapho kuphuma khona ugqubu. UNyembezi noNxumalo, (1966:51) bathi lesi sitho sidliwa yizintombi. Eqinisweni yibele elidliwa yizintombi, isikhaba asinakudliwa ngoba kuyisikhumba-nje. Ebeleni lenkomo yenduna, ugqubu aludliwa amantombazane kepha ludliwa abafana ngoba intombazane edla ugqubu ivamisa ukuba nesimilo esixegayo. Lokho singakuqinisa ngokuthi umuntn odie ugqubu Iwempala ikakhulukazi uma luxutshwe noqonsi, ubangalala, ungibonisele, indabingehlele, iklolo noma ilalanyathi novuka, noma kuthiwa indoda isinomfana owozelayo uvuka arne qingqo afise ukuqhathwa. 192 , Ibele: Lesi yisitho okuxhumeke kuso imibele yenkomo. lidliwa yizintombi nomame ngoba yibona abancelisi besizwe futhi kunenkolelo yokuthi uma bedle ibele baba namabele amakhuIu nobisi oluningi lokondla abantwana. Umsila: Udliwa ngabantu abadala. Ukhishwa uhambisane kanye nesinqe. Ezikhathini eziningi umsila uyagcinwa uze udliwe mhIa kudliwa amanqina noma isifuba esidliwa ngumkhaya. Isikhumba okukhishwa kuso umsila sikhishwa ngokucophelela okukhulu sidlokodlwe uma ukhishwa singa1imali. Lesi sikhumba sisala singumbhobho osetshenziswa ukuqinisa lapho kubanjwa khona umukhwa, ucelernba, isikela, ukuqinisa umkhonto lapho ophiselwe khona. UMiller, (1957:190) uveza ukuthi kuyenzeka ukuthi uma umkhonto ungaphiselwanga kahle ubhoncuke inkulathi isale kanjaIo: Omunye umkhonto wacishe wangenza kabi awujijimezela esihIangwini sami wasidabula, umkhonto waye wangidweba engalweni yobunxele. Kwazise ukuthi nami sengimfake amanxeba amabiIi, ngizwe ukuthi isijula ngisithela enyameni. Wabuye wabhuquzeka futhi okwesibili, kwayilapho ngivikiIe, umkhonto wakhe wabhajwa, walwa nawo kwasa1ela ukudla kwawo wabuya nenkulathi nenduku yawo. Amanqina: Lena yingxenye enezinselo empeleni esukela kuzo kuze kushaye emadolweni enkomo. Adliwa omame kanye nesinqe nebele. 4.4.2 Izitho zangaphakathi Izitho zangaphakathi zenkomo zihIangene njengazo ezangaphandle. Uma kukhulunywa ngamathumbu, kukhona ukuhlobana okukhulu phakathi kwawo nazo zonke izitho ezihamba ukudla kwenkomo. Kukhona ezinye izitbo ezibukeka zizimele njengephaphu, inhIiziyo, isibindi, ubende kanye nezinso. Lezi zitho nazo uthola ukuthi noma zingaxhumene namathumbu ngokwamehIo enyama, kukhona imisishana nemithanjana ezixhurna namathumbu, kugcine kuxhumeke umzimba wonke wenkomo. Nazi izitho zenkomo zangaphakathi: 193 , Uvalo: Yingxenye elithanjana elisaluqwanga, luba ngasezansana kancane nesifuba. Abanye balubiza ngokuthi ucabango. Kunesaga sesiZulu esikhuluma ngaso lesi saga esithi: Yize uvalo inqobo yisibindi. Lesi saga sishiwo uma kufuneka kuhlaselwe kuthathwa isibindi ngoba kwesatshwa. Umminzo: Umminzo umgudu wokugwinya wenkomo useceleni noqhoqhoqho. Urna sekukhishwa iphaphu liphuma nengxenyana yawo kanye neyoqhoqhoqho. Uba ngamantshontsho abaMnurnzane ababekade behlinza inkomo. Ubhedu: Lena inyama enonile edliwa ngabafana abangamaqhawe noma abayizingqwele uma kudliwa iphaphu ekwaluseni. Amagwala agcina ngokulubuka ubhedu ngoba ubugwala bawo benza ukuthi adle iphaphu. Kwesinye isikhathi alidla selinenhlabathi noma selifakwe emanzini ngoba asuke ekhuthazwa ukuthi ahlukane nobugwala. Ukucwiliselwa iphaphu kumbe ibhakubha ernanzini yichilo. Kufumbethe urnJayezo wokuthi uyabaleka njengamanzi ephikelele olwandle. Uma kuqhamuka impi uyathuthumela ugcwale amanzi esiswini. Kudlale incele nornzimba wonke uqhaqhazele njengomhlangaemanzini. NamaBhunu ayakwazi lokhu aze athi: 'n lafaard beber soos die riet in die water. Kukhona isisho sesiZulu esithi: Ukudla ubhedu. Lesi sisho sisuke sibhekiswe kurnuntu ohambe phambili noma obashaye bonke emakhanda ekwenzeni into ethile. Abadla ubhedu ekwaluseni yilabo abasuke behambe --, phambili ekulweni babehlula bonke. 194 ? , Inhliziyo: Lesi yisitho esincikene nephaphu esiphakela igazi kuwo wonke urnzimba. Uma sike sathinteka kabi noma sagwazwa ita umshubo inkomo. Umuntu owazi inxeba noma umhlabankomo, uyihlaba kube kanye inkomo umkhonto uyogwaza inhliziyn iwe khona lapho. Iphaphu: Lesi yisitho sokuphefumula esisesifubeni esivikelwe yizimbambo. EIinye igama esibizwa ngalo kuthiwa ibhakubha. Isibindi: Isitho esisondelene kakhulu nephaphu kuso kukhona ingxenye okuthiwa impundu engadliwa abantu abasebasha kodwa edliwa ngabantu asebekhulile ngoba kuthiwa uyakhohlwa uma udle yona. Ubungako baso buhambisana nobukhulu benkomo. Kusokunamathela isitho esimqoka kabi okuyinyongo. Impundu: Lena yingxenye yesibindi. Isikwa isuswa esibindini ngoba ixhumene naso. Impundu idliwa izalnkazi hhayi abantu abasebasha ngoba kunenkolelo yokuthi uma idliwe abasha bayakhohlwa. Inyongo: Lesi yisitho esixhumene nesibindi. Siyababa ha, ngaleyo ndlela asidliwa. Ikhishwa kuqala ukuze ingabhoboki ngephutha bese itheleka enyameni. AbaVangeli oMarku 15:23 noJohane 19:29, baqhakambisa ukuthi kwathi uJesu uma esezofa bamphuzisa uviniga. Bayakufihla ukuthi bamphuzisa nenyongo futhi, kuze kube ngamaHubo 69:21 lapho uDavide ebikezela ngokonakala kwabanru abayokwenza kuJesu lapho eveza kahle ukuthi babengasamphuzisi kepha base bemdlisa yona inyongo uma ethi: Banginika inyongo ukuba ibe ngukudla kwarni' ekoneni kwarni bangiphuzisa uviniga. Umsebenzi wayo ukuchela umakoti ukuze emukelwe ngabaphansi. Iyafakwa emanzini kanye nomswani ukugeza amashwa, Iyaconsiselwa ezinyaweni nasezandleni zalowo 195 ? , ohlatshiswayo. Lowo-ke ohlatshiswayo uchoma inqalathi yenyongo okuyisibonakaliso sokuthi uhlatshisiwe. Ohlatshelwe noma urricimbi obhekene naye kwesinye isikhathi inyongo yenziwa isiphandJa afakwe yona esihlakaleni. UKhumalo, (1997:190) ubeka kanjena ngenyongo: Isitho esinye esimqoka esikhishwa ngokucophelela yinyongo. lnyongo ikhishwa qede inikezwe uyise womntwana ukuba ayigcine. Akufanele nangengozi ukuba iwele kwezinye izandJa ngoba ingaze iwele ezandJeni ezingafanele kanti yisitho esibucayi kakhulu. Nguyise womntwana oyifaka esitsheni qede ayoyikhweza yena endaweni ephephile. Le nyongo okukhulunywa ngayo lapha kusuke kungeyenkomo ehlatshelwe ukuncarnisa umntwana uma esezoya kogcagca. Ubende: Lunamathele oswini, luyisibebana nje esibanzi cishe ngangesandla uma inkomo incane, uma inkulu luba ngaphezulu. Lesi sitho siphathwa ngokukhulu ukucophelela ngoba yisona esisiwa kumabhalane y:asediphini esingubufakazi bokuthi inkomo ifile bese ehlisa inani lezinkomo encwadini yediphu. lzinhlonhlo: Lena inyama ebomvu exhumene nesibindi. Iphahle umgogodla macala puke. lzinhlonhlo zidliwa ngomame. lngwaqo: Uma ususa iphaphu nomminzo ufinyelela kuyo, iyisixwexwe esiyisicubu esisodwa inombala omhlophe. Kongazazi kahle izitho, angehluleka ukuyehlukanisa noqhoqhoqho. Yona-ke ilintshontsho Iominininkomo noma uMnumzane. Uluntu (Untu): Lolu uthwethwesi olumboza amathumbu enkomo esiswini. Uma inkomo isihlinzwa lnkhishwa kahle luhambe nomhlubulo. 196 , Umhlehlo: Lolu nguthwethwesi lwamafutha olunamathela oswini. Luvamise ukudliwa ngamakhosikazi. Uma luqotshiwe luhlanganiswa namakha lufakwe ebubendeni ukuze buthi ukuceba. Phela ububende uma bubodwa nje bungedleke. Upopopo: Ithumbu elikhulu elixhumene nosinyaka nomtshazo. Lidliwa ngomame. fngobo: Lena yingxenye yesisu engamathumbu enamagunjana athi awafane nawamakhekhe ezinyosi. Usinyaka: Lesi sitho sisuswa oswini, siyithumbu elisekugcineni elilandelwa upopopo. Vdliwa ngomame uma kuhlatshiwe. Uma uthanda uyakwazi ukuwenza icobela kumbe amakha obubende. fsisu: Isitho esikhulu senkomo esihlala amathumbu nokunye okwangaphakathi. Siye sibe yingxenye yamakha. Sidliwa ngabesilisa ekhaya. Ifusi: Inyama ethambile etholakala ngasoswini lwenkomo. Usu: Leli yithumbu elikhulu elisasaka elihlala umswani. Uma inkomo iqeda ukwetshisa konke ekwetshisile kuya kulo. Imvali: Lesi yisikhwanyana esixhumene nosu kodwa iyehlukaniswa nalo. Iqukatha umswani othambile futhi ibe nokusamatshe okugwinywe yinkomo. Yona idliwa umfana ohlala esangweni owelusa izinkomo. Elinye igama layo kuthiwa yingobo ngoba isandlu. /lulu: Leli yithumbu elisikwa kwamancane amhlophe ngasekugcineni kwawo. Lidliwa. yindoda endala ekhaya. Uma esekhona uyise woMnumzane ohlabile lidliwa nguye. Itwani: Lesi yisitho esimagumbigumbi, lixhumene namathumbu. Libumbene kuthi uma lisikwa ngaphakathi kutholakale ukuthi la magumbi anomswani oqinile. Lidliwa amakhosikazi. 197 ? , Inanzi: Lesi yisitho esixhumene netwani. Ulithumbu elide eliba nobulongwe obumanzi phakathi. lye idliwe omame kanye netwani. lzinso: Lawa ngamabhodlana amabili aphahle umgogodla ngezansi kontu. Zona zidliwa nguMnurnzane noma yilowo ohlabile owaziwa nguMnurnzane. Iziphapha: Lena inyama esezinhlangothini zombili evimbela ububende. The yingxenye yamakha uma kuhlatshiwe. Esikhathini esiningi ububende budliwa ngabantu besilisa. Amathumbu: Ahlukaniswa izigaba ezimbili, kukhona okuthiwa amancane kubuye kubekhona okuthiwa amakhulu. Lawa amancane amhlophe kukhishwa kuwo ilulu. Umvimba: Lana ngumtshazo ofakwe amaqatha aqotshwe aha mancane phakathi. Kulezi zinsuku zamanje ungawufanisa nevosi. Umvimba ungaphekwa noma wosiwe kahle uthothombale bese udliwa ngabafana. Umtshazo: Uxhumene nopopopo, unonile kangangoba uma uwosa kucisha umlilo noma kugqamuke amalangabi. Ungumgudu oze uphumele ngaphandle. Uxhumene nentuba yokukhipha ubulongwe. Udliwa ngomame. Ngenxa yokuceba kwawo, uba yingxenye yamakha obubende. Isinye: Lesi yisikhwama samanzi aphuma ezinsweni avele achithwe ngaphandle uma kuhlinzwa inkomo ngoba kusuke kungamanzi angasadingeki enkomeni ekugcineni ahangumchamo wenkomo. Ukumisa, yizitho nemibala yezinkomo kuwumthombo okukhiwa kuwo kugcwaliswe izinqolobane ngamagama olimi lwesiZulu. La magama kususelwa kuwo ubuciko bomlomo obenza ulimi lubemtoti, lunonophale futhi lujule. Yiwo la magama aha 198 , yingxenye yezaga nezisho eziyinjularnqondo yolirni IwesiZulu. Yinkorno ethi rno eyenza abe khona bese kuhIoba ulimi. 199 ? , ISAHLUKO SESIHLANU 5.0 UKUTHINTEKA KWEZINKOMO OLIMINI LWESIZULU 5.1 Isingeniso Izinkomo zingumgogodla wempilo yomuntu ongumZulu lapho kusadliwa ngoludala khona. Njenguba iyinsika emise imizi yamadoda, ihlala isolimini lwabakhulumayo emanxulumeni. Amagama amaningi olimini IwesiZulu ayayithinta inkomo ngoba iyizinsika zomnotho ongukuphila nsuku zonke. UKrige, (1977:185) uthi: Of all the activities which are considered the special sphere of men, the important in tribal economy is certainly the rearing and the care of cattle. Cattle provide meat and amasi, the mainstay of the Zulu diet, as well as hides for shields and for clothing, while the wealth of a man is always reckoned in cattle, since it is with cattle that he must acquire wives for himself and his sons and pay doctor's fees when there is illness in the kraal. Ukubeka kuka Krige (1977) ngale ndlela kuveza ngokucacile ukuthi inkomo iyimpilo yomZulu. Ulimi IwesiZulu lumtoti futhi lucebile ngamagama, izisho, izaga nobuciko borulomo. Kulezi ngcezu zenkulumo, okuningi okusetshenziswe kuzo kufaka inkomo. 5.2 Izisho lzisho ziyisimo sokukhuluma esiveza ubugagu nobungcweti bokukhuluma. Lokhu kukhnluma kusebenzisa kakhulu imifanekisomqondo, okuthi uma ungalwazi ulimi, kudume upotiyane. Ungabona umuntu esenza into eshiwo ngamagama noma engaqondi ukuthi uthini ngenxa yokungaqondi. Esikhathini esiningi ziba ukungathekisa. Lokhu kwenziwa ngokusebenzisa ucezu Iwenkulumo ekwakheni noma yisiphi isisho. UGcumisa nozakwabo, (1992:85) bathi: 200 , Izisho, njengezaga, nazo ziyizimo zokukhuluma ~ eziveza ubugagu nobungcweti bokukhuluma. Lezi zimo zokukhuluma zisebenzisa kakhulu imifanekiso-mqondo. Ngale ndlela-ke igama Iigcina selisho okunye okwehIukiIe kulokhu eIijwayele ukukusho uma IiyiIo nje phaqa. Lokhu kukhanyisa bha ukuthi isisho siwuIimi oIujuIiIe olwenza ukuthi incazelo yegama kungabi yilena ejwayelekiIe. Uma usebenzisa izisho, uthola igama Iisho enye into eyehIukile kulokhu okwejwayelekile kanjena: Ondle1azinuk'imiswani bayathanda ukwenza imisebenzi yabo uma sekuhlwile. Ondlelazinuk'imiswani izinyanga ezelaphayo. Leli gama liyisisho futhi alikhombisi nakancane ukuthi Iisho inyanga. Liyisisho esilibizongxube. Lakheke ngale ndlela: Ibizo(indlela)+isenzo(zinuka)+ibizo(imiswani) bese kuvela leli gma "indlelazinukimiswani" -Uma selibhekiswe kumuntu unkamisa wokuqala uba ngu u- ngenxa yokulumbana komkamisa okwenzeka uma sithatha isivumelwano senhloko sebizo elithi umuntu esingu u-sisihlanganisa nonkamisa wokuqaIa okungu i- bese kulumbana onkamisa kuphume unkamisa ongu 0- oyisiqaIo saleli bizongxube. Knthiwa izinyanga ondlelazinukimiswani nje ngoba bahamba belapha ezindaweni eziningi. Abagcini ngokwelapha kuphela kodwa kweminye imizi bahlaba izimbuzi nezinkomo eziyingxenye yomsebenzi abazowenza, bathwale inyama bahambe. Uma uphambana nabo, uzwa kunuka inyama. Yingakho bebizwa ngalesi sisho esithi --.-. bangondlelazinuk'imiswani. 201 ? , 5.2.1 Izisho ezithinta inkomo Ziningi kakhulu izisho ezithinta inkomo futhi kusekhona ezinye ezivelayo njengoba ulimi kuyinto eqhubekayo ngaso sonke isikhathi. Akulula nokho ukusho ukuthi isisho esithile saqalwa ngubani. Kuvele kuzwakale abantu sebekhuluma ngazo, zigcine sezisabalele ezindaweni eziningi. UGcumisa nozakwaho, (1992:88) bathi: Ibizo elisebenze njengesibanjalo: Ukuba yinkomo. : Kusho ukungakwazi ukudlala ibhola. UMzi uyinkomo nje akazi nokuthi ibhola leli likhahlelwa libhekiswe ngakuphi. Kulo musho buvela ngokusobala ubunjalo bukaMzi hokuthi yena akakwazi ukudlala Ibhola, ufana nenkomo ethi mo! UNyembezi noNxumalo, (1966:207) bathi: Ukuba nkomo.: Ukungabi nakuzivikela, ukungalwi. lnkomo ungayithola ibhaxabulwa umfana omncane ngomshiza kodwa ibaleke, okungumfana kuqhubeke kuyibhaxabule kuze kufike lapho okuthanda khona, ingakwazi ukuzivikela. Ngakho isisho esithi "ukuba nkomo" sisuselwa ekungakwazini ukuzivikela: lzinkomo zomlomo: lzinkomo zeNkosi zekhethelo. lzinkomo zamabheka ezisamenyezwe umkhongi zingakabonwa. lnkomo ehamba yodwana.: Umuntu ongahlangani nabanye. .:? Eziqalisa ngokuphika kwesibanjalo u-aku- : 202 , Kukhona ezinye izisho eziqalisa ngolruphika kwesibanjalo u-akn- kanjena:? Akunkomo!: Kusho izinkomo eziningi ngolrumangalisayo _ Vmusho Akunkomo lezi zikaGumede lruyasho ulruthi zaqala ukuzala esemncane esasebenza eGoli, zigcwele esikhulu isibaya. lzisho eziqala ngolruphika kwesibanjalo kwento. Uma uthi "akunkorno" u-akn ukwedlulela usetshenziswa kanjena: zisuke zisho ubuningi noma ukwedlulela osetshenzisiwe usho ubuningi. Uma esho Akuntombi uphuma Zanga sikothe. Lapha lruveza ulruthi ngaphezu koknba yintombi, muhle olrukhombisa ukwedlula ebuhleni bentombi obejwayelekile. lsenzo nomenziwa : Kukhona izisho ezisebenzisa isenzo nomenziwa njengalezi ezilandelayo: Ukungena inkomo. Ukuyisenga, ?Ulrungena lrusho ulrungena emnyango wendlu, ukungena esangweni noma ulrungena umkamufi. Lokhu lrungena olrukhulunywa ngakho kulesi sisho lrusho ukusenga inkomo olrubhekiswe elruthini uma uyosenga inkomo, lrukhona ingxenye yomzimba engena ngaphansi yingakho lruthiwa ulrungena inkomo. Ukufaka kwenkomo. Ulrugcwala kobisi ebeleni. 203 , Lokhu kusho ukugcwala kobisi ebeleni lenkomo. Vma ungalwazi ulimi IwesiZulu ungacabanga ukuthi kukhona lapho inkomo efake khona into ethile kanti lokhu kubhekiswe ekugcwaleni kobisi ebeleni. Elingafelwa nkonyane. Izwe lentokozo elinempilo enhle. Leli izwe lapho okungekho khona kuhlupheka nakufa. Kubukeka sengathi kuleli zwe amankonyane akhona awafi ngokwesisho kanti kushiwo lapho okubuswa khona kukhonjwe ngophakathi. Isisho sikhuluma ngenkonyane kanti uma usubhekisisa alikho izwe elingafelwa nkonyane ngoba noma yikuphi kukhona izifo ezihlasela amankonyane agcine efile. Kodwa lapha ngokujula kolimi kusho izwe okuthokozwayo futhi okunempilo enhle kulo. Ukujula kokukhuluma kuliveza leli zwe njengelingafelwa nkonyane okwangempela. Ukweqela inkomo. Ukuyikhalima. Igama elithi ukweqela liyimpambosi yokwenzela okuthi uma ulibheka indlela elisetshenziswe ngayo lapha kulesi sisho, kube sengathi lisho ukweqa weqela inkomo kanti akunjalo. Lapha lisho ukuyinqanda inkomo ingayi lapho ithanda khona kodwa iye lapho ofuna iye khona. Ukuchitha kwenkabi. Ukumisa kwayo izimpondo zivuleke. Ukuchitha okwejwayelekiJe kusho ukubhekisa isitsha phansinoma eceleni ngenhloso yokuchitha okuphakathi. Ukuchitha kwenkabi njengoba kuvela kulesi sisho kusho ukumisa kwezimpondo zivuleke. Lokhu kususelwa ekutheni uma izimpondo zenkabi zimile, ungazifanisa nokuma kwesitsha ngamehlo engqondo. Vma isitsha simile sabheka phezulu, kuJula ukubona ukuthi uma singase sichithe amanzi, kungadingeka ukuthi sime kanjani. Kanjalo nezimpondo zenkabi uma uzithatha uzenze isimo sesitsha, ungakuchaza ukumisa kwayo. 204 , Ukuveza kwenkomazi. Ukusondela kwesikhathi sokuzala kwayo. Abelusi banendlela abakhnIuma ngayo eyenza izinto ezithile zihlonipheke ngoba besaba nkuthi uma baIimisa ngesihIoko, kungonakala izinto ezithile. Uma inkomo imithi, into embi engase ivele ukuba iphunze. Ukuphunza kwenkomo kumbuyisela emuva umnikazi wesibaya ngoba Iokho kusho ukungandi kwezinkomo. Lesi sisho singasuselwa ekutheni uma inkomazi isizozaIa, kuba noguquko oIuthile esithweni sayo solruzala. Sibasikhulu kuvele into engaveli-nje kwenye inkomo okukude ukuzala kuyo, okungenzeka ukuthi yikho Iokhu ekuvezayo okubikezela ukuvela kwenkonyane. Lezi zisho nakuba zikhuluma ngenkomo incazelo yazo ikhombisa ukujula nokulwazi nIimi IwesiZnIu okunzulu. Angeke-nje uvele usho ukuthi sichaza ukuthini uma ungenalwazi oIunzulu. Kukhona okuningi ukusetshenziswa kwemifanekisomqondo okuyikhona okugcina sekwenza igama selisho enye into eyehlukile kulena eyejwayelekile. Isenzo nesibanjaIo: Ukusenga nezimithi. : Ukukhuluma amanga. Ukusenga (isenzo)+ezimithi (isibanjaIo) Ezingamabizongxube: Ukusenga inkomo nenkonyane. : Ukweswela isimilo. Ukusenga (isenzo)+inkomo(ibizo)+inkonyane (ibizo) Isisho esithi "Ukusenga inkomo nenkonyane singaletha ukudideka okukhulu uma usithatha ngendlela osibuka, ngayo. OkokuqaIa inkonyane ayisengwa ngoba isuke 205 , ingakabi sezingeni lokuzala futhi. Inkomo yona ingasengwa ngoba indala futhi nenkonyane knsuke knngelayo. Uknsenga zombili knyinkinga engaphezu kokwenza. Lokhu knkhuluma knngaphezu kokwenza kanti futhi knngenziwa umuntu onomqondo omfushane. Yingakho-nje knshiwo knmuntu ongenaso isimilo. Umuntu ongenaso isimilo angeke enqena uknthi athandwe owesimame kanye nendodakazi yakhe ngesikhathi esisodwa. Ukweswela isimilo-ke ukwenza into enjalo kanti futhi angeke uze usihlanganise noknsenga isimilo. Lokhu kusikhombisa uknjula komqondo eknsebenziseni amagama. 5.3 Izaga ezithinta inkomo Ngenxa yoknbaluleka kwezinkomo esizweni samaZulu, sithola izaga eziningi eziphathelene nayo. Ziwubuciko bomlomo obungaziwa uknthi baqanjwa ngubani. Ubukhona bazo abufani nezinkondlo nezibongo zona ezinabaqambi bazo. Yingakho-nje noma ubani ophilayo enelungelo lokusebenzisa noma yisiphi isaga noma ngasiphi isikhathi uma kufanele. UGcumisa nozakwabo, (1992:77) bathi: Ubuningi bazo bukhomba ngoknsobala ukuthi inkomo Ie, kwakuyisilwane esibaluleke ukwedlula zonke ezinye empilweni yabantu. Amasiko ayegcinwa ngenkomo. Indlala iphungwa ngenkomo. Ngisho nemvunulo yabesilisa nabesifazane yayiphuma knyo inkomo. Lokhu kusikhombisa kabanzi futhi kungukngcizelela ekutheni_ kuZulu inkomo kwaknyisilwane esikhonzwe kakhulu kangakanani. Uknsetshenziswa kwayo kukhombisa uknthi kwaknyinto esemilonyeni yabantu futhi abayibona nsuku zonke, ebasiza ngaso sonke isikhathi ngokukhiqiza nbisi, inyama kanye nemvunulo eyakhiwa ngezikhumba zayo kanye nokugcina amasiko asekhaya. Ezinye zezaga ezithinta inkomo yilezi: 206 , Inkonyane ifuza unina. : Umntwana ufuza abazali ngobuhle noma ngobubi. Lesi saga sisuselwe ekuthini inkonyane inkomo esencane kanti umntwana umuntu osemncane futhi. Uma kuthiwa inkonyane ifuza unina, kushiwo ngoba unina: usuke emdala futbi eyizala inkonyane nanokutbi lesi saga sifana nesitbi "ukhamba lufuza imbiza". Umntwana njengenkonyane naye uzalwa abazali okuthi uma ekhula, abukele kubo izinto abazenzayo bese naye enza njengabo. Lapha kufaniswe umntwana nenkonyane, kwase kuthiwa kokubili lokhu kufanele kufuze abakuzalayo. Inkunzi isematholeni.: Abantwana bafanele bakhuliswe kahle ngoba kuzoqhamuka kubo ababoli bakusasa Uma amathole ekhula, akulula ukubona ukuthi yiliphi kulawa angamaduna elizoba yinkunzi enhle. Kungenzeka kubekhona elihle ngombala kodwa kungaqondakali ukuthi liyoba inkunzi enjani. Okudingekayo lapha ukuthi kufanele wonke akhuliswe kahle ngoba kusuke kungakaziwa ukuthi yiliphi elizoba yinkunzi ekhonya esibayeni. Kanjalo nabantwana uma besebancane, akululula ukugagula ukuthi ubani uzoba yini bese kuthi ubani abe yini. Okumqoka ukuthi bakhuliswe ngendlela efanele ezobenza babe ngabemukelekayo emphakathini uma sebeqhuba ngokwemikhakha yabo yokuphila. Kungenzeka ukuthi ebantwaneni abakhulayo kusuke kukhona uMengameli wezwe kodwa akulula ukuphawula lokho uma esesesigabeni sobuntwana. Umbala ucaca enkonyaneni. Abaholi bakusasa bavela ebantwaneni ngakho kufanele baphathwe kahle. Lesi sitbi asifane nesitbi "inkunzi isernatholeni" ngoba sisebenzise inkonyane nengane kanti futhi sikhuluma ngempatho enhle okufanele abazali baphathe ngayo abantwana babo ngoba bengazi ukutbi uma sebekhulile bazoba yini. Abanye abantwana basheshe bagagulwe yilabo abaphathelene nezengqondo nasekuchushisaneni ngekusasa labantwana ezikoleni. Ukucaca kombala enkonyaneni kungasho lokho bese kuhlanganiswa nokuthi kufanele leli kusasa labo lihlakulelwe ukuze lichume ngomuso. 207 , Nginjenjenje mntanethu ngoniwa inkunzi: Ungalitheli kimi icala angizidalanga. Umuntu akaveli aqlubuke esidulini njengekhowe kodwa kubakhona abazali abahlanganayo bese kuqhamuka yena. Uma iukunzi emhlophe ikhwela esibayeni, amaukonyane akulowo mnzi avamise ukuthi athathe umbala wayo. Noma ngabe umninisibaya ufisa ukuthi abenjani kodwa 10 mbala weukunzi uzobakhona. Alizikhetheli iukonyane ukuba nalo mbala kodwa lenziwa ukuthi ezisekelweni zokudalwa kwalo ubekhona. Lokhu kufana nokuthi umuntu uma esedaliwe ukuthi unjani, akufanele kube yicala Iakhe kepha umuntu onomthelela ebunjalweni bakhe yilowo owamdala. Noma omunye angathanda kanjani ukumguqula abe yilokhu akuthandayo, akusoze kwenzeka. Inzimakazi izala ilungakazi Kuyenzeka ukuba abantwana bangafuzi abazali babo ngezimiio. Lesi saga sisho ukuthi ufuzo luyeqa, sihambisana nalesi sesimanje esithi "uMfundisi akarnzali uMfundisi". Sisikhanyisela ukuthi akukhona lapho kuthi ngaso sonke isikhathi abantwana bafane nabazali babo khona. Sisuseia ekutheni inkomo enzima kusuke kuyinkomo emnyama kanti eIilungakazi isuka ixube umbala omnyama nomhlophe. Kuye kumangalise ukuthoia ukuthi Ie nkomo emnyama isizale umvemve oIiIungakazi. Lokho kusho ukuthi umuntu akakwazi ukufana nabazali bakhe ngaso sonke isikhathi. Izinkonyane zilandela onina. Kungcono umntwana oyintandane asale nonina kunokuba asale noyise. Umntwana uma esemncane umuntu amkhonza kakhulu unina ngoba uhlala naye ngaso sonke isikhathi. Unina oncelisa umntwana bese Iokho kwenze abe nokuxhumana okukhulu naye. Yilokho kuxhumana kukanina nengane ngebeIe okwenza ukuthi. umntwana adle insila yebeIe, lokho kuqinisa izikhonkwane zokuthandana. Unina ngisho ejulukile esebenza uma umntwana esekhala, ukunceia kwakhe kuhIangana nezithukuthuku zebele bese kudaleka ukukhonzana okuyisimanga. Umuntu ofundisa ingane ukuhleka, edamane eyithintathinta izihlathi ize inyewuke ngunina. Yilowo mhlane onamathelisa ingane nonina uma eyibelethe kuwo owenza ingane ibe 208 # nemfudumaIo embelekweni. luingi lamadoda aIinazo izinqe ezinkulu ezenza ukuba ingane ihlaIe ikhululeke uma itetwe emhlarie wawo, unina akabinankinga yokusikwa yimbeleko entanyeni ngoba isuke ihlezi inethezekile ngoba unina enezinqe ezenza iqhwakele kuzo kamnandi. Ingane yazi futhi ibona unina kunguyena oyiphakela-nsuku zonke. Yilesi sizathu esenza ukuba incazelo yalesi saga ithi kungcono umntwana asaIe nonina ngoba nguyena okwazi ukunakekela, akhulise ingane kangcono kunoyise. Uma isaga sithi izinkonyane zilandela ouina, sisuke siqhakambisa khona ukuthi emqondweni wengane uuina odla ubhedu bese belandela nabanye. Ingane kulesi saga ifaniswe nenkonyane. Inkonyane yenye iyayiqhubulusha. Umuntu uye athande abakhe abantwana angabathandisisi abantwana babanye abantu Umuntu ozazi kahle izinkomo angakutshela ukuthi inkomazi yenkomo ayiyithandi inkonyane engazalwa yiyo. Uma isondela kuyo iyayigwaza, ingafuni isondele kuyo kodwa uma kusondela eyayo, iyikhotha, iyinwaye kamnandi ize iphakamise ishobana izwa ubumnandi bokukhothwa unina. Ukukhothwa ezalwa yiyo kwenziwa ukuxhumana okukhona phakathi kwayo nenkonyane. Uma ubuka urnuntu, uthola ukuthi nakuye kwenzeka into enjaIo. BambaIwa kakhulu abantu uma bekhona abakwazi ukuthanda abanye abantwana njengababo kodwa kukhona abazenzisayo kuthi ekugcineni kucace ukuthi akazange azizwe izinseka nemihelo ngale ngane. Uma kuza kowakhe uthola emvikela, emkhusela futhi emnamathelisa kuye ngaso sonke isikhathi. Lokhu kwenziwa ukuthi kusukela esibelethweni babexhumene futhi umntwana edla kuye unina bexhumene ngenkaba. Lokhu kuxhumana kuqhubeka njalo ngisho umntwana esekhulile. Ikhotha eyikhothayo.: Umuntu usiza lowo omsizayo. engayikkhothi iyayihlaba. 209 , Inkomo ayiyithandi leyo engayithandi yingakho-nje kuthi izinkunzi uma zihlangana, kushunqe uthuli sezilwa. Lokhu kwenziwa ukuthi ziyazi ukuthi okwazo ukulwa zigcine sezizondana kusukela ngosuku lokuqala ziqhathwa ngabafana. Uma kuqhamuka ezinye izinkomo ayinandaba kodwa iyasazi isitha sayo. Lokhu kuze kutholakale llgisho ebantwini ngoba uthola ukuthi umuntu usiza lawn muntu omsizayo ngaso sonke isikhathi njengoba incazelo yesaga izichaza ngokwayo. Inkomo ayimithi ingaphindwangwa. Ake ungiphinde futhi. Lesi yisimo sokucela komuntu uma efuna ukuphindwa ngalokhu aphiwe khona ekuqaleni. Ulimi olujulile lwalesi saga olukhuluma ngenkomo olungenza umuntu ukuba acabange ngenkomo emithi uma engalwazi ulimi kanti akunjalo. Ngamazwi aqondile kusho ukuthi ngiphe futhi. Ukubuka ngamehlo enyama okwakha isithombe emqondweni sokuthi njengoba inkomo inkulu kanje, kufanele ukuthi ikhwelwe kaningi ngaphambi kokuba imithe ngoba inesisu esikhulu. Kuthathwa leso simo bese sisetshenziselwa ukucela ukuphindwa. [nicomaehambayo kayiqedi tshani Yipha isihambi ukudla ngeke ube mpofu ngokwenze njalo. Kusukela kudala emandulo izihambi beziphathwa kahle, zinikezwe indawo yokulala, . ziphiwe nokudla. Kuncane kabi ukudla okudliwa yisihambi esifaniswa nenkomo ehambayo engaqedi tshani kulesi saga. Uma inkomo idla ihamba, ayibudlisisi utshani ngoba iyanqampuna nje futhi kungabonakali nokuthi idlile lapho yedlule khona. Lesi simo sifana nokupha isihambi ukudla ngoba naso sisuke sizidlulela, singeke sakuqeda. Uma sesiphiwe ukudla, kuye kungabonakali ukuthi kukhona okungasekho. Usenga inkomo nenkonyane Vnesimilo esibi ngakubantu besifazane. Lesi saga sisuselwa enkomeni esengwayo okungenzeki nangephutha ukuthi uthi uyisenga ubuye usenge nenkonyane yayo ngaso leso sikhathi. Lesi simo sokukhuluma ngamanye 210 , amazwi singasho ukuthi 10 muntu osengayo kungenzeka ukuba athandane nonina wengane, abuye athandane nayo futhi ngesikhathi esisodwa. Yingakho incazele yaso siveza ukuthi 10 muntu unesimo esibi kubantu besifazane. Isimilo esibi kubantu besifazane singasho ukubathanda ngokweqile uze ungabe usabubona bokuthi uthandane nonina kanye nendodakazi. Inkunzi inqunywe amanqindi. Kuchaza ukukhubazeka ukuphelelwa amandla. Amanqindi enkunzi izimpondo zayo okuthi uma inqunywe zona, ibe sesimweni esinzima ngoba isuke ingakwazi ukulwa. Noma ingashiphiliza kanjani izama ukulwa kodwa ayikwazi ukuyigweba enye. Ukuze ilwe kahle kufanele ibe nenungu yezimpndo. Lesi saga sisho ukukhubazeka uphelelwa amandla okufana nakho okuyisimo senkunzi esuke ikhubazekile ngalesi simo. Uma umuntu ephelelwa amandla, akazi ngisho nokwenzani anduba abuye amandla. Inkomo iwe ngophondo. : Kuchaza isimo sokungabi namandla okuzisiza. Ulimele yena kodwa akafile Uma inkomo iwe ngophondo, akufani nokuthi ilele ngophondo. Uma isilele ngophondo, isuke isifile. Ukuwa ngophondo kusho into yesikhashana enokuguquka ibuye ibe kwesinye isimo. Uma inkomo iwe ngophondo, kunzima kabi ukuzisiza, kusuke kufuneka ukuthi ize ivuke bese ikwazi ukuzisiza. Ukuwa ngophondo uma kubhekiswe kumuntu . kusho isimo esibucayi lapho umuntu engakwazi ukuba namandla okuzisiza khona. Lesi simo singafaniswa nomuntu olimele, wephuka ingalo, engakwazi ukuzisiza ngaleso sikhathi okungadingeka ukuthi kuze kwedlule isikhathi esithile ngaphambi kokuba akwazi ukuzisiza futhi. Lezi yizinkinga zesikhashana okungafanele ukuba urnuntu athi uhIuphekile kodwa azwakalise ukuthi uxakekile. flele ngophondo Akakwazi ukuzisiza. 211 , Vma inkomo ilele ngophondo kusuke sekunzima kakhuIu ngoba isuke ingesenawo ngisho amandla okuphakamisa inhloko. Isuke isesimweni lapho engakwazi ukuzisiza khona, Lesi yisimo sokufa. Uma kubhekiswe kumuntu kuthiwa "ilele ngophondo" kuye. Kusuke kuvezwa isimo lapho engeke esakwazi ukuzisiza khona okwangernpela. Sekusele ukuba ishoba liqonde, abafike muva balifice selilele amazolo. Inkomo ixakelwe inkonyane. Kuvele ubulukhuni obungavamile kakwaziwa ukuthi kuyogcina kanjani. Vma kwenzekile ngeshwa elithile inkomazi ife ishiye inkonyane, kusuke sekusuke umsebenzi omkhulu kabi ngoba Ie nkonyane esele kusuke kufanele ihIengwe ukuze iqhubeke nokuphila. Into eyenziwayo ukuthi inkorno ixakelwe inkonyane, lokhu okusho ukuthi kufanele kuboshwe enye inkomazi encelisayo bese kunceliswa Ie nkonyane engundingasithebeni kuyo ngenkani. Isuke yenziswa into engayifuni Ie nkomazi ngoba isuke yenziswa into engeke iyenze uma ingaboshiwe ngoba engayizali iyayigwaza. lsimo esinjengaIesi sinzima ngoba Ie nkomazi eboshiwe kungenzeka ilugodle ubisi bese kuthi lena esizwayo ingatholi lutho. Ayichachambi kahIe inkonyane ekhuliswa ngale ndlela, impilo yayo ibabuthakathaka. Kubongwa uma ize yafika ezingeni lapho ikwazi uknzinqampunela utshani khona, kuthiwe thokola themba ngoba isuke isizoziphilisa ngoknzidlela. Ngaphambi kwalokho kusuke kungaziwa ukuthi isiphetho sempilo yayo siyobanjani. Inkomo ingazala umuntu. Ngeke yenzeke leyo nto. Kungaba yilumbo, kukhuzwe umhIola uma inkorno ingake izale umuntu. Okusernthethweni ukuthi inkomo izala enye inkomo. Uma kuthiwa inkomo ingazala umuntu, kushiwo into engeke ize yenzeke noma ngabe sekuthiwani njengoba nomuntu engeke wayizala inkorno. Kazi iyOZIJ/a nkomoni. .-,. Asazi ukuthi umphumela walolu daba kuyoba yini. 212 , Uma inkomo imithi, umnikazi wayo usuke erigazi ukuthi nkomoni lena ezoyizala. Isifiso sanoma yimuphi umuntu ukuthi inkomo yakhe izale eyinsikazi ngoba lokho kusuke kusho ukuthi izinkomo zizokwanda ekhaya. Impendulo yalesi saga kube yizifiso nje nazo ezishabalalayo uma isizele, iqiniso lokuthi iyini inkomo ezelwe selaziwa. Incazelo yesaga ukuthi umphumela walolu daba akwaziwa ukuthi uyoba yini, uyahambisana nokudukuza emnyameni kukamnini nkomo, engazi ukuthi inkomo yakhe izozala nkomoni. Inkunzi iyazibeka. Umuntu uyaziphakamisa yena ngokwakhe. Kukhona ukukhuluma okuthi izinkunzi ezimbili azihlali esibayeni esisodwa. Lokhu kuvela ekutheni uma izinkunzi zimbili zisesibayeni sinye, leso sibaya siyawa ngoba zihlala ngokulwa ngaso sonke isikhathi. Okunye okuye kubekubi ukuthi leso sibaya asibi nambala ngoba izinkomazi zikhwelwa izinkunzi ezinemibala eyehlukene. Okwenzekayo kulesi sibaya ukuthi enye inkunzi iIwe nenye ize iyehlule bese kusala yona yodwa ingumakhonya kulesi sibaya. Ngalokhu Ie nkunzi isuke isizibekile ukuthi kukhonye yona yodwa lapha esibayeni. Kanjalo nomuntu uyazikhethela ukuthi ufuna ukuphila impilo enjani. Lokho ukwenza ngemishikashika yansuku zonke aba matasatasa ngayo ephokophelela lapho afuna ukubakhona. Umuntu njengoba ekhululekile ukuziqokela lapha efuna ukuthi cababa khona, omunye uziqomela ukuthi abephansi ngokuthi enze izinto ezizomehlisa, agcina esegaqa ngamadolo noma ahuquzele okwenyoka adle uthuli. Konke lokhu kusezandleni zakhe ukukhetha ukuziphakamisa. Umuntu ocabanga ukubamkhulu ubamkhulu nocabanga ukuba mncane ubamncane. Inkomo enomlomo kayinamasi. Akuyi ngomlomo./Ayingangamlomo. Lesi saga sifana nesithi "ayihlabi ngakurnisa" esisho ukuthi akuyi njengoba into uyibheka ngamehlo. Kukhona inkomo okuthi nxa uyibheka, ubona ibele layo nemibele igwansile uze wethembe, ucabange ukuthi unondlini kanti akunjalo. Uma uthi uyayisenga, uthole ukuthi yisigqala sokugcina.: Uma lokhu kukhuluma ukubhekise kumuntu uthi "akuyi 213 ngomlomo" usuke usubona ukuthi akuyi njengoba ekhuluma aze akhihlize amagwebu, uthola ukuthi uma sekufanele enze lokhu akukhulumile kuyamehlula. Vmlomo ungakhuluma noma yini kodwa uma sekufuneka ukuthi leyo nto yenziwe kudingeka amandla. Inkomo isengwa ngoyaziyo. Dedela umuntu oyaziyo into kube nguyena oyenzayo. Uma inkomo isengwa iba nemikhutshana yayo egcina yaziwe umsengi. Enye inkomo ilizwa kanye uma selidumela emansumpeni bese ilikhahlela, luchitheke lonke ubisi. Kulesi simo oyaziyo inkomo kuthi uma seluya ngasemansumpeni, ayoluthulula ukuze Iungagcini luchithekile. Kuyenzeka futhi ukuthi kubekhona inkomazi enezimbobo ezingaphezu kweyodwa embeleni munye uma uyisenga, ubisi luvele Iutsaze lungabheki ethungeni kodwa luthele wena msengi. Vmsengi okwejwayele lokhu ugcina enendlela yakhe yokubhekisa zonke izimbobo ethungeni. Uma ungakwazi lokhu, kwenzeka ichilo uma uzama ukuyisenga leyo nkomo, ungabuya umanzi Ole ubisi esibayeni, ulandelwa yizimpukane. Incazelo ethi dedela umuntu oyaziyo into kube nguyena oyenzayo, sisuke siqinisile ngoba uma ungayazi into, uqala ukuyenza, kwenzeka amaphutha amaningi. Akukho zinkunzi zahlala ndawonye. Uma abantu bazibona ukuthi bayalingana, bangahloniphani bangeze bahlalelana. . Kunzima kakhulu ukuthi izinkunzi ezimbili zihlale esibayeni esisodwa ngoba umsebensi ezisuke zizowenza lapha esibayeni usuke umunye. Zihlala ngokulwa kuwe isibaya soMnumzane, kuchitheke gula linamasi. Ukulwa kwezinkunzi kusuke kwenziwa ukuthi zizibona zilingana ngoba zenza umsebenzi owodwa. Abantu nabo uma bebona ukuthi bayalingana bafaniswa naIezi zinkunzi ngoba bavele bangahloniphani futhi behluleke ukuhlaIelana. Indlela engcono ukuthi behlukaniswe ukuze bangahlali ndawonye ngoba ukubehlukanisa kwenza ukuthi bahloniphane ngoba kusuke kungasekho ozibona engungqoshishilizi. Inkonyane ikhethwa kusakhanya. Yenza izinto ngesikhathi esifanele. 214 , Lesi saga sisuselwa ekutheni ayikho into ebuhlungu njengokukhetha amankonyane ngoba uma ethanda avele abukise ngawe. Uma ethanda, avele abhekise amashobana phezulu atshakaduIe akhale emuke, usale ukhexile ngenxa yesivinini asithela ngaso. Kubakuhle uma 10 mhlola wenzeke kusakhanya ngoba ayeqelwa, agcine amabombo ewabhekise esibayeni. Kusuke kulishwa-ke uma 10 msebenzi wokuwakhetha wenziwa ilanga selishonile sekumnyama ngoba awabonwa ngalukhalo aphelela emehlweni bese umkhethi esala ebambe ongezansi. Ukwenza lokhu kufanele ngoba phela ngeke aze abhula ukuthi njengoba kumnyama-nje, aphume abheka ngaphi. Lesi saga uma sibhekiswe kumuntu, sisuke siyisexwayiso sokuthi kuhle enze izinto ngesikhathi esifanele. Sifana nesithi lubunjwa liseva esinencazelo efanayo, sisuselwa ekuthini umbumbi kuhle abumbe lokho akwenzayo lusemanzi ubumba ngoba uma selomile, alukwenzi lokho okufisayo. Kukwankomo isengwa ilele. Abantu abayiziwula. Kungakhuzwa umhlola uma kungabonwa umsengi ekhokhobela inkomo elele efuna ukuyoyisenga. Okokuqala imibele yenkomo ibheke phansi bese kuthi okwesibili uma uyisenga ilele, kudingeka ukuthi.ithunga libheke phansi, lokhu okungenza ukuthi ubisi lungahlali ethungeni kodwa luthi lungena-nje lubuyela emuva luchitheka. Lokhu - - kungenziwa umuntu oyisiwula kuphela. Uma uthi kukwankomo esengwa ilele, usuke ubhekise kubantu abayiziwula, abangayazi into abayenzayo. Inkonyane iyashiyelwa. Uma umuntu esebunzimeni ubombonelela. Abasengi abahlakaniphile bayazi ukuthi inkonyane ukuze iphile, kufanele incele ubisi. Uma besenga baba nonembeza wokuthi nakuba beludinga ubisi kodwa kufanele bashiyele inkonyane. Uma inkonyane ingashiyelwa, iba lugojwana-nje, ingakhombisi ukuba nempilo. Inkonyane ayinamandla okutshela umsengi ukuba ayeke ukusenga ukuze kusale olwayo ubisi, lokho kuyibeka esimweni esibucayi ngoba ukwesutha kwayo kusentandweni yomsengi. Uma kubhekiswa kumuntu lokhu kusuke kusho ukuthi kuhle ukubonelela umuntu osebu~eni ngoba usuke engakwazi uknzisiza njengenkonyane. 215 ? , Isigqala siyala insengwakazi Njengalapho isaliwakazi siyala intando~ ukuthi ifanele yenze njani. Isigqala sidaleke kabi ngoba asinalo ubisi oluningi ngakho-ke asithandwa abasengi ngoba ukubakhona kwaso, kunciphisa amagula okufanele aqhilike yizaqheqhe. lnsengwakazi ayifani nesigqala ngoba yona inobisi oluningi olungatholakali esigqaleni. Kungenzeka ukuthi isigqala asinalo ubisi-nje yingoba singazi ukuthi kufanele senzenjani ukuze sibe nobisi oluningi. lmpendulo singayithola kunsengwakazi ngoba yiyona ekhiqiza ubisi oluningi. Lokhu knsho ukuthi iziyalo isigqala singazithola kunsengwakazi. Vsizo ungaluthola kumuntu ophumelelayo uma ungaphumeleli wena. Kanjalo isaliwakazi somfazi singakwazi ukuthi siyale intandokazi ngezinto ezithile esiphumelela kuzo ngoba akusho ukuthi umuntu noma enamaphutha, akukho lapho engayala abanye abantu khona. Kuyangabazisa ukuthi umuntu owabuya emendweni angeluleka intombi esayogana. Aknzwakali kahle ukuthi umuntu ongakaze afelwe yindoda eluleke umfelokazi. Kudela owaziyo ukuthi angathini nje. Inkomo yokuthutha kayinamquba. Vmuntu ohlala ngokuthulha njalo akavamile ukuphumelela. Vmquba kawenzeki esibayeni ngesikhathi esifushane kepha kufanele ukuthi kube nesikhatshana izinkomo zihlala kuleso sibaya. Ukuze umquba wenzeke kufanele ubulongwe borne, buphinde buhlakazeke bese kuba nomquba. Urna kungase kube nezibaya eziningi ernzini, izinkomo zizishintshanise lezi zibaya, kungagcina kungazange kube namquba ngoba kungathi uma ziphuma kulesi sibaya, kufike izinkubabulongwe zithalhe ubulongwe zemuke nabo umquba ungenzeki. Vma lokhu kukhuluma kubhekiswe kumuntu, usuke eyalwa ngokuba ngumanxiwa kamili mbuya njengokuthi, uma nmuntu eshiya umsebenzi njalo uma ewuthola, ahlale isikhashana adlulele komunye, ugcina engenamsebenzi awazi kahle, Ube esekhuzwa-ke ngalesi saga kwenzelwa ukuba azinze entweni ayenzayo. AmaNgisi aze athi: One hasmany irons on the fire. 216 , Kanye nokuthi: One is a jack ofall trades and the master ofnone. Kukhona isaga esithi: Inkomo idla emnceleni. Uzidlisa satshanyana Uma inkomo idla emngceleni, isuke iwubona umbila noma amabele angale komngcele kodwa ishaye sengathi ayikuboni lokho. Le nsimu engale komngcele mblawumbe isuke inokuthandwa yile nkomo kodwa kutholakale ukuthi yona izidlela lapha. Kwesinye isikhathi isuke yenzela ukuthi ibonwe ukuthi nayo iyakuthanda lokhu okungale komngcele kodwa ngenxa yokuthi ayikwazi ukukhuluma kunganakwa. Uma inkomo idla emngceleni, isuke iseduze kakhulu nengapheshaya komngcele, ingavele mhlawumbe yelule intamo ibe isingaphesheya. Mblawumbe idla emngceleni ngoba isuke ifuna ukweqiswa wona ukuze ibe ngaphesheya. Uma kubhekiswe kumuntu lokhu, kusuke kuvezwa ukuthi unesifiso sokufinyelela noma sokusho okurhile kodwa akasho, udamane ekhuluma egigiyela ekhombisa nangezenzo kodwa engaphumeli obala kuhle kwensizwa yesaba ukweshela intombi. Inkonyane isethuka isisinga. Uzobuye wejwayele. Lesi saga sisuselwa ekutheni inkonyane ayithi izalwa nje, ibe iboshwe inqina ngesisinga futhi ayisazi, isiqabuka mhla izoboshwa ngaso. Inkonyane iboshwa ngesisinga ukuze ingahambi ngoba umkhondo osuke ubheke ekhaya isuke ingawazi kahle. Ukuze iphephiswe ekulahlekeni, kusuke kufanele iboshwe ngesisinga. Uma kuqhubeka isikhathi inkonyane iya ngokusejwayela isisinga, kugcine kungasengxaki ukuyibopha mhlawumbe igcine isizizela yona. Konke kuhambisana nokwejwayela leyo nto. 217 # Nakumuntu kunjalo uma eseqala ukwenza into, uba namaphutha bese kuthi ngemva kwesikhathi ayenze engasanakile ngoba esejwayele. Lesi saga sisuke sitshela umuntu uknthi uzobuye ajwayele kuhle kwenkonyane afaniswa nayo lapha ethuka isisinga kodwa sigcine sesilubala kuyo. Inkomo ikhula namafutha : Lokho umuntu ayikho ebunganeni uvama ukuba yikho nalapho esekhulile. Lesi saga sithi asifane nalesi esithi umthente uhlaba usamila ngoba lokhu okungameva awo kuhlaba ngisho usemncane. Uma inkomo ikhula, ezobankulu ibonakala iselithole ukuthi iluhlobo olukhulu kanti engezukuya ndawo ngokukhula nayo ivele icace nje ebuncaneni bayo. Lesi saga uma sibhekiswe kumuntu mhlawumbe usuke esemncane kodwa uma ephethe into avele ayinikezwa Iowa embona phambi kwakhe bese knbakhona ukuphawula okuthi Ie ngane ave iphana, ngisho isikhulile izobe iphana noma kuthiwe inkomo ikhula namafutha. lmvamisa ingane yenza lokhu esuke izokwenza uma isikhulile. Ekwenza iseyingane kuyagxila kuyo iqhubeke nakho ngisho isikhulile. Ikhaba abayisengayo. Kubatshazwa ulaka Iwabantwana abakhuliswa budedengu. Inkomo ngeke utbi uyayazi futhi ingumngane wakho ngoba ihlala iyisilwane njalo. Ukusengwa akuyona into emnandi enkomeni kodwa iyabekezela. Lokhu kufakazelwa ukuthi iningi lezinkomo liyaboshwa uma lisengwa, lokhu okukhombisa ukuthi isengwa ngenkani ingathandi. Kumqoka kabi ukuthi inkomo oyisengayo wakhe ubungane nayo yingakho nje umsengi ophambili uthi uknyinwayanwaya inkomo ebeleni ngaphambi kokuthi ayisenge. Usuke enzela ukuba imphathe kahle nayo ngoba uma ingabhilita, knngashunqa uthuli, akhale ubumayemaye isimkbabile, isboshela kuye ngezimpondo. Inkomo ebbaxatshulwa njalo nayo igcina ingenamngane ngoba yazi uknthi isibhaxu yiyona ndlela yokuphila. Kanjalo nezingane ezikhuliswe kabi, zigcina zinolaka njengempatho okusuke kupbathwe ngayo Ie nkomo engadli nkobe zamuntu. 218 ? # UNyembezi, (1958:27) ucacisa isaga esiqondile, sona lesi ekade sisikutakuta, Vveza ukuthi bekufanele inkomo ikhabe umuntu ophethe intambo lena ebopha amanqina kodwa Ie nkomo ewuShaka yakhaba oyisengayo, yangaba nandaba nombambi uma ethi: Vmasongomahle, inkonyana yenkomo, Kwangixak'ukukhaba kwale nkomo, Yakhab'osengayo, yadel'umbarnbi. Ohlaba eyakhe akaphikiswa : Vmuntu uqhubeka ukwenza into eyombangela usizi. Vma umuntu usumvusile eqhubeka okwakhe lokho. Akekho umuntu okhathaza omunye uma ehIaba inkomo yakhe. Vzikhethela yena ukuthi yiyona yiphi azoyihlaba nini. Lesi saga sifana nalesi esithi "isala kutshelwa sibona ngomopho" esisho ukuthi uma umuntu uthi usumtshelile ngobungozi bento ayenzayo kodwa aqhubeke ngenkani, ubona ngomonakalo sewenzekile. Vmuntu kulilungelo lakhe ukuhlaba eyakhe. Vma sekwenzekile kuthi lena ayihIabile kutholakale ukuthi besekusele isikhathi esifushane izale, kusuke kungasekho into engenziwa ngoba nombungu ufa nayo ngesikhathi ihIatshwa. Vmuntu usuke exwayiswa ngengozi uma eqhubeka nesenzo esithile lokhu okufana noknzihlabela eyakhe. Yawuchitha umuthi inkonyane : Vmuntu esekhulume ebeningafuni akwazi omunye. Lonakala isu lethu Vmuthi okukhulunywa ngawo lapha ubisi. Vma kusengwa kwenzeka kuchitheka ubisi, kusuke kungasekho okungenziwa ngoba lona alubuthwa uma seluchithekile sekuphelile. Vma kunalokhu kukhuluma, kusuke sekuhIanzwa ngedela, ingasekho into engenziwa. Vma bekukade kunento noma ituIo elakhiwayo, lisuke selidalulekile, yonke into isisobala okwezinqe zesele. Ukukhuluma kwalolu hIobo okusuke sekungukuchaya izandla ngoba ingasekho into efihIakele ngoba isidalulekile. 219 Inzimakazi izala ilungakazi Kubatshazwa izenzo zomuntu ezinhle. Vmuntukazana uzala isilomo usaziwayo. Ufuzo luyeqa. Inzimakazi yinkomazi emnyama kanti iIungakazi exube umbala omnyama nornhlophe. Ingxaki-ke lena ngoba kusuke kungaziwa ukuthi 10 mbala omhIophe uvelaphi. Uma kubhekiswe kumuntu lokhu, usuke ezele ingane engafani naye neze ngokwezenzo, izinga kanye nokucabanga. Ubunjalo bomzali buvele bube yiMpumaIanga neNtshonalanga kobengane. Kuyabatshazwa-ke lokhu abashaya ihlombe balishaye bethi' "inzimakazi izala ilungakazi", bebabaza ukwehluka kwengane kubazali. Yeka ubambo lwenkabi ukudliwa kwandlwana : Kukhuzwa umhlolo. Kazi waze wayithola kanjani into enhle engamfanele. Kwandlwana kudliwa imbuya ngothi, abantu bakhona bahIwempu, abanankomo, abanye ngisho nambuzi yokubika. Uma kunjalo-ke, kusho ukuthi akukho bambo Iwenkabi olungadliwa kwandlwana ngenxa yobubha. Lesi saga siwukukhuza umhlola, kubonwa into engafanele abantu abathize kodwa benayo. Omame babe sebebhula izidwaba bathi "yeka ubambo lwenkabi ukudlelwa endlwaneni" ngoba basuke bebona isigameko sento eyenzeka lapho kungafanele khona. Ubambo lwenkabi alutholakali kwandlwana ngakho kusuke kufanele ukuthi kubatshazwe uma umuntu ethola into enhle futhi engamfanele. Sengiyinkomo enombala Umuntu esexwayile. Sengenqena ngisengozini sebengibekisile. VSokhaya izinkomo zakhe uzazi ngombala ngale ndlela yokuthi kulula kuye ukubona ezakhe ngisho zikude. Vmbala owenza ukuthi inhIamvukazi yehIuke kulandakazi. Villa imizi yakhiwe kubamnandi kodwa kukhona engangenelani nekhunkulanayo. Kwesinye isikhathi kuze kuphunywe inqina mbumbulu ngoba kuqondwe ukusa omunye kwagoqanyawo. Omunye ngokungahoshelani nomunye ufunga agomele ethi uyoze amthole noma uyomzingelisa okwenyamazane. Uma sekunjaIo, umuntu owaziyo ukuthi bafuna ukumbulala usuke eseyinkomo enombala. UhIaIa exwayile ngoba engazi ukuthi 220 elalrubo liyomlahla nini, Vyinkomo enombala ngoba usuke esekhonjwe ngenjumbane ukuthi uzobulawa. Vsuke esehlala ethuka izanya ngoba ucabanga ukuthi uyabonwa lapho ekhona, Khala nkomo kaZulu. Kusuke kuhlekwa usulu. Vyisithutha wena ongahambi ngesimanje usalokhu uthi kusayobuya ukubusa kwalrudala. VZulu wayedume ngokukhonza izinkomo kanri namanje lokhu kusenjalo. Vma Iesi saga sibhekiswe kumuntu, usuke ebhekiswa emuva Iapho elalingafelwa nkonyane khona. Abadala babebusa, oSokhaya banochibidolo lwemihlambi yezikomo. Akusenjalo manje noma zikhona sekuyimithonseyana nje engasalingani nezasemandulo. Lesi saga sinokubukela phansi omunye ngoba siveza sengathi kwakukubi kudala nokuthi siphakamisa isimanje nokuthi asikho isimo esingenziwa ukuze kubuyelwe empilweni yalrudala. Okokuqala incazelo yaso ithi kusuke kuhlekwa usulu. Akukuhle ukuthi kuhlekwe usulu ngento eIigugu kwabanye. Ukuthi "khala nkomo kaZulu" kuveza sengathi ayikho enye into kwaZulu eyayenziwa ngaphandle kokuthi kukhale izinkomo. Yebo zazikhonziwe futhi okugijima igazi lobuZulu emithanjeni yakhe usazikhonzile namanje. Lesi saga sengathi sibhalwe umuntu ohlala edolobheni ongakushayi mkhuba lokhu uZulu azigqaja ngakho. Vma sichazwa siveza ubuthutha bornuntu osacabanga ukuthi kusazodliwa ngoludala kulezi zinsuku. Vkukhulurna ngobuthutha bornuntu ukumbukela phansi. Izinto ziyaguquka kodwa kuhle ubunjalo bomuntu buhIonishwe. Kubalulekile nokho ukwazi ukuthi impilo iyisondo elijikeleza, lijikeleze lize Iifike lapho obekucatshangwa ukuthi ngeke lifike khona. Indlezane isengelwa phansi Kusuke kushweleza urnuntu ongakabi lutho, kakunakwa okwakhe akushoyo. Indlezane iyabanjwa uma izele, ubisi lwayo Iusengelwe phansi ngoba Iusuke Iuqinile, umvemve uba nenkinga yokuIunceIa ngoba Iuphuma kanzirna ezimbotsheni zernibele. Ukwelekelela umvemve ukuthi luphume Iuphele, iye isengelwe phansi. Vma kubhekiswe kumuntu lokhu, usuke ekhalelwa ngoba engekabi lutho, kuthi konke akushoyo 221 , kungashaywa mkhuba, Umuntu ongakabi lutho kungaba umuntu oyingane noma kube ngumuntu ongenankomo. Ngasongela inkomo ingakavacwa Kusho umuntu okade ezithetha ngezinto ayezenza. Ngakhuluma ngezinto zingakenzeki. Lokhu kufana nesisho esithi "ayingangamlomo" okusho ukwenza okungasafani nanjengoba kwakukhulunywa. Imvamisa abantu abakhuluma kakhulu bayehluleka uma sekufanele benze. Vmuntu kungenzeka uma kuhlatshwa inkomo asongele inyama ukuthi ave ezoyidla kodwa uma isidubukele, imehlule ngemva kokucosha amaqatha amabili-nje kuphela. Kuyingozi ukukhuluma kakhulu ungazi ukuthi uma sekufanele wenze, uzokwazi yini. Enethunga kayidingi. Kushiwo inkomo, kuthi umuntu esengela ethungeni lokwetshelekwa, kothi mhla umniniyo ezosenga eyakhe, akwephuce mhlawumbe athi akusenge yena kuqala ngoba elakhe. Kuyiseluleko sokuthi musa ukuzejwayeza ukuphila ngezinto zabantu, yiba nezakho. Ithunga kusengelwa kulo ubisi kuphela, ayikho enye into elikhonela yona. Vma umbazi walo eqaJa ukulibaza aligwede, alenze amansumpa bese eliphala eqeda amaholoholo ngaphandle, engqondweni yakhe usuke azi kamhlophe ukuthi kuzosengelwa kulo. Ezitsheni zonke okungasengelwa kuzo ithunga lihamba phambili ngoba amansumpa lawo enza ukuthi libanjwe kahle ngamadolo ngumsengi. Umuzi onethunga kubalula kubafana bakhona ukusenga kanti ongenathunga kusuke kudingeka ukuba baJinde omakhelwane ukuthi baqede ngaphambi kokuba baqale bona ukusenga. Vma sebeqalile abatsheleki, ukusenga kulula kumniniJo ukuba athumele abafaoa baJilande ngoba elakhe. Ukukhuluma okuthi "enethunga ayidingi" kucacisa ukuthi awukwazi ukuhlupheka unento yakho, kuhle uyilande koyitshelekile. Lesi saga sikhuthaza nabantu ukuba babe nezinto ezithi bona, bangaphili ngokutsheleka, 222 Indoda ifela ezinkomeni # Kuthiwa kufanele ukuba umuntu afele into yakhe. Kithi zazaziswa kakhulu izinkomo. Ngakho-ke kulinganiswa ngazo ngoba kungechilo ukufela kuzo. Nezizwe zonke zazisa ukuba impi idle' izinkomo. Indlela ezikhonzwe ngayo lena izinkomo kwaZulu ezenza ukuthi kube nesaga esinjengaiesi. Umuntu vele ufela entweni ayithandayo njengoba kuye kushiwo ukuthi "isotsha lifela ebusotsheni balo". Uma umuntu efele entweni ayithandayo akwethuki muntu kodwa bonke abantu bathi bekufanele ngendlela abeyithanda ngayo !eyo nto. Uthando Iwezinkomo kuZulu olwenza ukuba indoda yomZulu ifele ezinkomeni. Yayihlaba yema nayo: Kushiwo lapho indaba isibehIule abanye. Kushiwo nalapho kuhalaliswa kusinwa, sekuthunqa uthuli ubezwe sebethi, " Yayihlaba, yayihlaba yema nayo". Uma lruphume inqina, urnthonga uyabazi okungedluli nyarnazane ngakubo, abakwazi ulruhIaba inyamazane ngomkhonto inganyakazi, ime khona lapho nomkhonto usesandleni. Uma eyihlabe enxebeni, ivele ithithibale inyamazane, ifele khona lapho. Uma kukhulunywa kuthiwa "yayihlaba yema nayo" kubhekiswe kumhlabi wenyamazane. Le nyamazane isuke isidlule kwabaningi kodwa urna ifika lapho, ibe isifike ekugcineni kolaziyo inxeba. Lokhu kukhuluma lruqhubeka njalo lruze kusethenziswe uma kusinwa, lrusetshenziswe lesi saga esisetshenziswa uma kuzingelwa. Kusuke kusinwa kuthi uma izinyawo zishaya phansi ngesikhathi esifanayo kuthiwe "yayihlaba, yayihlaba yema nayo" ngoba kusuke kungekho nyawo olushaya kamuva phansi, zonke zihlala phansi ngesikhathi esisodwa. 5.3.1 Izaga ezikhuzwayo noma ezihaywayo Ezageni ezikhona kukhona lezi eziyimisho bese kubakhona lezo ezihaywayo nezikhuzwa yizinsizwa lapho kuliwa noma lruphakanyiswa izinto ezisindayo. Ezageni ezihaywayo, UDonda, (1999:130) uthi t{Msinga kunesaga esithinta izinkomo esithi: 223 # Iyodl'izinkomo! Induna yezinkomo, iyodl'izinkomo! Iyodl'izinkomo.! Induna yezinkomo, iyodl'izinkomo! Uma kwakhiwe, iNkosi iba nabayiso layo okuyiziNduna. Uma kwenzekile kudingeka ukuthi kubekhona ohIawuliswayo kuIeso sigodi, kuba ngumsebenzi waIeyo Nduna yesigodi ukuba ibhekane nokuyodliwa kwaIezo zinkomo njengokujuba kweNkosi. Urna izinsizwa zikhuza lesi saga, kuba sengathi zibamba nayo iNduna ukuyongena esibayeni sendoda ukuyodIa izinkomo. Uma sakha umkhanya, sibheka emuva emandulo ngesikhathi isabambana kushunqe uthuli, into eukulu kakhulu uma sekunqotshwe isitha, kwakungukuthatha izinkomo nezintombi ezaziyogana amabutho zizalele iNkosi isizwe kuso okuvela amabutho. Okukhulu kakhulu okwakungashiywa kwakuba yizinkomo ngenxa yokuthi zazingumgogodla wesizwe. Uma umthimba usubhekene nekhetho esigcawini, kukhona isaga esisamphendu esisho ukuthi 10 osinayo walotsholwa ngezinkomo ngokukaDonda, (1999:130) esithi: Zinkomo zakithi bo! Zinkomo zakithi ngezesithukuthuku, Besibuka ngamehIo. Zinkomo zakithi. Lesi saga sisasililo ngoba sibalisa ngezinkomo zesithukuthuku ikhetho elisuke lisho ukuthi kuze kube kuhIe kwethu kungenxa yezinkomo. Lezi zinkomo zisuke zituswa ngokuthi izithukuthuku ezaconsa kusetshenzwa zenze umsebenzi omkhulu. Lokhu kusuke sekuyinselelo kumlobokazi ukuthi aze azi ukuthi kufanele naye apheke ethulula uma umndeni umkhuIu, akhiphe wonke amandla akhe ukuze izinkomo zibonakale ezakwenza. 224 Kukhona isaga esikhuzwa amabutho uma ezobulala inkunzi ngezandla. Asibelesela ize ife esithi: Sayibamb'inkunzi sayishuphula! Sayibamb'inkunzi sayishuphula. Amabutho asikhuza ngoba efuna ukuthola amandla okudumela inkunzi futhi aze aphimisele ngomlomo ukuthi azoyenzenjani uma eseyibambile. Lana kusuke kungumzuzu onzima ngoba uma ingase ivuke umbhejazane, kunganzima kakhulu. Lesi saga senza amabutho abe yimbumba, kuthi namadolonzima athole umfutho nofuqufuqu olwesabekayo, azibone eseyishuphula intamo yenkunzi emnyama. Uma isiwile, izinsizwa seziyincintsha umoya, uzwa sezikhuza lesi: Dele ngophondo! Dele ngophondo! Siyishuphulile. Dele ngophondo! Dele ngophondo! Ayisakwazi nokuthi Mo! Siyishuphulile! Lapho omame abasuke bemi ngenhla nesibaya bayakikizela bebukela izinsizwa ziyibeka phansi. Ukukhombisa amandla kaZulu lokhu kuyibeka phansi kwenza oNgangezwe lakhe abone ukuthi amabutho akhe angayibamba kubonakale uma eseyiphakile.. 225 I , UDlamini, (2007) uthi: Uma izinsizwa sezikhuza isaga zisuke zingasezwa lutho olunye ngaphandle kokuthi lokhu ezikwenzayo kuphumelele. Noma insizwa ingatinyelwa yinyosi, ayibe isanyakaza ngoba uma kuphakanyiswa umthwalo ukunyakaza kwayo kungaphazamisa wonke umsebenzi. Uma izinsizwa zikhuza isaga, akube kusafuneka kunyakaza ngoba isaga sikhuzelwa ukuthi amandla ahlanganiswe bese kuphakama umthwalo osindayo ngoba konke kwenziwa kanyekanye. OkaMalandela ubeka into enzima lapha engukutinyelwa yinyosi. Ubuhlungu benyosi abubekezeleki neze, isandla siya ngokuphazima kweso lapho ikutinyele khona ukuze adoncule udosi. Kodwa lobo buhlungu bokutinyelwa abushaywa mkhuba uma izinsizwa sezize zakhuza isaga kudingeka ukuba kuze kwedlule 10 msebenzi ophambi kwazo bese-ke kubhekwa lapho ebekade itinyelwa khona. Lokhu kunganaki enye into kusho ukuzinikela okukhulu nokulalela izwi lobuholi okungasho ukulifela izwi lakoMkhulu. 5.4 Izinkondlo ezithinta izinkomo Kule ndima sizobheka uhlobo lwezinkondlo emikhakheni emibili. Kuzoba umkhakha wezinkondlo zorndabu, bese kubakhona izinkondlo ezibhalwe ngababhali abahlukene ngolimi IwesiZulu. Okuzobhekwa ukuthinteka kwenkomo njengemfuyo emqoka esizweni samaZulu. 5.4.1 lzinkondlo zomdabu Izinkondlo zomdabu ziwubuciko bomlomo olimini lukaMageba. Kusukela emandulo bekuhaywa futhi abantu bethoshwa kube kuhle kube njeya. Ukuthopha kunjengomuntu ophuma nezinja eyozingela inhliziyo yomunye umuntu. Uyihubha ngezithopho ayicibe, ayikhubaze ngezithopho qede lowe othoshwayo abanjwe, afakwe enhliziyweni 226 , yomthophi wakhe. Inkondlo imvusela amadlingozi oyihayayo kanti nothoshwayo uye avukwe usinga. Izinkondlo zomdabu ezikhona yilezi: ? Imilolozelo ? Izilandelo ? Izangelo ? Imilozi ? Izithakazelo ? Izibongo UMsimang, (1987:6) uthi: Izingoma nazo zinazo izimpawu ezithile zobunkondlo kodwa zona zehlukile ngoba zibandakanya nomnyakazo wokusina. Kungeke kwaba yingoma yomuntu onguMzulu uma ingasifaki isigqi soMdabu futhi yakheke ngamagama azothinta izikhonkwane nezisekelo zesimo senhlalo efaka izinkomo njengaleli eliculwa cishe kuyo yonke imishado elithi: Ubuhle bendoda, Zinkomo zayo, Hamba kahle ntombazane, Leth'imali yami, Leth'imali yami. Uz'uziphathe kahle, Hamba kahle ntombazane, Leth'imali yami, Leth'imali yami. Okugqanyiswayo kuleli culo ubuhle bendoda okuyizinkomo. Ligcizelela ukuthi noma indoda ingaze ibenhle kangakanani kodwa uma ingenazo izinkomo, lobo buhle bayo buyize ngoba isuke ingeke ikwazi ukulobola umfazi. Yiso lesi sigqi soMdabu esizwakala 227 ? , kugcwale ngoba esomZulu ngakho sifanele ukuthi sibe nenkomo phakathi ngoba iyisisekelo sempilo yakhe. 5.4.1.1 Umlolozelo othinta inkomo Kukhona umlolozelo osihloko sithi "Thula Mntwana" ngokukaMsimang, (1987:6) ofaka inkomo phakathi othi: Thula mntwana! Thula mntwana! Thula nsizw'endala; Amathol'aphumile, Abafan'ethafeni, Nampa balusile, Thula nsizw'endala La mlolozelo unazo zonke izinto ezitholakala emlolozelweni omuhle. Usebenzise ongwaqa abalula abangeke bayivusa ingane uma ilele njengemsindo engeke iyethuse ingane uma ilele. Ukuphindaphindwa kwemigqa okulethela ingane ubuthongo ngokushesha kuyabonakala njengokuphindwaphindwa komugqa othi, "Thula mntwana" kanye nokungasetshenziswa kongwaqa U-X-, -q-, no-c-; Umugqa othi, "Arnathol'aphumile", uveza kamhlophe ukuthi ngisho nasemilolozelweni yokuthulisa abantwana inkomo kayisali. Kusicacela kahle ukuthi imilolozelo njengezinkondlo zoMdabu inezisekelo zempilo ephilwa nguZulu. 5.4.1.2 Isilandelo esithinta inkomo Ngisho nezilandelo imbala zinawo amanembe enkomo. UMsimang, (1987:8) uthi: Masasasa vuka! Ngivuke njani, Ngibulewe nje, Abafanyana, BakaThabethe. Thabethe muphi? Yena lo'senhla, Shay'inkomo le, 228 , Idindilize, Umugqa othi: "Shay'inkomo le", usikhombisa kahle ukuthinteka kwenkomo kulesi silandelo esiveza uThabethe eshaya inkomo idindilize. Njengento engumdIaIo, akucaci kahle ukuthi Ie nkomo yayivela kuphi kodwa ubukhona bayo buthatha Ie nkondlo yoMdabu buyibeke ezingeni. Osifundayo uyabona ukuthi ukufakwa kwezinkomo kuhlobene nobuZulu. 5.4.1.3 IzithakazeIo Esithakazelweni sakwaShezi ziyathinteka izinkomo. UMsimang, (1987:13) uthi: Shezi! Dlaba! Dlaba kaMavulane Owavul' iNkandl' ivaliwe. Dludle odl'imihlambi yamadoda; AbadIulayobayaceba. AbakwaShezi bazinze eNkandla. Owayengumholi neqhawe lakhona kwakunguSigananda owabulawa ngamaNgisi ngempi kaBhambatha wakwaZondi indodana kaMancinza. AbakwaShezi bakhe entabeni iManziphambana eseduze nehlathi elesabekayo elihlangene, iNkosi uShaka owafihla kulo izinkomo, ukudIa nesimame ngempi yakhe . noZwide kaLanga. Ukuthi owavula iNkandIa ivaliwe, kusho ukuthi leli hlathi uma kukhulunywa ngalo, lixhunyaniswa nabakwaShezi nemfuyo yabo eyizinkomo edla kulo leli hlathi nakuzo lezi zinsuku. Kudala kwakudla imihlambi yezinkomo yozalo lukaShezi okwakungelula ukuthi uma inkomo yakho uyibone ngenxa yobuningi bezinkomo ababenazo. Uma kukhulunywa ngokudIa imihlambi yamadoda, kushiwo khona. ukudukela kwenkomo emihlambini. VGcumisa nozakwabo, (1992:47) uma bethakazela abakwaGumede bathi: Phakathwayo Mpangazitha 229 , Qwabe Mnguni kaYeyeye KaKhondlo kaPhakathwayo Abadl'umuntu bembhuyabhuya ngendaba Bethi: "Dluya kuyabeyethwa" Malandela Ngokulandel'inkomo zamadoda AbakwaGumede abangamaNtungwa nabo uma bethakazelwa kuyavela ukuthi Malandela ngokulandela izinkomo zamadoda. Lokhu kwenziwa ukuthi uMalandela uzalwa nguLozumane kaMnguni kaGumede. Uma kumi kanjena, kusho ukuthi bangabolibo lukaMaiandela ngakho kufanele kuthiwe oMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda. Izinkomo zamadoda zazilandelwa ngokuthi kuphume impi iyohlasela, kunqotshwe bese zidliwa. VGcumisa nozakwabo, (1992:47) uma bethakazela abakwaZulu bathi: Mageba Ndabezitha Wena wendlovu S'thuli sikaNdaba Wen' owakhula silibele Nkonyane yenkosi Nina bakoMthaniya Wena kaPhunga noMageba Zulu kaMalandela owalandel' lzinkomo zamadoda. lzithakazelo zakwazulu siphakamisa aMakhosi amadala oMageba nawoNdaba. Uma bethakazelwa babizwa ngenkonyane yeNkosi ngoba bezalwa ebukhosini. Esikhathini esiningi kuthiwa kubo "Zulu kaMalandela owalandela' izinkomo zamadoda. Lokhu kushiwo ngoba uZulu wayengagcini ngokulwa izimpi kodwa wayezinqoba. Uma esezinqobile, wayedla izinkomo, athathe nabesifazane abasebancane abasozogana. Kwakuchitheka igazi uma kufunwa izinkomo futhi uma iNkosi ifuna izinkomo ezithile, yayivele iphake impi ukuze iyodla izinkomo. Abesifazane nabo bayizinkomo ngoba uma 230 , bethathwa balotsholwa ngezinkomo kugcwale imihlambi ezibayeni zamadoda. UZulu wayezilandela aze azithole izinkomo zamadoda, kufike kuliwe maqedane zidliwe. Yikho uMntwana wakwaZiphethe u-L.G. Zulu eqala ihubo lokugcina leNkosi uShaka aliqamba mhIa kuphuma impi yasObhaluIe ngokuthi: UNdab'angazidla zonk'inkomo zamadoda Um'angabl'asiphake. Lapha amabutho ahuba leli hubo azizwa egcwele amandla engabhekana nanoma yisiphi isitha. Ayazibamba ngoba ehlonipha iNkosi engeke avele aphume ablasele ngokwawo engazange alikhiphe oyiNkosi. Acacelwa kahle kamhIophe ukuthi uma engaphakwa angafike anqobe futhi adle izinkomo. 5.4.2 Izinkondlo ezibhalwe ngababhali abehlukene Iningi lababhali bezinkondlo zesiZulu bangamaZulu. Emithanjeni yabo kugijima igazi lobuZulu obungepheleliswe uma inkomo ingathintiwe. Ugqozi lokuthatha usiba babhale baluthola kwabaphansi. Abaphansi kuxhunywana nabo ezikhathini eziningi ngokuthi kuchithwe igazi lenkomo. Ngakho-ke esihlokweni solimi lwabo inkomo ayisuki ngisho umuntu eba nogqozi. Ebhukwini elihlelwe uMkhize elithi "Izagila Zephisi" kunezinkondlo eziningi ezithinta inkomo. Enkondlweni ethi "Ukukhanya", uMkhize, (1980:3) ubeka kanje uma ekhuluma ngezinto ezinhle ezenziwa ukukhanya kwelanga okuze kuthinte inkomo: lzalukazi zendlale amacansi zithi thwishi; Kuqhathaniswe ezasendulo nezamanje. Lapha ziphothula umcaba, imbokodo lvumela amahlombe Lapha nabafana bekhalim'amathole "Lwephuk'ukhezo" Uphiseleka emhIabeni kudume izulu; Mamo umuhle kukhanya! Leli binza libeka kucace ukuthi kuyabuswa lapha, kukhonjwa ngophakathi ngoba izalukazi zakhona zenebe "emacansini. Kubukeka kuxoxwa izindaba zasendulo 231 , eziqhathaniswa nezamanje futhi kuyacaca ukuthi kusilwa umcaba ngoba kukhona umugqa othi, "Lapha ziphothula umcaba, imbokodo ivumela amahlombe". Umcaba ngeke uze ugaywe kungekho masi, kugaywa umcaba ngoba kunezinkomo ezisengwayo kube namasi. Ukukhalinywa kwamathole kusivezela ukuthi maningi " ngoba kusetshenziswe ubuningi u-ama- okusho ukuthi izinkomo ziningi. Vkwephuka kokhezo kucacisa ukuthi amathole akhalinyelwa ukuba angenyisi. Ukuthi "Lwephuka ukhezo", kuqhwatshazwa abafana ukuba besuse amathoIe konina ngoba akukho Iubisi oIuzosengwa. Ngaleyo ndIeIa kuyanqamuka ukuba ukhezo Iuye emlonyeni. Lungaya kanjani amasi engekho. UMkhize,(1980:9) uthi: UNomkhubuIwano akujube ubeneqoma LokuyofuIa emakhabeni athaphuka ukwindIa Kuthi isibaya site inyoka, ziusengwakazi nezinkabi Zineukunzi yekhetheIo. Lapha kukhuIunywa ngezwe elinenala ngenxa kaNomkhubulwane. Lokhu kuze kwedIuIeIe emasimini njengoba uNomkhubuIwane eyiNkosazana yemvuIa. Urna imvula ina, izinkomo ziyakhuluphala zibe zinhIe. Ukuna kwezuIu kusho ukukhula kahle kwemfuyo. Uma isibaya sifa inyoka, kusho ukuthi sigcweIe izinkomo, inyoka ayikwazi ukuphila lapho ngoba izinkomo ziyinyathela ize ife ngoba izinkomo ziyinyathela . zidedeIana. Wubuningi bazo obaveza isisho esithi izinkomo zibulaIa inyoka. Ukuvezwa kwenkunzi yekhethelo kusho ukubakhona kwenkunzi ephiIayo esibayeni soMnurnzane. Lokhu kucake Ie nkondlo yacuIisa inyoni. Yaveza imibala elameleka kulo chibidoIo wobhisi womhIambi. Ubuukunzi buveza ukwanda kobuchopho obujulile uma isihIaziywa. Kuyenze iqonge, iqine bese idlondlobala njalo. Enkondlweni ethi "Ingabade YamahIanze" uMkhize,(l 980: IO) uthi: Okungamathole kweqamangqanqu KungqabashiyeIa ukwephula ukhezo. 232 , Kukhonye izinsengwakazi "Lwephuka ukhezo" Lidume kuthi qibu amakhowe! Konje nina malina nithi Liletha umkhuhlane. lapha kukhulunywa ngenjabulo eba sezinkomeni uma lina ehlanzeni. Leyo njabulo ize yedlulele kubantu ngoba bayalima kube nenala ezweni. Umugqa wokuqala kuleli binza uveza amathole eqamangqanqu lokhu okungukutshakadula kumbe ukutshekula kwawo. Amathole awatshakaduli uma ebulawa yindlala kodwa atshakadula uma izinkomazi ezincelwayo zesutha bese ethola imibele igwansile, asine azibethele. Imvamisa amathole athi angenyisa atshekule kepha kuleli binza amathole ehlula abafana, ayabaphunyuka ngoba ezwa ukukhalima konina. Yilokhu kukhalima okufana nomculo owenziwa ihinikazi ukumemeza ithole ukuba lize ngoba usebuyile umama. Uphethe okumnandi kodwa. Inkonyane iyazi ukuthi lizogimfiza. Leli zwi lokuthi "lwephuka ukhezo", sengathi livela komama, leluleka abafana ukuba bawavimbe baqinise amathole ukuze angenyisi. . Ugqozi lomlobi wale nkondlo lususwe ukubona isimo senhlalo emakhaya abaMnurnzane befuyile emathafeni nasezimfundeni kuklabe imihIambi yabo ecwebezelayo, ebonisa ukuthi iziko loMnurnzane alifakwanga inkawu yona eyondisa impahla. UMkhize, (1980:19) enkondlweni ethi "NgoKhisimuzi" uthi: Uzalelwe emkhonjeni wezinkomo, Pho uqholwe ngamakha mani? Lokhu kunyakaza izizwe zonke ngothando Kuzamazama izinkanyezi zezulu. lapha kuvezwa iNkosi yamaKhosi izalelwa emkhombeni wezinkomo. Omunye angazibuza ukuthi kungani engazalelwanga esitebeleni samahhashi? Impendulo kungaba ukuthi inkomo imqoka, yingakho noMsindisi wazelelwa esibayeni sayo. Imbongi iqhubeka ithi, "Pho uqholwe ngamakha mani"? Lokhu kuvela ngemuva kokuthi uzalelwe emkhonbeni wezinkomo. Iphunga lomquba nesibaya lehlukile kwamanye amaphunga . , uma unothando Iwezinkomo konke okwazo kuba kuhle njengokunuka kobulongwe 233 , okungamakha kumlobi wenkondlo. Uveza ukuqholosha uma ethi, "Pho uqholwe ngamakha mani"? Umlobi uthatha iphunga lobulongwe nomquba alibeke ezingeni eliphezulu lokuthi kufanele kuqhole iNkosi yaMaKhosi. Enkondlweni ethi "lbheshu" UMkhize, (1980:21) uthi: Lolu suku masilwenze lubeyisiliva Nomasiliva Kanye ngonyaka sishaye Ngomkhaba Sisho ngenkomo ewaba Sihungule amavaka. lsihloko sale nkondlo siyaheha ngoba sikhuluma ngebheshu okuyimvunulo yomuntu wesilisa. Izwi lowesilisa likhuluma nesithandwa somnikazi wezwi, ogama kalibizwa. lntombi-ke iyisifundiswa ngoba igama layo uNomasiliva. Lokhu kuyisifinyezo esiqondisa unina wesiliva. Kuyabonakala ukuthi owesifazane othanda amasiliva anika umzimba wakhe ukucwazimula okukhulu okubenyezelayo. Yilobu bucwebe nobucwazicwazi obufihla umzimba womuntu. 1? ndoda ifisa ukuba ake asuswe la masiliva ukuze ubuhle bemvelo obebufihlakele buvele. Kanye ngonyaka sishaye Nngomkhaba. Indoda izoshaya inkonyane yakwabo ewaba eyikhotha amawakala. Kuyacaca ukuthi uNomasiliva uyoshaya ngesidwaba sakhe. Lokhu kuyobusisa usuku luguquke lube. yisiliva. Ubucwebe bangempela ukwehlula ubuvaka bokuhloba ngenkomo. Wubuqhawe ukuba yinto oyiyo kepha ubuvaka ukuba yinto ongeyiyo. Lokhu wukubhashiswa, sishayelwe isipikili ekhanda, siphenduke imikhovu kumbe abafana boqunga. 234 , Ukuba wunyawo ziyahlehla okuhambisana nobuvaka bokuma esikweni kudinga intelezi ukuze buhungulwe bususwe kubantu. Abantu-ke bangaphila impilo enhle. Yisiko elingaba yisihlangu esingavika ngaso uma sihlaselwa yempi yamasiko aseMpumalanga nawaseNtshonalanga elwa nathi. Le nkondlo ibuye yahloba ngefuzamsindo elikhona emgqeni wokuqala emagameni athi lubeyisiliva Nomasiliva kanye nemvumelwano-sigcino nesiqalo etholakala ekugcineni kwemigqa emithathu emagameni athi, ngomkhaba, ewaba kanye nelithi amavaka. Enkondlweni ethi "Ngiphawula Lokhu", Buthelezi, (1980:22) uthi: Uyinkinga ngamabomu Uyisigqila sobala ngokuthula Ngokuzotha usamakoti ezintshontsha Izinkomo ngomhungulo Usaklebe ethilaza obala, Uyinomfi, kokuthi makudlubhe. Imbongi iphawula ngobuhle benqe uma lindiza phezulu namehlo alo abukhali abona kanye lapho kunenyama khona phansi emhlabeni. Uthi uma lindiza lizithoba samakoti kanti amehlo alo athe njo kulokhu.okusolakala kuyinyama phansi kwamhlaba ohlabayo. Ufanisa ukuzotha kwalo njengomakoti okuthi ngobuhle bakhe, kugcine kuphume izinkomo ziyomlobola. Ukujula kolimi ukuthi umakoti uma ethule egabe ngobuhle, usuke entshontsha izinkomo zendoda ngoba uma ezithulele nje engasho lutho, kusuke ?kukhona othathekayo. Kuyo Ie nkondlo uma iphetha imbongi, uButhelezi, (1980:23) ithi: lnkunzi yenkani Inqwaha nensema Lapha sithola inqe selifaniswa nenkunzi yenkani. Inkunzi yenkani ayeneliswa ngokwehlulwa kanye kodwa ilwa iphindelela neyehlulile ngoba ifuna kuze kugcine kuyiyo enqobile. Inqe linenIGi.ni alifuni ukusuka uma ulithole lidla inyama, angiphathi-ke 235 , uma lisadla ezangaphakathi njengesibindi noma ungeza nesagila livele livule amaphiko lakbe uphahla Iwenkawu, lutho ukusuka enyameni. Insema noma ungaze uyimbe yonke ucabange ukuthi usikhiphe sonke isigaxa, usuke udlala ngesikhathi ngoba uye ubone lapho owamba khona sekunehIumela. Ngaphansi emhIabathini isuke isikhulile futhi. Inkani yenqe lena efaniswa nensema okuthiwa inkunzi yenkani. Inkunzi yenkani inkani exaka ukwenza, efaniswa nenkani yenkunzi. UButhelezi, (1980:29) uthi: Seyayekelwa amagwababa EyaseZibukweni lapho wahlwitha IzihIangu zeNdlaIifa yaseMcakwini Awu ngezinjobo zengundane edla umnkantsha wayo! Ngabe ziyakudixa izimvula, Sekwaba nguwona mpheme wakho Utshatha wenamvu, mbuzi wena nkomo Usisitheke, nganeno nangale ukikizela. Le nkondlo ekhuluma ngobuhIe boMzinyathi iveza kamhIophe ukuthi uma uMzinyathi ugola izintethe, uthatha ngisho imfuyo uqobo kanye nezinkomo. Imbongi noma 10 mfula wenza umonakalo, yona iwubongela ngisho kunjalo. Kuthi uma wemuka nemfuyo yona ithi: Utshatha wenamvu, mbuzi wena nkomo. Kukhona ukuwenza samuntu okukhona . njengoba ithi imbongi. "Usisitheke, nganeno nangale ukikizela". Umuntu kuphela osisithekayo uma ethwele umthwalo omkhulu futhi kubuye kube ngumunlu. okikizelayo kodwa 10 mfula ususesimweni lapho okikizela khona njengomuntu. UBulhelezi, (1980:45) uthi: Waphuma nsizwa yakithi. Waphuma maqede ngasukwa usinga. Qhosha njalo nsizwa yamabutho. Ekubuyeni kwezinkomo ngokuhlinzeka, Ngomhushu wenkabi entusi. 236 ? , Ngikwehlise ngobisi Iwenkomazi eneo. Lena imiklomelo yodumo, Lwemijuluko yobuhlakani bakho. Imbongi ikhuluma ngomnewabo obeke induku ebandIa ngokuthi abe sesikoleni semfundo ephakeme. Uyamthopha umfowabo bese enza izethembiso eziningi okuzothi uma ebuya kwaNgqondonkulu amenzele zona. Ezintweni athi uzozenza kukhona okuthinta izinkomo okuyizona ezingumgogodla wempilo yakhe. Umbuka umnewabo ephuma ebheke lapha efunda khona. Uthi uma ephuma nawe usukwa lusinga maqedane amtshele ukuthi akaqholoshe ngezinga asekulo. lsethembiso sakhe kumnewabo ukuthi wethembisa ukumklomelisa ngenkabi entusi ekubuyeni kwezinkomo. Ukubuya kwezinkomo ukubuya kukamnewabo esephumelele eseyikazela iziqu zemfundo. Uthi uzomehlisa ngobisi Iwenkomazi enco nangomkhusu wenkabi entusi. Inkomazi eneo inkomo ebomvu yayisiba namabhadubhadu abomvu wonke umzimba. Le nkomazi eneo kubukeka kungamasi avutshwe ngomcaba wamabele ngoba 10 mcaba uba ngamabala abomvu emasini amhlophe. Umkhusu wenkabi entusi yinyama. Inyarna uma ibomvu inamafutha emaceleni, iba nombala othi awube ntusi. Inyama namasi enkomo kungukudla okuphambili kwaZulu yikho nje ebona ukuthi uma emnikeze khona uyobe umnikeze into ephambili kakhulu. .Kuyo Ie nkondlo, uButhelezi, (1980:46) uthi: Wagiya nsizwa yakithi, Kulolo hlokazi Iwesibaya Esesamilaimbuya. Kwakunezigidi zezinsengwakazi. Lamawakazi amumethe iphimbo lakho Giniza. "Azibuye nenobafana" Lamadwalakazi angitshela ukuthi, Phezu kwawo wawuhlamba ngobisi. 1mbongi ibuka isibaya lapho kwakugiya khona umnewabo lapho okungasalali nkorno khona ngoba azisekho yingakho nje sekwamila imbuya esibayeni. Uthi kulo muzi kwakunezinkomo eziningi uma ethi, "Kwakunezigidigidi zezinsengwakazi". Lokhu kukhombisa ukuthi kwakunoelnbidolo okwakuthi uma luklabile, ememeza abafana uGiniza ethi azibuye, kudume izihosha, Uma ebuka izwe nemifula enhliziyweni yakhe 237 ? , kuba nesiIokozane sokuthi ubuningi bobisi obabukhona abusekho kodwa bumvusela inkumbulo yokuthi ubisi Iwaluluningi esikhathini esedlule. Yingakho ethi "Phezu kwawo wawuhlamba ngobisi". Ukuhlamba ngobisi kusho ukuthi lwaluluningi kakhulu. Uma eqhubeka kuyo Ie nkondlo uButhelezi, (1980:47) uthi: Lobubuchopho obukaGiniza. Sengibukela wena Nsizwa yakithi. Oqholosha ngesihlangu esingurnzondo, Esisikwe ngeminwe emihle. Esinamagabelo enyoni kayiphumuli Esimgoba womluthu. Lapha sithola insizwa iqholosha ngesihlangu esingurnzondo okusho umbala wenkomo omnyama bese iba namabala amhlophe noma nampunga wonke urnzimba. Uma sichazwa lesi sihlangu sinamagabelo amhlophe enza isihlangu sibe sihle kakhulu, nawo futhi ayingxenye yesikhumba senkomo. Sithola ukuthinteka kwenkomo kuphindwaphindwa kuleli binza futhi kuyikhona okuthathe ingxenye enkulu. Lokhu kwenza ukuthi umfundi abone ukuthi umnyombo wogqozi Iwembongi lunezisekelo zenhlalo yasemakhaya akwa'Zulu, Enkondlweni ethi "Noma Kunjalo Phephisa", UButhelezi, (1980:49) uthi: Ngiyagqashiya lenkundla ngiyiIayelwe Ngu- A.M, Dlamini useMolapo; Nkunzi enezimpondo eziyishumi Eqephule ngazo ubumba eRand. Lapho kukhonya ezaseHolland Ebitshotshozelwa uMphemba noNtaliyane Kwelase - Unisa Amashoba zawalalisa eyakithi kwaMalandela Imbongi iveza okukhulunywa ngaye lapha eyinkunzi eqephula ubumba ngoba efunde eRand. Uveza ukuthi eRand kukhulunywa ulimi IwesiBhunu kodwa wafike waphumelela. Ukuphumelela kwakhe okwenza ukuba kube nomugqa othi: Nkunzi 238 , enezimpondo eziyishumi, Eqephule ngazo ubumba eRand. 1mbongi isebenzisa ihaba uma ithi inkunzi enezimpondo eziyishumi ngoba inkunzi inezimpondo ezimbili. Yenzela nkuqhakambisa ukuphumelela kwakhe lapho okwakunzima khona. Enkondlweni ekhuluma ngoMntwana wakwaPhindagene Mangothobane", uButhelezi, (1980:51) uthi: Bukhome Mangothobane! Sezimthubi ezakwaZulu, Ngumthubi wezinkomo zokuxoshiswa. Tapuna ntothombela. ethi "Bukhome Imbongi ikhuluma ngoMntwana wakwaPhindangene iNkosi uMangosuthu Buthelezi nokuphathwa kabi ngabantu abaningi ikakhulukazi abangewona amaZulu. Imbongi imnikeza ithemba lokuthi cha, sekuntwela ezansi kwaZulu ngokusebenzisa 10 mugqa otbi "Sezimthubi ezakwaZulu". Kulo mugqa uyinikeza ithemba iNkosi ngoba uma into isimthubi, isuke isizovuthwa. Lokhu kwenzeka ngesikhathi iNkosi isabambela isizwe sayo ngehbashi okuthi uma ilibona imbongi, kuthi ayigiye. Lokhu kufakazelwa omunye umugqa okuleli binza othi , "M~ginqwamana nenjomane yakho kuthi mangiqephuze". Lokhu kuqinisa idolo kungenxa yesimo uZulu amthanda ngaso okaShenge. Imbongi iveza nokuthi ngendlela akhonzwe ngayo okaMathole uxoshiswa ubuthaphuthaphu ngezinkomo, lokhu ekufanisa noju Iwezinyosi uma ithi, "Tapuna ntothombela". UButhelezi, (1980:51) utbi: Wabasabize mbizo bakuthela ngezibonkolo Wabasabuthe mabutho bakuthela ngezibonkolo; Wabasavivise amahele bakuthela ngezibonkolo Ingebhe yezikhwepha zeguq'elimpisholo. 239 ? , Imbongi ibabaza ukuthi uma okaShenge eke wabiza imbizo, kusukuma nesinedolo noma lokhu kungathandeki kwabanye abayizitha :i:akhe kodwa kuyenzeka. Imbongi ithi lokhu kusukumela phezulu kukaZulu kungenxa yokusebenza kwakhe engaphumuli. Lokhu kuvela emgqeni othi, "Ingebhe yezikhwepha zeguq'elimpisholo" osikhornbisa ukuthi iNkosi ifaniswa neguqa ngoba linamandla asabekayo. Kuyavela futhi nokuthi kukhona abamesabayo uShenge oyiguqa likaMathole, besaba imisebenzi yakhe. Ukuphindwaphindwa kokuthelwa koMntwana ngezibonkolo kubalula ukuthi ufaniswa nenkunzi ekhuthazwa ukuba ibe nesibindi. Kuhloswe ukuba ibe yisiphikeleli esiyiqonda ngqo enye inkunzi. Ukubona abantu benyathelana embizweni, ukugcakela kwamabutho nezihlangu zawo ezinhlobonhlobo kumfaka umhanelu, umqhanagu, ugqozi nofuqufuqu okuqinisa umgabagonsi wokwenza Iokho azalelwa khona nowalokothelwa khona ukuba abe yihawu Iokuvikela isizwe. UVilakazi, (1980:53) uma ekhuluma ngoMbuyazi Endondakusuka uthi: Kwathi klebhu, kwathi moo, Omunye wakhala ngenkomo yakhe, Omunye wadliwa wagilwa. Lapha kungesikhathi ibambene eNdondakusuka. Okhala ngenkomo yakhe kungenzeka ukuthi ukhala ngebheshu Iakhe eseligqashukile Iasala phansi ngoba kusempini. Kungenzeka ukuthi ukhala ngehawu lakhe elingasekho ezandleni zakhe. Okokugcina kungenzeka ukuthi ukhala ngezinkomo zakhe azozishiya ngoba sekumanele. Ngakolunye uhIangothi uma isihIangene ngezifuba, kuzwakala iqhawe Iizibongela lithi: Ngadla ngenkomo kababa. 240 , Lapha kubhekiswe emkhontweni ngoba kwawona wawuthengwa ngenkomo. Ukusungobala komuntu evika ngehawu nalapho ubonga inkomo kayise. Phela uma umZulu esaphila akanalutho, konke anakho okukayise. Enkondlweni yakhe ethi, "Ezinkomponi", uVilakazi, (1980:64) uthi: Anjengensimbi yethus'izwakala kude; Angikhumbuz' imibhoshong' emide Nemicebo, nezicebi engizikhuphulile Zenyukel' endlin'engenhla, zangishiya Ngigxiz'arnanzi njengengcuba yenkomo. Imbongi ikhuluma ngensimbi yasenkomponi ekhala ezindlebeni zayo eyifanisa nensimbi yesikole uma ithi "Anjengensimbi yethus'izwakala kude". lzinsimbi zesikole zakhiwe ngethusi uma zikhala ukwazi ukuzizwa ukude. Uthi lezi zinsimbi zimkhumbuza arnabhilidi anemibhoshong'emide. Lapha kulapho ayefundisa khona, lokho kufakazelwa umugqa othi, "Nemicebo, nezicebi engizikhuphulile" okukhombisa abantu abaphezulu manje ngoba befundiswe nguye baze bathi cababa kwelenyoni sebeyizigwili. Uveza ukuthi zenyukel' endlin'engenhla, zangishiya ngigxaz' amanzi njengengcuba yenkomo. Imbongi ithi laba ebakhuphulile banyukele phezulu, yona bayishiya ihluphekile, okuvezwa ukugxiza arnanzi njengengcuba. Ingcuba yinyama yenkomo ezifele. Uma uyosa ivele igxaze amanzi lokhu okusetshenziswa njengesisho esisho ukuhlupheka. . Ukunyukela endlini engenhla kule nkondlo kusho ukufinyelela endaweni okuhleziwe kahle kuyo. Kuyavela ukuthi isiphethu sogqozi Iwale mbongi sinezisekelo zobuZulu nokwazi kabanzi ngempilo enhle kaZulu. UMakhaye, (1984:3) enkondlweni yakhe ethi, "Isoka lakwaZulu" uthi: Ngithuntuth'umnyakanya, ngiphulul'umphunzo, Ngibeleth'inkonyane nxa ungekh'umphunzo, Kuleng'injobo yomsila wengwe, ;. 241 , Lapha sithola imbongi ikhuluma ngemvunulo yensizwa yakwa'Zulu ingxenye yayo enkulu eyakhiwe ngesikhumba senkomo." Uma imbongi ikhuluma ngokuphulula umphunzo, ikhuluma ngebheshu elasikwa esikhunjeni senkonyane eyayiphunziwe. Uma iqhubeka ikhuluma ngokubeletha inkonyane ibhekise ebheshwini. Ubumqoka benkomo kwa'Zulu lobu obenza insizwa ukuthi izizwe ivunule iphelele ngale mvunulo. Enkondlweni ethi "Impi yombango" uMakhaye, (1984:3) utili: Omame sebephendulele izidwaba, Amakhehla asevusa amangcwaba; Izinkomo sezikhashelwe kumahlathi, Esokudla asisekho isikhathi; Kuleli binza kuvela izinto ezenzeka uma impi isizobambana kushunqe uthuli. lsizwe sisuke sisesimweni esibucayi sokuziIa. Omame baphendulela izidwaba njengoba sithola emgqeni osekuqaleni bese kuthi amakhehla avuse amangcwaba, okusho ukuthi asuke esekhuluma nasebadlulela ezweni lezipho zonke, ecela izinhlanhla nokuvikeleka. Izinkomo zisuke sezikude ngoba uma isitha sinqoba sidla nezinkomo. Kulesi simo kusuke kufuneka ukuthi ziyofakwa ehlathini ukuze isitha zingazitholi eduze. Yikho sinomugqa othi izinkomo sezikhashelwe kumahlathi. lsikhathi sokudla sisuke singasekho kulo mnyama ngoba wonke umuntu usuke esecabanga impi. . Uma ehasha iNkosi yamaKhabela, imbongi iyibiza ngeduna, bese kuthi owesifazane wakwaMhlongo owakhula emphakela ambize ngesithole sakwaNkungwana. Kule nkondlo kuvela kaningi lapho inkomo yenziwa samuntu uma uMakhaye, (1984:121) ethi: Guqa leduna likaGayede noMakhedama, EIakhula likhothwa isithole sakwaNkungwana, Guqa elakhulela kude ezizweni. Thole elimnyama elakhula londliwa. 242 , INkosi ibizwa ngeguqa leduna, iphinde ibizwe ngethole elakhula likhothwa isithole sakwaNkungwana. Lokhu kusikhombisaokukhulu ukukhonzwa kwenkomo ngoba ngisho aMakhosi imbala abizwa ngayo. INkosi iphinde ibizwe ngethole elimnyama elakhula londliwa, lokho okusikhombisa ukuthi iNkosi inesakhiwo esihle somzimba ngoba yondlekile. Ukugijima kogqozi olunomsuka wezinkomo elenza imbongi ingenqeni ukubiza iNkosi ngeguqa nangenkonyane. Enkondlweni ethi, "Kwelamathongo", uMakhaye, (1980:161) uthi: "Zebdezu, mgcini wentunja yezirnanga, Mkhaphe emuke emakhosini ohlanga, Afike ahlabe inkabi emhlophe; Enjena bangembuke ngamehlo amhlophe. Uxoxe namathongo, wadla namathongo, Ngezinyawo zakwaMhlaba wahamba elamathongo." Kuleli binza kutholakala obekade engene emhumeni, kwathi ngokungena kwakhe wazithola esekwelamathongo. Uzithole exoxa nawo izindaba zakwamhlaba ebalandisa ngokuhamba emhumeni omnyama waze wafmyelela kubo. Ngemva kokuba exoxe nabo, uyezwa ukuthi kukhona umlin?i wentunja angakwazi ukuphuma ngayo abuyele kwamhlaba. Ongumkhuzi lapha emhumeni uyala uZebdezu ukuba amkhaphe abuyele eMakhosini ohlanga, lokhu okusho ukubuyela kwamhlaba. Ngaphambi kokuba aphume, uyalwa ukuba uma efika kufanele ahlabe inkabi emhlophe ngoba uvela kwelamathongo futhi waxoxa nawo. Ukuhlaba inkabi emhlophe kungasho ukuthi indlela ayihambile beyimhlophe futhi kusho nokubonga njengoba ehambe wahamba wagcina ebuyile kanti okunye futhi kungasho nokuthi uvela ezweni lezinhlanhla lapho kuhleli khona uZulu nabo bonke asebadlulela kwelezipho zonke. Enkondlweni yakhe ethi "Khalani MaZulu", uVilakazi, (1965:25) uthi: Seniyakhohlwa yikuthi Nathi nibhixana bukhomo, Nichithan'eNdondakusuka, Nafa ningashiye miphako, Nibon'ukuthi amankoynane 243 Osapho lukaMlungukazana Asencel'izinkomazana Ezazimiselw'abantwana Benzalo kaSenzangakhona KwehIe kufika kuCetshwayo? Le nkondlo iyisililo sikaZulu esibhekiswe emathongweni ngenxa yesimo esingesihIe ezweni. Ezweni kukhona izifo, indlala nesomiso. Kukhona isililo lapha esokuthi amathongu awaboni ngani ukuthi izinto zonakele. Imbongi ithi uZulu akakhale kwabaphansi ukuze kubuye inala ezweni. Umbhali usitshela ngokuthi ngempi yaseNdondakusuka abasala khona abashiyanga miphako. Lokhu kuveza ukuthi ngesikhathi ibambana eNdondakusuka akukho okwasala okuyimfuyo okunganikezwa abalele ukuthi badle. Ngemva kwalokho izwe labulawa yindlala. Imbongi imema uZulu ukuthi akakhale. Uma imbongi ithi lokhu okuncane okuyizinkomo okukhona kubheke izingane kodwa kungebhekane nesizwe sonke sawoSenzangakhona uma ithi "Nibon'ukuthi amankonyane osapho lukaMlungukazane asencel'izinkomazana, Isinciphiso esisetshenzisiwe esithi izinkomazana sikhombisa ukuthi kwazona lezi zinkomo ezikhona zithi zimbalwa zibe futhi zibuthakathaka yingakho zibizwa ngezinkomazana. Kuyabonakala futhi ukuthi akekho ongathaka aqede ubuthaka kumbe athakathake aqede ubuthakathaka bakhe. UMakhambeni, (1989:21) uma ekhuluma ngesitimela uthi: Mpompoloza mpompolozi, Mahamba nomunt'ashiy'amathemba, Masuka nomuntu kusal'imilayezo, "Woz'ungibheke!'inkomo zami; Sengoze ngibuye ngobusika", Shunduka mashunduka, Ngoduso zosala zibalisa. Umlobi uthinta izigameko ezenzekayo uma sekusuka isitimela lapha asibiza ngempolompolo. lmilayezo enhIobonhIobo iyashiywa kodwa lapha umyalezo ogqamayo othi, "Woz'ungibhekel'Inkomo zami". Uma kukhona ogibela isitimela eya kwenye 244 , indawo, kuba nemilayezo eminingi ayishiyayo eqondene nekhaya. Kuleli binza kugqama ukuthi emfuyweni ekhona 10 mgibeli wesitimela uthi akobhekelwa izinkomo zakhe. Lokhu kwenziwa ukuthi uyazi ukuthi izinkomo ziyisisekelo sakho konke ekhaya ngoba ngisho engabhungukela eGoli angabe esabuya, izingane zingasale ziphila -ngamasi aphuma ezinkomeni. Izimbnzi nezinkukhu ziza kamuva noma zingaphathwa uma kuvaleliswa ngenxa yokuthi noma zibamba iqhaza kodwa zingelibambe elifana nelibanjwa inkomo. UMsimang, (1980:7) uthi: Liyan'izulu lezinganono nezibhamu... Konke kuhIezi kumithiswe ngezinhIamvu; Liyahangul'izulu legazi nezinyembezi, Bonke bahlezi belinde'elokufa; Ngezulu larnadod'eqophisana namajaha... Kazi iyozala nkomoni lempi Ezweni lezinhlanga nezinhIangano; Kule nkondlo kukhona ukusetshenziswa kwesisho esithi, "kazi iyozala nkornoni". Lokhu kukhuluma okungubuciko bomlomo kukhombisa ukujula kolimi ngoba esikhundleni sokuthi ithi kazi kuyokwenzekani ekugcineni, imbongi ikubeka ngamazwi athe phecelezi lokhu. Lesi simo esilapha isimo sokudubulana ngoba kusernpini, lokhu kutholakala emagameni athi; izinganono, izinhlamvu, izulu legazi nokumithiswe ngezinhlamvu. Umlobi wakha umkhanya ethi kazi isiphetho siyoba yini. Kuphinde kubekhona futhi ukuthinteka kwenkomo kuMsimang, (1980:26) lapho okaMabuya ethi: Mphemba siyahaIaIisa. Ngibase ngikubheke kuthi mangingqabashiye Ngilingis'ithole lona litshakadulayo Selidakwe ubisi nohlaza Iwamathafa. 245 , OkaMabuya lapha uhalalisela uSolwazi u-D.B.Z Ntuli ngemisebenzi yakhe emihle neminingi yokuloba aseyenzile ebhala izincwadi ezinjengeNdandatho Yesethembiso eyabe ingumdlalo wasemoyeni emsakazweni wesiZulu. Ubabaza ukuthi miningi.kakhulu imisebenzi ebhaliwe kaMphemba esezingeni eliphezulu eseyenze ukuthi abe neminikelo eminingi olimini IwesiZulu. Uma embuka kuthi akalingise ithole lona elitshakadulayo njengoba kuvela emgqeni wesithathu. Ukutshakadula kwethole akukhona ukugijima okwejwayelekile kodwa ukugijima okunenjabulo, amandla nomfutho okhombisa impilo. Akuwona onke amathole atshakadulayo kepha yilawo mathole aphile saka akwazi ukutshakadula. OkaMabuya ufikelwa umuzwa wenkomo uma ekhuluma ngokutshakadula. Injabulo yakhe ingaphezu kokujabula komuntu yena ovamise ukugiya uma ejabule kodwa kuyadlula kube okubonwa yinoma ubani uma kwenzeka. Enkondlweni ethi, "Indwamba", uMsimang, (1980:37) uthi: Ngiyayimaya, ngiyayinwampela lendwamba, Idliwa layo ligcwaliswa inkomazi emhlophe. Ngike ngiqunge ihongo silibibiyelele. Nami ngifuna ukuba danda liyisibhembe; Abanjani kanti abathi ndiphu! Bathi momfu! Mina ngaphuziswa okuphuma ngombhotshozelwa? Umbhali uveza indlela okudliwa ngayo amasi lapha awabiza ngendwamba okungelinye igama lamasi. Umlobi uthi "Idliwa layo ligcwaliswa inkomazi ernhlophe". Ukusetshenziswa kwegama elithi inkomazi kuveza kahle kamhlophe ukuthi amasi angeke aze abekhona kungekho inkomazi. Ugqozi lomlobi lususwe ukubakhona kwenkomo ngoba ubengeke akhulume ngamasi ngale ndlela kungekho nkomo okuyiyona asengwa kuyo. UMsimang, (1980:37) uthi: Sengibonile, lendwamba ingumnwebo, ilibangana, Kufanele unyathele emeveni uyokweqela lenkomazi, Uthi uyayisenga ikungqafaze, gengelezi! Ukhothamel'izingqwele zikuphophotha. 246 ? , Uqhubeka aveze ukuthi amasi awaveli abekhona kodwa kunendlela ende ebheke kuwo. Uveza ukuthi izinkomo ziyeluswa uma ethi kufanele unyathele emeveni uyokweqela Ie nkomazi emgqeni wesibili. Ukwelusa kunzima ngoba ubuye uhlatshwe iigameva ekwaluseni. Uveza nokuthi ziningana izinto ezenzekayo uma kusengwa, awuveli ulethelwe ubisi ozolwetha emaguleni kodwa wedlula ekukhahlelweni yinkomazi. Lokhu sikwelamela emgqeni wesithathu lapho ethi uthi uyayisenga ikungqafaze, gengelezi! Kwesinye isikhathi uma kwenzekile lwachitheka ubisi, uthola nokushaywa izingqwele njengoba usho umugqa wesine uthi ukhothamel'izingqwele zikuphophotha. Lona ngumjikelezo wendlela eya emasini ogwincizayo, ubuye ube nezintaba nemifula ewelwayo. UMsimang, (1980:53) uthi uma ebhekise eLembeni eleqa amanye amalembe ngokukhalipha: Wayezalwa koMakhedama eLangeni, Isithole esasendel'uSenzangakhona, UNandi owasilethel'izindaba'ezimnandi Zokuzalwa kwenkosi uShaka Ukuthi uShaka uzalwa yisithole kungachaphazela eqinisweni lokuthi uShaka waba yizibuIo likaNandi. Uma umuntu esukeIwa, uye athi uyaqalwa. Lowo okuthiwa uqala omunye aze abuze athi: Ngikuqala uyiguIa Iesithole yini? Kwakuye uSenzangakhona wayeyiduna mhla ehlangana nethimba Iezintombi eziceIa ukuba zishaye inyoka endleleni okwaphetha ngamahlaya endlela. Yilokho okwaguquIa isimo, isithole saba yinkomazi neduna Iaba yinkunzi. UMsimang, (1980:54) uqhubeka athi: Kwasenel'ukuhlupheka thina boHlanga, 247 , Phansi phezulu sigijima asikhawuli. Izinkomo zingenamholi zaba yimilalandle, Ngob'okaNdaba wayeselele kwelamathongo. Umlobi uveza ukuthi kwabakhona ukuhlupheka okukhulu ngemuva kokukhothama kweSilo uShaka ngoba ngemuva kwalokho uZulu akazange abenakho ukuthula. Lokhu okuhambisana namazwi awasho ngesikhathi esephangalala, uDube, (1985:40): Lagxuma iqhawe elidala, lathi: "Nibulala mina nje ngeke nalibusa, lohanjwa zinkonjane ezimhlophe", Lawa ngamazwi okugcina aphinyiswa yiSilo sakwaDukuza sasesiphangalala. UMsimang (1980) emgqeni wesibili uthi, "Phansi phezulu sigijima asikhawuli". Lapha usivezela usizi olwasala sekuhambe iLembe. Lokhu okungukugijima phansi phezulu kungakhawulwa kuwusizi lokuya emsebenzini nsuku zonke kuyosetshenzelwa abeLungu. Umlobi ubuye afanise uquqaba olunguZulu njengezinkomo ezingenamholi lokho okwaba lusizi olwehlela uZulu ngemuva kokukhothama kweLembe. ISilo njengoba sasihola isizwe sasifana nomelusi esizweni yingakho-nje kuvela ukuthi izinkomo zingenamholi zaba yimilalandle ngoba iNkosi yayingasekho. UMkhize, (1953:28) enkondlweni yakhe ethi "Inkomo" uthi: Woza Baleni, nethunga lakho, Ungangishiyi isipandoko sakho, Ubisi olukimi lonke ngolwakho, Hambake uyoluthaeguleni lakho, Uvube ngamabele amasi akho, Ungakhohlwa yimi, inkomo yakho. Woza Sibonyane, nejoka lakho, Ungazishiyi izitilobho zakho, Amandla wonke ami awakho, Hamba-ke uyovuna ummbila wakho, 248 , Upheke izinkobe ngommbila wakho, Ungakhohlwa yimi; inkomo yakho. Lapha inkomo yenziwe samuntu, iyazikhuIumeIa kuze kube sekugcineni kwenkondIo. Umlobi Ie nkondIo uyibhale ngendIeIa yokuthi ibe nemvumeIwanosigcino engu -akho kuwo onke .amabinza. Okubonakala Iapha ongumnini osebenze ekugcineni kwayo yonke imigqa. Inkomo ikhuluma nabantu abablukene kuwo onke amabinza ibabiza ithi "woza". Lokhu kukhuluma kwenkomo kuwo onke amabinza aIishumi akule nkondIo kuveza nkushiseleka komlobi eqhakambisa ukuthi inkomo ithinteka ezindaweni eziningi njengoba uma ibiza abantu, idonsa amehlo omfundi ukuba abone ukuthi yona ithinteka kanjani esimweni senhlalo. Kula mabinza omabili kubhekene inkomazi nenkabi. Inkomazi ayisenandaba nobisi Iwenkonyane yayo oIuthathwa wumuntu, aIwethe eguleni, avube ngamabele akade elinywa ngezinkabi. Inkomazi isizinikeIa ngoba iyabona ayinakwenza lutho. Uma ike yagodIa, ingashaywa ishiywe uIimi. Nenkabi inikeIa ngamandla ayo phezu kobuhIungu bokuphakulwa yephucwa amandla nesithunzi sokubusa ibe yinkunzi. IsizinikeIe ukufakwa ejokeni eialandwa ehlathini ngesihlibhi esasidonswa yiyo. Abantu bathi : AmandIa! Awethu. Kodwa Ie nkabi yona ithi: AmandIa! Awakho. ZombiIi lezi zinkomo zigcina ngesiceIo sokuthi usuzitikile ngosizo ezinaIo ungakhohlwa yizo. ZiceIa ukuthandwa nokuvikeIwa hhayi ukuba zibongwe ngomkhonto zife umshubo omnyama. UMkhize, (1953:52) uthi: Ukudla emasimini komile, 249 # Umduduzi sekuyilanga lodwa, Utshani emadlelweni bomile, Izinkomo seziphuza amanzi odwa, Zehlisa umthamo ongehli Nobuthongo ebusuku abehli. UKhabazela ubalisa ngobusika obenza izwe libe Iibi, Ukhuluma ngokuthi utshani abukho kanye nakho konke okuluhlaza kornile. Kuleli binza uveza ukoma kotshani, abuye akhalele izinkorno ngokuthi ziphuza amanzi odwa ngenxa yokuthi utshani abukho. Urna ethi izinkomo zehlisa umthamo ongehli, usho ukuthi akukho lutho ezikuhlafunayo ngenxa yokuthi konke komile. Isimo esinjengalesi senza ubuthongo bungehli ngenxa yokuthi kucatshangelwa izinkorno ukuthi zizodlani. Imvumelwano- sigcino iyagqama kule nkondlo njengoba ivela kula magama: komile, lodwa, bornik, odwa, ongehli no abehli. UMkhize, (1953:58) uthi: Ukuba utshani babungekho, Kwakoba inkangala enjani? Lapho ukudla kwezinkomo kungekho, Kwakoba isililo esinjani? Ezinkorneni nasezirnbuzini, . Ezimazini nasezinkunzini. Kuyabonaka1a ukuthi izilwane ezidla utshani zalungiselelwa ukudla kwazo zingakadalwa. KuGenesise 1:11 kuthiwa uNkulunkulu wathi: Umhlaba rnawuveze utshani nemifino ethela imbewu, nemithi ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. Imbongi iyabona ukuthi ngaphandle kokuba utshani bube wukudla kwezinkomo benza ubunkangala. Lapho umhlabathi wembeswa ngobuluhlaza kube wukuthoba nokuvunula kwawo. KuGenesise 1:24 yilapho izilwane zivela khona. Zivela ukudla kwazo ..:' sekukhona nazo-ke zasina zazibethela. Umlobi usigqisha umqondo wokuthi izinkomo 250 , nezimbuzi zaziyodinda isililo ukuba zaziyovelela ezweni elikhungethwe yindlala, umphangazana kumbe umashayandawonye, Kuyabonakala ukuthi iziukunzi zazingeke zizilandele izinkomazi ngenxa yokukhonkobaliswa yindlala. lzinkomazi ezilambile zazingeke zibe namandla okuthwala iziukunzi. Lapha umlobi wenkondlo uzibuza umbuzo kule nkondlo yakhe ethi "Ukuba" othi kazi kwakuyoba njani uma utshani bungekho kuleli binza? Vsithatha ngamehlo engqondo, asibeke emhlabeni ongenatshani bese esibuza umbuzo wokuthi ukuba utshani babungekho kwakuyoba njani. Vma eqhubeka kwamanye amabinza, ubala okuningi njengelanga nenyanga kanye nokunye, uthi kazi ngabe kunjani ukuba lezi zinto azikho njengoba ebuka umhlaba ngamehlo engqondo, ethi kazi izinkomo ngabe zidlani ukuba abukho. Okwenza athinte inkomo kule nkondlo ukubaluleka kwayo esizweni samaZulu. VMkhize, (1953:96) uthi: Vma ngibona inkomo' ldla utshani emkhombeni, Ngikhumbula leyandlu yezinkomo, Eyalala uMsindisi esemkhombeni, Wathokomaliswa utshani, Wahlatshwa utshani. 1mbongi kule nkondlo yayo ethi "Kuthini Kuwe?" lbuza umbuzo ukuthi kuthini uma umuntu ebona inkomo. Vmlobi kumfikisela ukukhumbula ukuzalwa kweNkosi uJesu Kristu eyazalelwa emkhombeni wezinkomo eBetlehema laseJudiya. Ayikho enye indawo eyatholakala ingcono ngaphandle komkhombe wezinkomo lapho kwenzeka khona isigameko esikhulu kangaka. INkosi yaMakhosi yayingazalelwa kwenye indawo kodwa ukuzalelwa kwayo emkhombeni wezinkomo kuthatha inkomo kuyibeke kwelinye izinga, kuqinise ukuthi ithobile futhi iyahlonipha ngoba ayizange ivuke umbhejazane kodwa yaba nokuthula kwenzeka lesi simanga phambi kwayo. Ezilwaneni zonke ezikhona, uNkulunkulu wabona ukuthi kufanele kube yinkomo eyayizobona uJesu kuqala. Cishe yilesi sibusiso esenza ukuba inkomo yaziswe futhi igqame kangaka. 251 UMkhize, (1953:109) uthi: Inkomo yayingumcebo omkhulu, Ziphangwa empini enqotshiwe, Inyama ingukudla okukhulu, Ingaphekwa idliwa yosiwe, Amakhehla akithi amadala, Kusadliwa ngokhezo oludala. Kule nkondlo imbongi ibeka ukuthi impilo yomZulu yaymJanI. Ubala izigameko eziningi ukuthi amazulu ayephila kanjani emabinzeni amaningi kuze kufike kuleli lapho ethinta khona inkomo. Uveza ukuthi inkomo yayingumcebo omkhulu kwaZulu futhi yayifelwa ngoba kulabo abanqotshiwe empini babedlelwa izinkomo ngoba inyama yayo ingukudla okukhulu. Uthi inyama yenkomo yayosiwa, ingaphekwa kwaZulu ngezikhathi zasendulo. Uma ethi inkomo yayingumcebo, usho ubumqoka bayo njengoba yayingukudla, isengwa, kulotsholwa ngayo, isikhumba sayo siyimvunulo, kubuye kuvikwe ngesikhumba sayo okulihawu. UMkhize, (1953:117) uthi: Ngizwe umdlalo wakwaZulu Ngezwa izinkomo zikhonya, Ngezwa imvula ithothoza phezulu, Ngezwa izinja ezinolunya, Zibamba ikhehla elidala, Lazishaya ngenduku likhala. Kule nkondlo ethi "Iwayilense" umlobi usixoxela ngalesi simanga esiyisigubhu somIungu esigila izimanga. Ubala konke akuzwayo kuso axakeke ngoba engazi ukutlii kwenzeka kanjani. Kwezinye izinto azizwile, uzwe kukhonya inkomo kuso wamangala. Into eyenza amangale ukuthi 10 msindo awuzwayo ufika kanjani ubuye uphurne kanjani kuso. Into efike igqame ukuthi urna umlobi ezwa umdlalo wakwazulu udlalwa kulesi sigubhu, uzwa nenkomo ikhonya. Lokhu kwenza ukuthi kucace ukuthi njengoba 252 izinkomo zikhonzwe kangaka amaZulu, ngisho nemidlalo ezwakalayo kufanele izifake izinkomo ukuze kuvele ukukhonzwa kwazo. UMkhize, (1953:118) uthi: Izinkomo ziyatshakadula endle, Iphango liqedwe lonke, Kuyinjabulo ukuhlala ngaphandle Kwezibaya zabanumzane bonke Abalengisa amayikayika ezinjobo, Ngoba lethwese ihlobo. Umugqa wokuqala uveza isithombe sezinkomo ezinempilo, eziqinile futhi ezithokozile yikho ziqanqula zitshakadula nje. Lokhu yisibonakaliso esiqanda ekhanda sokuthi zisuthi ngenxa yokuthi lethwese ihIobo. Siphelile isikhathi sokuthi zibhuqe ububhuqu bezwe sebuphoswe ezweni lokulibala ngakho-ke iphango liqedwe yihlobo lahamba layoshona. Kuyacaca ukuthi njengoba utshani kade bungekho, busanda kuhluma busathambile. Azisafisi ukuhlala ezibayeni. Eqinisweni nabelusi bafisa sengathi zingalokhu zikhothisiwe ukuze nezikhumba zazo zibe zinhle, kuvele imvunulo yekhethelo. UNyembezi, (1968:21) uthi: Mana njalo nyanga yokubona, Wen'owabon'isililo sezililo Kulilelw'unina weNdlovu, uNandi, Ngaphansi kwakho kwabhons' lzinkomazi zingenakusengwa, kwafa Ngan'ezalwayo nanina nayise, Amasim'amil' imitshiki. Lapha umlobi utusa inyanga nokukhanya kwayo. Uthi nangesikhathi kuphangalele uNandi umama weLembe inyanga yayikhona ikhanyisa izinkomazi. Urnlobi usikhumbuza ukuthi ngesikhathi kukhotherne iNdlovukazi uNandi kwabakhona ukuzila isikhathi eside esizweni samaZulu. Uma kuhambe umuntu omkhulu kwaZulu kuzila 253 , isizwe yingakho kwakubhonsa izinkomazi ezazingenakusengwa ngoba kwakungasengwa kuziliwe, amathole enikelwa ezinkomazini. UNyembezi, (1968:59) uthi: Ngikhumbula imvunulo, Izinsizwa zakwaZulu Amankonyan'ayezilandela, Kwelikanoha kukhon'inkomo, Ishwiliza okwamahlamvu, Kwesokuphonsa kudlala iklwa, Amaqakala endond' indondo; Ngikhumbula imvunulo. Lapha amabheshu ezinsizwa abizwa ngezinkomo, kuthi uma ehamba amabheshu aba ngemuva bese efaniswa namankonyane alandela ngemuva. UNyembezi, (1968:60) uveza ngokusobala ukuthi inkomo yayikhonziwe, ubala ubunjalo, ukumisa nakho konke okuqondene nayo. Lokhu ukuveza emigqeni evula amabinza kule nkondlo. Amabinza avula ngale migqa ekhombisayo ukuthi inkomo, "Igugu LakwaZulu" njengokwesihloko senkondlo. UNyembezi, (1968:60-61) uwavula kanjena amabinza: Ngikhumbula amanxahi ezinkomo Ngikhumbula izihleza zezinkomo Ngikhumbula izinsizwa zezinkomo Ngikhumbula amahlawe ezinkomo Nigikhumbula imidlovu yezinkomo Ngikhumbula ingcungu yenkomo Ngikhumbula igodla lenkomo Ngikhumbula ukukhonya kwenkunzi Ngikhumbul'ukubhonsa kukanondlini Ngikhumbula ukusileka ihinikazi Lokhu kuvula amabinza ngale migqa, kukhombisa inkumbulo ekhungethe umlobi. ;., Kuvela isithombe sokuthi umlobi usehlala kwelinye izwe lapho engasakuboni futhi 254 , angasakuzwa konke lokhu okuphathelene noma okwenziwa yinkomo. Lokhu kwenza ukuba abe nesililo esimenza abalise ngalezi zinto azikhumbulayo. UNtuli,(1978:18) uthi: Pel Kri--!! Sesizosuka lmilayezo yokugcina kayipheli: "Ungakhohlwa ubadonse ngendlebe Basheshe balime bangaphazami, Bathengis'inkomazi yami Bathenga'amakhuba amasha; Umfowetth'alungis'amajoka, Umkam'akhuphuke ngoMsombuluko. Uma sekuzosuka isitimela laba abasuke bephelekezelwe ababe besaqeda ukushiya imilayezo kuze kusuke isitimela, sihambe siyosithela belokhu bememezile. Okufike kubonakale kule nkondlo ukuthi emilayezweni awusalanga othinta inkomo njengoba siwubona emgqeni othi: "bathengise inkomazi yami,' lokhu okwenza ukuthi inkomo ibonakale ifeza zonke izidingo zomndeni. Ukuthengiswa kwenkomazi kwakuzokwenza ukuba bathenge amakhuba amasha ngemali ababezoyithola. UNtuli, (1978:21) uthi: Ziza ziphila, ziza zinethemba, Ezinye ziyabhonsa ezinye ziyakhonya, Izinselo nse, use, nse, Kuqhash'arnaqhwagi, imihlamb'iyabuya, Ibukwa yisicelankobe siviliza phezulu Yonk'ithi iyolibona ikusasa. Lapha kuvezwa isikhathi santambama sekuphuma inkanyezi yokuqala isicelankobe. Imisindo ezwakalayo uma ziza ekhaya isibonisa impilo, ukubhonsa kwezinkomazi kubonisa ukuthi zisenobisi yize inhlazane isiyedlulile. Kuyabonakala ukuthi zingasengwa ngisho ntambama, Ukukhonya kanye nokukhala kwezinselo okukhomba 255 , impilo kanye nethemba akuwususi umqondo wobuutambama, ukushona kwelanga, ukuvalwa kwemigoqo kanye nokuthula phakathi esigayegayeni sobumnyama. Umugqa wokugcina othi: Yonk'ith'iyalibona ikusasa. UNtuli, (1978:21) uqhubeka athi: Ziphunga zithimula zijikizis'amashoba, Zibuk'umfan'ezivalel'esangweni Azikwaz'okwaziwa ngumninizo ezibuka: Uthi kusasa ngiyohlaba le, Kuse kulandelele nale Zilibuka ziyaligcina, elakusasa Azisenakulibona. Kukuleli binza uziveza lapho ziphunga izibawu ngamashoba, ukuthimula nokuyikiziswa kwamashoba kusembula amehlo ukuze sibuke umhlahlo lapho kuthimula khona izangoma nokuyikiziswa kwenkonkoni ukuze kuhlolwe impilo yazo yakusasa. Kuneusolo uma kukhala umsindo wemigoqo uma umfana ezivalela. Seziyazi ukuthi yizo lezi zikhathi lapho zihlatshwa khona. Wumninizo owazi ngekusasa lezimpilo zezinkomo. Ukuthi iyiphi ezohlatshwa? Nini? Konke lokho yimfihlo egcinwe enhliziyweni yoMnurnzane. Uhlu lokwelamana kwazo uma kuyiwa kwagoqanyawo kwaziwa wuMnurnzane. Iqiniso eligcwele emiqondweni yalezi zinkomo wukuthi ezinye zazo zidukuza oswini lwenkabi. Azazi noma zilibuka nje ziyaligcina. Akukho neyodwa enethemba eliphelele lokuthi iyolibona elakusasa. Loku kuvumelana nesisho samaRoma esithi: Nkosi ngiyazi ukuthi ngizofa. Angazi ukuthi ngiyofa nini. Nokuthi ngiyofelaphi. Nokuthi ngiyofa kanjani. .'.-. 256 ? , UNtuli, (1978:41) uthi: Ngangikubuka wonk'urnzimba nganeliswe, Keph'okungihlab'urnxhwele Amabel'ahlobis'isifuba sakho, Athe thu kuhle kwezimpondo zeguqa. OkaMphemba uchaza ubuhle bentombi nornzimba wayo omuhle ngendlela emangalisayo. Emgqeni wokugcina waleli binza ufanisa amabele nezimpondo zeguqa uma ethi athe thu kuhle kwezimpondo zeguqa. Uma izimpondo zeguqa ziphuma zibheka phezulu, kusuke kungakacaci ukuthi inkomo izomisa kanjani kodwa okubonakalayo nkuthi izimpondo zimila zibheke phezulu. Kusho ukuthi amabele ale ntombi abheke phezulu amile athe mpo. Ukwakha isithombe esinjena kusibeka esimweni sokuthi umuntu uze afaniswe nesimo esithile sokuma kwenkomo ngoba ikhonziwe. UMkhize noMhlongo, (1991:52) bathi: Zihlangene phezulu noNgoye Iwavuma, Dye wamazazawan'usinga phansi kwamanzi, Uphume nesikhuni sivutha savuma, Ukhule wangemalund'inkunzi, Umhlob'ohlobene onhliziy'izigaxa, Umhlob'ogabe ngengoma ikhono khaxa, Umlobi uma echaza uBhekuyise Zitha owayengumculisi womculo wamakhwaya, umfanisa nenkunzi emalunda. Lapha usho ukuba mncane kwakhe nakuba lwalungafakwa uma esebhidisa amakwaya. Wayedla umhlanganiso njalo emincintiswaneni. Umfanisa neukunzi ngoba inkunzi iyalwa futhi elwa kahle iyazehlula ezinye, yingakho ebizwa ngeukunzi ngoba wayewaqongqotha amakhanda kwezinye izinkunzi, ngingasayiphathi eyamanxahi kanye namaduna ayesaqala ukubhonga. 257 ? , 5.5 Amahubo athinta izinkomo KwelakwaMthaniya izimpi kwakuyinsakavukela umchilo wesidwaba. Lezi zimpi zagqama kakhulu ngesikhathi kubusa iLembe eleqa amanye ngokukhalipha. Ngesikhathi kunqotshwa, abanqobayo bebethatha izinkomo njengoba zazingumgogodla~ wempilo kwazulu, Lokhu kwakwenza abadli bezinkomo bangazidli buthule nje kodwa kube namahubo ahambisana nalokho. Kanjalo nabadlelwa nabo babesala nesilokozane babalise bese kuthi ukubalisa kwabo kubavusele ugqozi kuze kugcine kunamahubo akhuluma ngazo izinkomo. Ngaso sonke isikhathi iNkosi ebusayo kwa'Zulu kuthiwa inkonyane kaNdaba. Kunehubo eselaqanjwa ligcizelela khona ukuba yinkonyane kweNkosi elithi: Wenkonyane kaNdaba! Kwanyakaz'imikhonto, Wenkonyane kaNdaba. Kusho ukuthi uyise weNkosi uyinkomo yingakho nje iNkosi esuke ibusa ngaleso sikhathi kuthiwa inkonyane ngoba iyingane. Vma kuhutshwa leli hubo, lisuke libhekiswe eNkosini ebusayo bese kuhlonishwa kuthiwe iyinkonyane kaNdaba ngoba vele uzalo lwayo luvela kuNdaba. Leli yihubo lempi elihutshwa kuphethwe imikhonto kuyohlaselwa. Kukhona ihubo elikhuluma ngomlando wezinkomo elihutshwa amabutho uma efunga egomela ukuthi ngeke zidliwe ezawo elihamba kanjena: Wando wezinkomo, lnkonyane kaNdaba! Ngeke azidl'ezamandl'ethu, Kush'aboSuthu. Sikhalel'izinkorno, lnkonyane kaNdaba! Ngeke azidl'ezamandl'ethu Kush'abcSuthu. 258 ? , Leli hubo likhala ngezinkomo zeNkosi ukuthi zatholwa kunzima kuchitheka igazi ngakho-ke akukho ongazidla kalula. Amabutho aqinisekisa oNgangezwe lakhe ukuthi akekho ongadla izinkomo zeSiIo bekhona bona njengamabutho ngoba lezi zinkomo zatholakaIa kunzima kusetshenzwa yikho kuthiwa ezamandla ethu. Imibala yezinkomo iyabuzwa uma kuthethwa icala izinto zingasahambi kahle. Iphinde imenyezwe umkhongi uma esathamunda ezomlomo bese kudingeka aziphinde njengoba ebekade ezimemeza uma esengene endlini. Izinkomo ezifike zibe nomlando omkhulu ezelobolo ngoba ngisho zisetshenziswa, kufanele zibheke leyo ndlu okuzalwa kuyo intombazane uma umsebenzi kungowayo. Uma zingasetshenziswanga ngokufanele izinkomo, kusuka isidumo sekungaze kugcinwe kungasakhulunyiswana. UDonda, (1997:11) uthi: Wu Msusi wezidumo, Isilwane abasidla sikhala, Sithi mO- Knlapho sekudliwe inhloko lapho amadoda agiya khona. Asuke ebonga ukudla ebe futhi 363 ebonisa ukuthi anamandla okubhekana ngamagabelo nalabo abafisa ukuzohlasela bese bethumba izinkomo zesizwe. Abafana-ke bona badIa idevu, iphaphu, inhIiziyo, ubhedu oludIiwa zingqwele kanye nengobo. Edevini kukhona amakhala ayinzwa yokuhogela. Kumele ukuba bafunde besebancane ukungadidwa wukulandela umkhondo wezitha uma sebekhulile. Njengoba amaphaphu ehlanza igazi ngomoyampilo bese inhliziyo ilithumele kuwo wonke umzimba, Iihamba ngayo yonke imithambo nemithanjana, kusho ukuthi abafana bahlambulula isizwe bafake impilo kubona bonke ubuhIe kanye nemisebenzi yesizwe. Njengoba namhIa-nje abantn behIushwa yisifo sikashukela nje sekutholakele ukuthi kusuke kugula ingobo, ingasakwazi ukuthumela inani elifanele likashukela emzimbeni. Uma abafana besizwe beke behIuleka ukugcina amagugu esizwe, isizwe singafa ngoba yibo abaMnumzane bakusasa. Isifo sikashukela sihlasela amehlo, izinso, kuwe nobhoko lwesisu, konakale igazi nomnkantsha, Umuntu abe nesiyezi ashayeke phansi, kwesinye isikhathi aye kwagoqanyawo. Kungaba yisizwe esinjani esingaboni? Amahlazo nobulungiswa kube yimfana iyafana. Kungaba yisizwe esinjani esingenazinso? Kuthi amanzi emzimbeni aziphumele umathanda. Amanzi anomsoco nangenamsoco kufane nje. Umuntu onde sengathi wancinda uthi lomkhangala. Ukuwa kobhoko lwesisu wukuncipha kwentokozo, ukuma kokuzalwa kwabantu kanye nokudaleka kwamahlazo ambandakanya ukutholelwa kwamalongwe. Ingobo yeluleka abafana ukuba bazigcine, bangaguli ukuze isizwe sisimame, sisindiswe, siqonge siqine futhi sidlondIobaIe ngabo. UkonakaIa komnkantsha umuntu aze afe esenqunywe imilenze nezingalo, esefana nenduku nje. Kuveza obala ukonakala kwamathambo, ukuphela kobuthusi kanye nobunsimbi besizwe. Kube nesizwe esingakwazi ukuzihambela kepha sitototshiswe, siqhutshwe futhi siholwe ngengalo. Isizwe esiyimitekete, imilwelwe ehIala njalo iyimifunzana nemikhunganankatha. Abafana abaqotho bangenza ukuba isizwe sibe qotho ngokuba babe yingobo ephilisayo. 364 Amantombazane adla ibele nezinso. Yiwo ayoncintisa isizwe sakusasa. Njengoba inkomo eyimfambele ivama nkufelwa ngamankonyane kanjalo amantombazane anezimilo ezixegayo ayosibulala isizwe, sife siphele sithi nya bube ubuzwe bungenanwe ndawo. Omama badla isifuba nkuze bangabi ngovovo liyakhipha. Kumele bakhumbule ukuthi izivalo zeminyango zakhelwe ukuba izimfihlo zomuzi zingaphumi. Uma ziputshuka zivinjwe yizintango zemizi nazo ezihlala njalo zivaliwe. Izikhumba zezinkomo kwakhiwa ngazo izidwaba, amahawu, amagabelo, izitilobho, izitshwebhu (iziswebhu), amabheshu, imitsha yabesilisa, iqele okuyisigqoko esenziwa ngesikhumba senkonyane, umgaxo wesikhumba, izinene, ingcayi (isidiya), ingege (engamashoba ezinkabi) neziphuku. Ukubopha Ie mijokujoku singathi ngesikhumba singembathisa urnzimba, sihlobe ngaso, bese sivika izinduku kanye namajozi ababo. Uma impi inqobile kuthiwa izithathile izihlangu zalawo mabutho okusuke kuliwa nawo. Imbongi yeSilo uMpande kuNyembezi, (1958:65) ithi: lzuI' elidume phezu kwaMaqongq'omabili, Laduma lazithath'izihlangu zoMbelebele; Lazithath'izihlangu zikaBulawayo; Lazithath'izihlangu zeZinyosi; Lazithath'izihlangu zoDiambedlu; Lazithath'izihlangu zikaNomdayana; Lazithath'izihlangu zoMgumanqa. Eculweni lama-392 elisebhukwaneni lamacuIo eSheshi, (2007:449) kunebinza elithi: Ngegama lakho Jesu kuguqa phansi konke Kutusa ubukhosi nobungqongqoshe bakho Liyisihlangu sethu esingavika ngaso La sihIaseIwa impi kasathan'eIwa nathi. 365 ? , UMphostoli uPawulu, kwahas-Efesu 6:16 usebenzisa sona isihlanguuma ethi: Kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi. Izihlangu ezinkulu impi yeNkosi uShaka eyayivika ngazo idale ukuba uma sekulotshwa iBhayibheli kuqanjwa namaculo, igama lesihlangu lidle ubhedu. EBandleni laseSheshi abaculi ngesikhumba noma insimbi kepha bakhuluma ngokuba negama elivikelayo likaJesu kanti eBhayibhelini kukhulunywa ngamandla okukholwa. Ngukukholwa ngeke nje kuvinjwe imikhonto yabafo kuphela kepha kucinywa ngisho imicibisholo evuthayo kasathane. Lapha kusetshenziswa kakhulu isingathekiso ukuze kuqine 10 mqondo wesihlangu. lsuka esikhumbeni senkomo yonke Ie nzululwazi nenjulamqondo yokusebenzisa okukhona ukuze sifinyelele emqondweni wokungekho. lsitho esivama ukuba nesisila kanye nesinyombolo sesidanga sevondwe sokunganakwa yizinselo zayo. Ezenkomo azifani nezembuzi zona ezizwelayo uma zihlangana namazolo. Azinabo ubuthakathaka obufana nezinselo zamahhashi ezize zifakwe izicathulo ikakhulukazi la mahhashi omjaho natelebhelayo. Ezenkomo ziqinile. Zize ziphume uma amanqina ebaselwe ngomlilo wezigodo. Uma ahantu belobolisa bakhuluma ngezinkomo ezihamba ngamasondo. Izinjoloba ezisemasondweni ezimoto ziphelela emgwaqeni kuze kuvele izintambo kuthi amasondo aqhume. Izinselo ziqinile kunamasondo, azipheli inkomo ize ife nazo. Zisala ziphila ingolokodela yeminyaka inkomo isiyaphela yanyamalala ingunaphakade eziswini. Uma yafela endle zisala ziphila noma amathambo asakhumuzeka aphela. Zifana namazwi eseluleko asala ephila noma abawashoyo sebemathambo amhlophe. Kuthi noma sekusele izinqukuza zamakhanda emangcwaheni, amazwi aphile ezindlebeni njengamagagasi anomculo. 366 Sonke Iesi sambulo ngenkomo ethi mo sikubeka kuthi bha okwentashika yembuzi ukuthi ibaluleke kangakanani inkomo esizweni samaZulu. Inkomo ingubaba nomama esizweni sama'Zulu, lsisekelo sempilo kazulu sithe ze phezu kwalesi simakade esiyinkomo. Inkomo ingumnotho kaZulu. Inkomo iyigqabho neqholo uZulu aziqhayisa ngalo kusukela emandulo asenduiondulo kuyoze kube phakade naphakade. Kungakho nje inkomo ingaconsi phansi kuZulu wakuthangi, kuZulu wayizolo, kuZulu wanamuhla, kuZulu wakusasa, kuZulu wangomhlomunye nakuZulu wangomuso. Yilesi sisekelo esenza inkomo ifane nesiphethu nomthombo nesiyalu nomfula ogobhoza amanzi omfula ongashi womnotho ka'Zulu ofana nomthombo woThukeia ogeleza ubusika nehlobo. Yikho kanye lokhu okwenza inkomo ibe yisilulu nenqolobane yomnotho kaZulu. UZulu selokhu ama waba yisimakade ngenkomo kusukela kokhokho nokhulukhulwana. Ngisho izinyanya nezinyandezulu zikazulu zazi yona qha ngisho sezaba mathambo amhlophe kwelingafelwa nkonyane. Njengoba uZulu alabelwa nguThongolikhulu kwasekudabukeni komhlaba. Ngakho-ke izibaya zobabamkhulu, zokhokho nokhulukhulwana kumele futhi kufanele zibe yizinqaba nezinqanawe zamathempeli amsuIwa, angcwele nangcwelengcwele. Izizukulwane ngezizukulwane zinejoka emahlombe azo lokuqikeleia ukuthi izibaya zamadoda ziphathiswe okwezikhali zamaNtungwa. Izibaya nezinkomo zihlale zisekujuleni nasezibhebheni zezinhliziyo zikazulu. 367 IMITHOMBO YOLWAZI. Bhengu, V.M. Bryant, AT. Buthelezi, E.B.Z. Cope, T. (1991) (1949) (1980) (1968) Seziyosengwa Yinkehli, Pietermaritzburg: Reach Out. Publishers. The Zulu People: As they were before ? before the White man came, Pietermaritzburg: Shuter and Shooter. Izagila Zephisi, Pretoria: J.L van Schaik (Pty) Ltd. Izibongo, London: Oxford University Press. Derwent, S. (1998) Zulu, London: Stroik Publishers Ltd. Doke,C.M. (1973) The Text Book of Zulu Grammar, Johannesburg: Longrnans. Donda,G.N. (1997) Izidlodlo, Pretoria: Aetna Publishers. (1999) (2001) --. Ucwaningo Olunzulu Ngesakbiwo Nobumqoka Bamahubo nezaga ZesiZulu. UmquJu wobuDokotela Ongashicilelwe, KwaDlangezwa: University of Zululand. Amagama asho into efanayo, Inkulumo eyethulwa esithangamini 368 ? Dreyer,HJ. Dube,J.L Fuze,M.M. Gcumisa, M., Mthiyane. E.T.Z. Kheswa, AT. no Mthembu, M.M. ffihayibheli Elingcwele Khathi, T.M. Khumalo, RS. (1983) (1985) (1979) (1992) (1959) (2002) (1985) sokucobelelana engashicilelwe, KwaDlangezwa: University of Zululand. A manual for writing Dissertation and Theses, KwaDlangezwa: University of Zululand. Insila KaShaka, Marrianhill: Marrianhill Mission Press. The Black People and Whence they came, Pieterrnaritzburg: University of Natal Press. Insonyama, Pieterrnaritzburg: Shutter and Shooter. IDhayibheli Elingcwele: lnhlangano yeBhayibheli yaseNingizimu Africa: CapeTown. Ikhono Iikal\lagolwana Jiyane ekusebenziseni izithombe magama, izifengqo nesakhiwo ezibongweni zeNkosi uDingane, Umqulu ongashicilelwe weziqu zobuDokotela, KwaDlangezwa: University of Zululand. Uphoko, Pieterrnaritzburg: Reach Out. 369 , Khumalo, Z.L.M. (1993) Uzwathi LwabeNguni, Kenwyn: Juta and Co, lid. (1997) Ucwaningo Olunzulu Ngodwendwe LoMdabo, Umqulu weziqu zobuDokotela ongashiciIelwe, Durban: Natal University. Khuzwayo, B.C. (2002) Ukukhuthazwa kolwazi Iwesintu, amasiko, izinkolelo nemikhutshana yesizwe samaZuIu neqhaza okungaU- bamba ekugwemeni izifo ezithathelwa- nayo ngokocansi, ikakhuIukazi igci- wane lesandulela ngculazi nengculazi uqobo Iwayo, Umqulu ongashiciIelwe weziqu ze-M.A, KwaDlangezwa: University of Zululand. Knight, L (1995) The Anotomy of Zulu Anny form Shaka to Cetshwayo 1818-1879, London: Greenhill Books. Krige, EJ. Kubheka, I.S. Mabuya, LT.L (1977) (1978) (1983) The Social System ofthe Zulus, Pietermaritzburg: Shuter and Shooter. Kongavuka AbaNgnni, Pietermaritzburg: The Natal Witness (Ply) Ltd. Umchachazo, Pretoria: Errol Marx 370 no Khathi, N.P. Makhambeni, N. (1989) , Publishers. IhIuzo 1, Pretoria: De Jager-Haum. .. Makhaye, NJ. (1972) Makhoba, KL (2002) Maphumulo, AM. (1989) noThwala, JJ. Mathenjwa, LF. (1991) (1995) Isoka LakwaZulo, Johannesburg: Witswatersrand University Press. Ukufa nokuphathelene nakho esizwe ni samaZnlo, Umqulu weziqu ze-M.A. ongashicilelwe, KwaDlangezwa: University of Zululand. Sincinda Odengezial, Dundee: R.A Burns and Co, Publishers. An exploration into some oblique references of King Zwelithini's irlbongo, unpublished B.A. (Rons) project, KwaDlangezwa: University of Zululand. An Analysis of Maskandi poetry as Genre ofSouth African Poetry, unpublished M.A. dissertation, KwaDlangezwa: University of Zululand. Mbatha, M.O. (2006) Isichazamazwi SesiZulu, Pietermaritzburg: New Dawn Publishers. 371 Mkhize, EE.N.T. (1953) , Imbongi YakwaZulu, Pietermaritzburg: Shuter and Shooter. Mkhize, V.V.D. no- (1991) Mhlongo, C.M. Miller, A. (1960) .. Umnyama , Omnyama, Pietermaritzburg: Reach Out Publishers. Mamisa Qbawe LeSwazi, Pietermaritzburg: Shutter and Shooter. Msibi, J.S.M. (2002) Ucwaningo ngobnmqoka nokubaluleka kwezilwane esizweni samaZulu, Umqulu weziqu ze-M.A. ongashicilelwe, KwaDlangezwa: University of Zululand. Msimang, C.T. (s.a.) Akuyiwe Emhlahlweni, Pietermaritzburg: Via Afrika. (1975) Kusadliwa Ngolndala, Pietermaritzburg: Shuter and Shooter. ?(1980) .. Izinsungulo, Pretoria: De Jager-Haum Publishers. (1982) Bnzani KnMkabayi, Pretoria: De Jager-Haum. 372 (1987) Kwesukasukela, Arcadia: Bard Publishers. (1991) Izulu Eladuma ESandlwana, Goodwood: Van Schalk Wyk. Mthembu, VJ. (2000) InjuJa Yesithembu Ikakhulukazi Esizweni SamaZulu. Umqulu we-M.A. ongashicilelwe, KwaDlangezwa: University of Zululand. Ndelu, B.B. (1985) Mageba Lazihlonza, Pietermaritzburg: City Printing. Ntuli, C.S.Z. (1982) Amawisa, Pietermaritzburg: Shuter and noNtuli, D.B.Z. Shooter. (1986) lzizenze, Pietermaritzburg: Shuter and Shooter. Ntuli, D.B.Z. Ntuli, M.S. Nxumalo, JAW. (1978) (1984) (2004) (1961) Ugqozi 2, Pretoria: J.L van Schaik Ltd. The Poetry of B.W. Vilakazi, Pretoria: J.L van Schaik Ltd. Ucwaningo olunzulu ngesiko loknbuyisa, Umqulu weziqu ze-M.A. ongashicilelwe, KwaDlangezwa: University of Zululand. UShingana kaMpande, 373 ? Nyembezi, C.L.S. (1958) (1968) (1974) (1978) , Pietermaritzburg: Shutter and Shooter. Izibongo Zamakhosi, Pietermaritzburg: Shuter and Shooter. Amahlungu AIuhlaza, Pietermaritzburg: City Printing Works. Zulu Proverbs, Johannesburg: University Of Witswatersrand Press. Igoda, Pietermaritzburg: Natal Witness Press. Nyembezi, S. (1966) noNxumalo, O.H.E. Ritter, EA. (1955) Seymour, S.M. (1974) Shamase, M.Z. (1997) Shongwe, VA. (2004) Inqolobane Yesizwe, Pietermaritzburg: Shuter and Shooter. Shaka Zulu. London: Penguin Publishers. Bantu Law in South Africa: Johannesburg: Juta and Co. King Zwelithini : A Zulu Reign in Crisis, Empangeni: Kingspress. King Dingane's treacherous tyrant or an African Nationalist, unpublished 374 D.PhiI thesis, KwaDIangezwa: University of ZuIuland. ..." Tyrell, B. (1968) Tribal Peoples of Southern Africa. Cape Town: Gothic Printing Co. Ltd. Vilakazi, B.W. (1965) Inkondlo KaZuJu, Johannesburg: University of Witswatersrand Press. (1980) Amal'EzuIu, Johannesburg: University of Wistwatersrand Press. Zondi, C.D. (1996) Izingwazi ZaseAfrika: UmquIu.l, Pieterrnaritzburg: Reach Out Publishers. Zondi, E. (1970) Uknfa KukaShaka, Johannesburg: Witswatersrand University Press. 375 , OKUFAKANWE NABOIMILOMO - Biyela, B.P. (2007) Eshowe : ENdlalangubo. Blose,B. (2008) Eshowe : ENkanini. Dlamini,N. (2007) ENgwavuma : Ophondweni. Gumede,B. (2007) OBonjeni : Ophande. Hlengwa, S. (2007) EBergville : EMaNgwaneni. Kubheka, T. (2007) ENewcastle : Osizweni. Mdla1ose, E. (2007) Nquthu : Hlazakazi. Mjadu, K. (2007) ESikhaleni : EMpembeni. Mpanza, P.P. (2007) KwaMtubatuba : KwaSomkhele. Myeni,A. (2007) Ophongolo : ETshelejuba. Mzulwini, S. (2007) EMargate : EPorl Shepstone. Ntombela, S.B. (2007) Empangeni: EMacekane. Sibiya, Z. (2008) ENgwavuma : Ophondweni. 376